Umbono WeBhayibheli
Ingabe UJesu WayeyiNdodana KaNkulunkulu Ngempela?
EQINISEKE ngokuphelele enhliziyweni yakhe, umphostoli uPetru wathi kuJesu: “UnguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.” (Mathewu 16:16) Leli elinye lamavesi amaningi eBhayibheli lapho uJesu ebizwa khona ngokuthi uyiNdodana kaNkulunkulu, futhi le nkulumo iye yashukumisa imizwelo ehlukahlukene kubantu abathambekele enkolweni.
Abantu abaningi abakholelwa ukuthi uJesu Kristu unguNkulunkulu bakuthola kunzima ukuchaza ukuthi kungani-ke pho ebizwa ngokuthi uyiNdodana kaNkulunkulu. Umuntu ocabangayo uyabona ukuthi akanakuba yikho kokubili. Abanye bacabanga ukuthi uJesu ungumuntu othile nje obalulekile emlandweni, indoda ehlakaniphile, baze bacabange nanokuthi mhlawumbe ungumprofethi kaNkulunkulu weqiniso, kodwa bagcina lapho. Lifundisani ngempela iBhayibheli? Ingabe kubaluleke ngempela ukuthi yini umuntu ayikholelwayo?
Izibulo LikaNkulunkulu
IBhayibheli libonisa ukuthi kukhona isikhathi lapho uNkulunkulu ayeyedwa zwi. Ngenxa yothando lwakhe wanquma ukuhlanganyela lesi sipho sokuphila ngokuba abe ubaba—kodwa hhayi ngomqondo ongokwemvelo. Kunalokho, uJehova wasebenzisa amandla akhe angenakuqhathaniswa okudala ukuze enze umuntu womoya ophilayo futhi ohlakaniphile—“isiqalo sendalo kaNkulunkulu,” manje esiyazi ngokuthi uJesu Kristu. (IsAmbulo 3:14; IzAga 8:22) Ngenxa yokuthi uJesu wadalwa nguNkulunkulu ngokuqondile ngesikhathi eseyedwa, ubizwa kufanele ngokuthi ‘uyindodana ezelwe yodwa’ nangokuthi “izibulo layo yonke indalo.”—Johane 1:14; Kolose 1:15.
Kuyacaca-ke ukuthi uJesu, njengendalo yokuqala kaNkulunkulu, wayengenakuba nguMdali, “uNkulunkulu owukuphela kwakhe.” (1 Thimothewu 1:17) Nokho, uNkulunkulu wayinika amalungelo amaningi iNdodana yakhe. Ngokwesibonelo, ngoJesu, uNkulunkulu ‘wadala zonke ezinye izinto’ kuhlanganise nezingelosi imbala. Lezi zingelosi zibizwa ngokuthi “amadodana kaNkulunkulu”—njengoba nazo uJehova enguMniki-kuphila wazo.—Kolose 1:16; Jobe 1:6; 38:7.
Ngemva kokulungiselela umhlaba ukuze abantu bahlale kuwo, cishe uNkulunkulu ekhuluma neNdodana yakhe eyizibulo, wathi: “Masenze umuntu ngomfanekiso wethu.” (Genesise 1:26; IzAga 8:22-31) Ngakho uJehova wadala nendodana kaNkulunkulu yokuqala engumuntu, u-Adamu, esebenzisa isidalwa somoya esasizoba nguJesu.—Luka 3:38.
UJesu Uba INdodana KaNkulunkulu Engumuntu
Umphostoli uJohane usitshela ukuthi ngesikhathi esimisiwe, iNdodana kaNkulunkulu engumoya ‘yaba yinyama yahlala phakathi kwethu.’ (Johane 1:14) Ukuze ashintshe isimo sikaJesu, uNkulunkulu wadlulisela ukuphila kukaJesu kwasezulwini ngokuyisimangaliso esibelethweni sikaMariya, incasakazi engumJuda. Ngaleyo ndlela uJesu waqhubeka eyiNdodana kaNkulunkulu, nakuba ayengumuntu. Ngaphezu kwalokho, uJesu wazalwa ephelele engenaso isono ngenxa yokuthi uNkulunkulu wayengumniki-kuphila wakhe, hhayi omunye umuntu. Ingelosi uGabriyeli yathi kuMariya: “Lokho okuzelwe kuyobizwa ngokuthi kungcwele, iNdodana kaNkulunkulu.”—Luka 1:35; Hebheru 7:26.
UYise uqobo lwakhe owanikeza ubufakazi bokuthi uJesu uyiNdodana yakhe nakuba ayengumuntu wenyama. Ngesikhathi uJesu ebhapathizwa, uJohane uMbhapathizi wabona kuvuleka amazulu wayesezwa izwi livela ezulwini lithi: “Lo yiNdodana yami ethandekayo, engiyamukele.” (Mathewu 3:16, 17) Akumangazi-ke ukuthi uJohane wathi kubafundi bakhe: “Ngikubonile lokho, futhi nginobufakazi bokuthi lo uyiNdodana kaNkulunkulu.”—Johane 1:34.
Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wayengahambi eshaya icilongo ethi unguMesiya, iNdodana kaNkulunkulu. (Marku 8:29, 30) Ngokuvamile wayenika abantu ithuba lokuba bazifinyelelele ngokwabo kuleso siphetho ngokulalela izimfundiso zakhe, ngokuqaphela indlela yakhe yokuphila nangokubona izimangaliso eziningi ayezenza kubona wonke umuntu. Ngokwesibonelo, waphulukisa “bonke ababengaphathekile kahle, abacindezelwe yizifo nezinhlupheko ezihlukahlukene.” (Mathewu 4:24, 25; 7:28, 29; 12:15) Izimpumputhe, izithulu, izinyonga nabo bonke ababenezifo ezithile beza kuJesu futhi wabaphulukisa. Wavusa ngisho nabafileyo! (Mathewu 11:4-6) Abafundi bakhe bazibonela ngawabo uJesu ehamba ngokuyisimangaliso phezu kwamanzi, futhi ethulisa umoya namagagasi ngesikhathi kunesivunguvungu esinamandla. Lesi sibonakaliso esinamandla sashukumisela abafundi bakhe ukuba bathi: “Ngempela wena uyiNdodana kaNkulunkulu.”—Mathewu 14:24-33.
Indlela Engakuzuzisa Ngayo INdodana KaNkulunkulu
Kungani uNkulunkulu athatha iNdodana yakhe ezelwe yodwa ezulwini wayidlulisela emhlabeni, futhi ekugcineni wayivumela ukuba ibulawe ngonya? “Ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16) Yebo, ayikho enye indlela uJesu ‘ayenganikela ngayo ngomphefumulo wakhe ube yisihlengo sabaningi’ ngaphandle kokuba afe. (Mathewu 20:28) Empeleni, kuwo wonke umlando, akekho oke wabonisa uthando olukhulu kangaka kubantu ngaphandle kukaJehova neNdodana yakhe eyizibulo.—Roma 8:32.
Ngemva kokufa kwakhe, uJesu ‘kwathiwa uyiNdodana kaNkulunkulu’ ngendlela ekhetheke ngempela nenamandla, ‘ngokuvuka kwelabafileyo’ eyiNdodana kaNkulunkulu engumoya. (Roma 1:4; 1 Petru 3:18) Khona-ke, ngemva kokulinda ngesineke eceleni kukaYise iminyaka engaba amakhulu angu-19, uJesu wabekwa esihlalweni njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu—uhulumeni wasezulwini ozobusa umhlaba wonke maduzane nje.—IHubo 2:7, 8; Daniyeli 7:13, 14.
Uyafuna yini ukwamukelwa yile Ndodana kaNkulunkulu enamandla? Uma kunjalo, siyakukhuthaza ukuba uhlolisise izimfundiso zayo, futhi uzisebenzise ekuphileni kwakho. UJesu ngokwakhe wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Yebo, kubaluleke ngempela ukuthi yini umuntu ayikholelwayo ngeNdodana kaNkulunkulu!—Johane 3:18; 14:6; 1 Thimothewu 6:19.
WAKE WAZIBUZA?
◼ UJesu uyiNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa ngayiphi indlela?—Johane 1:3, 14; IsAmbulo 3:14.
◼ Kungani ungase ukholelwe ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu?—Mathewu 3:16, 17.
◼ Ungazuza kanjani ngokukholelwa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu?—Johane 3:16; 14:6; 17:3.
[Izithombe ekhasini 12, 13]
Izimfundiso zikaJesu ezihlakaniphile nezimangaliso ezinamandla azenza zabonisa ukuthi wayengeyena nje umuntu ovamile