Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g04 11/8 k. 21-k. 25 isig. 5
  • Ngafundiswa Ngisemncane ukuba Ngithande Unkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngafundiswa Ngisemncane ukuba Ngithande Unkulunkulu
  • I-Phaphama!—2004
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukucindezelwa AmaKhomanisi
  • Ukudingiswa
  • Inkululeko Ethe Xaxa
  • Ukwandisa Inkonzo Yethu
  • Izinselele Ezintsha
  • Ukukhululwa Nokuthuthela EKazakhstan
  • Ukukhulisa Izingane Nokukhonza Abanye
  • Isimemo Esingalindelekile
  • Umndeni Wethu Namuhla
  • Ngayinqoba Inselele Yokukhonza UNkulunkulu
    I-Phaphama!—2005
  • Into Engiyikhathalela Kakhulu—Ukuhlala Ngithembekile
    I-Phaphama!—2000
  • Ukudingiselwa ESiberia!
    I-Phaphama!—1999
  • Iminyaka Engaphezu Kwengu-40 Singaphansi Kokuvinjelwa AmaKhomanisi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2004
g04 11/8 k. 21-k. 25 isig. 5

Ngafundiswa Ngisemncane ukuba Ngithande Unkulunkulu

NJENGOBA ILANDISWA NGU-ANATOLY MELNIK

Abaningi bangibiza ngothando ngokuthi Mkhulu. Leli gama lingithinta inhliziyo ngoba lingikhumbuza owami umkhulu, engangimthanda ngempela nengimbonga kakhulu. Ake ngikutshele ngaye nendlela yena nogogo ababa nethonya elikhulu ngayo ekuphileni kwamalungu omndeni wabo, kanye nasekuphileni kwabanye abantu abaningi.

NGAZALELWA emzaneni waseHlina, enyakatho yezwe manje elaziwa ngokuthi iMoldova.a Ngawo-1920, kwafika ababonisi abajikelezayo ababaziwa ngokuthi ama-pilgrim endaweni yakithi enamagquma amahle bevela ngaphesheya komngcele eRomania. Abazali bakamama bazamukela ngokushesha izindaba ezinhle ezivela eBhayibhelini abazizwa zishunyayelwa. Ngo-1927 baba abaFundi BeBhayibheli, njengoba babaziwa kanjalo ngaleso sikhathi oFakazi BakaJehova. Lapho kuqala iMpi Yezwe II ngo-1939, kwase kunebandla loFakazi BakaJehova emzaneni wakithi omncane.

Ngo-1936, unyaka engazalwa ngawo, zonke izihlobo zami zase zingoFakazi BakaJehova, ngaphandle kukababa owayesasonta eSontweni Lobu-Orthodox. Phakathi nempi yezwe yesibili, waqala ukuzindla ngenjongo yokuphila futhi ekugcineni wazinikezela kuMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, lokhu wakubonakalisa ngokubhapathizwa emanzini. Umkhulu waba nesandla kakhulu ekukhuleni ngokomoya komkhaya wakithi. Wayelithanda kakhulu iBhayibheli futhi azi amakhulukhulu amavesi ngekhanda. Wayekwazi ukushintsha noma iyiphi ingxoxo ingene eBhayibhelini.

Umkhulu wayevame ukungigona bese ngimlalela exoxa izindaba zeBhayibheli. Wagxilisa kimi ukuthanda uNkulunkulu. Ngimbonga kakhulu ngenxa yalokho! Lapho ngineminyaka engu-8 ubudala, ngahamba nomkhulu ngiyoshumayela ngokokuqala ngqá. Sisebenzisa iBhayibheli, sabonisa omakhelwane ukuthi ungubani uJehova nendlela ababengasondela ngayo kuye.

Ukucindezelwa AmaKhomanisi

Ngo-1947, ngenxa yethonya lenkambiso yobuKhomanisi neSonto Lobu-Orthodox, iziphathimandla zaqala ukushushisa oFakazi BakaJehova eMoldova. Izisebenzi zomnyango kamuva owaziwa ngokuthi i-KGB, kanye namaphoyisa endawo, babefika ekhaya babuze ukuthi obani ababehola emsebenzini wethu wokushumayela, zazivelaphi izincwadi, nokuthi sasihlanganaphi ukuze sikhulekele. Bathi babezowuvala umsebenzi woFakazi BakaJehova, abathi “baphazamisa ukwanda kobuKhomanisi kuleli zwe.”

Kwenzeka lokhu nje, ubaba, owayeyisifundiswa, wayeselithanda ngokujulile naye iqiniso leBhayibheli. Bobabili nomkhulu babekwazi ukuphendula abaphenyi ngendlela yokuthi bangabakhapheli abafowethu nodadewethu abangamaKristu. Bobabili babengamadoda anesibindi nothando ayeyinakekela inhlalakahle yamanye amakholwa. Njengabo, umama wayehlala ezolile futhi engatatazeli.

Ngo-1948, ubaba waboshwa futhi wathathwa. Asitshelwanga lutho ngamacala ayebekwe wona. Wagwetshwa iminyaka engu-7 ejele elikhulu kanye neminye iminyaka emibili ekudingisweni. Ekugcineni, wathunyelwa endaweni yaseMagadan enyakatho-mpumalanga ekude yeRussia, ibanga elingaphezu kwamakhilomitha angu-7 000 ukusuka ekhaya. Kwaphela iminyaka engu-9 singabonani. Kwakunzima ukuphila ngaphandle kukababa, kodwa umkhulu wangisekela ngempela.

Ukudingiswa

Ebusuku bango-June 6, 1949, amasosha amabili nephoyisa bagasela ekhaya. Bathi sinamahora amabili okuphuma endlini singene emotweni yabo. Abachazanga lutho olunye. Bamane basitshela ukuthi sasidingiswa futhi sasingeke siphinde sibuye. Ngakho, nginomama, umkhulu, ugogo, namanye amakholwa, ngathunyelwa eSiberia. Ngangineminyaka engu-13 kuphela ubudala. Ngemva kwamasonto ambalwa, sazithola sisezifundeni zamaxhaphozi, phakathi emahlathini ayisinindolo. Yeka indlela lokhu okwakuhluke ngayo endaweni yangakithi, engangiyithanda kakhulu! Ngezinye izikhathi sasikhala. Kodwa-ke, sasiqiniseka ngokuthi uJehova wayengasoze asishiye.

Umuzana esayiswa kuwo wawunamaqhugwane ayishumi akhiwe ngezingodo. Abanye oFakazi badingiselwa emizaneni ehlukahlukene kuso sonke lesi sifunda samaxhaphozi. Ukuze zisabise abantu bendawo, futhi zibenze basicwase, iziphathimandla zathi oFakazi bangamazimu. Nokho, ngokushesha abantu baqaphela ukuthi lokhu kwakungamanga nokuthi sasingekho isidingo sokuba basesabe.

Izinyanga ezimbili zokuqala ngemva kokufika kwethu, sasihlala endlini encanyana endala. Kodwa kwakudingeka sakhe izindlu ezengeziwe zokuhlala ezifanelekayo ngaphambi kokuba kufike ubusika obushubisa umnkantsha. Umkhulu nogogo basisiza mina nomama ukuba sakhe indlu encanyana, ingxenye yayo eyayingaphezu kwenhlabathi ingxenye ingaphansi. Sahlala lapho iminyaka engaphezu kwemithathu. Sasingavunyelwe ukuhamba kulo muzana ngaphandle kwemvume, kodwa akukho mvume esake sayinikwa.

Ngokuhamba kwesikhathi, ngavunyelwa ukuba ngiye esikoleni. Njengoba imibono yami yenkolo yayihlukile kweyabanye lapho, othisha nabanye abafundi babevame ukungibuza imibuzo. Amehlo kamkhulu wawuwabona elokoza inhlansi yenjabulo lapho ngifika ekhaya ngimtshela indlela engizichaze ngayo izinkolelo zethu.

Inkululeko Ethe Xaxa

Ngemva kokufa kukaStalin owayengumashiqela ngo-1953, ukuphila kwethu kwathi ukuthuthuka. Savunyelwa ukuba siphume emzini sivakashele kwezinye izindawo. Lokhu kwasivulela ithuba lokuhlangana namanye amakholwa nokuya emihlanganweni emizini ababedingiselwe kuyo abanye oFakazi. Ukuze singazidonseli amehlo abantu, sasihlangana ngamaqembu amancane. Uma siya khona, sasihamba ibanga elingamakhilomitha angaba ngu-30, ngezinye izikhathi eqhweni elifika emadolweni, izinga lokubanda lingu-40 degrees ngaphansi kwezinga-qhwa. Ngakusasa, sasithatha uhambo olude lokubuyela ekhaya. Endleleni, sasidla ukhukhamba ofakwe kuviniga nezigaxana zikashukela. Nokho, njengoDavide wasendulo, yeka indlela esasijabula ngayo!—IHubo 122:1.

Ngo-1955, ngabhapathizwa njengesibonakaliso sokuzinikezela kwami kuJehova. Ngaphambi nje kwalokho, emhlanganweni webandla emzaneni esasakhelene nawo, ngahlangana noLidiya, intombazane enesizotha enezinwele ezinsundu. Njengathi, yena nomkhaya wakubo babengoFakazi ababedingisiwe besuka eMoldova. Wayehlabelela ngephimbo elimtoti futhi ezazi ngekhanda cishe zonke izingoma ezingu-337 eculweni esasilisebenzisa ngaleso sikhathi. Lokho kwangihlaba umxhwele ngoba nami ngangiwuthanda umculo nezingoma zethu. Ngo-1956, sanquma ukushada.

Ngabhalela ubaba—sase sizwile ukuthi wayedingiselwe eMagadan—futhi sahlehlisa umshado kwaze kwaba yilapho sithola imvume yakhe. Ngokushesha ngemva kwalokho, ubaba wakhululwa futhi wakwazi ukuzohlala nathi lapho sasidingiselwe khona. Wasitshela indlela ngosizo lukaNkulunkulu, yena namanye amaKristu ababesinde ngayo ezimweni ezimbi emakamu okufukuza. Imibiko enjalo yaqinisa ukholo lwethu.

Ngemva nje kokubuya kukababa, umama wayepheka amafutha esasiwasebenzisa lapho senza upende novanishi, lapho kwenzeka ingozi embi. Imbiza enkulu yamafutha abilayo yaketuka, yamthela. Washonela esibhedlela. Sagajwa usizi. Kamuva, usizi lukababa lwadamba, futhi ngokuhamba kwesikhathi washada noTatyana, uFakazi oweyevela emzaneni esakhelene nawo.

Ukwandisa Inkonzo Yethu

Ngo-1958, mina noLidiya sathutha eKizak, umzana esasihlala kuwo, sathuthela edolobhaneni elikhudlwana laseLebyaie, elingamakhilomitha ayikhulu ukusuka lapho. Sasizwile ukuthi amaKristu kwamanye amazwe ayeshumayela endlini ngendlu. Ngakho sazama ukukwenza lokhu endaweni yethu entsha. Kuyiqiniso ukuthi INqabayokulinda ne-Phaphama! yayivinjelwe, kodwa sasiwathola amakhophi ayeshushumbiswe evela kwezinye izindawo. Manje saziswa ukuthi sase sizobathola ngesiRashiya kuphela omagazini. Ngaphambi kwalokhu, sasibathola nangesiMoldavia. Ngakho sazikhandla sithuthukisa isiRashiya. Ngisho nanamuhla angikhumbuli nje izihloko zalab’ omagazini kuphela kodwa ngisho namaphuzu athile kubo.

Ukuze sizondle, uLidiya wayesebenza esigayweni mina ngisebenza njengomalayisha ezingodweni. Lo msebenzi wawukhandla, futhi umholo uwubala. Nakuba oFakazi babaziswa njengezisebenzi ezikhuthele, sasingazitholi izinzuzo noma izimali zamabhonasi. Iziphathimandla zazisho zingafihli ukuthi: “OFakazi BakaJehova abanayo indawo emphakathini wamaKhomanisi.” Nokho, sasijabula ngokuthi amazwi kaJesu ngabalandeli bakhe ayegcwaliseka kithi: “Abayona ingxenye yezwe, njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe.”—Johane 17:16.

Izinselele Ezintsha

Ngo-1959 kwazalwa indodakazi yethu uValentina. Ngemva nje kwalokho, kwaqala igagasi elisha loshushiso. I-Encyclopædia Britannica ithi: “UNdunankulu uNikita Khrushchev waqala umkhankaso omusha wokuqeda inkolo ngo-1959-64.” Amalungu ezisebenzi zokulondeka koMbuso asitshela ukuthi inhloso kahulumeni waseSoviet kwakuwukuqeda yonke inkolo, ikakhulukazi oFakazi BakaJehova.

Lapho uValentina esezohlanganisa unyaka, ngabizelwa empini. Lapho ngenqaba ukuya, ngagwetshwa iminyaka emihlanu ejele ngenxa yokungathathi hlangothi. Ngesinye isikhathi lapho uLidiya engivakashele, isikhulu se-KGB sathi kuye: “UHulumeni usitshelé ukuthi phakathi neminyaka emibili ezayo kuyobe kungekho ngisho noyedwa uFakazi KaJehova eSoviet Union.” Sabe sesimxwayisa: “Kumelwe uluphike ukholo lwakho, ngalé kwalokho uzophonswa ejele.” Lesi sikhulu sasicabanga ukuthi lezo zinsongo zazizobathulisa abesifazane, esathi ngabo: “Bangamavaka.”

Kungakabiphi, iningi lamadoda angoFakazi lase livalelwe emajele nasemakamu okufukuza. Nokho, abesifazane abangamaKristu abanesibindi baqhubeka nomsebenzi wokushumayela. Futhi ngokuzidela okukhulu, bashushumbisa izincwadi baziyisa kulabo ababesejele nasemakamu okufukuza. ULidiya wabhekana nokuvivinywa okunjalo futhi wayevame nokweshelwa engafuni amadoda ayefuna ukusizakala ngokuthi angikho. Ngaphezu kwalokho, watshelwa ukuthi ngangingasoze ngikhululwe. Kodwa ngakhululwa!

Ukukhululwa Nokuthuthela EKazakhstan

Icala lami laphinde laqulwa ngo-1963, futhi kamuva ngakhululwa—ngemva kokugqunywa ejele iminyaka emithathu. Kodwa sasingawatholi amaphepha okuhlala noma kuphi, ngakho angikwazanga ukuthola umsebenzi. Umthetho woMbuso wawuthi: “Uma ungenandawo ohlala kuyo, awuwutholi umsebenzi.” Ngomthandazo oqotho sanxusa uJehova ukuba asisize. Sabe sesinquma ukuthuthela ePetropavl enyakatho yeKazakhstan. Nokho, iziphathimandla zendawo zase zitsheliwe kakade ngathi futhi zenqaba ukusivumela ukuba sihlale noma sisebenze lapho. OFakazi abangaba ngu-50 ababehlala kuleli dolobha bashushiswa ngendlela efanayo.

Sinomunye umbhangqwana ongamaKristu, sathuthela eningizimu edolobhaneni laseShchuchinsk. Babengekho abanye oFakazi lapho, futhi iziphathimandla zazingazi lutho ngomsebenzi wethu wokushumayela. Kwaphela isonto mina no-Ivan—njengamadoda—sifuna umsebenzi kuyilapho amakhosikazi ethu ehlala esiteshini sesitimela, lapho sasilala khona ebusuku. Ekugcineni sawuthola umsebenzi efektri yezingilazi. Saqasha ikamelo elincane lokuhlalisa imikhaya yethu elalinendawo yokufaka imibhede emibili kuphela, kodwa sasenelisekile.

Mina no-Ivan sasizikhandla emsebenzini wethu, futhi abaqashi bethu babejabula kakhulu. Ngesikhathi ngibizelwa empini futhi, umphathi wefektri wayesezwile ukuthi unembeza wami oqeqeshwe ngeBhayibheli wawungeke ungivumele ngiqeqeshelwe impi. Kwangimangaza lapho ethinta isikhulu sempi esitshela ukuthi mina no-Ivan sasiyizisebenzi ezinekhono nokuthi ifektri yayingeke ikwazi ukuqhubeka isebenza ngaphandle kwethu. Ngakho savunyelwa ukuba sihlale.

Ukukhulisa Izingane Nokukhonza Abanye

Indodakazi yethu yesibili, uLilya, yazalwa ngo-1966. Ngemva konyaka sathuthela eBelyye Vody, eningizimu yeKazakhstan ngasemngceleni we-Uzbekistan, lapho kwakuneqenjana loFakazi khona. Ngokushesha kwamiswa ibandla, futhi ngatuswa njengombonisi owengamele. Ngo-1969 saba nendodana, u-Oleg, futhi ngemva kweminyaka emibili, kwazalwa uthumbu wethu, uNatasha. Mina noLidiya asizange silokothe sikhohlwe ukuthi izingane ziyifa elivela kuJehova. (IHubo 127:3) Sasixoxa ukuthi yini okwakudingeka siyenze ukuze zikhule zithanda uJehova.

Ngisho nangemva kokuqala kwawo-1970, iningi loFakazi besilisa lalisasebenza emakamu. Amabandla amaningi ayedinga ukwengamela okuvuthiwe nesiqondiso. Ngakho ngesikhathi uLidiya efeza indima ethe xaxa ekukhuliseni izingane, ngezinye izikhathi eba yikho kokubili umama nobaba, mina ngangikhonza njengombonisi ojikelezayo. Ngangivakashela amabandla eKazakhstan, kanye nakuma-republic aseSoviet angomakhelwane eTajikistan, Turkmenistan, nase-Uzbekistan. Ngesikhathi esifanayo, ngangisebenza ukuze ngisize ekondleni umkhaya, futhi uLidiya nezingane babambisana nami ngokuzithandela.

Yize ngezinye izikhathi kwakuphela amasonto ngingekho, ngangizama ukubonisa izingane uthando njengobaba futhi ngisize ekuzikhuliseni ngokomoya. Mina noLidiya sasithandaza ndawonye ngobuqotho ukuba uJehova asize izingane zethu, futhi sasixoxa nazo ngokuthi zingakunqoba kanjani ukwesaba abantu futhi zakhe ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu. Ngaphandle kokusekela komkami kokuzidela, ngangingeke ngiyifeze imisebenzi yami njengombonisi ojikelezayo. ULidiya nabanye odadewethu babengewona neze “amavaka” isikhulu sempi esasithe bayiwo. Babeqinile—beyizidlakela ngokomoya!—Filipi 4:13.

Ngo-1988, lapho zonke izingane zethu sezikhulile, ngamiswa njengombonisi ojikelezayo wasikhathi sonke. Isifunda engangisihambela sasihlanganisa iningi lamazwe ase-Asia Ephakathi. Ngemva kokuba umsebenzi woFakazi BakaJehova ubhaliswe ngokomthetho ezweni elaliyiSoviet Union ngo-1991, amanye amadoda anekhono, avuthiwe ngokomoya aqala ukukhonza amazwe ase-Asia ayengama-republic eSoviet Union ngaphambili. Namuhla kunababonisi abajikelezayo abangu-14 abakhonza la mazwe, lapho ngonyaka odlule kwaba khona abantu abangaphezu kuka-50 000 eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu!

Isimemo Esingalindelekile

Ekuqaleni kuka-1998, ngathola ucingo engangingalulindele luvela ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eRussia. Ngabuzwa: “Anatoly, ingabe wena noLidiya nake nacabanga ngokungenela inkonzo yesikhathi esigcwele?” Yebo, sasike sacabanga ukuthi izingane zethu zicabangele ilungelo elinjalo. Empeleni, u-Oleg, indodana yethu, wayeseneminyaka engaba mihlanu ekhonza ehhovisi legatsha laseRussia.

Lapho ngitshela uLidiya ngesimemo esisitholile, wabuza: “Kodwa sizokwenzenjani ngomuzi wethu, ingadi yethu, nempahla yethu?” Ngemva kokuthandaza nokubonisana, sanquma ukuzenza sitholakale. Ekugcineni sacelwa ukuba siyokhonza esikhungweni senkolo soFakazi BakaJehova e-Issyk, eKazakhstan, eduze nedolobha elikhulu lase-Alma-Ata. Lapha, kwenziwa umsebenzi wokuhumushela izincwadi zeBhayibheli ezilimini zendawo ezikhulunywa kulo lonke leli zwe.

Umndeni Wethu Namuhla

Yeka indlela esimbonga ngayo uNkulunkulu ngokusisiza sifundise izingane zethu iqiniso leBhayibheli! Indodakazi yethu endala, uValentina, yashada futhi ngo-1993, yathutha nomyeni wayo baya e-Ingelheim, eJalimane. Banezingane ezintathu, zonke ezingoFakazi BakaJehova ababhapathiziwe.

ULilya, indodakazi yethu yesibili, naye unomkhaya. Benomyeni wakhe, ongumdala ebandleni laseBelyye Vody, bakhulisa izingane zabo ezimbili ukuba zithande uNkulunkulu. U-Oleg washada noNatasha, udade ongumKristu waseMoscow, futhi bakhonza ndawonye ehhovisi legatsha laseRussia eduze kwaseSt. Petersburg. Ngo-1995, indodakazi yethu encane, uNatasha, yashada, futhi yona nomyeni wayo bakhonza ebandleni lesiRashiya eJalimane.

Siye sibe nemibuthano emikhulu njengomndeni ngezikhathi ezithile. Izingane zethu zitshela abazukulu indlela “umama” “nobaba” abamlalela ngayo uJehova futhi bakhulisa izingane zabo ukuba zithande uNkulunkulu weqiniso, uJehova, futhi zimkhonze. Ngiyaqaphela ukuthi lezi zingxoxo ziyabasiza abazukulu bethu ukuba bakhule ngokomoya. Umzukulu wethu omncane kubo bonke ungikhumbuza mina ngesikhathi ngingangaye. Ngezinye izikhathi ngiye ngimgone, angicele ukuba ngimtshele indaba ethile yeBhayibheli. Ngihlengezela izinyembezi uma ngifikelwa izinkumbulo ezinhle ngendlela umkhulu ayengigona ngayo nendlela angisiza ngayo ukuba ngithande futhi ngikhonze uMdali wethu Omkhulu.

[Umbhalo waphansi]

a Kulesi sihloko sizosebenzisa igama lanamuhla laleli zwe, elithi Moldova, esikhundleni samagama angaphambili athi Moldavia noma Soviet Republic of Moldavia.

[Isithombe ekhasini 21]

Nginabazali bami ngaphandle ekhaya eMoldova ngaphambi nje kokuboshwa kukababa

[Isithombe ekhasini 22]

NginoLidiya ngo-1959, sisesekudingisweni

[Isithombe ekhasini 23]

ULidiya nendodakazi yethu uValentina lapho ngisejele

[Isithombe ekhasini 25]

NginoLidiya namuhla

[Isithombe ekhasini 25]

Sinezingane zethu nabazukulu, sonke sikhonza uJehova!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela