Ingabe Inkathi Yenjabulo?
NGU-6:30 ekuseni ngosuku lwasebusika olushubisa umnkantsha eSoweto, eNingizimu Afrika. U-Evelyn kumelwe avuke embhedeni.a Endlini yakhe kubanda ngendlela engabekezeleleki njengoba engenazo izinto zokuyifudumeza.
Ngobuhlungu obukhulu, uzama ukwelulela amadolo akhe axhwaliswe isifo samathambo ngasemaphethelweni ombhede. Uyahlala athi ukulinda. Kancane kancane ubuhlungu bemilenze buthi damu. Khona-ke uyabambelela—abese esukuma. Uyaquma ngenxa yobuhlungu. Ngemva kwalokho, ebambelele okhalweni kuhle ‘kwentethe izihudula,’ uyatotoba aye endlini yangasese.—UmShumayeli 12:5.b
Ezibongela, u-Evelyn uthi: ‘Awuboni-ke!’ Akukona nje ukuthi uvuke ekuseni ephila kodwa manje usekulungele nokutotoba ngalo mzimba wakhe oqaqambayo.
Nokho, kukhona okunye okumkhathazayo. Uthi: “Ngibona sengathi ingqondo yami izophithana.” Uye alahle okhiye ngezinye izikhathi, kodwa ingqondo yakhe yona isaphapheme. Uthi: “Ngithandazela nje ukuba ngingasangani njengabanye abantu asebekhulile.”
Ebusheni bakhe, u-Evelyn wayengacabangi nakucabanga ngokuguga. Kodwa manje engazelele, usebona sengathi iminyaka iye yadlula ngokuphazima kweso, futhi umzimba awusamniki thuba lokulibala ukuthi uneminyaka engu-74.
Abanye abaphila kangcono kuno-Evelyn futhi abakhululekile ngandlela-thile ezinkingeni ezingathí sina zokugula nokucindezeleka bangase babheke iminyaka yabo yokuguga njengeminyaka ejabulisayo. Njengenzalamizi u-Abrahama, bangase bakhule baze ‘baguge impela, babe badala baneliseke.’ (Genesise 25:8) Abanye babhekana ‘nezinsuku neminyaka yosizi’ futhi okuwukuphela kwento abangayisho ukuthi: “Angikujabuleli ukuphila.” (UmShumayeli 12:1, Today’s English Version) Kokunye ukuhlola, abantu abaningi kakhulu babebheka isikhathi somhlalaphansi njengesobumnyama kangangokuthi umagazini i-Newsweek wasikisela ukuba yethiwe kabusha inkathi yokuguga, kuthiwe “INkathi Yobumnyama.”
Ukubheka kanjani wena ukuguga? Yiziphi ezinye zezinselele abantu asebekhulile ababhekana nazo? Ingabe ukulahlekelwa yingqondo akunakugwenywa lapho umuntu eguga? Yini umuntu angayenza ukuze abe nokuthula kwengqondo esikhathini sakhe sokuguga?
[Imibhalo yaphansi]
a Amanye amagama kulolu chungechunge lwezihloko ashintshiwe.
b Sekuyisikhathi eside leli vesi leBhayibheli elisencwadini yasendulo yomShumayeli libhekwa njengenkondlo ebonisa ukuqonda echaza ubunzima bokuguga.