Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 10/8 k. 3-k. 4
  • Ukuphuza Ngokweqile—Kuyinhlekelele Emphakathini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuphuza Ngokweqile—Kuyinhlekelele Emphakathini
  • I-Phaphama!—2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inani Labantu Abafayo
  • Ubudlova Nokuhlukumeza Abanye Ngokobulili
  • Ukuhlupheka Komphakathi
  • Ukukhuluma Nezingane Ngotshwala
    Usizo Lomndeni
  • Ukuphuza Ngokweqile Kanye Nempilo
    I-Phaphama!—2005
  • Londoloza Umbono Olinganiselayo Ngotshwala
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Vumela Ukuqondiswa Umbono KaNkulunkulu Ngotshwala
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2005
g05 10/8 k. 3-k. 4

Ukuphuza Ngokweqile—Kuyinhlekelele Emphakathini

UKUPHUZA utshwala kunezici ezimbili ezingafani: kuletha injabulo kanye nosizi. IBhayibheli lithi ukuphuza utshwala ngokulinganisela kungenza inhliziyo yomuntu ijabule. (IHubo 104:15) Nokho, iBhayibheli libuye lixwayise ngokuthi ukweqisa kungalimaza noma kubulale ngisho nokubulala, njengokulunywa inyoka enesihlungu. (IzAga 23:31, 32) Ake sihlolisise umonakalo omkhulu obangelwa ukweqisa ophuzweni.

“Umshayeli obedakiwe ushayise umama oneminyaka engu-25 ubudala nendodana yakhe eneminyaka emibili ngoMgqibelo. . . . Lona wesifazane osemusha, obenezinyanga eziyisithupha ekhulelwe, ushone ngeSonto. Indodana yakhe, elimale kabi ekhanda, isesimweni esibucayi,” kubika iphephandaba i-Monde. Ngokudabukisayo, imibiko enje ivamile. Mhlawumbe wazi othile owahileleka engozini eyabangelwa ukweqisa ophuzweni. Unyaka ngamunye izinkulungwane zabantu ziyafa noma zilimale ezingozini zomgwaqo ezihlobene notshwala.

Inani Labantu Abafayo

Emhlabeni wonke, umonakalo obangelwa ukuphuza ngokweqile ekuphileni kwabantu mkhulu kakhulu. EFrance, ukuphuza ngokweqile kuyimbangela yesithathu yokufa, kulandela umdlavuza nesifo senhliziyo nemithambo yayo, futhi kubulala abantu abangaba ngu-50 000 ngokuqondile noma ngokungaqondile minyaka yonke. Leli inani “elilingana nokuphahlazeka kwezindiza ezimbili noma ezintathu [ze-Boeing 747] isonto ngalinye,” ngokusho kombiko woMnyango Wezempilo waseFrance.

Inani labantu ababulawa utshwala liphakeme kakhulu entsheni. Ngokombiko we-World Health Organization owanyatheliswa ngo-2001, utshwala buyimbangela enkulu yokufa kwabesilisa baseYurophu abaneminyaka engu-15 kuya kwengu-29 ubudala. Kubikezelwa ukuthi kwamanye amazwe aseMpumalanga Yurophu, insizwa eyodwa kwezintathu lapho izobulawa ukuphuza ngokweqile maduzane.

Ubudlova Nokuhlukumeza Abanye Ngokobulili

Utshwala bubangela izenzo zobudlova. Ukuphuza kungaqeda ukuzithiba futhi kungaphazamisa indlela umuntu azibheka ngayo izenzo zabanye abantu, kumenze asabele ngobudlova.

Utshwala bunendima enkulu ebudloveni basekhaya nasekuhlukunyezweni ngokobulili. Ucwaningo oluthile lwaseFrance olwenziwa phakathi kweziboshwa lwabonisa ukuthi utshwala babuyimbangela yamacala amabili kwamathathu okudlwengula nokuhlukumeza. Umagazini i-Polityka uveza ukuthi izinhlolo-vo zibonisa ukuthi ePoland, amaphesenti angu-75 amakhosikazi emilutha yotshwala aye aphathwa ngobudlova. Abasunguli bocwaningo oluthile balinganisela ukuthi “ukuphuza utshwala kuhlobene nokwanda cishe ngokuphindwe kabili kwengozi yokubulawa kwawo wonke amaqembu obudala nokuthi [ngisho] nabantu abangaphuzi abahlala nabantu abaphuzayo emakhaya basengozini enkulu yokubulawa.”—I-American Medical Association, Council on Scientific Affairs.

Ukuhlupheka Komphakathi

Uma kubalwa izindleko zezempilo nezomshuwalense kanye nokulahleka komkhiqizo okubangelwa yizingozi, ukugula, noma ukufa ngaphambi kwesikhathi, izindleko ezithwalwa umphakathi ziyashaqisa. Kuthiwa ukuphuza ngokweqile kubiza abantu base-Ireland abayizigidi ezine okungenani amaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane eziyisithupha ngonyaka. Umthombo owacashunwa kuyi-Irish Times wabonisa ukuthi lesi samba silingana “nemali yokwakha isibhedlela esisha, inkundla yezemidlalo nokuthengela uNgqongqoshe ngamunye ibhanoyi minyaka yonke.” Ngo-1998 i-Mainichi Daily News yabika ukuthi izindleko zokuphuza ngokweqile emnothweni waseJapane zazibalelwa “kuma-yen angaphezu kwezigidi eziyizigidi eziyisithupha [amaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-354] ngonyaka.” Umbiko owethulwa emkhandlwini weSishaya-mthetho Sase-United States wathi: “Izindleko zokuphuza ngokweqile kwezomnotho zazingama-dollar ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-184,6 [amaRandi ayizigidi eziyizigidi ezingu-1,1] ngo-1998 kuphela, noma imali engaba ngu-$638 [R3 993] ngaleyo naleyo ndoda, owesifazane nengane eyayihlala e-United States ngalowo nyaka.” Futhi kuthiwani-ke ngokukhandleka ngokwengqondo kwabantu ngenxa yokuwohloka kwemikhaya noma ukushonelwa kanye nokushabalala kwamathuba emfundo noma omsebenzi?

Akunzima ukubona imiphumela ukuphuza ngokweqile okunayo emphakathini. Ingabe indlela ophuza ngayo iyingozi empilweni yakho neyabanye abantu? Lo mbuzo uzophendulwa esihlokweni esilandelayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela