Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 6/06 k. 10-k. 13 isig. 5
  • Ngingayilawula Kanjani Indlela Engisebenzisa Ngayo Imali?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingayilawula Kanjani Indlela Engisebenzisa Ngayo Imali?
  • I-Phaphama!—2006
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Funda Izindlela Eziyisisekelo
  • Qaphela Izinselele
  • Funda Isifundo Lapho Abazali Bakho Bethi Cha
  • Imali Iyisikhathi
  • Ngingayisebenzisa Kanjani Imali Yami?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Ngingayiphatha Kanjani Imali Yami?
    I-Phaphama!—1989
  • Ngingayilawula Kanjani Indlela Engisebenzisa Ngayo Imali?
    Intsha Iyabuza
  • Yisebenzise Ngokuhlakanipha Imali Yakho
    I-Phaphama!—2009
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 6/06 k. 10-k. 13 isig. 5

Intsha Iyabuza . . .

Ngingayilawula Kanjani Indlela Engisebenzisa Ngayo Imali?

“Ngokuvamile ngike ngizithole sengihlela ukuthenga into engingayidingi ngempela, futhi cishe engingeke ngikwazi ukuyikhokhela, ngenxa nje yokuthi isendalini.”—U-Anna,a eBrazil.

“Ngezinye izikhathi abangane bayangimema ukuba siyozijubulisa ngezinto ezibizayo. Ngiyafuna ukujabula nabo. Akekho umuntu othanda ukuthi, ‘Ngiyaxolisa, anginayo imali yokwenza lokho.’”—UJoan, e-Australia.

INGABE kubonakala sengathi awuvamile ukuba nemali eyanele ongayisebenzisa? Ukube nje abazali bebekupha imali ethe xaxa, ubungakwazi ukuthenga leya nto yokuzijabulisa oyifunayo. Ukube nje ubuhola imali ethe xaxa, ubungazithenga lezi ya zicathulo “ozidingayo.” Nokho, kunokuba ukhathazeke ngemali ongenayo, kungani ungazifundisi ukuphila ngemali onayo?

Uma usemusha futhi uhlala nabazali bakho, ungase ulinde kuze kube yilapho usuhlala wedwa ukuba ufunde indlela yokuphatha imali. Kodwa lokho bekuyofana nokuphuma ebhanoyini lindiza ungakafundi ukusebenzisa i-parachute. Yiqiniso umuntu angase agcine ebonile ukuthi yini okufanele ayenze njengoba entshwizela phansi. Nokho, yeka ukuthi bekuyoba ngcono kanjani ukuba afunde izindlela eziyisisekelo zokusebenzisa i-parachute ngaphambi kokuba aphume ebhanoyini lindiza!

Ngokufanayo, isikhathi esingcono kakhulu sokufunda indlela yokuphatha imali yilapho ungakabhekani nezimo zezimali ezinzima. INkosi uSolomoni yabhala: ‘Imali iyisivikelo.’ (UmShumayeli 7:12) Kodwa iyokuvikela kuphela uma ufunda ukuyisebenzisa kahle. Ukwenza kanjalo kuyophakamisa izinga lakho lokuzethemba futhi kuyokwenza nabazali bakho bakuhloniphe nakakhulu.

Funda Izindlela Eziyisisekelo

Wake wababuza abazali bakho ukuthi yini ehilelekile ekunakekeleni ikhaya? Ngokwesibonelo, uyazi yini ukuthi imalini ekhokhelwa ugesi namanzi inyanga ngayinye nokuthi kubiza malini ukusebenzisa imoto, ukuthenga ukudla nokukhokhela indlu? Ungase ucabange ukuthi imininingwane enjalo ayibalulekile. Nokho, khumbula ukuthi nawe uyimbangela yalezo zindleko. Nangalé kwalokho, uma uhamba ekhaya, kuyodingeka uqale ukukhokhela izindleko ezinjengalezi. Ngakho kufanele uzazi. Cela abazali ukuba bakubonise ezinye zezitatimende zezindleko, ulalelisise njengoba bechaza ukuthi bayihlela kanjani imali yokuzikhokhela.

Isaga seBhayibheli sithi: “Umuntu ohlakaniphile uyolalela amukele imfundo eyengeziwe, nomuntu onokuqonda nguye ozuza ukuqondisa okunekhono.” (IzAga 1:5) U-Anna okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi, “Ubaba wangifundisa ukuhlela kahle imali, wangibonisa nokuthi kubaluleke kangakanani ukuhleleka lapho unakekela imali yomkhaya.” Phakathi naleso sikhathi, umama ka-Anna wayemfundisa nezinye izifundo ezibalulekile. U-Anna uyanezela, “Wangibonisa ukubaluleka kokuqhathanisa amanani ngaphambi kokuba ngithenge. Umama wayegila izimanga ngemadlana nje encane.” Uzuzeni u-Anna? Uthi, “Sengiyakwazi ukuphatha imali. Ngiyilawula kahle indlela engiyisebenzisa ngayo, ngakho nginenkululeko nokuthula kwengqondo okulethwa ukugwema ukudala izikweleti ezingadingekile.”

Qaphela Izinselele

Kuyavunywa, ukulawula indlela osebenzisa ngayo imali kulula nje ukukusho kunokukwenza, ikakhulukazi uma uhlala ekhaya futhi uthola imali ethile kubazali noma uzisebenzela. Ngani? Ngenxa yokuthi kungenzeka izindleko eziningi zikhokhelwa abazali bakho. Ngakho-ke, kungenzeka ukuba ingxenye enkulu yemali yakho uyisebenzise ngendlela othanda ngayo. Ukusebenzisa imali kungaba yinto ejabulisayo. UParesh, insizwa yaseNdiya, uyavuma: “Kulula kabi kimi ukusebenzisa imali, futhi kuyangijabulisa.” USarah wase-Australia uzizwa ngendlela efanayo. Uthi: “Kuyangithokozisa ukuthenga izinto.”

Ngaphezu kwalokho, ontanga yakho bangase bakucindezele ukuba usebenzise imali ngokungenangqondo. U-Ellena, oneminyaka engu-21, uthi: “Kubangane bami, ukuthenga sekuwuhlobo oluthile lokuzijabulisa. Uma ngihambe nabo, kuba sengathi nje kunomthetho othi, kufanele usebenzise imali ukuze ujabule.”

Kungokwemvelo ukufuna ukwamukeleka kubangane bakho. Kodwa zibuze, ‘Ingabe ngisebenzisa imali uma nginabangane bami ngoba izimo zivuma noma ngenxa yokuzizwa ngiphoqelekile?’ Abantu abaningi basebenzisa imali ngoba befuna ukuhlonishwa abangane nalabo ababazungezile. Lo mkhuba ungakubangela izinkinga ezinkulu ngokwezimali, ikakhulukazi uma unekhadi lokuthenga ngesikweleti. Umeluleki kwezezimali uSuze Orman uyaxwayisa: “Uma unomuzwa wokuthi kufanele uhlabe abantu umxhwele ngalokho onakho kunangalokho oyikho, usengozini enkulu yokusebenzisa kabi ikhadi lokuthenga ngesikweleti.”

Kunokuba usebenzise yonke imali esekhadini lakho lokuthenga ngesikweleti noma umholo wonke ngosuku olulodwa lokuzijabulisa, kungani ungazami indlela ka-Ellena yokugwema lokhu? Uthi: “Uma ngizohamba nabangane ngiyozijabulisa, ngihlela kusengaphambili ukuthi ngizosebenzisa malini. Umholo wami uya ngqo ebhange, futhi ngikhipha kuphela imali engizoyidinga ngaleso sikhathi. Lapho ngiyothenga, ngikuthola kuwukuhlakanipha nokuhamba nabangane abayisebenzisa ngokucophelela imali yabo futhi abazongikhuthaza ukuba ngiqhathanise amanani ezinto, hhayi ukuvele ngithenge into engiyibone kuqala.”—IzAga 13:20.

Funda Isifundo Lapho Abazali Bakho Bethi Cha

Ngisho noma kungekho mali oyithola kubazali noma ungasebenzi, usengafunda izifundo ezibaluleke kakhulu mayelana nemali lapho usahlala ekhaya. Ngokwesibonelo, uma ucela imali kubazali bakho noma ubacela ukuba bakuthengele okuthile, bangase benqabe. Ngani? Esinye isizathu kungaba ukuthi lokho okufunayo kubiza ngaphezu kwalokho umkhaya ongakufinyelela. Ngokusenqaba isicelo sakho—nakuba bebengathanda ukusamukela—abazali bakho bakubekela isibonelo esihle sokuzithiba. Ukuzithiba kubaluleke kakhulu ekusebenziseni imali kahle.

Ake sithi abazali bakho bangase bakwazi ukwamukela isicelo sakho. Noma kunjalo bangase basenqabe. Ungase ucabange ukuthi bangamaqonqela. Kodwa cabanga ngalokhu: Kungenzeka bazama ukukufundisa isifundo esibalulekile sokuthi injabulo yakho ayisekelwe ekutholeni konke okufunayo. IBhayibheli lithi ngokuphathelene nalokhu: “Umthandi wesiliva nje ngeke aneliseke ngesiliva, nanoma ubani ongumthandi womcebo ngeke aneliswe yinzuzo engenayo.”—UmShumayeli 5:10.

Iqiniso lalokhu libonakala ngokuhlangenwe nakho kwentsha eningi ethola konke ekufunayo kubazali bayo. Ngokushesha le ntsha ithola ukuthi ayeneliseki ngempela. Kungakhathaliseki ukuthi ithola izinto eziningi kangakanani, ihlale inomuzwa wokuthi kufanele ithenge okunye ngaphezu kwalokho esinakho kakade. Ngokuhamba kwesikhathi, intsha ejwayele ukuthola konke ekufunayo ingase ibe abantu abadala abangabongiyo. USolomoni waxwayisa: “Uma umuntu etotosa inceku yakhe [noma ingane] kusukela ebusheni kuqhubeke, ekuphileni kwayo kwakamuva iyoba ngengabongiyo.”—IzAga 29:21.

Imali Iyisikhathi

Ezinye izizwe zinesisho esithi, Isikhathi siyimali. Lokhu kugcizelela ukuthi abantu kufanele bachithe isikhathi ukuze bathole imali ngakho ukuchitha isikhathi kuwukuchitha imali. Okuphambene nalokho nakho kuyiqiniso—imali iyisikhathi. Uma usaphaza imali, usuke usaphaza isikhathi osisebenzise ekuyitholeni. Funda ukulawula indlela osebenzisa ngayo imali ngaleyo ndlela ufunde ukulawula isikhathi sakho. Kanjani?

Cabanga ngamazwi ka-Ellena. Uthi: “Lapho ngihlela ukuthi ngisebenzisa malini, ngihlela imali engiyiholayo. Ngokwenza uhlelo olunengqondo lokusetshenziswa kwemali bese nginamathela kulo, akudingeki ukuba ngisebenze amahora amaningi ukuze ngikhokhele izikweleti ezinkulu. Ngikwazi kangcono ukulawula isikhathi sami nendlela yami yokuphila.” Ubungeke yini uthande ukuba namandla anjalo okulawula ukuphila kwakho?

[Umbhalo waphansi]

a Amagama ashintshiwe.

LOKHO OKUDINGA UKUCATSHANGELWA

◼ Ingabe ukuthola kunzima ukulawula indlela osebenzisa ngayo imali? Kungani?

◼ Kungani kufanele ugweme uthando lwemali?—1 Thimothewu 6:9, 10.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 12]

INGABE IMALI ENINGI IYISISOMBULULO?

Ingabe ukuba nemali eningi kungaba yisisombululo senkinga yakho yokulawula imali? USuze Orman ongumeluleki kwezezimali uthi, “Sonke sicabanga ukuthi ukuhola imali eningi kungaba yisisombululo sezinkinga zethu zezimali, kodwa ngokuvamile akunjalo.”

Ngokwesibonelo: Uma ubushayela kodwa ungakwazi ukuqondisa kahle imoto yakho noma unomkhuba wokushayela uvale amehlo, ingabe ukugcwalisa ithange lemoto yakho ngophethiloli kungakwenza uvikeleke? Ingabe ubuyofika uphephile lapho uya khona? Ngokufanayo, uma ungafundi ukulawula indlela osebenzisa ngayo imali, ukuhola imali eningi ngeke kukusize.

[Ibhokisi/Ishadi ekhasini 13]

LAWULA INDLELA OSEBENZISA NGAYO IMALI

Usebenzise malini ngenyanga edlule? Uyenzeni? Awazi? Nansi indlela yokulawula indlela osebenzisa ngayo imali ngaphambi kokuba ukuyisebenzisa kulawule wena.

◼ Bhala phansi. Okungenani inyanga nje eyodwa, yibhale phansi imali oyitholayo nosuku oyithola ngalo. Kubhale ngakunye lokho okuthengayo nokuthi kubiza malini. Ekupheleni kwenyanga, hlanganisa imali oyitholile nemali oyisebenzisile.

◼ Hlela imali onayo. Yenza izinhlu ezintathu ephepheni elingabhalwe lutho. Ohlwini lokuqala, bhala yonke imali olindele ukuyithola ngenyanga. Ohlwini lwesibili, bhala ukuthi uhlela ukuyisebenzisa kanjani imali yakho; lawulwa yilokho okubhalile ngenhla. Njengoba inyanga iqhubeka, bhala ohlwini lwesithathu imali oyisebenzisele zonke izindleko ozihlelile. Bhala nemali esetshenziselwe izinto ebezingahlelelwe.

◼ Lungisa uhlelo lwakho. Uma usebenzisa imali engaphezu kwaleyo obuyihlelile ezintweni ezithile futhi usuqala ukuba nezikweleti, lungisa uhlelo lwakho. Khokha izikweleti zakho. Zithibe.

[Ishadi]

Kuchome endaweni ethile lokhu bese ukusebenzisa!

Uhlelo Lwami Lwenyanga Ngayinye

Imali engihlela

ukuyisebenzisela Ingqikithi yemali

Iholo izindleko engiyisebenzisile

imali engingayisebenzisa ukudla

kwezinye izinto

itoho izingubo

okunye ucingo

eyokuzijabulisa

eyeminikelo

ezolondolozwa

okunye

Ingqikithi Ingqikithi Ingqikithi

R R R

[Isithombe]

Khumbula, uma usaphaza imali, usaphaza nesikhathi osisebenzisele ukuyithola

[Isithombe ekhasini 11]

Kungani ungaceli abazali bakho bakubonise ukuthi lwenziwa kanjani uhlelo lokusetshenziswa kwemali?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela