Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g04 2/8 k. 21-k. 23 isig. 4
  • Isikweleti Sokulala Ingabe Siyinkinga Ekhulayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isikweleti Sokulala Ingabe Siyinkinga Ekhulayo?
  • I-Phaphama!—2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwenza Umzimba Wakho Udinge Ukulala
    I-Phaphama!—1995
  • Ukulala—Ingabe Kuyisenzo Sokunethezeka Noma Kuyadingeka?
    I-Phaphama!—2003
  • Ukuthuthukisa Indlela Olala Ngayo
    I-Phaphama!—2003
  • Ukulala—Kubaluleke Kangakanani?
    I-Phaphama!—2011
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2004
g04 2/8 k. 21-k. 23 isig. 4

Isikweleti Sokulala Ingabe Siyinkinga Ekhulayo?

IZIGIDI zabantu namuhla “zinesikweleti” esikhulu. Lesi sikweleti singase sibe isizathu esiyinhloko sezingozi zezimoto, ukulahlekelwa imisebenzi yokuziphilisa, ngisho nokuwohloka kwemishado. Singalimaza impilo yabo futhi sisifushanise kakhulu nesikhathi sabo sokuphila. Lesi isikweleti esicindezela isimiso somzimba sokuzivikela ezifweni, okuchaya umuntu ezifweni ezihlukahlukene. Siye sahlotshaniswa nezifo ezihlukahlukene njengesikashukela, esenhliziyo, ukukhuluphala kakhulu, kanye nezinye izinkinga zempilo. Noma kunjalo, izisulu eziningi azisiqapheli lesi sikweleti.

Le nkinga yisikweleti sokulala, esidaleka lapho umuntu engalali ngokwanele ukuze abe nempilo enhle. Lokhu kungabangelwa ukuzincisha ubuthongo ngamabomu ngenxa yendlela umuntu aphila ngayo noma ukungalali ngokwanele engahlosile ngenxa yokugula.

Abacwaningi bezokwelapha balinganisela ukuthi ngokwesilinganiso, abantu emhlabeni manje sebelala isikhathi esingaphansi kwesidingekayo ngehora elilodwa ubusuku ngabunye. Nakuba lokhu kungase kubonakale kungelutho, isikweleti sobusuku ngabunye sabo bonke abantu emhlabeni esingamahora ayizigidi eziyizinkulungwane eziyisithupha senzé kwaba nocwaningo ngokugula okuhlukahlukene okubangelwa ukungalali kanye nomthelela okunawo ezingeni lokuphila.

Umkhakha wezokwelapha wake wabheka ukungalali kahle okuqhubekayo njengenkinga eyodwa vo, eyayibizwa ngokuvamile ngokuthi ukuqwasha. Nokho, ikhomishane eyamiswa uMkhandlu Wesishaya-mthetho sase-United States yabala izifo zokulala ezingu-17 ezihlukahlukene. Noma kunjalo, ukuqwasha kunezimbangela eziningi kangangokuba kuvame ukubhekwa njengophawu lwezinye izinkinga, njengoba nokushisa komzimba kubonisa ukuthi umuntu unegciwane elithile.

Ngisho nokungalali kahle ngezikhathi ezithile nje kungaba yinhlekelele. Cabanga ngoTom. Nakuba ayengumshayeli wamaloli ongumakadebona, iloli lakhe elinamasondo angu-18 leqa uthango lomgwaqo, layochitha amalitha angu-400 e-sulfuric acid emgwaqweni omkhulu. UTom uyavuma: “Ngazumeka.” Ukuhlolwa kwemigwaqo emibili emikhulu e-United States kwalinganisela ukuthi abashayeli abozelayo babebangela cishe isigamu sezingozi ezibulala abantu.

Cabanga nangezingozi ezingase zivele emsebenzini ngenxa yokusebenza nomuntu owozelayo. Umcwaningi wase-Australia u-Ann Williamson uthi: “Ngemva kwamahora angu-17 kuya kwangu-19 bengalali, imiphumela [yabantu abahlanganyela kulolu cwaningo] ezivivinyweni ezithile yayifana noma yayimibi kuneyomuntu onezinga elingu-0,05% [lotshwala egazini].” Ngamanye amazwi labo bantu babenza izinto njengokungathi baphuze ngokusesilinganisweni noma beqisile esilinganisweni esivunyelwe umthetho kubashayeli kwamanye amazwe! Njengoba kunamakhulu ezinkulungwane zezingozi zomgwaqo nezasemsebenzini ezenzeka minyaka yonke, mkhulu umkhiqizo womsebenzi olahlekayo futhi kukhulu nokuhlupheka kwemikhaya emhlabeni wonke.a

Yiziphi izici ezingabangela isikweleti sokulala? Esinye umkhuba abantu abaningi abanawo okuthiwa i-24/7—ukusebenza amahora angu-24 ngosuku, izinsuku ezingu-7 ngesonto. I-USA Today ichaza lo mkhuba ngokuthi “isiyaluyalu sezempucuko esishintsha indlela esiphila ngayo,” iphawula ukuthi “inani elandayo labadayisi nezinkonzo ezisebenza amahora angu-24 ngosuku lenza inzuzo ngokungasinaki isikhathi.” Emazweni amaningi abantu babuka izinhlelo zethelevishini ezithatha ubusuku bonke babheke ne-Internet ngesikhathi okufanele ngabe balele ngaso. Kube sekuba khona nomonakalo odalwa ukuphazamiseka ngokomzwelo, okuvame ukuhilela ukukhathazeka okubhebhezelwa ukucindezeleka nokuphila okusheshayo. Ekugcineni, kunezifo ezihlukahlukene zomzimba ezingabangela isikweleti sokulala.

Odokotela abaningi baphawula ukuthi kunzima kakhulu ukusiza iziguli zabo zibone ingozi yesikweleti sokulala. Udokotela othile wakhononda ngokuthi abanye baze babheka ukukhathala okungamahlalakhona “njengophawu lokuvelela.” Futhi ngenxa yokuthi isimo sabo siwohloka kancane kancane, abantu abazincisha ubuthongo bangase bangaqapheli ukuthi banenkinga enkulu yokungalali kahle. Abaningi bathi, ‘Sengigugile’ noma bathi, ‘Ukuphila kunzima, ngakho kuvele kufiphale amehlo’ noma bathi, ‘Ngihlala ngikhathele ngoba angikwazi ukuphumula ngokwanele.’

Ukuqeda lesi sikweleti sokulala kuyinselele enzima. Kodwa ukuqonda indlela ukulala okunempilo okusebenza ngayo nokufunda ukubona izimpawu zesikweleti sokulala kungashukumisela umuntu ukuba ashintshe. Ukubona izimpawu zenkinga enkulu yokungalali kahle kungasindisa ukuphila.

[Umbhalo waphansi]

a Kukholelwa ukuthi ukukhathala kwabangela eziningi zezingozi ezimbi kakhulu ekhulwini lama-20. Bheka i-Phaphama! ka-February 8, 2001, ikhasi 6.

[Isithombe ekhasini 22]

Ngisho nokungalali kahle ngezikhathi ezithile kungadala izingozi ezinkulu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela