Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/06 k. 22
  • Ingabe Usana Kufanele Lubhucungwe?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Usana Kufanele Lubhucungwe?
  • I-Phaphama!—2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuhlola Amakhambi Okwelapha
    I-Phaphama!—2000
  • Lokho Izinsana Ezikudingayo Nezikufunayo
    I-Phaphama!—2004
  • Indlela Abantwana Abawushintsha Ngayo Umshado
    Umndeni Wakho Ungajabula
  • Izinto Eziyisisekelo Ngokuncelisa Ibele
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 7/06 k. 22

Ingabe Usana Kufanele Lubhucungwe?

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ESPAIN

U-ANITA, umama osemusha waseNigeria, ugeza usana lwakhe abese elubhucunga ngokucophelela. Bobabili usana nonina bayakujabulela lokhu. U-Anita uyachaza: “Lokhu kuyinto evame ukwenziwa omama baseNigeria abakhulisa abantwana. Umama naye wayevame ukusibhucunga mina nabafowethu. Ukubhucunga usana kuyindlela ekahle kakhulu yokuqinisa izicubu zalo futhi kulwenza luzole. Njengoba ngibhucunga usana lwami, ngiyaluculela ngixoxe nalo, lona lubhibhidle, luhleke nokuhleka. Ave kumnandi.”

Ukubhucungwa kwezinsana kuvamile emazweni amaningi, futhi kuya kuthandwa kakhulu nasemazweni aseNtshonalanga. Ngokwenhlangano yaseSpain okuthiwa i-Association for Infant Massage, ukubhucunga kuwubuciko obujabulisayo nobenamisayo obenziwa ngobumnene, obenza abazali baxhumane nabantwana babo ngokomzwelo nangokuthintana. Lokhu kuhlanganisa ukubhucunga izinyawo nemilenze, umhlane, isifuba, isisu, izingalo nobuso bengane ngobumnene kodwa ngesandla esiqinile.

Luzuzani usana ngokubhucungwa ngale ndlela? Ngaphezu kwakho konke, luba nomuzwa wokuthi luyathandwa futhi lukhathalelwa ngesisa. Usana aludingi ukondliwa nje kuphela kodwa ludinga nokuzwa uthando lwabazali. Njengoba izinzwa zomntwana ziqala ukusebenza lapho esewusana, ukubhucungwa unina noma uyise ngobumnene kumenza aluzwe ngokoqobo lolu thando. Umntwana angafunda lukhulu lapho abazali bemthinta nalapho bebonakalisa imizwa yabo ngokoqobo. Ngakho, ukubhucunga kungasiza ekuqiniseni uthando phakathi kwabazali nomntwana kusukela lapho esewusana.

Ngaphandle kokubonisa uthando, ukubhucunga usana kungalusiza luzole, okungaba negalelo ekubeni lulale isikhathi eside lungaphazamiseki futhi lungacindezeleki. Kanti kungasiza nasekuqiniseni izicubu zomzimba, kuthuthukise ukujikeleza kwegazi, ukugayeka kokudla nokuphefumula kosana. Abanye abantu bathi lokhu kusiza nesimiso somntwana sokuzivikela ezifweni. Njengoba kushukumiseka izinzwa zokuthinta, ukubona nokuzwa, ukubhucungwa kosana kungase kuthuthukise nekhono lalo lokukhumbula nelokufunda.

Ezinye izibhedlela nazo ziye zenza ucwaningo ngokubaluleka kokubhucungwa kwezinsana. Ngokwesibonelo, kolunye ucwaningo kwatholakala ukuthi izinsana ezizalwe ngaphambi kwesikhathi ezazibhucungwa zaziphuma esibhedlela ezinsukwini ezingu-7 noma ngaphansi ngaphambi kwalezo ezazingabhucungwa, futhi imizimba yazo yayikhula ize ifinyelele kumaphesenti angu-47 uma iqhathaniswa neyalezo ezazingabhucungwa.

Ngokusobala, akubona abantu abadala nje kuphela abazuzayo ngokubhucungwa! Kodwa ezinsaneni ukubhucungwa kusho okungalé kokuqiniswa kwezicubu. Kusho uthando olubonakaliswa ngezandla ezifudumele neminwe ethambile, kanye nokumomotheka ngokusuka enhliziyweni.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela