Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 9/8 k. 26-k. 27 isig. 3
  • Intsha Enikeza Ubufakazi Obunamandla

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Intsha Enikeza Ubufakazi Obunamandla
  • I-Phaphama!—2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehova Uthembisa UDaniyeli Umvuzo Omuhle Kakhulu
    Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
  • Incwadi KaDaniyeli Kanye Nawe
    Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
  • Funda Esibonelweni SikaDaniyeli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Waqiniswa Isithunywa Esasivela KuNkulunkulu
    Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2005
g05 9/8 k. 26-k. 27 isig. 3

Intsha Enikeza Ubufakazi Obunamandla

Intsha eningi yoFakazi BakaJehova ikhuluma ngesibindi ngokholo lwayo esikoleni nasenkonzweni yobuKristu, futhi iye yaphumelela kakhulu ekwenzeni lokhu. Cabanga ngezibonelo ezilandelayo.a

“Lapho ngisesebangeni lokuqala, uthisha wanika ngamunye wethu incwadi yokubhala izenzakalo zansuku zonke, okwakufanele sibhale kuyo esikwenza nsuku zonke,” kusho uKristina. Uthisha wayeyifunda le ncwadi abese esibhalela okuthile kuyo. Kule ncwadi ngakhetha ukubhala ngenkulumo yami engangizoyinikeza eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Uthisha wahlabeka umxhwele, ngakho-ke ngammema ukuba eze eHholo LoMbuso azolalela inkulumo yami. Akuzanga yena nje kuphela, kodwa kweza nowayenguthisha wami ebangeni labaqalayo. Lapho sesisesikoleni, uthisha watshela bonke abafundi ekilasini ukuthi wayeyijabulele kangakanani inkulumo yami. Ngajabula kakhulu. Kodwa akupheleli lapho. Ngemva konyaka, ngakwazi ukulandisa lokhu okuhlangenwe nakho emhlanganweni wesifunda woFakazi BakaJehova, futhi uthisha wami weza nakulowo mhlangano. Ngemva kwalokho, mina nomngane wami oyiphayona samvakashela futhi samphathela incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Useke waba khona ngisho nakomunye wemihlangano yethu yesigodi!”

Lapho eseneminyaka eyisithupha ubudala, uSydnee wayesekujwayele ukukhuluma ngesibindi nalabo afunda nabo ekilasini ngamaqiniso eZwi likaNkulunkulu, nangesimo sabafileyo kanye nesikhundla sikaJesu uma eqhathaniswa noNkulunkulu. “Ubelokhu eyisikhonzi esincane esishisekayo futhi esinesibindi,” kusho unina. Ekupheleni konyaka wakhe wokuqala esikoleni uSydnee waphatheka kabi. Wathi: “Ngiyakhathazeka ngalabo engifunda nabo ekilasini. Bazofunda kanjani ngoJehova?” Kodwa uSydnee wayenecebo. Ngosuku lokugcina esikoleni, wanikeza umfundi ngamunye isipho esigoqiwe. Kwakuyincwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. USydnee wahambisa ingqikithi yamakhophi angu-26, watshela abafundi ukuthi isipho sabo bangasivula emakhaya kanye nabazali babo. USydnee ubheka labo afunda nabo ekilasini njengensimu yakhe yokufakaza. Waze wabathinta ngisho nangocingo ukuze athole ukuthi bayijabulele yini incwadi. Enye intombazane yathi iyifunda njalo nonina ebusuku.

Lapho u-Ellen eneminyaka engu-15, wanikeza uthisha wakhe wezomlando omagazini abahlukahlukene be-Phaphama! “Wabathanda,” kusho uEllen, “futhi sekuphele iminyaka emibili efunda i-Phaphama!” U-Ellen uyaqhubeka: “Muva nje ngimnike incwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, futhi ungitshele ukuthi amadodakazi akhe amabili ayayijabulela kakhulu. Ngabe sengimnika ethi Funda KuMfundisi Omkhulu. Kamuva, wanginika ikhadi. Lalibhalwe ukuthi: ‘Siyakubonga kakhulu ngezincwadi osiphe zona. Mina namantombazane ami sizithanda kakhulu. Kuyajabulisa kakhulu ukubona umuntu osemusha onomqondo ophusile futhi ogxile entweni eyodwa njengawe. Utholé isipho esingcono kunazo zonke umuntu angase azithole, ukholo lwakho. Ungifundise okukhulu kunalokho engingase ngikufundise kona!’ Okuhlangenwe nakho okunje kwangibonisa ukuthi abantu balazisa kangakanani iqiniso leBhayibheli lapho senza umzamo wokubanika lona.”

UDaniel wayeneminyaka eyisithupha lapho ethola isifundo sakhe sokuqala seBhayibheli. Uthi: “Ngase ngike ngahamba nomama ezifundweni zakhe zeBhayibheli, kodwa ngangifuna ukuqhuba esami isifundo.” UDaniel wakhetha uNkk. Ratcliff—owesifazane osekhulile ayekade emshiyele izincwadi zeBhayibheli. Wathi kuye: “Ngifuna ukukubonisa incwadi yami engiyithanda kakhulu, ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli.” Waqhubeka wathi: “Ngingajabula ukwazi ukuthi ngingeza yini masonto onke ngizokufundela yona.” UNkk. Ratcliff wavuma ukuba uDaniel abuye. “Saqala ukufunda kamuva ngalo lolo suku noNkk. Ratcliff,” kusho uLaura, umama kaDaniel. “UDaniel noNkk. Ratcliff babeshintshana ngokufunda izigaba, ngemva kwalokho uDaniel wayemcela ukuba afunde imibhalo ethile ekhonjiwe ekupheleni kwendaba ngayinye. Ngangimphelezela uDaniel, kodwa uNkk. Ratcliff wabonakala ezimisele ukuba baxoxe ngalezi zindaba bobabili noDaniel kuphela!” Ngokuhamba kwesikhathi, uDaniel noNkk. Ratcliff baqala ukufunda incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Ngaleso sikhathi udadewabo omncane kaDaniel uNatalie wayesekwazi ukufunda, ngakho naye wayehlanganyela kulesi sifundo. UNkk. Ratcliff wayenemibuzo eminingi—eminye yayo inzima kakhulu. Kodwa uDaniel noNatalie basebenzisa Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo ezingemuva eBhayibhelini kanye nekhonkodensi ukuze kubasize banikeze izimpendulo ezingokomBhalo. UNkk. Ratcliff, owayengumKatolika wokuzalwa, wakujabulela lokhu ayekufunda. Ekupheleni kwesinye sezifundo wathi: “Ngifisa sengathi ngabe ngaqala ukufunda iBhayibheli eminyakeni eminingi edlule!” Ngokudabukisayo, uNkk. Ratcliff usanda kushona eseneminyaka engu-91 ubudala. Kodwa ukufunda iBhayibheli kwamsiza wajwayelana namaqiniso ayigugu, kuhlanganise nethemba leBhayibheli lovuko emhlabeni oyipharadesi. UDaniel useneminyaka eyishumi futhi manje uqhuba izifundo zeBhayibheli ezimbili. UNatalie, uneminyaka engu-8 manje, ufunda nentombazanyana elingana naye.

Intsha enjengoKristina, uSydnee, u-Ellen, uDaniel noNatalie iletha injabulo kubazali bayo abangamaKristu. Okubaluleke nakakhulu, yenza inhliziyo kaJehova ijabule, futhi ngeke ayikhohlwe indlela intsha enjengalena eye yabonisa ngayo ukuthi iyalithanda igama lakhe.—IzAga 27:11; Hebheru 6:10.

[Umbhalo waphansi]

a Zonke izincwadi okukhulunywa ngazo kulesi sihloko zinyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Isithombe ekhasini 26]

UKristina (ngenhla) noSydnee

[Isithombe ekhasini 27]

UDaniel noNatalie

[Isithombe ekhasini 27]

U-Ellen

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela