Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 8/06 k. 28-k. 29 isig. 5
  • Ingabe Abantu Baba Izingelosi Lapho Befa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Abantu Baba Izingelosi Lapho Befa?
  • I-Phaphama!—2006
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izingelosi—Yizidalwa Eziyingqayizivele
  • Kwenzekani Ekufeni?
  • Ziyini Noma Zingobani Izingelosi?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izingelosi—Indlela Ezisithinta Ngayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Izingelosi​—“Imimoya Enikela Inkonzo Yomphakathi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Izingelosi—Lokho Eziyikho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 8/06 k. 28-k. 29 isig. 5

Umbono WeBhayibheli

Ingabe Abantu Baba Izingelosi Lapho Befa?

INTOMBAZANYANA egama layo lingu-Argyro yafa ineminyaka engu-7 nje kuphela. Abazali bakhe bambuka ngolukhulu usizi njengoba ayelele ebhokisini lokungcwaba, egqoke izingubo ezimhlophe. Ezama ukubaduduza, umfundisi wathi kubo: “UNkulunkulu ubefuna enye ingelosi, yingakho ethathe u-Argyro. Manje umphefumulo wakhe uzungeza isihlalo soMninimandla onke.”

Abantu abaningi bayayazisa inkolelo yokuthi izingelosi ziyimiphefumulo yabantu abafile, nakuba zimbalwa izinkolo eziwusekela ngokugcwele lo mbono. Imithombo yezindaba iye yawenza wathandeka kakhulu lo mqondo emabhayisikobho nasemidlalweni ewuchungechunge yethelevishini ekhuluma ngabantu abafile ‘abathola amaphiko’ njengezingelosi ngokusiza nangokuvikela abantu abasaphila.

Ingabe ngempela ungalindela ukuba abathandekayo bakho babe yizingelosi lapho befa? Lifundisani iBhayibheli mayelana nale ndaba? Ukuze siphendule, ake siqale sihlole ukuthi ithini ngempela imiBhalo Engcwele ngesimo sezingelosi nesimo sabafileyo.

Izingelosi—Yizidalwa Eziyingqayizivele

Izingelosi ziyizikhonzi zikaNkulunkulu ezingabonakali, ezinamandla ezihlala endaweni yomoya. Ukuba khona kwazo akusekelwa ukuba khona kwabantu. Izingelosi ziyizidalwa zomoya ezidalwe uNkulunkulu. IBhayibheli lithi: “[Izingelosi mazidumise] igama likaJehova; ngoba yena wayala, [zadalwa].”—IHubo 148:2, 5.

IBhayibheli lembula ukuthi izigidi eziningi ezithembekile zezidalwa zasezulwini, kuhlanganise amaserafi namakherubhi, zikhonza ngokuzithoba ezindaweni ezibekwe kuzo ngokwezigaba nangokwezabelo zazo. (IHubo 103:20, 21; Isaya 6:1-7; Daniyeli 7:9, 10) Ingabe kwakudingeka ukuba abantu bafe ukuze uNkulunkulu enze kube khona zonke izingelosi ezikhona? Eqinisweni, lokho akunakwenzeka. Ngani?

IBhayibheli libonisa ukuthi izingelosi zadalwa kudala kakhulu kunabantu. Lapho uJehova edala umhlaba owawuyohlala abantu ngokuhamba kwesikhathi, izingelosi—okubhekiselwa kuzo ngendlela esankondlo ngokuthi izinkanyezi zokusa—‘zakhamuluka kanyekanye ngenjabulo, zaqala ukumemeza zihalalisa.’ (Jobe 38:4-7) Ngakho zase zikhona eminyakeni eminingi engenakubalwa ngaphambi kokuba abantu badalwe emhlabeni.

Ngaphezu kwalokho, izingelosi nabantu bahluke kakhulu endleleni abadalwe ngayo kanye nendima yabo enjongweni kaJehova.a UNkulunkulu wadala umuntu “waba ngaphansana kwezingelosi,” ngakho lezo zidalwa zomoya zibhekwa ngokufanelekile njengezidalwa ezingaphezu kwabantu, zinengqondo namandla angaphezu kwawomuntu. (Hebheru 2:7) ‘Indawo efanele yokuhlala’ yezingelosi isezulwini. (Jude 6) Ngokuphathelene nabantu, injongo yokuqala kaNkulunkulu kwakuwukuba baphile phakade emhlabeni. (Genesise 1:28; 2:17; IHubo 37:29) Umbhangqwana wokuqala ongabantu wawungeke ufe ukube wawulalele uNkulunkulu. Ngakho, kusukela ukuqaleni, abantu nezingelosi baye bajabulela izindawo ezingafani enjongweni kaNkulunkulu.

Kwenzekani Ekufeni?

Eminye imibuzo ebalulekile okufanele siyihlole ithi: Kwenzekani kubantu abafayo? Ingabe bayaqhubeka bephila kodwa besesimweni esihlukile, mhlawumbe sebeyizingelosi endaweni yomoya? IBhayibheli linale mpendulo elula futhi ecacile: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa; kodwa abafileyo bona abazi lutho.” (UmShumayeli 9:5) Ngakho-ke, lapho abantu befa kuyaphela ngabo. Abafile abezwa lutho, futhi abazi lutho.

Ingabe abafile banalo ithemba? Likhona! IBhayibheli libonisa ukuthi abantu abaningi abafile banethemba lokuthi bayovuswa. Iningi lalabo abafile liyovuselwa ekuphileni njengabantu emhlabeni oyipharadesi.—Luka 23:43; Johane 5:28.

Bambalwa kakhulu abantu abanethemba lokuvuselwa ekuphileni ezulwini. Isibalo sabo sincane—bangu-144 000 sebebonke. Nokho, laba abangu-144 000 bahluke kakhulu ezidalweni ngokuvamile ezibizwa ngokuthi izingelosi. Ngokwesibonelo, abangu-144 000 babusa noKristu njengamakhosi nabapristi abangenakufa. Banegunya lokuba abahluleli. (1 Korinte 6:3; IsAmbulo 20:6) Ingabe bayizingane esezafa? Cha. Bangabalandeli bakaKristu abaye bavivinywa futhi bahlolwa, bagcina ubuqotho kwaze kwaba sekufeni!—Luka 22:28, 29.

Cabanga nangomehluko phakathi kwabantu abafile nezingelosi eziphilayo. Izingelosi ziphapheme, zinemizwa ziyakwazi ukuzikhethela, kuyilapho abafile bona ‘bengazi lutho.’ Zinenkululeko yokuzikhethela. (Genesise 6:2, 4; IHubo 146:4; 2 Petru 2:4) Abafileyo bachazwa ngokuthi “abangenamandla,” kanti izingelosi “zinamandla amakhulu.” (Isaya 26:14; IHubo 103:20) Nakuba inzalo ka-Adamu ifa ngenxa yesono nokungapheleli, izingelosi ezisaba uNkulunkulu ziphelele, futhi zijabulela ukwamukelwa ngokugcwele uJehova.—Mathewu 18:10.

Umqondo wokuthi izingelosi ziyimiphefumulo yabantu abafile ungase ube yisihloko sezinhlelo eziqanjiwe ze-TV namabhayisikobho, kodwa imiBhalo ayiwusekeli lowo mqondo. Amaqiniso eBhayibheli achazwe ngenhla asisiza ukuba sigweme noma yikuphi ukungaqondi kahle mayelana nokuthi kwenzekani kwabathandekayo bethu abafayo. Futhi iBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi izingelosi ezithembekile—eziyizikhonzi zikaNkulunkulu ezidalwe ngokuhlukile futhi ezinamandla—ziphakeme kunabantu futhi zihlala zikulungele ukwenza intando kaJehova. Ngokujabulisayo, intando kaNkulunkulu ihlanganisa nokusebenzisa izingelosi ukuba zibheke futhi zisize labo abamhlonipha ngokujulile uJehova futhi abafuna ukumkhonza.—IHubo 34:7.

[Umbhalo waphansi]

a Igama elithi “ingelosi,” ngokwezwi nezwi elisho “isithunywa,” ngezinye izikhathi lingaba nencazelo ebanzi, lihlanganise izidalwa zomoya ezihlukahlukene ngisho nezinceku zikaNkulunkulu ezingabantu. Nokho, kulesi sihloko, sibhekisela kulezo zidalwa zomoya iBhayibheli elivame ukuzibiza ngezingelosi.

WAKE WAZIBUZA?

◼ Ingabe abathandekayo bakho abafile bayizingelosi ezikhonza uNkulunkulu ezulwini?—UmShumayeli 9:5, 10.

◼ Ingabe izingane zifa ngenxa yokuthi uNkulunkulu ufuna izingelosi ezengeziwe?—Jobe 34:10.

◼ Ingabe abafileyo bangabuya bezovikela abaphilayo?—Isaya 26:14.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 29]

“[Izingelosi mazidumise] igama likaJehova; ngoba yena wayala, [zadalwa].”—IHubo 148:2, 5.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela