Ukukhetha Okuthinta Impilo Yakho
UKUDLA ukudla okunomsoco nokuvivinya umzimba ngokuvamile kuyinselele. Ngenxa yezingcindezi zanamuhla, kubonakala kulula ukudla “ukudla okusuthisa ngokushesha” okuthengwa sekuphekiwe esikhundleni sokuziphekela, futhi kulula ukuchitha isikhathi sokungcebeleka ugqolozele i-TV noma i-computer kunokuba uvivinye umzimba. Nokho, kungenzeka ukuthi ukukhetha okunjalo kuchaya abantu abaningi ngokwandayo abadala kanye nentsha ezingozini ezinkulu zempilo.
Umagazini i-Asiaweek uthi e-Asia, “ukudla okunamafutha kanye nokungawushukumisi umzimba okwandayo kubangela umqedazwe wesifo sikashukela.” Okukhathazayo ukuthi lesi sifo sihlasela amalungu omphakathi asemancane kakhulu. Kanti eCanada, i-Globe and Mail ibika ukuthi “abacwaningi bathole ukuthi munye kuphela kwabangu-7 abangakevi naseminyakeni eyishumi odla izithelo nemifino eyanele nokuthi bangaphezudlwana nje kwesigamu abadlala baze bajuluke.” Lo mbiko uthi le ndlela yokuphila ifaka lezi zingane “engozini yokushesha ingenwe yisifo senhliziyo lapho ifinyelela eminyakeni engu-30 ubudala.”
Ngokufanayo, ochwepheshe bezokulala bathi abantu abadala bangase badinge ukulala amahora angaba ngu-8 ubusuku ngabunye kanti intsha ingase idinge ngisho nangaphezu kwalokho. Empeleni, ocwaningweni olwenziwa e-University of Chicago, izinsizwa eziyimiqemane ezalala amahora amane kuphela izinsuku eziyisithupha zilandelana zaqala ukubonisa izimpawu zezinkinga zempilo ezivame ukutholakala kubantu asebekhulile. Nakuba abantu abaningi bedela ubuthongo obubalulekile ukuze basebenze, bafunde, noma bazijabulise, imiphumela ingaba elimazayo. Umcwaningi wezokulala waseCornell University eNew York, uJames Maas, uthi: “Kukodwa ukukwazi ukusebenza, kodwa kuhluke ngokuphelele ekuhlaleni uphapheme, unekhono lokusebenzisa ingqondo futhi ungazumeki ngokungazelelwe lapho ushayela emgwaqweni omkhulu.”
Kuyiqiniso ukuthi zikhona nezinye izici ezithonya inhlalakahle yethu engokomzimba. Ngokwesibonelo, ukuba nesimo sengqondo esihle kungayizuzisa impilo yethu. Kanti nokuba nenjongo yangempela ekuphileni kungasishukumisela ukuba sikhethe ngendlela eyosisiza sihlale siyimiqemane.