Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g04 4/8 k. 12-k. 14 isig. 5
  • Kungani UNkulunkulu Esiyeka Sihlupheke?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani UNkulunkulu Esiyeka Sihlupheke?
  • I-Phaphama!—2004
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubhekana Namaqiniso Abuhlungu
  • Ingabe Kufanele Sisole UNkulunkulu?
  • Isizathu Sokuba UNkulunkulu Avumele Okubi
  • Asisodwa
  • Induduzo Induduzo Kwabahluphekayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Kungani Kukhona Ububi Nokuhlupheka?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Kungani Kunosizi Olungaka?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2004
g04 4/8 k. 12-k. 14 isig. 5

Intsha Iyabuza . . .

Kungani UNkulunkulu Esiyeka Sihlupheke?

“UNkulunkulu usezulwini lapho yonke into iyinhle khona, thina sibe silapha phansi sihlupheka.”—UMary.a

INTSHA yanamuhla izalelwe ezweni elinonya. Ukuzamazama komhlaba nezinhlekelele zemvelo ezibulala izinkulungwane zabantu kabuhlungu zibonakala ziyinsakavukela. Izimpi nokuhlasela kwamaphekula kubikwa njalo ezindabeni. Ukugula, izifo, ubugebengu, nezingozi kusiphuca abantu esibathandayo. KuMary, ocashunwe ngenhla, umshophi wagadla ekhaya. Amazwi akhe abuhlungu wawasho ngemva kokushona kukayise.

Lapho inhlekelele ethile isithinta ngokuqondile, kumane nje kungokwemvelo ukuzizwa ukhungathekile, ulahlekelwe, noma mhlawumbe uthukuthele. Ungase uzibuze, ‘Kungani kuye kwenzeka lokhu?’ ‘Kungani kwehlele mina?’ noma ‘Kungani kwenzeke manje?’ Imibuzo enjengale kumelwe iphendulwe ngendlela egculisayo. Kodwa ukuze sithole izimpendulo ezifanele, kumelwe siye emthonjeni ofanele. Kuyavunywa ukuthi njengoba osemusha othile uTurrell aphawula, ngezinye izikhathi “abantu baye bezwe ubuhlungu obukhulu obenza kube nzima ukucabangisisa kahle ngezinto.” Ngakho kungase kudingeke ukuba uthole indlela yokwehlisa umoya kancane ukuze ukwazi ukucabanga—ngendlela ehluzekile nephusile.

Ukubhekana Namaqiniso Abuhlungu

Kungase kungajabulisi ukucabangisisa ngakho, kodwa ukufa nokuhlupheka kuyizinto ezingagwemeki ekuphileni. UJobe wakubeka kahle lapho ethi: “Umuntu, ozalwa owesifazane, uphila isikhashana futhi ugcwele ukuyaluza.”—Jobe 14:1.

IBhayibheli lithembisa izwe elisha ‘okuyohlala kulo ukulunga.’ (2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:3, 4) Nokho, ngaphambi kokuba lezo zimo ezinhle zigcwaliseke, isintu kumelwe sidlule enkathini yobubi obungakaze bubonwe. IBhayibheli lithi: “Yazi lokhu, ukuthi ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.”—2 Thimothewu 3:1.

Lezi zikhathi ezinzima ziyoqhubeka isikhathi eside kangakanani? Abafundi bakaJesu bambuza umbuzo ocishe ufane nalo. Kodwa uJesu akazange abanike usuku noma ihora lesi simiso sezinto esigcwele usizi esasiyophela ngalo. Kunalokho, uJesu wathi: “Lowo oye wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa.” (Mathewu 24:3, 13) Amazwi kaJesu asikhuthaza ukuba sizibheke ngeso elibanzi izinto. Kumelwe sizimisele ukukhuthazelela izimo eziningi ezingemnandi ngaphambi kokuba ekugcineni kufike ukuphela.

Ingabe Kufanele Sisole UNkulunkulu?

Khona-ke, ingabe kunengqondo ukuthukuthelela uNkulunkulu ngoba evumela ukuhlupheka? Ngeke kube njalo uma ucabangela ukuthi uNkulunkulu uthembisé ukuqeda konke ukuhlupheka. Futhi akunangqondo ukuba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu ubangela ukuba kwenzeke izinto ezimbi. Izinto eziningi ezibuhlungu ezisehlelayo zimane nje zenzeka ngengozi. Ngokwesibonelo, cabanga ngomoya owisa umuthi bese ulimaza othile. Abantu bangase bathi isandla sikaNkulunkulu. Kodwa akuyena uNkulunkulu owise lo muthi. IBhayibheli lisisiza ukuba siqonde ukuthi izinto ezinjengalezi zimane ziwumphumela odabukisayo ‘wesikhathi nesenzakalo esingalindelekile.’—UmShumayeli 9:11.

Ukuhlupheka kungase futhi kubangelwe izinqumo ezingacatshangisiswanga kahle. Ake sithi iqembu lentsha lizitika ngotshwala bese lingena emotweni lihambe. Nakho-ke selivelelwa yingozi. Ubani okumelwe asolwe? UNkulunkulu? Cha, ngoba livune imiphumela yesinqumo salo esingahluzekile.—Galathiya 6:7.

Ungase ubuze: ‘Kanti uNkulunkulu akanawo yini amandla okuqeda ukuhlupheka manje?’ Abanye abantu abathembekile ezikhathini zeBhayibheli bazibuza ngalokho. Umprofethi uHabakuki wabuza uNkulunkulu: “Kungani ubukela labo abenza ngokukhohlisa, uthula lapho omubi egwinya umuntu olunge ngaphezu kwakhe?” Nokho, uHabakuki akazange agijimele ukwenza izinqumo ngokuphamazela. Wathi: “Ngizoqapha, ukuze ngibone ukuthi yini azoyikhuluma ngami.” Kamuva, uNkulunkulu wamqinisekisa ukuthi wayezokuqeda ukuhlupheka ‘ngesikhathi esimisiwe.’ (Habakuki 1:13; 2:1-3) Ngakho-ke, kumelwe sibekezele, silindele uNkulunkulu ukuba aqede ububi ngesikhathi sakhe esimisiwe.

Gwema ukufinyelela eziphethweni ngamawala zokuthi uNkulunkulu mhlawumbe ufuna ukuba sihlupheke noma ukuthi uyasivivinya. Kuyiqiniso ukuthi ukuhlupheka kungase kuveze izimfanelo ezinhle kithi nokuthi iBhayibheli lithi izilingo uNkulunkulu azivumelayo zingalucwenga ukholo lwethu. (Hebheru 5:8; 1 Petru 1:7) Ngempela, abantu abaningi ababhekana nezimo ezilingayo noma ezibuhlungu bafunda ukubekezela noma ukuba nozwela ngokwengeziwe. Kodwa akumelwe siphethe ngokuthi ukuhlupheka kwabo kwakubangelwe uNkulunkulu. Ukucabanga ngaleyo ndlela kulushaya indiva uthando lukaNkulunkulu nokuhlakanipha kwakhe. IBhayibheli likubeka ngokucacile: “Uma umuntu elingwa makangasho ukuthi: ‘Ngilingwa uNkulunkulu.’ Ngoba uNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” Ngokuphambene nalokho, kuNkulunkulu kuvela “zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele”!—Jakobe 1:13, 17.

Isizathu Sokuba UNkulunkulu Avumele Okubi

Pho-ke, izinto ezimbi zivelaphi? Khumbula ukuthi uNkulunkulu unabantu abaphikisana naye—ngokuyinhloko “lowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane, odukisa umhlaba wonke owakhiwe.” (IsAmbulo 12:9) UNkulunkulu wabeka abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, ezweni elalingenazinkathazo. Kodwa uSathane wenza u-Eva wakholelwa ukuthi wayeyophila kangcono ngaphandle kokubuswa uNkulunkulu. (Genesise 3:1-5) Ngokudabukisayo, u-Eva wawakholelwa amanga kaSathane wangamlalela uNkulunkulu. U-Adamu wahlanganyela naye kulokhu kuhlubuka. Waba yini umphumela? “Ukufa kwasakazekela kubantu bonke,” kusho iBhayibheli.—Roma 5:12.

Kunokuba uNkulunkulu aqede lokhu kuhlubuka masinyane ngokubhubhisa uSathane nabalandeli bakhe, wakubona kufanele ukuvumela isikhathi siqhubeke. Kwakuyofezani lokho? Phakathi kokunye, kwakuyonikeza ithuba lokuba uSathane embuleke njengomqambimanga! Kwakuyonikeza ithuba lokuba kuqongeleleke ubufakazi bokuthi ukuzibusa ngaphandle kukaNkulunkulu kuletha incithakalo kuphela. Akukhona yini lokho kanye okwenzekile? “Izwe lonke lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) Ngaphezu kwalokho, ‘umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe.’ (UmShumayeli 8:9) Izinkolo zaleli zwe ziyinxakanxaka yezimfundiso ezingqubuzanayo. Izindinganiso zokuziphatha sezehle ngendlela engakaze ibonwe. Ohulumeni babantu sebezame zonke izinhlobo zokubusa ongazicabanga. Basayinda izivumelwano bashaye nemithetho, kodwa noma kunjalo izidingo zabantu abavamile azikaneliswa namanje. Izimpi zinezela usizi phezu kolunye.

Ngokusobala, siyamdinga uNkulunkulu ukuba angenele futhi aqede ububi! Kodwa lokhu kuzokwenzeka kuphela ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele. Njengoba sisasilindele leso sikhathi, sinelungelo lokusekela ububusi bukaNkulunkulu ngokuthobela imithetho nezimiso zakhe ezitholakala eBhayibhelini. Lapho kwenzeka izinto ezimbi, singaduduzeka ngethemba eliqinisekile lokuphila ezweni elingenazinkathazo.

Asisodwa

Noma kunjalo, lapho ukuhlupheka kuthinta thina uqobo, singazithola sibuza, ‘Kungani kwenzeka kimi?’ Nokho umphostoli uPawulu usikhumbuza ukuthi akuthina sodwa esibekezelela okubi. UPawulu uthi “yonke indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi isezinhlungwini kanyekanye kuze kube manje.” (Roma 8:22) Ukwazi leli qiniso kungakusiza ukuba ubhekane kangcono nokuhlupheka. Ngokwesibonelo, uNicole wahlukumezeka kakhulu ngokuhlasela kwamaphekula ngo-September 11, 2001, eNew York City naseWashington, D.C. Uyavuma: “Ngethuka kwaphela nasozwanini.” Kodwa lapho efunda ukulandisa kwendlela amaKristu akanye nawo abhekana ngayo naleyo nhlekelele, umbono wakhe washintsha.b “Ngaqaphela ukuthi angingedwa neze. Sengiqalile ukululama ebuhlungwini nasosizini lwami kancane kancane.”

Kwezinye izimo kuhle ukuthola umuntu ongaxoxa naye—umzali, umngane ovuthiwe, noma umdala ongumKristu. Ukuthulula imizwa yakho kothile omethembayo kuyokuvulela ithuba lokuthola ‘izwi elihle’ lesikhuthazo. (IzAga 12:25) UmKristu othile osemusha waseBrazil uyakhumbula: “Ubaba washona eminyakeni engu-9 edlule, futhi ngiyazi ukuthi uJehova uyomvusa ngolunye usuku. Kodwa into eyangisiza kwaba ukubhala phansi imizwa yami. Futhi, ngaso sonke isikhathi ngangixoxa nabangane bami abangamaKristu ngendlela engangizizwa ngayo.” Unabo yini ‘abangane beqiniso’ ongabatshela okusesifubeni sakho? (IzAga 17:17) Khona-ke, zuza osizweni abakunikeza lona ngothando! Ungesabi ukukhala noma ukuveza imizwelo yakho. Phela, ngisho noJesu wake “wakhala izinyembezi” ngenxa yobuhlungu bokushonelwa umngane wakhe!—Johane 11:35.

IBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi ngolunye usuku ‘siyokhululwa ekugqilazweni ukonakala’ futhi ‘sijabulele inkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’ (Roma 8:21) Kuze kube yileso sikhathi, abantu abaningi abalungile bangase bahlupheke. Duduzeka ngokwazi ukuthi kungani ukuhlupheka okunjalo kukhona—nokuthi ngeke kuhlale kukhona phakade.

[Imibhalo yaphansi]

a Amanye amagama ashintshiwe.

b Bheka uchungechunge oluthi “Ukuba Nesibindi Esimweni Esiyinhlekelele,” kuyi-Phaphama! ka-January 8, 2002.

[Isithombe ekhasini 14]

Kungase kube usizo ukungafeli phakathi lapho uzwa ubuhlungu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela