Umbono WeBhayibheli
Ingabe UNkulunkulu Usibusisa Ngengcebo?
“Isibusiso sikaJehova—yiso esicebisayo, futhi akenezeli ubuhlungu kanye naso.”—IZAGA 10:22.
INGABE umbhalo weBhayibheli ocashunwe ngenhla usho ukuthi uNkulunkulu ubusisa izinceku zakhe ngengcebo yezinto ezibonakalayo? Abanye abantu bakholelwa yilokho. Cabangela okwashiwo umfundisi othile weSonto Likamoya Lase-Australia futhi ongumlobi: “Kule ncwadi [yami] ngizonichazela ukuthi kungani nidinga imali eyengeziwe, kanti okwesibili, ukuthi ningayithola kanjani imali eyengeziwe . . . Uma ningashintsha ukucabanga kwenu nibe nesimo sengqondo esifanele ngemali, ngikholelwa ukuthi niyothola isibusiso nokuchuma okuvela kuNkulunkulu futhi anisoze niphinde nibe nenkinga yemali.”
Nokho, lawo mazwi anikeza umbono wokuthi uNkulunkulu akabathandi abantu abampofu. Ingabe ngempela ukuchuma ngezinto ezibonakalayo kuwuphawu lwesibusiso sikaNkulunkulu?
Bábusiswa Ngenjongo Ethile
Umlando weBhayibheli uqukethe izibonelo lapho uNkulunkulu abusisa khona izinceku zakhe ezithembekile ngengcebo. Ngokwesibonelo, uJakobe waphuma kubo ephethe udondolo kuphela kodwa ngemva kweminyaka engu-20 wabuya esenezimvu, izinkomo nezimbongolo eziningi kangangokuba wakha amakamu amabili. IBhayibheli libonisa ukuthi ukuchuma kukaJakobe kwakuyisipho esivela kuNkulunkulu. (Genesise 32:10) Nasi esinye isibonelo: UJobe walahlekelwa yikho konke ayenakho, kodwa kamuva uJehova wambusisa ‘ngezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha nezipani zezinkomo eziyinkulungwane nezimbongolokazi eziyinkulungwane.’ (Jobe 42:12) UJehova wanika iNkosi uSolomoni ingcebo eningi kangangokuba udumo lwayo lusaziwa ngisho nasezikhathini zanamuhla.—1 AmaKhosi 3:13.
Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli liqukethe ukulandisa okuningana kwabakhulekeli bakaNkulunkulu ababethembekile futhi belalela kodwa ababempofu. Ngokuqinisekile, uNkulunkulu wayengajezisi abanye ngobumpofu kuyilapho ebusisa abanye ngokuchuma. Yayiyini-ke injongo kaNkulunkulu yokupha abanye ingcebo?
Impendulo ihlukile esimweni ngasinye. Izibusiso zikaJakobe zezinto ezibonakalayo zaziyisisekelo sokwakha isizwe, kulungiselelwa ukuza kweNzalo eyayithenjisiwe. (Genesise 22:17, 18) Ukuchuma kukaJobe kwaqeda konke ukungabaza ngokuthi ubani owayebangele usizi lukaJobe, kanjalo kwangcweliswa igama likaJehova. (Jakobe 5:11) Kanti uSolomoni wasebenzisa eningi yengcebo ayeyinikwe nguNkulunkulu ekwakheni ithempeli elihle kakhulu. (1 AmaKhosi 7:47-51) Ngokuthakazelisayo, uJehova wabuye wasebenzisa yena uSolomoni ukuba abhale esusela kokuhlangenwe nakho kwakhe ngenzuzo elinganiselwe yengcebo.—UmShumayeli 2:3-11; 5:10; 7:12.
Indlela UNkulunkulu Asibusisa Ngayo
UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba babe nesimo sengqondo esihluzekile ngemali lapho ebatshela ukuba ‘bayeke ukukhathazeka’ ngezinto ezibonakalayo. Wababonisa ukuthi ngisho noSolomoni uqobo enkazimulweni yakhe yonke wayengavunule njengeminduze yasendle. Nokho, uJesu wathi: “Manje, uma uNkulunkulu ezigqokisa kanjalo izimila zasendle, . . . ngeke yini nina anigqokise nakakhulu, nina eninokholo oluncane?” UJesu waqinisekisa amaKristu ngokuthi uma abalandeli bakhe babengafuna kuqala uMbuso nokulunga kukaNkulunkulu, khona-ke ukudla, izingubo nendawo yokufihla ikhanda kwakuyokwenezelwa kubo. (Mathewu 6:25, 28-33) Sigcwaliseka kanjani leso sithembiso?
Uma silandelwa, iseluleko seBhayibheli siletha ikakhulukazi izibusiso ezingokomoya. (IzAga 10:22) Nokho, siletha nezinye izinzuzo. Ngokwesibonelo, iZwi likaNkulunkulu liyala amaKristu: “Owebayo makangabe eseba, kodwa kunalokho makasebenze kanzima.” (Efesu 4:28) Libuye lithi “osebenza ngesandla esenqenayo uyoba nokuncane, kodwa yisandla sokhuthele esiyokwenza umuntu acebe.” (IzAga 10:4) Ngokuvamile, amaKristu athembekile nazikhandlayo, alandela lesi seluleko, ayizisebenzi ezithandwayo. Lokhu kungaba yisibusiso.
IBhayibheli futhi lifundisa amaKristu ukuba agweme ukuzilibazisa ngokugembula okunokuhaha, umkhuba ongcolisayo wokubhema, kanye nomkhuba wokudakwa owohloza umzimba. (1 Korinte 6:9, 10; 2 Korinte 7:1; Efesu 5:5) Abalandela lesi seluleko baye bathola ukuthi izindleko zabo ziye zancipha futhi nempilo yabo yathuthuka.
Kuyigugu Kunesiliva Noma Igolide
Noma kunjalo, ukuchuma ngezinto ezibonakalayo akunakubhekwa njengokuphela kophawu lokwamukeleka kuNkulunkulu nokubusiswa nguye. Ngokwesibonelo, uJesu wadalula isimo sokuba mpofu ngokomoya samaKristu athile aseLawodikeya lapho ewatshela ukuthi: “Uthi: ‘Ngicebile, ngiye ngazuza ingcebo futhi akukho engikudingayo,’ kodwa awazi ukuthi ungowosizi, nowokudatshukelwa nokuthi umpofu, uyimpumputhe futhi uhamba-ze.” (IsAmbulo 3:17) Ngokuphambene nalokho, lapho ekhuluma namaKristu aseSmirna ayempofu ngezinto ezibonakalayo, kodwa ayephila ngokomoya, uJesu wathi: “Ngiyalwazi usizi nobumpofu bakho—kodwa ucebile.” (IsAmbulo 2:9) Kungenzeka la maKristu áhlupheka ngokwezimali ngenxa yabashushisi bawo ngoba ayethembekile, kodwa ayenengcebo eyigugu ngaphezu kwesiliva noma igolide.—IzAga 22:1; Hebheru 10:34.
UJehova uNkulunkulu uyayibusisa imizamo yalabo abalwela ukwenza intando yakhe. (IHubo 1:2, 3) Ubanika amandla nezindlela zokuba babhekane nokuvivinywa, bondle imikhaya yabo, futhi bafune uMbuso wakhe kuqala. (IHubo 37:25; Mathewu 6:31-33; Filipi 4:12, 13) Ngakho, esikhundleni sokubheka izinto ezibonakalayo njengesibusiso esiyinhloko esivela kuNkulunkulu, amaKristu eqiniso alwela ‘ukuceba emisebenzini emihle.’ Ngokuhlakulela ubuhlobo obuseduze noMdali, amaKristu ‘azibekelela ngokulondekile isisekelo esihle sesikhathi esizayo.’—1 Thimothewu 6:17-19; Marku 12:42-44.