Ugula Kangakanani Unozungezilanga Wethu?
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EPHILIPPINES
Sekwembulwa kwembeswa kulesi siguli. Isifo sizibonakalisa ngezimpawu eziningi. Umoya waso usuyanuka. Umzimba waso ushisa ngendlela engakaze yenzeke ngaphambili. Imizamo yokwehlisa izinga lokushisa iba nhlanga zimuka nomoya. Kutholakale ubuthi kuzo zonke izinhlobo zoketshezi ezisemzimbeni waso. Lapho kwelashwa izimpawu ngapha, kuvela eziningi kwamanye amalungu omzimba. Ukube lesi bekuyisiguli esivamile, cishe odokotela bebeyothi sinesifo esingalapheki bathi futhi sezihubela sakusha. Bejiyelwe ingqondo, bebeyomane nje benze izaba zokudambisa izinhlungu lesi siguli size sife.
NOKHO, asikhulumi ngesiguli esingumuntu. Sikhuluma ngekhaya lethu—umhlaba. Isimo esingenhla sikubonisa kahle lokho okwenzeka kulo nozungezilanga wethu. Umoya ongcolile, isivuvu sokushisa, amanzi angcolile, nemfucumfucu enobuthi kumane nje kungezimbalwa zezifo eziphethe lo mhlaba wethu osugula kakhulu kangaka. Njengodokotela abachazwe ngenhla, izazi zijiyelwe ingqondo azazi ukuthi yini okumelwe ziyenze.
Imithombo yezindaba ikhuluma njalo ngesimo esibi somhlaba isebenzisa izihloko eziphambili emaphephandabeni kanye namazwana avela ngaphansi kwezithombe anjengalawa: “Ukudoba ngeziqhumane kwenza izilwandle zibe izinkundla zokubulala.” “Abantu Base-Asia Abayizigidi Eziyinkulungwane Bangase Bangabi Namanzi Ngemva Kweminyaka Engu-24.” “Amazwe embulungeni yonke ahwebelana ngodoti onobuthi ongamathani ayizigidi ezingu-40 ngonyaka.” “Cishe izingxenye ezimbili kwezintathu zemithombo yamanzi engu-1 800 eJapane zinobuthi.” “Imbobo Esongqimbeni Lwe-Ozone Olungaphezu Kwe-Antarctic Ibuyile Futhi Isinkulu Kunangaphambili.”
Abanye abantu azisabethusi izindaba ezivela njalo zengozi enyonyobela imvelo, mhlawumbe baze bacabange kanje, ‘Yinto okungamelwe ngizikhathaze kakhulu ngayo, inqobo nje uma ingangithinti mina.’ Nokho, kungakhathaliseki ukuthi siyakuqaphela yini noma cha, ukucekelwa phansi kangaka kwemvelo yomhlaba kuthinta iningi labantu. Njengoba ukungcoliswa kukanozungezilanga wethu sekusabalele kangaka, kungenzeka ukuthi kakade sekuthinta izici ezingaphezu kwesisodwa zokuphila kwethu. Ngakho, kufanele ukuba bonke abantu bakhathazeke ngempilo nokongiwa kwekhaya lethu. Kakade, iyiphi enye indawo esingaphila kuyo?
Empeleni le nkinga isisabalele kangakanani? Ugula kangakanani lo mhlaba? Ukuphila kwabantu kuthinteka kangakanani? Ake sibheke izici ezimbalwa kuphela ezisisiza ukuba siqonde ukuthi kungani kungekhona nje ukuthi umhlaba wethu awuphathekile kahle kodwa kunalokho, sekwembulwa kwembeswa kuwo.
◼ IZILWANDLE: Ezingxenyeni ezinkulu zezilwandle kudotshwa ngokweqile. Umbiko we-United Nations Environment Programme uthi “amaphesenti angu-70 ezindawo okudotshwa kuzo axhashazwe kangangokuthi ukuzalana kwezinhlanzi akusakwazi ukubhekana nalesi simo noma sekuyacacamezela.” Ngokwesibonelo, izibalo zezinhlanzi zohlobo lwe-cod, hake, haddock, ne-flounder eNyakatho Atlantic ziye zehla ngamaphesenti angu-95 phakathi kuka-1989 no-1994. Uma lokhu kuqhubeka, kuyosho ukuthini ezigidini zabantu abathembele olwandle njengomthombo oyinhloko wokudla kwabo?
Ngaphezu kwalokho, minyaka yonke kulinganiselwa ukuthi kunamathani ayizigidi ezingu-20 kuya kwezingu-40 ezilwane eziphila olwandle ezibanjwa ziphinde zijikijelwe khona—ngokuvamile zisuke sezilimele noma sezifile. Kwenziwelwani lokhu? Zisuke zibanjwe kanye nezinhlanzi ezidingekayo kodwa zona zingadingeki.
◼ AMAHLATHI: Ukuqothulwa kwamahlathi kuye kwaba nemiphumela eminingi engathandeki. Ukuphela kwemithi kuholela ekuncipheni kwamandla omhlaba okumunca isikhutha, futhi kuthiwa yiko lokhu okudala ukushisa kwembulunga yethu. Izinhlobo ezithile zezimila, ebezingaba umthombo wemithi engasindisa ukuphila, zizophela. Noma kunjalo, ukuqothulwa kwamahlathi kulokhu kuqhubekile. Empeleni, izinga lokuqothulwa kwawo liye lenyuka kule minyaka yamuva. Ezinye izazi zinomuzwa wokuthi uma lokhu kuqhubeka, kungenzeka amahlathi emvula aphele nyá eminyakeni engaba ngu-20.
◼ IMFUCUMFUCU ENOBUTHI: Ukulahlwa kwezinto eziyingozi ezweni nasolwandle kuyinkinga enkulu engase ibe yingozi enkulu ezigidini zabantu. Imfucumfucu enemisebe yenuzi, insimbi eyingozi nezinsalela zamapulasitiki kuphakathi kwezinto ezingase zidale ukukhubazeka, ukugula noma ukufa kubantu nasezilwaneni.
◼ AMAKHEMIKHALI: Phakathi neminyaka eyikhulu edlule, kuye kwasetshenziswa amakhemikhali amasha acela ku-100 000. La makhemikhali aphelela emoyeni, enhlabathini, emanzini nasekudleni kwethu. Uma kuqhathaniswa, ambalwa kuwo okuye kwahlolwa ukuthi anamiphi imiphumela empilweni yabantu. Nokho, kulawo aye ahlolwa, kuye kwatholakala ukuthi inani eliphawulekayo lawo libangela umdlavuza noma izifo ngandlela-thile.
Kukhona nezinye izinto eziningi eziwusongo emvelweni: ukungcoliswa komoya, indle engagqitshiwe, imvula ene-asidi, ukuntuleka kwamanzi ahlanzekile. Lezi ezimbalwa esezigaguliwe zanele ukuba zibonise ukuthi umhlaba ugula ngempela. Ingabe ikhona indlela yokusindisa lesi siguli, noma ingabe sekufanele kuphonswe ithawula?