Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g04 12/8 k. 12-k. 14 isig. 6
  • Lapho Othandekayo Wakho Enesifo Sengqondo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Othandekayo Wakho Enesifo Sengqondo
  • I-Phaphama!—2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okufanele Ukwazi Ngokuphazamiseka Kwengqondo
    I-Phaphama!—2014
  • Inkinga Yomhlaba Wonke Yesifo Sokuphazamiseka Kwengqondo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2023
  • Ukusiza Labo Abanokuphazamiseka Kwemikhuba Yokudla
    I-Phaphama!—1992
  • Ukucindezeleka Kwengqondo—Lapho Kuhlupha UmKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2004
g04 12/8 k. 12-k. 14 isig. 6

Lapho Othandekayo Wakho Enesifo Sengqondo

USUKU lwaqala njengenhlalayenza uma kuphakathi nesonto ekuseni kwabakwaJohnson.a Lo mkhaya wabantu abane wawusuvukile wagqoka uzilungiselela imisebenzi yosuku. UGail waxwayisa indodana yakhe eneminyaka engu-14, uMatt, ukuthi yayisishiywa isikhathi sokubamba ibhasi eliya esikoleni. Okwalandela kwaba imbedumehlwana. Esikhathini esingangesigamu nje sehora, uMatt wayesefuthe udonga lwasekamelweni lokulala ngopende, wazama ukuthungela igalaji ngomlilo, waze wazama nokuzikhunga ekamelweni eliphezulu.

UGail nomyeni wakhe, uFrank, balandela i-ambulense eyathatha uMatt, bezama ngokusemandleni abo ukuqonda ukuthi okwakusanda kwenzeka kwakusho ukuthini. Kuyadabukisa nokho ukusho ukuthi lokhu kwakuseyisiqalo. Kwalandela izigigaba eziningi zokusangana, ezabonisa ukuthi uMatt wayesengene ohlwini lwabagula ngengqondo. Inkathi yakhe yosizi eyathatha iminyaka emihlanu yayihlanganisa ukuzama ukuzibulala amahlandla amaningana, ukuboshwa kabili, ukulaliswa ezibhedlela ezingu-7 zabagula ngengqondo, nezikhathi ezingenakubalwa zokubonana nochwepheshe bezifo zengqondo. Zazima emthumeni kubangane abakhungathekile nezihlobo ngokuvamile bengazi ukuthi bathini noma benzeni.

Kulinganiselwa ukuthi umuntu oyedwa kwabane emhlabeni wonke uyophathwa isifo sengqondo esikhathini esithile sokuphila kwakhe. Uma ucabangela lesi sibalo esethusayo, kunamathuba okuthi unomzali, ingane yakho, ingane yakwenu, noma umngane onohlobo oluthile lwesifo sengqondo.b Ungenzani uma umuntu omthandayo enesifo esinje?

● Qaphela izimpawu. Kungase kungasheshi ukuhlonza ukuthi umuntu unesifo esithile sengqondo. Abangane namalungu omkhaya bangase bacabange ukuthi izimpawu abazibonayo zibangelwa izinguquko zama-hormone, izifo ezingokomzimba, ubuntu obubuthaka, noma ziwumphumela wezimo ezinzima. Zikhona izimpawu umama kaMatt ayeke wazibona zokuthi uMatt wayenenkinga ethile, kodwa abazali bacabanga ukuthi ukuguquguquka kwemizwelo yakhe kwakubangelwa isikhathi sokuthomba esasizodlula ngokushesha. Nokho, izinguquko eziphawulekayo endleleni yokulala, yokudla noma yokuziphatha zingase zibonise inkinga engathí sina ngokwengeziwe. Ukuxilongwa uchwepheshe kungaholela ekutholeni ukwelashwa okusebenzayo futhi kuthuthukise izinga lokuphila lothandekayo wakho.

● Yiba nolwazi. Abantu abanezifo zengqondo ngokuvamile basuke bengenamandla okucwaninga ngesifo sabo. Ngakho, ukwaziswa okutholayo emithonjeni yamuva futhi ethembekile kungakusiza ukuba uqonde lokho othandekayo wakho abhekene nakho. Kungakusiza futhi ukuba ukhulume ngokukhululekile nangendlela ebonisa ukuba nolwazi ngesimo sakhe. Ngokwesibonelo, uGail wanikeza umkhulu nogogo kaMatt amapheshana ezokwelapha abasiza ukuba bazizwe benolwazi oluthe xaxa futhi behilelekile kulokho okwakuqhubeka.

● Qikelela ukuthi uyelashwa. Yize ezinye izifo zengqondo zithatha isikhathi eside, uma bethola imithi efanele abantu abaningi abanazo bangaphila ukuphila okuzinzile nokuzuzisayo. Ngeshwa, abaningi bawohloka iminyaka eminingi bengatholi usizo. Njengoba nje isifo senhliziyo esibi sidinga uchwepheshe wenhliziyo, isifo sengqondo sidinga ukunakekelwa yilabo abakwaziyo ukwelapha izifo ezinjalo. Ngokwesibonelo, izazi zezifo zengqondo zinganikeza imithi okungathi uma iphuzwa njalo isize ekulawuleni ukuguquguquka kwemizwelo, inciphise ukukhathazeka, futhi iqondise indlela yokucabanga ehlanekezelwe.c

● Khuthaza ogulayo ukuba afune usizo. Abantu abanezifo zengqondo bangase bangaboni ukuthi badinga usizo. Ungase usikisele ukuba ogulayo abonane nodokotela othile, afunde izihloko ezithile eziwusizo, noma axoxe nothile oye wabhekana ngokuphumelelayo nesifo esifanayo. Kungenzeka othandekayo wakho akasamukeli iseluleko sakho. Kodwa zama ngazo zonke izindlela ukungenela uma othile omnakekelayo esengozini yokuzilimaza yena noma abanye.

● Gwema ukumbeka icala. Ososayensi abakazi ngezici eziyinkimbinkimbi zokusebenza kwezakhi zofuzo, zendawo esizungezile, nezenhlalo ezinomthelela ekuphazamisekeni kobuchopho. Inhlanganisela yezici engase ibangele isifo sengqondo ihlanganisa ukulimala ebuchosheni, ukusebenzisa kabi izinto eziluthayo, izici ezithile endaweni ezicindezelayo, ukungalingani kwamakhemikhali emzimbeni, nokuthambekela okuwufuzo. Akusizi ukusola abantu ngalokho ocabanga ukuthi kumelwe ukuba bakwenzile kwabe sekuba nomthelela kulesi sifo. Sebenzisa amandla akho ekuzameni ukusekela nokunikeza isikhuthazo.

● Lindela izinto ezinengqondo. Uma ulindele okuningi kumuntu ogulayo okungaphezu kwalokho angase akwenze, lokhu kungamdumaza. Ngakolunye uhlangothi, ukugcizelela ngokweqile ukulinganiselwa kwakhe kungamenza azizwe ewumthwalo. Ngakho, lindela njalo izinto okunengqondo ukuzilindela kuye. Yiqiniso, akumelwe ubekezelele izenzo ezingalungile. Njenganoma ubani omunye, labo abanezifo zengqondo bangafunda emiphumeleni yezenzo zabo. Ukuziphatha ngobudlova kungase kudinge ukuba athathelwe izinyathelo ezingokomthetho noma abekelwe imigoqo ethile ukuze kuvikeleke yena noma abanye.

● Hlala uxhumana naye. Ukukhulumisana kubalulekile, ngisho noma ngezinye izikhathi kungase kubonakale sengathi okushoyo kuyahlanekezelwa. Awukwazi ukubikezela ukuthi umuntu onesifo sengqondo uyosabela kanjani, futhi angase abonise imizwelo engafanele esimweni esithile. Nokho, ukugxeka amazwi akhe kuyomane kunezele umuzwa wecala ekucindezelekeni kwakhe. Uma okushoyo kungasebenzi, mane uhlale uthule ulalele. Mvumele endleleni azizwa ngayo nasemicabangweni yakhe ngaphandle kokumsola. Lwela ukuzibamba. Wena nothandekayo wakho niyozuza uma njalo nje umane umbonisa ukuthi uyamkhathalela. Kwaba njalo ngoMatt. Eminyakeni embalwa kamuva, wababonga labo athi ‘babemsiza ngesikhathi yena ayengalufuni usizo.’

● Cabangela izidingo zamanye amalungu omkhaya. Uma umkhaya kumelwe ugxile kulowo osebucayini, amanye amalungu angase anganakwa. Isikhathi esithile, udadewabo kaMatt, u-Amy, waba nomuzwa wokuthi yena “akaselutho, osekubhekiwe yisifo sikaMatt.” Noma yini yena ayeyifezile wayeyithalalisa ukuze angadonseli ukunaka kuye. Wenza lokhu nje, kubonakala abazali bakhe bona babefuna ukuba enze okwengeziwe, njengokungathi kwakuyovala ukusilela komfowabo. Ezinye izingane ezinganakwa ezikulesi simo zizama ukuthola ukunakwa ngokuba uhlupho. Imikhaya esesimweni esibucayi idinga usizo ukuze ihlangabezane nezidingo zabo bonke. Ngokwesibonelo, ngesikhathi umkhaya wakwaJohnson usagajwe yizinkinga zikaMatt, abangane ebandleni lendawo loFakazi BakaJehova basiza u-Amy ngokumnaka ngendlela ethe xaxa.

● Khuthaza imikhuba ewusizo empilweni engokwengqondo. Uhlelo oluhlanganisa izici eziningi lokuthuthukisa inhlalakahle engokwengqondo kufanele luhlanganise ukunaka ukudla, ukuvivinya umzimba, ukulala nemibuthano yokuzijabulisa. Imibuthano elula ehlanganisa amaqembu amancane abangane ngokuvamile ayimsindi ogulayo. Khumbula futhi ukuthi utshwala bungandisa izimpawu buphazamise nemithi. Umkhaya wakwaJohnson manje uzama ukulondoloza isimiso sempilo engokwengqondo esizuzisa wonke umuntu kodwa ikakhulukazi indodana yawo.

● Zinakekele. Ukucindezeleka okuhambisana nokunakekela umuntu onesifo sengqondo kungase kusongele neyakho impilo. Ngakho-ke, kubalulekile ukuba unake izidingo zakho ezingokwenyama, ezingokomzwelo, nezingokomoya. AbakwaJohnson bangoFakazi BakaJehova. UGail unomuzwa wokuthi ukholo lwakhe lwamsiza kakhulu ukuba abhekane nesimo esibucayi somkhaya wakhe. Uthi: “Imihlangano yobuKristu yayinciphisa ukucindezeleka, yayiba isikhathi sokubekela eceleni konke ukukhathazeka okukhona nokugxila ezintweni ezibaluleke ngokwengeziwe nasethembeni okuwukuphela kwalo esinalo. Ngathandaza kaningi, ngidinga usizo kakhulu, futhi ngaso sonke isikhathi kwakuba khona ushintsho oludambisa ubuhlungu bami. Ngosizo lukaJehova uNkulunkulu, ngaba nokuthula kwengqondo owawungeke ukulindele esimweni esasikuso.”

UMatt manje usekhulile futhi unombono omusha ngokuphila. Uthi: “Nginomuzwa wokuthi lokho engiye ngabhekana nakho kungenze ngaba umuntu ongcono.” U-Amy, udadewabo kaMatt, naye unomuzwa wokuthi lesi simo simzuzisile. Uthi: “Angisabagxeki kakhulu abanye. Uye ungazazi izimbangela zezimo ezihlupha umuntu. UJehova uNkulunkulu kuphela owaziyo.”

Uma othile omthandayo enesifo sengqondo, khumbula ngaso sonke isikhathi ukuthi ukumlalela, ukumsiza, nokuba nomqondo ovulekile kungamsiza ukuba alulame—aze ngisho aswabuluke.

[Imibhalo yaphansi]

a Amagama ashintshiwe.

b Abanye basebenzisa inkulumo ethi “ukuphazamiseka ebuchosheni,” njengoba ingenaso isigcwagcwa kangako futhi imane nje isho ukuthi kunenkinga ethile ebuchosheni.

c Kufanele kucatshangelwe kokubili imiphumela emihle nemibi imithi engase ibe nayo. I-Phaphama! ayitusi uhlobo oluthile lokwelapha. AmaKristu kufanele aqiniseke ukuthi noma ikuphi ukwelapha akusebenzisayo akungqubuzani nezimiso zeBhayibheli.

[Ibhokisi ekhasini 13]

Ezinye Zezimpawu Eziyisixwayiso Sezifo Zengqondo

Uma umuntu omthandayo enanoma iziphi zalezi zimpawu ezilandelayo, kungase kudingeke abonane nochwepheshe wezokwelapha noma wezifo zengqondo:

• Ukudabuka okuthatha isikhathi eside noma ukuhluthuka kalula

• Ukuzihlukanisa nabanye abantu

• Ukushintshashintsha kakhulu kwemizwelo

• Ukuthukuthela ngokweqile

• Ukuba nobudlova

• Ukusebenzisa kabi izinto eziluthayo

• Ukwesaba nokukhathazeka ngokweqile

• Ukubuswa ukwesaba ukukhuluphala

• Ushintsho oluphawulekayo endleleni yokudla noma yokulala

• Ukubeleselwa amaphupho amabi

• Ukuphithana komqondo

• Ukuba nemibono noma ukuzwa amazwi

• Imicabango yokufa noma yokuzibulala

• Ukungakwazi ukubhekana nezinkinga noma nemisebenzi yosuku nosuku

• Ukuphika izinkinga ezisobala

• Izifo eziningi ezingokomzimba ezingachazeki

[Isithombe ekhasini 14]

Lapho ungazi ukuthi uzothini, hlala uthule ulalele umuntu ogulayo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela