Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/06 k. 11-k. 13 isig. 7
  • Ukusuka Ekuphelelweni Ithemba Kuya Enjabulweni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukusuka Ekuphelelweni Ithemba Kuya Enjabulweni
  • I-Phaphama!—2006
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ithuba Lokuguquka
  • Ngabonakalisa Ubuqotho Bami
  • Ingqophamlando Ekuphileni Kwami
  • Ubuthaka Bami Buwaveze Nakakhulu Amandla KaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • Ingabe ‘Uyazama Ukufinyelela’ Amalungelo Enkonzo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • “Ngangizimbela Igodi”
    IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
  • Okufanele Sikwazi Ngamaqembu Ezigilamkhuba
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 7/06 k. 11-k. 13 isig. 7

Ukusuka Ekuphelelweni Ithemba Kuya Enjabulweni

NJENGOBA ILANDISWA UVICENTE GONZÁLEZ

Lapho omakhelwane bezwa ukuthi ngizidubule izikhathi ezine kodwa ngangafa, baqala ukungibiza ngokuthi nginguSuperman (umuntu onamandla angaphezu kwawemvelo). Kodwa kwakungenjalo neze. Ake ngichaze ukuthi kungani ngangifuna ukuzibulala.

NGAZALWA ngo-1951 eGuayaquil, e-Ecuador. Abazali bami bakhela izingane zabo ezingu-9 umuzi endaweni engasolwandle ebizwa ngokuthi The Invasions (Kwangena Ngodlí). Imikhaya empofu ‘yangena ngodlí’ kuleyo ndawo noma ngokungemthetho, futhi yakha izindlu ngoqalo yazifulela ngothayela. Ngenxa yokuthi imizi yayakhiwe emanzini nasemaxhaphozini anezihlahla zemihlume, yayakhiwe phezu kwezinsika zokhuni. Sasingenawo ugesi, ngakho sasipheka ngesitofu samalahle, futhi sasihamba ibanga elingangekhilomitha lapho siyokukha amanzi.

Izingane zakwethu engizelamayo zaqala ukusebenza zisencane kakhulu ukuze zifake isandla ekunakekeleni izindleko zomkhaya. Lapho ngineminyaka engu-16 ubudala, futhi sengisishiye phansi isikole, ngathola umsebenzi wokuba isithunywa kwenye imboni. Mina nabangane bami saqala ukuphuza nokuziphatha kabi. Lapho unembeza usuqala ukungidla, ngangiya esontweni ngiyovuma izono. Ngaphandle kokungeluleka ngeBhayibheli, umpristi wayevame ukusho la mazwi ngaphambi kokuba ngihambe: “Ndodana, uzivume kahle izono zakho.” Ngakho ngamane ngaqhubeka nokwenza okufanayo. Ekugcineni, lo mjikelezo wokona nokuvuma izono wabonakala uyize leze, ngakho ngayeka ukuya esontweni. Cishe ngesikhathi esifanayo, ngaqala ukuqapheIa ukungabi nabulungisa okungizungezile endabeni yezenhlalo. Izimpofana zazizabalaza ukuze zithole okokuziphilisa, kuyilapho izigwili zikhomba ngophakathi. Ngangingasiboni isizathu sokuphila. Ngangicabanga ukuthi anginalo ikusasa noma injongo ekuphileni.

Ngolunye usuku ngathola ukuthi odadewethu abane babefunda izincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova. Nami ngaqala ukuzifunda. Kukhona incwadi eyodwa eyangikhanga ngokukhethekile, ethi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade. Ngendlela enezizathu ezizwakalayo, le ncwadi yanginika ukukhanya ezindabeni eziningi zeBhayibheli. Ngikhumbula ngithi enhliziyweni yami: ‘Leli iqiniso!’ Kodwa njengoba ngangizobona eminyakeni engu-15 elandelayo, ukuphila ngokuvumelana neqiniso kwakungenye indaba.

Lapho ngineminyaka engu-22 ubudala, ngaqala ukusebenza ebhange. Ngolunye usuku omunye engangisebenza naye wangibonisa indlela “ayeboleka” ngayo imali ebhange abese eyibuyisela kamuva. Nami ngaqala “ukuziboleka” imali, kwaze kwaba yilapho sengithathe eningi kakhulu ngingasakwazi ukubufihla ubugebengu bami. Ngaphelelwa ithemba, njengoba ngangicabanga ukuthi ngeke ngikwazi ukuyikhokha yonke le mali. Ngakho nganquma ukuvuma icala lami bese ngizibulala, okuyindlela eyeqisayo yokuzijezisa.

Ngemva kokubhalela ibhange incwadi, ngathenga isibhamu esincane, ngalibangisa endaweni engenabantu ngasogwini ngabe sengizidubula kabili ekhanda nakabili esifubeni. Nakuba ngalimala kakhulu, angizange ngife. Ngatholwa umuntu mumbe owayehamba ngebhayisikili futhi ngokushesha nje wenza amalungiselelo okuba ngiyiswe esibhedlela. Ngemva kokwelulama, ngaquliswa icala lokweba futhi ngaboshwa. Lapho sengidedelwe ejele, ngazizwa nginamahloni futhi ngacindezeleka kakhulu, ngoba manje ngase nginerekhodi lobugebengu. Njengoba ngasinda ezinhlamvini ezine, omakhelwane baqala ukungibiza ngokuthi nginguSuperman.

Ithuba Lokuguquka

Phakathi nalesi sikhathi, ngavakashelwa uPaul Sánchez, omunye wezithunywa zevangeli zoFakazi BakaJehova. Into yokuqala engayiphawula kuye ukumamatheka ngokusuka enhliziyweni. UPaul wayengumuntu ohlala ejabule futhi enesimo esihle sengqondo, ngakho ngasamukela isicelo sakhe sokungiqhubela isifundo seBhayibheli. Ngacabanga: ‘Mhlawumbe angangisiza nami ngithole injabulo nenjongo ekuphileni.’

Ngosizo lukaPaul, ngafunda ukuthi uNkulunkulu unenjongo ngesintu nokuthi ngolunye usuku labo abamthandayo futhi abamlalelayo bayophila emhlabeni oyipharadesi. (IHubo 37:29) Ngafunda nokuthi ukungabi nabulungisa nobumpofu akuyona imisebenzi kaNkulunkulu, kodwa kuyimiphumela yokuhlubuka kwesintu kuye. (Duteronomi 32:4, 5) La maqiniso ayenjengokukhanya ekuphileni kwami. Nokho, ukuguqula ubuntu bami kwakunzima kakhulu kunokufunda iBhayibheli.

Ngathola umsebenzi wasehhovisi owawudinga ukuba ngiphathe imali yenkampani. Ngaphinde ngawela esilingweni, futhi ngaqala ukweba. Lapho sengingasakwazi ukufihla izenzo zami zobugebengu, ngabalekela kwelinye idolobha lase-Ecuador isikhathi esingangonyaka. Ngazama ukweqa ezweni kodwa angiphumelelanga, ngakho ngabuyela ekhaya.

UPaul waphinde wangithola, futhi savuselela isifundo. Kulokhu, nganquma ukuba ngizisebenzise ngempela izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwami futhi ngikhonze uJehova. Ukuze ngikwazi ukufeza lokho, ngavulela uPaul isifuba ngamtshela ngokungathembeki kwami kwangaphambili okwathi kamuva wanginikeza iseluleko esingagwegwesi. Wangicela ukuba ngifunde amavesi eBhayibheli anjengeyabase-Efesu 4:28, ethi: “Owebayo makangabe eseba, kodwa kunalokho makasebenze kanzima.” Ngabona ukuthi kwakudingeka ngizidalule ngalesi senzo sokweba futhi ngamukele imiphumela.

Ngisacabanga ngesimo sami, ngaqala ibhizinisi lami lokudweba. Ngolunye usuku kwafika enye indoda endaweni engisebenzela kuyo futhi yabonisa isithakazelo komunye umfanekiso engangiwudwebile. Nokho, le ndoda yayiyiphoyisa futhi yayiphethe incwadi egunyaza ukuba ngiboshwe. Ngakho ngaphinda ngaya enkantolo ngabe sengigwetshwa. UPaul wayengivakashela, futhi ngamthembisa: “Ngeke uzisole ngemizamo yakho yokungisiza ukuba ngiqonde iBhayibheli.” Waqhubeka nokungiqhubela isifundo ngisejele.

Ngabonakalisa Ubuqotho Bami

Lapho ngidedelwa ejele, nganquma ukukhonza uJehova ngenhliziyo yami yonke, futhi ngabonakalisa ubuqotho bami eminyakeni emibili eyalandela. Ngo-1988, ngabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova. Ngimagange ukuba ngibuyise isikhathi engangisichithile, ngaqala inkonzo yesikhathi esigcwele njengephayona, ngenza umzamo okhethekile wokufinyelela intsha engamalungu amaqembu ezigebengu.

Elinye iqembu lezigebengu lalivame ukubhala izindonga zeHholo LoMbuso lethu. Ngenxa yokuthi ngangiwazi kahle amalungu aleli qembu ngazi nalapho ehlala khona, ngawavakashela, ngawachazela ngenjongo yeHholo LoMbuso ngabe sengiwanxusa ngomusa ukuba ahloniphe indawo yethu. Awaphindanga abhala izindonga zeHholo LoMbuso.

Kamuva, lapho sivuselela ihholo futhi sisusa upende omdala, omunye uFakazi osemusha ogama lakhe linguFernando wathola umbhalo othile odongeni owawuthi “Ixoxo” (La Rana, ngeSpanishi). Wamemeza: “Kwakuyimina-ke lowo!” Njengelungu leqembu lezigebengu, uFernando wapenda isakhiwo ebhala igama lakhe eliyisifekethiso. Manje wayeselisusa!

Lapho ngiqala ukubona uFernando, wayedakwe yizidakamizwa. Unina wayesemthumele ezikhungweni ezimbili zokusiza imilutha yezidakamizwa, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Ngakho wahlanza ngedela wayesemuka emshiya yedwa endlini. UFernando wadayisa konke okuyigugu—ngisho neminyango, amafasitela nophahla lwendlu—ukuze athole imali yokusekela lo mkhuba wakhe. Ngolunye usuku ngambona emgwaqweni ngabe sengiya kuye, ngafike ngamnika isiphuzo ngacela ukumqhubela isifundo seBhayibheli. Wavuma futhi okwangijabulisa kakhulu ukuthi walamukela iqiniso. Walishiya iqembu lezigebengu, wayeka umkhuba wokusebenzisa izidakamizwa, waqala ukuya emihlanganweni yamaKristu, futhi ngokushesha wabhapathizwa.

Lapho sishumayela noFernando endlini ngendlu, abantu babevame ukusibona ukuthi singobani bese bememeza bethi “Xoxo!” noma “Superman!” futhi basibuze ukuthi senzani. Babemangala ukubona umuntu owayeyilungu leqembu lezigebengu nowayeyisela bebavakashele, bephethe amaBhayibheli.

Ngesinye isikhathi ngangishumayela kwenye indoda kuyilapho uFernando ekhuluma nomakhelwane wayo. Ikhomba uFernando, le ndoda yathi kimi: “Uyayibona leya nsizwa emi laphaya? Yake yangikhomba ngesibhamu ekhanda.” Ngayiqinisekisa ukuthi uFernando usezishiyile izindlela zakhe zakudala futhi manje usephila ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli. Empeleni, lapho uFernando eseqedile ukukhuluma nomakhelwane, ngambiza ngabe sengimethula kule ndoda. Umninikhaya wathi: “Nsizwa, ngifuna ukukutusa ngoshintsho oye walwenza ekuphileni kwakho.”

Angizikhumbuli zonke izikhathi lapho siye sezwa abantu besho okufanayo ngami noFernando. Lokhu kuye kwavula amathuba amahle okushumayela, kwaphumela nasezifundweni zeBhayibheli eziningana. Yebo, mina noFernando siye sathola udumo ngokubizwa ngokuthi singoFakazi BakaJehova.

Ingqophamlando Ekuphileni Kwami

Ngo-2001, lapho ngiba neminyaka engu-50 ubudala, ngamangala futhi ngajabula kakhulu lapho ngimenyelwa eSikoleni Sokuqeqeshelwa Inkonzo esasizoqhutshwa ePeru. Lesi sikole sinikeza oFakazi abafanelekayo imfundo ejulile engokomoya ethatha amasonto angu-8 ukuze ibasize enkonzweni yabo.

Zonke izici zalesi sikole zazingijabulisa, ngaphandle kwesisodwa—ukukhuluma obala, okwakungishayisa ngovalo. Abafundi abaningi abasebasha babebeka izinkulumo ezivutha uphondo futhi bebonakala bezethemba. Kodwa lapho ngisukuma ngiyobeka inkulumo yami okokuqala, kwabuya yonke imizwa yokungazethembi eyayilokhu ingihlupha kusukela ngisemncane. Kwashayana amadolo, izandla zami ezimfoma umjuluko zaba nedumbe nezwi lami lavevezela. Nokho, uJehova wangisekela ngomoya wakhe ongcwele nangabazalwane abanothando. Omunye wothisha waze wangisiza ngokukhethekile ukuba ngilungiselele izinkulumo zami ngemva kokuphuma kwesikole. Ngaphezu kwakho konke, wangifundisa ukwethembela kuJehova. Empeleni sathi siqambe siphela isikole ngabe sengikujabulela ukukhuluma phambi kwezilaleli, okwakuyinto eyayiqala ngqá ukwenzeka ekuphileni kwami.

Ukuzethemba kwami kwavivinywa kakhulu emhlanganweni wesigodi woFakazi BakaJehova owawuseGuayaquil. Phambi kwabantu abangu-25 000, ngalandisa indlela engaba ngayo omunye woFakazi. Njengoba ngiqhubeka ngikhuluma, imizwa yami yathinteka kakhulu ngokuthola leli lungelo lokukhuthaza abantu abaningi kangaka, futhi izwi lami laqala ukuvevezela. Kamuva, omunye wababekhona emhlanganweni weza kimi wayesethi: “Mfoweth’ uGonzález, lapho ulandisa indaba yakho, akekho noyedwa ezilalelini obengakhali.” Ngaphezu kwakho konke, ngangithanda ukuba indaba yami ibe umthombo wesikhuthazo kulabo okungenzeka babesabhekene nomshikashika wokunqoba izindlela zabo zakudala.

Manje ngikhonza njengomdala nanjengephayona elivamile futhi ngiye ngajabulela ukusiza abantu abangu-16 ukuba bathole ulwazi olunembile lweqiniso leBhayibheli. Ngiyajabula kakhulu ngokuthi abazali bami nodadewethu abane baye banikezela ukuphila kwabo kuJehova. Umama washona esathembekile kuNkulunkulu ngo-2001. Ngiswele amazwi okumbonga uJehova ngokungivumela ukuba ngimazi, futhi ayikho enye indlela engcono engiyaziyo yokubonisa ukwazisa kwami ngaphandle kokumema abanye abantu ukuba nabo basondele kuye.—Jakobe 4:8.

[Isithombe ekhasini 12]

UFernando engamsiza, owayebizwa ngeXoxo nowayeyilungu leqembu lezigebengu

[Isithombe ekhasini 12]

UPaul Sánchez, isithunywa sevangeli esasingiqhubela isifundo seBhayibheli

[Isithombe ekhasini 13]

UVicente González namuhla

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela