Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g04 9/8 k. 24-k. 27 isig. 10
  • Indlela Yokuba Ubaba Omuhle

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokuba Ubaba Omuhle
  • I-Phaphama!—2004
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwenza Kungabi Lula
  • Izibonelo Zaphezulu
  • Isibonelo Esihle Sibalulekile
  • Zinike Isikhathi Sazo!
  • Usizo Luyatholakala
  • Bazali, Vikelani Ifa Lenu Eliyigugu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Indlela Yokuba Ubaba Omuhle
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Qeqesha Umntwana Wakho Ukuba Akhonze UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Ukukhulisa Abantwana Bakho Ukuba Bathande UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2004
g04 9/8 k. 24-k. 27 isig. 10

Indlela Yokuba Ubaba Omuhle

ISIHLOKO esithize kumagazini i-Economist esasikhuluma ngokuwohloka kokuphila komkhaya saqala ngala mazwi athakazelisayo: “Kulula ukuzala izingane, kodwa kulukhuni ukuba ubaba omuhle.”

Yize ziziningi izinto ekuphileni okulukhuni ukuzenza, enye yazo—futhi ebaluleke kakhulu—ukuba ubaba omuhle. Bonke obaba kufanele babe bahle, ngoba kuhilela inhlalakahle nenjabulo yomkhaya wabo.

Okwenza Kungabi Lula

Ngamafuphi nje, isizathu esikhulu esenza kungabi lula ukuba ubaba omuhle siwukungapheleli esikuzuze njengefa—okwabazali nokwezingane zabo. IBhayibheli lithi: “Ukuthambekela kwenhliziyo yomuntu kubi kusukela ebusheni bakhe kuqhubeke.” (Genesise 8:21) Ngakho, umlobi weBhayibheli wavuma: “Umama wangikhulelwa esonweni.” (IHubo 51:5; Roma 5:12) Ukuthambekela kokwenza okubi ngenxa yesono esizuzwe njengefa kumane kuyisithiyo esisodwa esenza kube lukhuni ukuba ubaba omuhle.

Leli zwe, noma isimiso sezinto, nalo liyisithiyo esikhulu. Kanjani? Ngoba, njengoba iBhayibheli lichaza, “lonke izwe lisemandleni omubi,” ochazwa ngokuthi “uDeveli noSathane.” IBhayibheli futhi libiza uSathane ngokuthi “unkulunkulu walesi simiso sezinto.” Akumangalisi ukuthi kungani uJesu athi abalandeli bakhe, njengaye, akufanele babe “ingxenye yezwe”!—1 Johane 5:19; IsAmbulo 12:9; 2 Korinte 4:4; Johane 17:16.

Okubaluleke kakhulu ekubeni ubaba omuhle ukuhlala njalo uphaphamele ukungapheleli kwethu esikuzuze njengefa, uSathane uDeveli, naleli zwe elingaphansi kokulawula kwakhe. Akuyona into eqagelwayo ukuthi kunezithiyo ezinje. Zikhona ngempela! Kodwa umuntu angayaphi ukuze afunde indlela yokulwa nazo futhi abe ubaba omuhle?

Izibonelo Zaphezulu

Ukuze athole usizo lokunqoba izithiyo eziphawulwe ngenhla, ubaba angaya eBhayibhelini. Liqukethe izibonelo ezinhle kakhulu. UJesu wabalula esivelele kunazo zonke lapho efundisa abalandeli bakhe ukuba bathandaze bathi: “Baba wethu osemazulwini.” Lapho lichaza uBaba wethu wasezulwini, iBhayibheli kalula nje lithi: “UNkulunkulu uluthando.” Ubaba ongumuntu kufanele asibheke kanjani lesi sibonelo sothando? “Yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu,” kunxusa umphostoli uPawulu, “futhi niqhubeke nihamba othandweni.”—Mathewu 6:9, 10; 1 Johane 4:8; Efesu 5:1, 2.

Uma ungubaba, cabangela lokho ongakufunda esenzakalweni esisodwa nje lapho uNkulunkulu esebenzelana noJesu, iNdodana yakhe. UMathewu 3:17 usitshela ukuthi ngesikhathi uJesu ebhapathizwa, kwezwakala izwi likaNkulunkulu livela ezulwini, lithi: “Lo yiNdodana yami ethandekayo, engiyamukele.” Singafundani kulokhu?

Okokuqala, cabanga ngomphumela okuba nawo enganeni lapho uyise ngeqholo etshela othile, ‘Yindodana yami lena’ noma ethi ‘Yindodakazi yami le.’ Izingane zikhula kahle lapho abazali bezinaka, ikakhulukazi lapho bekhuluma kahle ngazo. Cishe ingane iyoshukumiseleka ukuba izame kakhudlwana ukuzenza ikufanelekele ukuqashelwa ngomusa.

Okwesibili, uNkulunkulu wezwakalisa indlela azizwa ngayo ngoJesu, embiza ‘othandekayo.’ Leli zwi lothando elivela kuYise kumelwe ukuba layijabulisa kakhulu inhliziyo kaJesu. Izingane zakho nazo ziyokhuthazeka uma ubonisa ngamazwi akho—nangesikhathi sakho, ukuzinaka, nokuzikhathalela—ukuthi uzithanda ngokujulile.

Okwesithathu, uNkulunkulu watshela iNdodana yakhe: “Ngikwamukele.” (Marku 1:11) Nalokhu kuyinto ebalulekile okumelwe ubaba ayenze, okungukuthi, atshele izingane zakhe ukuthi uyajabula ngazo. Yiqiniso, ingane iyowenza kaningi amaphutha. Sonke siyawenza. Kodwa njengobaba, ingabe ubheka amathuba okuncoma izingane zakho ngezinto ezinhle ezizenzile noma ezizikhulumile?

UJesu wafunda kuYise wasezulwini. Ngesikhathi esemhlabeni, wabonisa ngamazwi nangesibonelo ukuthi uYise uzizwa kanjani ngezingane zaKhe zasemhlabeni. (Johane 14:9) Ngisho nalapho uJesu ayematasa futhi ecindezelekile, wazinika isikhathi sokuhlala axoxe nezingane. Watshela abafundi bakhe: “Bayekeni abantwana beze kimi; ningazami ukubavimba.” (Marku 10:14) Ingabe nina eningobaba ningasilandela ngokugcwele isibonelo sikaJehova uNkulunkulu neseNdodana yakhe?

Isibonelo Esihle Sibalulekile

Ayikho indlela yokukugcizelela ngokwanele ukuthi kubaluleke kangakanani ukubekela izingane zakho isibonelo esihle. Imizamo yakho ‘yokuqhubeka ubakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova’ ingacishe ingabi nayo imiphumela uma wena ungazithobi esiyalweni sikaNkulunkulu futhi ungavumeli ukuphila kwakho ukuba kuqondiswe yiso. (Efesu 6:4) Nokho, ngosizo lukaNkulunkulu, unganqoba noma yisiphi isithiyo sokugcwalisa umyalo wakhe wokunakekela izingane zakho.

Cabangela isibonelo sikaViktor Gutschmidt, omunye woFakazi BakaJehova ezweni elaliyiSoviet Union. Ngo-October 1957, wagwetshwa iminyaka eyishumi ejele ngenxa yokukhuluma nabanye ngokholo lwakhe. Washiya amadodakazi akhe amabili asemancane kanye nomkakhe, uPolina. Esejele, wayevunyelwa ukuba abhalele umkhaya wakhe izincwadi kodwa enqatshelwe ukuba asho noma yini ephathelene noNkulunkulu noma nenkolo. Ngisho nalapho ebhekene nalobu bunzima, uViktor wayezimisele ukuba ubaba omuhle, futhi wayazi ukuthi kwakubaluleke kakhulu ukufundisa izingane zakhe ngoNkulunkulu. Ngakho-ke wenzani?

UViktor uyalandisa: “Ngathola izindaba komagazini baseSoviet i-Young Naturalist nothi Nature. Ngangidweba imifanekiso yezilwane nabantu emakhadini bese ngifaka nendaba noma okuhlangenwe nakho okuphathelene nemvelo.”

UPolina uthi: “Kwakuthi nje lapho siwathola la makhadi, siwahlobanise ngokushesha nezindaba eziseBhayibhelini. Ngokwesibonelo, lapho ebonisa ubuhle bemvelo, amahlathi, noma imifula, ngangifunda u-Isaya isahluko 65,” esikhuluma ngezithembiso zikaNkulunkulu zokwenza lo mhlaba ube ipharadesi.

Indodakazi kaViktor uYulia iyalandisa: “Umama wayebe esethandaza nathi, futhi sasikhala. La makhadi afeza indima enkulu ekukhulisweni kwethu.” UPolina uthi ngenxa yawo, “amantombazane amthanda kakhulu uNkulunkulu kwasebuntwaneni.” Sinjani isimo salo mkhaya manje?

UViktor uyachaza, “Manje amadodakazi ami womabili ashade nabadala abangamaKristu, futhi womabili anemikhaya eqinile ngokomoya nezingane ezikhonza uJehova ngokwethembeka.”

Ukubeka isibonelo esihle ngokuvamile akudingi ikhono kuphela kodwa kudinga nokuzikhandla impela. Izinhliziyo zezingane cishe ziyothinteka lapho zibona ubaba ezama ngempela. Indodana esichithe iminyaka eminingi isenkonzweni yesikhathi esigcwele yakhuluma lokhu igcwele ukwazisa ngoyise, “Ngezinye izikhathi ubaba wayebuya emsebenzini ekhathele eyingcuba kunzima nokuba avule amehlo, kodwa noma kunjalo sasiba naso isifundo sethu seBhayibheli, futhi lokhu kwasisiza ukuba siqonde ukubaluleka kwaso.”

Ngokusobala, ukubeka isibonelo esihle—ngamazwi nangezenzo—kubalulekile ekubeni ubaba omuhle. Kudingeka wenze kanjalo uma ufuna ukusibona sigcwaliseka isaga seBhayibheli esithi: “Qeqesha umntwana ngokwendlela emfanele; ngisho nalapho ekhula ngeke aphambuke kuyo.”—IzAga 22:6.

Ngakho, khumbula ukuthi akukhona kuphela lokho okushoyo okubalulekile; okubaluleke kakhulu yilokho okwenzayo—isibonelo osibekayo. Isazi sezemfundo yezingane ezisezincane saseCanada sabhala: “Indlela engcono yokwenza izingane zethu ziziphathe [ngendlela esingathanda ukuba ziziphathe ngayo] ukuba thina ngokwethu sikubonise lokho kuziphatha esikufisayo.” Ngempela, uma ufuna izingane zakho zizazise izinto ezingokomoya, kubalulekile ukuba nawe uzazise.

Zinike Isikhathi Sazo!

Izingane zakho kumelwe zisibone isibonelo sakho esihle. Lokho kusho ukuthi kumelwe uchithe isikhathi nazo—esiningi, hhayi nje amajuphana lapha nalaphaya. Silalele ngokuhlakanipha iseluleko seBhayibheli ‘sokuthengisisa isikhathi,’ okuwukuthi udele izinto ezingabalulekile kakhulu ukuze ube nezingane zakho. (Efesu 5:15, 16) Ngempela, yini ebaluleke ngaphezu kwezingane zakho? I-TV enkulukazi, imidlalo, indlu kanokusho, umsebenzi wakho?

Kunesisho esijwayelekile esithi, ‘Khokha manje, noma ukhokhe kamuva.’ Obaba abazingane zabo ziye zahileleka ekuziphatheni okubi noma zalandela ngisho nendlela yokuphila engenalo ingokomoya ngokuvamile bazisola kakhulu. Babalisa ngokuthi abazange babe nezingane zabo kaningi ngangokunokwenzeka lapho zazimdinga ngempela ubaba.

Khumbula, isikhathi okufanele ucabangisise ngaso ngemiphumela yezinqumo zakho yilapho izingane zakho zisezincane. IBhayibheli libiza izingane zakho ngokuthi “ifa elivela kuJehova,” okuthile uNkulunkulu ngokwakhe akuphathise kona. (IHubo 127:3) Ngakho ungalokothi ukhohlwe ukuthi uyolandisa kuNkulunkulu ngazo!

Usizo Luyatholakala

Ubaba omuhle ukulungele ukuthola usizo oluyozuzisa izingane zakhe. Ngemva kokuba ingelosi itshele umkaManowa ukuthi wayezothola umntwana, uManowa wathandaza kuNkulunkulu: “Ngicela aphinde eze kithi asifundise lokho okufanele sikwenze kumntwana ozozalwa.” (AbaHluleli 13:8, 9) Njengabazali namuhla, hlobo luni losizo uManowa ayeludinga? Ake sibone.

UBrent Burgoyne, onguthisha e-University of Cape Town, eNingizimu Afrika, waphawula: “Esinye sezipho ezinkulu kakhulu esingazipha ingane ukuyifundisa izindinganiso zokuziphatha.” Ukuthi izingane kudingeka zifundiswe izindinganiso ezinjalo kungabonakala embikweni okuyi-Daily Yomiuri yaseJapane, eyaphawula: “Inhlolo-vo ibonisa ukuthi izingane zaseJapane ezingamaphesenti angu-71 azikaze zitshelwe oyise ukuthi akufanele ziqambe amanga.” Akudabukisi yini lokhu kuphawula?

Ubani onganikeza izindinganiso zokuziphatha ezinokwethenjelwa? Yena lowo owanika uManowa isiqondiso—uNkulunkulu ngokwakhe! Ukuze anikeze usizo, uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ethandekayo, uJesu, njengoMfundisi—igama ayevame ukubizwa ngalo. Manje incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu, eveza izifundo ezitholakala ezimfundisweni zikaJesu, itholakala ngezilimi eziningi ukuze uyisebenzise lapho ufundisa izingane.

Incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu ayigcini nje ngokuchaza izindinganiso ezisekelwe eZwini likaNkulunkulu kuphela kodwa futhi inikeza nomfanekiso wendaba ebhaliwe ngezithombe ezingaphezu kuka-160 ezinemibuzo eqondile. Ngokwesibonelo, isahluko 22, esinesihloko esithi “Isizathu Sokuba Singawaqambi Amanga,” sinomfanekiso oboniswe ekhasini 32 lalo magazini. Umbhalo osekhasini lesi sithombe esivela kulo uthi: “Mhlawumbe umfana uthi kubaba wakhe: ‘Cha, angizange ngilidlale ibhola endlini.’ Kodwa ake sithi ulidlalile ngempela. Uyobe wenza into embi yini uma ethi akazange alidlale?”

Kunezifundo ezinohlonze ezifundiswa nasezahlukweni ezithi “Ukulalela Kuvikela Wena,” “Kudingeka Silwe Nezilingo,” “Isifundo Sokuba Nomusa,” “Ungalokothi Ube Isela!,” “Ingabe Wonke Amaphathi Ayamjabulisa UNkulunkulu?,” “Indlela Yokwenza UNkulunkulu Ajabule,” nesithi “Isizathu Sokuba Sisebenze,” uma sibala ezimbalwa nje kwezingu-48 ezikule ncwadi.

Isandulelo sale ncwadi siphetha kanje: “Izingane zidinga ukufundiswa ngoMthombo wako konke ukuhlakanipha, uBaba wethu wasezulwini, uJehova uNkulunkulu. Yilokho ayekwenza njalo uJesu, uMfundisi Omkhulu. Sinethemba elikhulu lokuthi le ncwadi izokusiza wena nomkhaya wakho ukuba nilolonge ukuphila kwenu ukuze nijabulise uJehova, futhi uyonibusisa kuze kube phakade.”a

Ngokusobala, ukuba ubaba omuhle kuhlanganisa ukubekela izingane zakho isibonelo esihle, ukuchitha isikhathi esiningi nazo, nokuzisiza ukuba ziphile ngokuvumelana nezindinganiso zikaNkulunkulu njengoba ezembule eBhayibhelini.

[Umbhalo waphansi]

a Incwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, nethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya zingezinye zezincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova ukuze basize imikhaya.

[Isithombe ekhasini 24]

Nakuba ayesejele, uViktor Gutschmidt wakwazi ukuba ubaba omuhle

[Izithombe ekhasini 25]

Ngesikhathi eboshelwe ukholo lwakhe, uViktor wadweba lezi zithombe ukuze afundise izingane zakhe

[Isithombe ekhasini 25]

Amadodakazi kaViktor ngo-1965

[Isithombe ekhasini 26]

Obaba kufanele bangene bagamanxe ekufundiseni izingane zabo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela