Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 4/8 k. 28-k. 30 isig. 4
  • Kungani Kufanele Ngenze Umsebenzi Wezandla?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kufanele Ngenze Umsebenzi Wezandla?
  • I-Phaphama!—2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuziqeqesha Okuyoba Usizo Ekuphileni
  • Ukwakha Izici Ezinhle Zobuntu
  • Inkonzo Engcwele
  • Indlela Yokufunda
  • Ongakwenza Ukuze Uthande Umsebenzi Onzima
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Ngingakulungiselela Kanjani Ukuyosebenza?
    I-Phaphama!—1991
  • Bona Okuhle Ngomsebenzi Wakho Onzima
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Isipho SikaNkulunkulu Somsebenzi Ezincekwini Zakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2005
g05 4/8 k. 28-k. 30 isig. 4

Intsha Iyabuza . . .

Kungani Kufanele Ngenze Umsebenzi Wezandla?

“Angikaze ngempela ngizicabange ngisebenza kanzima. Ngangikuthola kumnandi kakhulu ukudlala nge-computer yami.”—UNathan.

“Ezinye izingane zazibabukela phansi abantu abanjengathi abenza umsebenzi onzima, zicabanga ukuthi asihlakaniphile ngokwanele ukuba singakwazi ukwenza ezinye izinto.”—USarah.

UMSEBENZI WEZANDLA—abaningi bawubheka njengoyisicefe, ongcolisayo futhi ongathandeki. Ekhuluma ngemisebenzi enzima, uprofesa othile wezomnotho uthi: “Leyo misebenzi ibukelwa phansi kuleli zwe elikhathalela kakhulu izikhundla.” Kungakho-ke nje intsha eningi iyishayela amakhala le ndaba yokusebenza kanzima.

Nokho, iBhayibheli likhuthaza umbono ohlukile ngomsebenzi onzima. INkosi uSolomoni yathi: “Akukho lutho olungcono kumuntu kunokuba adle futhi aphuze, abangele umphefumulo wakhe ubone okuhle ngenxa yomsebenzi wakhe onzima.” (UmShumayeli 2:24) Ezikhathini zeBhayibheli, ama-Israyeli ayewumphakathi olimayo. Ukulima, ukuvuna kanye nokubhula konke kwakudinga ukuba umuntu asebenze kanzima azikhandle. Noma kunjalo, uSolomoni wathi ukusebenza kanzima kungaletha imivuzo eminingi.

Emakhulwini eminyaka kamuva, umphostoli uPawulu wathi: “Owebayo makangabe eseba, kodwa kunalokho makasebenze kanzima, enze umsebenzi omuhle ngezandla zakhe.” (Efesu 4:28) UPawulu ngokwakhe wayesebenza kanzima. Nakuba ayefunde kakhulu, ngezinye izikhathi wayethola imali yokuziphilisa ngokwenza amatende.—IzEnzo 18:1-3.

Uzizwa kanjani wena ngokusebenza ngezandla? Kungakhathaliseki ukuthi uyazi noma cha, ukusebenza ngezandla kungakuzuzisa ngezindlela eziningi.

Ukuziqeqesha Okuyoba Usizo Ekuphileni

Ukusebenza ngokuzikhandla—kungakhathaliseki ukuthi uqoqothela okuthile ngesando noma ugunda utshani—kungayithuthukisa impilo yakho. Izinzuzo zingeqela ngalé kokukugcina ungumqemane, uphilé saka. Uyakwazi yini ukulungisa isondo eliphantshile noma ukushintsha uwoyela emotweni? Uyakwazi yini ukulungisa ifasitela eliphukile noma ukuvula isitamukoko? Uyakwazi ukupheka? Ungayihlanzisisa yini indlu yangasese isale ingahlalwa mpukane? Lena imisebenzi izinsizwa nezintombi okufanele ziyazi, imisebenzi eyokusiza ngolunye usuku ukuba ukwazi ukuziphilela wedwa ngokuphumelelayo.

Kuyathakazelisa ukuthi noJesu Kristu imbala kubonakala aba yingcweti emisebenzini ethile yezandla lapho eselapha emhlabeni. Wafunda umsebenzi wokubaza—futhi akungabazeki ukuthi wawufunda kusingayise, uJosefa—njengoba ayebizwa ngokuthi ungumbazi. (Mathewu 13:55; Marku 6:3) Nawe ungafunda imisebenzi ehlukahlukene ewusizo ngokusebenza ngezandla.

Ukwakha Izici Ezinhle Zobuntu

Umsebenzi onzima ungathinta nendlela ozizwa ngayo ngawe ngokwakho. Elobela i-U.S. National Mental Health and Education Center, uDkt. Fred Provenzano uthi ukufunda imisebenzi yezandla kungakwenza “uzethembe” kakhudlwana futhi “ungenciki kwabanye abantu” kanti “kungakusiza futhi ukuba ukwazi ukuzithiba nokuba uhleleke, okuyizici eziyisisekelo zokuphumelela emsebenzini.” Insizwa egama layo linguJohn ithi: “Ukusebenza kanzima kukusiza ukuba ufunde ukubekezela. Ufunda indlela yokuxazulula izinkinga.”

USarah, ocashunwe ekuqaleni, uthi: “Ukusebenza kwangenza ngafunda ukuzikhandla futhi ngakhuthala. Ngafunda indlela yokuzithiba engqondweni nasemzimbeni.” Ingabe kumelwe uwubheke njengoyisicefe umsebenzi onzima? UNathan uthi: “Ngafunda ukuwujabulela umsebenzi. Njengoba ngangiya ngithuthuka emisebenzini yami, ngabona nezinga lomsebenzi wami nalo liya lithuthuka. Lokhu kwangenza ngazethemba kakhudlwana.”

Ukusebenza kungakufundisa nokuba uwujabulele umsebenzi owufezile. Insizwa okuthiwa nguJames ikubeka ngale ndlela: “Ngiyawujabulela umsebenzi wokubaza. Nakuba ngikhathala ngezinye izikhathi, njalo nje ngiye ngicabange ngalokho engikubazile bese ngizwa kuthi cosololo enhliziyweni ngomsebenzi engiwufezile. Kuyanelisa ngempela.” UBrian unanela lawo mazwi. “Ngiyakujabulela ukusebenza ngezimoto. Ukwazi ukuthi nginekhono lokulungisa okuthile okuphukile ngikwenze kube sengathi kusha shá kungenza ngizethembe futhi nganeliseke.”

Inkonzo Engcwele

Ukukwazi ukusebenza kanzima kungasiza intsha engamaKristu enkonzweni yayo kuNkulunkulu. Lapho iNkosi uSolomoni yabelwa ukuba yakhele uJehova ithempeli elihle, yaqaphela ukuthi lo msebenzi wawuyodinga ukuzikhandla nobungcweti obukhulu. IBhayibheli lithi: “INkosi uSolomoni yathumela yalanda uHiramu eThire. Wayeyindodana yowesifazane ongumfelokazi wesizwe sakwaNafetali, uyise wayengumuntu waseThire, osebenza ngethusi; wayegcwele ukuhlakanipha nokuqonda nolwazi lokwenza zonke izinhlobo zomsebenzi ngethusi. Ngakho weza eNkosini uSolomoni wayeseqala ukwenza wonke umsebenzi wayo.”—1 AmaKhosi 7:13, 14.

Yeka ukuthi lokhu kwamnikeza ithuba elihle kangakanani uHiramu, lokuba asebenzise amakhono akhe ekusekeleni ukukhulekelwa kukaJehova! Ulwazi lukaHiramu emsebenzini wakhe luqokomisa ubuqiniso bamazwi eBhayibheli asencwadini yezAga 22:29: “Uke wambona umuntu onekhono emsebenzini wakhe? Phambi kwamakhosi yilapho eyokuma khona, ngeke ame phambi kwabantukazana.”

Namuhla, ngisho nentsha enolwazana oluncane nje lokwakha noma engenalo nhlobo iye yathola ithuba lokuhlanganyela ekwakheni amaHholo OMbuso. Ngenxa yokuhileleka kule misebenzi yokwakha, enye iye yafunda imisebenzi yezandla ewusizo, njengomsebenzi wokuxhuma ugesi, wokuxhuma amapayipi, wokwakha kanye nowokubaza. Mhlawumbe ungaxoxa nabadala bebandla lakini ngamathuba okuba nawe ukwazi ukuhlanganyela ekwakheni amaHholo OMbuso.

UJames, oye wahlanganyela ekwakheni amaHholo OMbuso amaningana, uthi: “Abaningi ebandleni bangase bangasitholi isikhathi noma bangakwazi ukusiza. Ngakho lapho ufaka isandla, usuke usiza ibandla lonke.” UNathan, owafunda ukusebenza ngokhonkolo, wathola ukuthi lo msebenzi wamvulela omunye umnyango wenkonzo kuNkulunkulu. Uthi: “Ngakwazi ukuya eZimbabwe futhi ngakwazi ukusebenzisa amakhono ami ngisiza ekwakhiweni kwehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova. Ngasebenza lapho izinyanga ezintathu, futhi kuye kwaba esinye sezikhathi ezimnandi kakhulu ekuphileni kwami.” Ngenxa yokuthi enye intsha inesifiso sokusebenza kanzima, iye yashukumiseleka ukuba ifake isicelo sokuba yizisebenzi zokuzithandela ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eliseduze.

Ukufunda amakhono athile emisebenzini yezandla kungakwenza futhi ukuba ube nesilinganiso esithile ‘sokwaneliswa.’ (1 Thimothewu 6:6) Intsha eningi ephakathi koFakazi BakaJehova ingamaphayona, noma abashumayeli bevangeli besikhathi esigcwele. Ukufunda umsebenzi othile kuye kwasiza enye intsha ukuba ikwazi ukuthola imali yokuzinakekela ngaphandle kokuchitha isikhathi esiningi nemali eningi ifunda.

Indlela Yokufunda

Ngokusobala, kungakhathaliseki ukuthi ufuna ukwenza umsebenzi othile ukuze uziphilise noma umane nje ufuna ukuba usizo ekhaya, kuyazuzisa ukufunda umsebenzi wezandla. Kungenzeka ukuthi isikole sangakini siyayifundisa eminye yale misebenzi. Cishe ungakwazi futhi ukufunda khona kanye ekhaya. Kanjani? Ngokufunda ukwenza imisebenzi yasekhaya. UDkt. Provenzano, ocashunwe ekuqaleni, uyabhala: “Imisebenzi ibaluleke kakhulu entsheni ngoba iyifundisa ‘imisebenzi yokuphila’ eyisisekelo, eyoyisiza ukuba ikwazi ukuziphilela yodwa ngokuphumelelayo ngaphandle kwabazali lapho sekufike leso sikhathi.” Ngakho hlala ukulungele ukwenza izinto ezidingekayo endlini. Ingabe kufanele kugundwe utshani noma kulungiswe ishalofu elithile?

Umsebenzi wezandla akuwona neze umsebenzi olulazayo noma ophansi, kodwa kunalokho ungakuzuzisa ngezindlela eziningi. Ungawubalekeli umsebenzi wezandla! Kunalokho, lwela ukuba ‘ubone okuhle’ emsebenzini wakho onzima, ngoba njengoba umShumayeli 3:13 esho, “kuyisipho sikaNkulunkulu.”

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 29]

Ukufunda umsebenzi othile kuye kwasiza intsha eningi ukuba yandise inkonzo yayo kuNkulunkulu

[Izithombe ekhasini 30]

Ngokuvamile abazali bakho bangakufundisa imisebenzi eyisisekelo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela