Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 10/8 k. 18
  • IChibi Elibomvana?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IChibi Elibomvana?
  • I-Phaphama!—2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ILake Victoria—Ulwandle Lwase-Afrika Olukhulu Oluphakathi Nezwe
    I-Phaphama!—1998
  • IBaikal—Ichibi Elikhulu Kunawo Wonke Emhlabeni
    I-Phaphama!—2007
  • Iziqhingi Ezintantayo ZaseLake Titicaca
    I-Phaphama!—1994
  • “Nina Ningusawoti Womhlaba”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2005
g05 10/8 k. 18

IChibi Elibomvana?

Ngumlobeli we-Phaphama! eSenegal

KUNGENZEKA yini ngempela ukuba ichibi libe bomvana? ILake Retba ibizwa ngokuthi iChibi Elibomvana, futhi sanquma ukuthatha uhambo ukuze sibone ukuthi ibomvana ngempela yini ngenxa yokuthi iqhele ngamakhilomitha angu-30 ukusuka ekhaya eDakar, eSenegal, eseNtshonalanga Africa. Lapho sifika, sibona amanzi acwebile njengoba ilanga libalele. Ngempela, leli chibi linombala omuhle obomvana. Umqondisi wezivakashi uyachaza ukuthi imisebe yelanga ihlangana nezilwanyana ezincane ezingabonakali emanzini bese lokhu kwenza umbala obomvana ongavamile. Kodwa kunokuningi okuthakazelisayo lapha ngaphandle nje kombala wechibi.

Ngaphansana nje kwamanzi angajulile aleli chibi kunenqwaba kasawoti. Amanzi anosawoti omningi kakhulu kangangokuthi ungantanta kuwona, ngakho ezinye izivakashi zisebenzisa leli thuba ukuze zintante echibini.

Kusobala ukuthi iChibi Elibomvana liwumthombo womnotho wabantu abaningi (1). Eduze kwaleli chibi, izisebenzi zigcwalisa usawoti emalolini. Siyama kancane ukuze sibuke abantu bendawo bekha usawoti echibini. Sibona amadoda amile evele ngezifuba phakathi echibini, ephihliza usawoti ngamapiki amade. Awuthela ngamafosholo kobhasikidi abese ewufaka ezikebheni. Omunye wezisebenzi usitshela ukuthi kubathatha amahora amathathu ukuqoqa ithani elilodwa likasawoti. Izikebhe zigcwaliswa kakhulu kangangokuba zintanta kanzima (2). Lapho izikebhe zifika osebeni, abesifazane baqedela lo msebenzi ngokuthwala usawoti ngamabhakede emakhanda (3). Njengoba besebenza, bayanikezelana njengezisebenzi ezisebhandeni.

Uhambo lwethu lwaluthakazelisa kakhulu. Leli chibi elibomvana lingenye yezinto ezimangalisayo ezenza umhlaba wethu ube yisipho esiyigugu esivela kuJehova.—IHubo 115:16.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 18]

Photo by Jacques CLEMENT, Clichy, FRANCE at http://community.webshots.com/user/pfjc

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela