“Ingabe Iziboshwa Zingaguqulwa?”
Lowo mbuzo wawusesembozweni se-“Phaphama!” ka-May 8, 2001. Abafundi abaningi babonga kakhulu ngalezi zihloko eziwuchungechunge, ezazihlanganisa nombiko ngohlelo lokufundisa olusekelwe eBhayibhelini oluqhutshwa oFakazi BakaJehova ejele likahulumeni lase-Atlanta, eGeorgia, e-U.S.A. Nazi izingxenyana ezicashunwe ezincwadini eziningi esazamukela.
◼ “Njengoba sekuyiminyaka engu-8 ngiyisiboshwa, ngiyabona ukuthi okuyiyona nto ephumelela ngempela umsebenzi wokufundisa ngeBhayibheli owenziwa oFakazi BakaJehova emajele. Ngesikhathi ngisejele lase-Atlanta, ngaba nethuba lokusebenza nabahlanu babantu enakhuluma ngabo esihlokweni senu. Ngalujabulela kakhulu uthando lwabo nokungisekela kwabo. Ngiyababonga abazalwane abanjalo, abasibonisa uthando thina esiye senza iphutha kodwa esesizama ukulungisa ukuze sibe abantu abangcono.”—R. J.
◼ “Njengamanje ngivalelwe esikhungweni sokuqondisa izigwegwe, futhi abazalwane eHholo LoMbuso eliseduze bákwazi ukuqala uhlelo oluhle lokufundisa kule ndawo. Ngenxa yalokho, esinye seziboshwa esikanye naso sibhapathiziwe, kanti mina, nakuba ngake ngasuswa ebandleni lobuKristu, sengibuyiselwe ekuhlanganyeleni. Kukhona nabanye abaningi abatadisha iBhayibheli. Kuyakhuthaza ukwazi ukuthi siyingxenye yomsebenzi wokufundisa owenziwa emhlabeni jikelele. Yeka indlela okujabulisa ngayo ukukhonza uJehova, kungakhathaliseki ukuthi sikuphi!”—J. M.
◼ “Ngo-1970, ngaboshelwa icala engingalazi. Ngadonsa isigwebo seminyaka engu-14. Lapho ngisejele, ngaqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ukuthembeka nokukhathalela kwabo kwangihlaba umxhwele kakhulu. Ngemva kokukhululwa ejele, ngaqhubeka ngitadisha futhi ngabhapathizwa ngemva nje kwalokho. Ngezinye izikhathi, isangikhungathekisa futhi ingithukuthelise impatho engenabulungisa engabhekana nayo. Kodwa ngiye ngizikhumbuze ukuthi maduzane, uJehova uzokuqeda konke ukungabi nabulungisa nokuhlupheka. Iziboshwa zingaguquka uma zilalela iziqondiso eziseBhayibhelini. Zingabonisa nokubonga kwazo ngemizamo yabafowethu abazikhandlayo abanikela ngesikhathi sabo ukuze bazisize. Mina ngiyayazisa ngempela!”—R. S.
◼ “Ngafika ejele ngibhema, ngidla izidakamizwa, nginenhlamba, ngingalihloniphi negunya. Futhi ngangiseqenjini lezigilamkhuba. Ngaphezu kwakho konke lokho, ngangisusiwe ekuhlanganyeleni nebandla lobuKristu. Manje sengibuyiselwe, futhi ngithuthuka kahle kakhulu. Ngenxa yeqiniso, nginomuzwa wokuthi sengikhululekile kakade!”—I. G.