Umbono WeBhayibheli
Ingabe UNkulunkulu Uyakuvumela Ukushada Kwabantu Bobulili Obufanayo?
NJENGOBA inkonzo esontweni iqhubeka, amadoda amabili abambene ngezandla ami phambi kombhishobhi owaziwayo weSonto LikaMoya. Enza “isivumelwano . . . phambi kukaNkulunkulu nebandla.” Umbhishobhi, egqoke umjiva ofekethisiwe onombala osagolide nokumhlophe, ubusisa umshado wawo phambi kwezithameli. Ngemva kwalokho lo mbhangqwana uyangana uqabulane bese ibandla lisukuma liwushayele ihlombe. Ngokusho kwalo mbhishobhi, ubuhlobo obunjalo bobungqingili “bungcwele futhi kufanele bubusiswe, . . . kuyafaneleka ukubuchaza ngendlela obuyiyo ngempela: bubusisekile.”
Nokho, abanye abaholi benkolo bamelene ngokuqinile nokushada kwabantu bobulili obufanayo. “Siphazamiseké kakhulu ngalesi sinqumo [sombhishobhi],” kusho uCynthia Brust, umkhulumeli woMkhandlu WaseMelika WeSonto LaseSheshi, okuyiqembu lamalungu eSonto LikaMoya asadla ngoludala. “Ukubusisa ubuhlobo bongqingili kungqubuzana nemfundiso yeBhayibheli ngomshado nobulili,” futhi enezela wathi “ubuhlobo bobulili kufanele bugcine phakathi kwendoda nomfazi ababoshwe ifindo lomshado ongcwele.”
Impikiswano eshubile ngale ndaba ayigcini nje enkolweni kuphela. Emhlabeni wonke, kunezimpikiswano ezishubile kwezombangazwe, ngoba kungase kube khona umonakalo omkhulu kwezenhlalo, kwezombangazwe nakwezomnotho obangelwa izimpesheni, imishuwalense ehlanganyelwe yezempilo kanye nezintela.
Izinkinga ezithinta amalungelo ezakhamuzi nokuqashelwa ngokomthetho ngokuvamile ziyinkimbinkimbi kakhulu futhi zihlukanisa umphakathi. AmaKristu eqiniso ayaqikelela ukuba alondoloze ukungathathi hlangothi ngokugwema izimpikiswano zezombangazwe. (Johane 17:16)a Yize kunjalo, abanye abalihloniphayo iBhayibheli bazithola bedidekile endabeni yokushada kwabantu bobulili obufanayo nobungqingili. Wena ukubheka kanjani ukushada kwabantu bobulili obufanayo? Iyini indinganiso kaNkulunkulu ngomshado? Isimo sakho sengqondo sibuthinta kanjani ubuhlobo bakho noNkulunkulu?
UMdali Wethu Ubeka Indinganiso
UMdali wethu washaya imithetho ebusa umshado esikhathini eside ngaphambi kokuba ohulumeni baqale ukuqondisa leli lungiselelo. Incwadi yokuqala yeBhayibheli iyasitshela: “Indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo babe nyamanye.” (Genesise 2:24) Ngokwe-Vine’s Expository Dictionary of Biblical Words, igama lesiHebheru elithi “umfazi,” “libhekisela kumuntu wesifazane.” UJesu waqinisekisa ukuthi labo ababoshelwa ndawonye emshadweni kufanele kube “owesilisa nowesifazane.”—Mathewu 19:4.
Ngakho, uNkulunkulu wayehlose ukuba umshado ube isibopho esihlala njalo nesobunye phakathi kowesilisa nowesifazane. Abesilisa nabesifazane baklanywe ngendlela yokuba baphelelisane ukuze bakwazi ukwanelisana ngezidingo nangezifiso ezingokomzwelo, ezingokomoya nezobulili.
Ukulandisa kweBhayibheli okwaziwayo mayelana neSodoma neGomora kwembula indlela uNkulunkulu azizwa ngayo ngobungqingili. UNkulunkulu wathi: “Isikhalo ngeSodoma neGomora, yebo, sikhulu, nesono sabo, yebo, sinzima kakhulu.” (Genesise 18:20) Ukuthi isimilo sabo sase siwohloke kangakanani ngaleso sikhathi kwacaca lapho indoda elungile uLoti ivakashelwa yizivakashi ezimbili. “Amadoda aseSodoma . . . ahaqa indlu, kusukela kumfana kuya exhegwini, bonke abantu beyisixuku esisodwa. Aqhubeka ememeza uLoti ethi kuye: ‘Aphi amadoda angenise kwakho kusihlwa? Sikhiphele wona ukuze silale nawo.’” (Genesise 19:4, 5) IBhayibheli lithi: “Amadoda aseSodoma ayemabi futhi eyizoni ezinkulu kuJehova.”—Genesise 13:13.
La madoda ‘asha kakhulu ekukhanukelaneni kwawo, abesilisa nabesilisa.’ (Roma 1:27) ‘Ayelandele inyama ngenjongo yokuyisebenzisa ngendlela engeyona eyemvelo.’ (Jude 7) Emazweni lapho imikhankaso yamalungelo ongqingili yande khona, abanye bangase bamelane nokuchazwa kokuziphatha kobungqingili ngokuthi “akukona okwemvelo.” Nokho, ingabe uNkulunkulu akayena umahluleli ongujuqu wokuthi iyini imvelo? Wayala abantu bakhe basendulo: “Ungalali nowesilisa njengalapho ulala nowesifazane. Kuyinto enengekayo.”—Levitikusi 18:22.
Isibopho Sakho Sokulandisa KuNkulunkulu
IBhayibheli licacile: UNkulunkulu akabuvumeli futhi akabuthetheleli ubungqingili. Akabamukeli nabantu ‘abavumelana nalabo abakwenzayo.’ (Roma 1:32) Futhi “umshado” ngeke ubenze buhlonipheke ubungqingili. Umyalo kaNkulunkulu othi “umshado mawuhlonishwe yibo bonke” awuyihlanganisi imishado yongqingili, leyo ayibheka njengento enengekayo.—Hebheru 13:4.
Nokho, ngosizo lukaNkulunkulu, wonke umuntu angafunda ‘ukudeda ebufebeni,’ obuhlanganisa izenzo zobungqingili, futhi ‘alawule isitsha sakhe siqu ngokungcweliswa nangodumo.’ (1 Thesalonika 4:3, 4) Kuyiqiniso ukuthi lokhu akulula ngaso sonke isikhathi. UNathanb, ngaphambili owayengungqingili, wathi: “Ngangicabanga ukuthi ngeke ngikwazi ukuyiyeka le ndlela.” Kodwa washintsha ngosizo ‘lomoya kaNkulunkulu wethu.’ (1 Korinte 6:11) Njengoba uNathan aqaphela, ayikho inkinga engahlula uJehova, onganikeza umuntu amandla nosizo aludingayo ukuze afinyelele izindinganiso zaKhe athole nezibusiso zaKhe.—IHubo 46:1.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngisho nalapho imithetho yezwe ingqubuzana nonembeza oqeqeshwe ngeBhayibheli, oFakazi BakaJehova abahileleki ekubhikisheni nakunoma imiphi imikhankaso yezombangazwe yokushintsha imithetho enjalo.
b Akulona igama lakhe langempela.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 16]
Photo by Chris Hondros/Getty Images