Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 8/8 k. 3
  • Ukuphila Ngokwesaba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuphila Ngokwesaba
  • I-Phaphama!—2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Mhlawumbe Kulokhu Uzoshintsha”
    I-Phaphama!—2001
  • Kungani Abaningi Kangaka Bephila Ngokwesaba?
    I-Phaphama!—2005
  • Ukwesaba UNkulunkulu—Ingabe Kungakuzuzisa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Kungani Kufanele Sesabe UNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2005
g05 8/8 k. 3

Ukuphila Ngokwesaba

UROXANAa uyesaba ukutshela umyeni wakhe ukuthi ufuna ukuthola itoho. Ngolunye usuku lapho ecela imali yebhasi efuna ukuyovakashela unina, umyeni wakhe wamshaya kabi kangangokuthi wavuka esibhedlela. Uphila ngokwesaba njalo.

URolando wayevame ukuvumela umkakhe asebenzise izinto zokuhamba zomphakathi lapho ebuyela ekhaya ebusuku, kodwa manje usemlanda ngemoto. Kuye kwaba nemibiko eminingi yobudlova endaweni yakubo kangangokuba uRolando ukhathazekile ngokuphepha komkakhe.

UHaidé usebenza enkabeni yenhloko-dolobha. Ngesinye isikhathi lapho ezama ukuya ekhaya, wazithola engungwe yisixuku esibhikishayo esaqala ukuba nobudlova. Manje njalo lapho ezwa kudlula abantu abamashayo, ufikelwa ukwesaba. Uthi: “Ngizizwa ngingaphephile. Angisakufuni ngempela ukusebenza kule ndawo. Kodwa akukho engingakwenza.”

URoxana, uRolando noHaidé baphila ngokwesaba—futhi lokhu akwenzeki nje ezimweni ezithuka zenzeka. Kuyinsakavukela. Lapho abantu bephila ngokwesaba, bangase bazizwe bekhandlekile. Ukwesaba kungabaphuca injabulo ngokubavimbela ekwenzeni izinto abafuna ukuzenza. Ukwesaba kungabusa izingqondo zabantu futhi kungabathiya bahluleke ukunaka ezinye izinto.

Ukuphila ngokwesaba kuyakhandla kakhulu. Kuvame ukubangela ukucindezeleka futhi kungalimaza impilo yomuntu. Umagazini othile wezempilo uyachaza: “Ukucindezeleka kungenza isimiso somzimba sokuzivikela singasebenzi kahle futhi kunesandla ezifweni eziningi. Umzimba uba nezimpawu zokukhandleka, ikakhulukazi ezithweni ezithinteka ngokuqondile. Umuntu angaqala ukuba nomfutho wegazi ophakeme, isifo senhliziyo, sezinso, izinkinga zokusonga kwesisu, izilonda ngaphakathi, ikhanda, ukuqwasha, ukucindezeleka nokukhathazeka. Ukuqhubeka kwalesi simo isikhathi eside kubangela ukutubeka komzimba.”

Kuleli zwe lanamuhla kuyinto evamile ukuba abantu baphile ngokwesaba. Ingabe liyoke libe khona izwe lapho abantu beyojabulela khona ukuphila ngaphandle kokwesaba?

[Umbhalo waphansi]

a Amanye amagama ashintshiwe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela