Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 11/06 k. 5-k. 9 isig. 1
  • Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?
  • I-Phaphama!—2006
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubani Obusa Izwe?
  • Impikiswano Eyaphakama E-Edene
  • Kungani UNkulunkulu Engakangeneli?
  • “UBaba Ulokhu Esebenza”
  • Khetha Ukubusa KukaNkulunkulu!
  • Kungani Kunosizi Olungaka?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?
    Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
  • Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Okwenza Ububi Buqhubeke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 11/06 k. 5-k. 9 isig. 1

Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?

NGEZINYE izikhathi umuntu obuza ukuthi “Kungani?” usuke efuna induduzo kanye nezimpendulo, ngoba uma lo mbuzo ubuzwa ngenxa yokulahlekelwa okukhulu, umuntu usuke eyidinga ngempela induduzo. Ingabe iBhayibheli liyayinikeza induduzo enjalo? Cabangela amaqiniso amathathu abalulekile aseBhayibhelini ahlobene nale ndaba.

Okokuqala, akukubi ukubuza ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka. Abanye abantu bakhathazeka ngokuthi ukubuza umbuzo onjalo kubonisa ukuthi abanalo ukholo kuNkulunkulu noma abamhloniphi. Ngokuphambene nalokho, uma ubuza lo mbuzo ngenhliziyo eqotho, awuwedwa. Umprofethi othembekile uHabakuki wabuza uNkulunkulu: “Ungibukiselani ukungabi nabulungisa okubi kangaka? Uvumelani ukuba ubudlova, ukwephulwa komthetho, ubugebengu, nolunya kusakazeke yonke indawo?” (Habakuki 1:3, Contemporary English Version) UJehova uNkulunkulu akazange amthethise uHabakuki. Kunalokho, wavuma ukuba imibuzo yale ndoda ethembekile ilotshwe ukuze sonke siyifunde.—Roma 15:4.

Okwesibili, kubalulekile ukuqonda ukuthi uNkulunkulu uyakuzwela lapho usosizini. Akakude futhi akayona imfihlakalo; “ungumthandi wobulungisa,” futhi uyabenyanya ububi nokuhlupheka obukubangelayo. (IHubo 37:28; IzAga 6:16-19) Emuva ezinsukwini zikaNowa, uNkulunkulu “wezwa ubuhlungu enhliziyweni yakhe” ngenxa yokwanda kobudlova emhlabeni. (Genesise 6:5, 6) UNkulunkulu akakashintshi; ayikashintshi indlela azizwa ngayo ngalokho okwenzeka namuhla.—Malaki 3:6.

Okwesithathu, uNkulunkulu akawona neze umthombo wobubi. IBhayibheli likwenza kucace lokhu. Labo abathi izinto ezinjengokufa nobuphekula zibangelwa uNkulunkulu bayamnyundela. Phawula lokho okushiwo uJobe 34:10: “Makube kude noNkulunkulu weqiniso ukwenza ngendlela yokukhohlakala, noMninimandla onke ukwenza ngokungabi nabulungisa!” Ngokufanayo, uJakobe 1:13 uthi: “Uma umuntu elingwa makangasho ukuthi: ‘Ngilingwa uNkulunkulu.’ Ngoba uNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” Ngakho uma uye wahlupheka ngenxa yobubi, qiniseka ukuthi uNkulunkulu akayona imbangela.

Ubani Obusa Izwe?

Okushiwo ngenhla kusasishiya nombuzo, Uma uNkulunkulu eluthando, enobulungisa futhi enamandla, kungani sizungezwe ububi? Kunombono ovamile oyiphutha okufanele ulungiswe kuqala. Abantu abaningi bacabanga ukuthi uNkulunkulu uMninimandla onke ungumbusi waleli zwe, nguyena ophethe yonke into ngokuqondile. Umongameli wekolishi lokufundela ubufundisi wathi: “Akukho ngisho ne-athomu elilodwa noma i-molecule endaweni yonke engekho ngokuqondile ngaphansi kwamandla akhe.” Ingabe iBhayibheli lifundisa lokho ngempela?

Cha. Abaningi bayamangala lapho bezwa lokho iBhayibheli elikushoyo ngempela ngokuthi ubani obusa izwe. Ngokwesibonelo, eyoku-1 Johane 5:19 ithi: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” Ngubani lo omubi? UJesu Kristu wathi uSathane uDeveli, ambiza ngokuthi “umbusi waleli zwe.” (Johane 14:30) Kunengqondo-ke lokho, akunjalo? USathane unonya, uyakhohlisa futhi unenzondo—izici eziyimbangela yokuhlupheka okukhulu kwabantu. Kodwa uNkulunkulu umvumela kanjani uSathane ukuba abuse?

Impikiswano Eyaphakama E-Edene

Umzali onothando nonekhono ubengazizwa kanjani uma emangalelwa obala ngokukhohlisa izingane zakhe, ngokulisebenzisa kabi igunya lakhe phezu kwazo nangokuzigodlela izinto ezinhle? Ubengabonisa yini ukuthi lokho kunyundelwa akulona iqiniso ngokuhlasela ummangaleli wakhe? Lutho neze! Empeleni, uma ebengasabela kanjalo, ubengafakazela ukuthi ukumangalelwa kwakhe kuyiqiniso.

Lo mfanekiso uyasiza ekuchazeni indlela uJehova uNkulunkulu ayisingatha ngayo inselele eyaphonswa kuye ekuqaleni komlando wesintu endaweni okuthiwa i-Edene. Lapho, uNkulunkulu watshela abantu bokuqala ababili, u-Adamu no-Eva, ngomsebenzi omuhle ayewugcinele izingane zakhe zasemhlabeni. Kwakufanele bagcwalise umhlaba, bawunqobe, futhi bawuguqule ube ipharadesi lembulunga yonke. (Genesise 1:28) Ngaphezu kwalokho, amakhulu ezigidi zamadodana kaNkulunkulu omoya ayenesithakazelo esikhulu kulo msebenzi othakazelisayo.—Jobe 38:4, 7; Daniyeli 7:10.

NjengoNkulunkulu ophanayo, uJehova wapha u-Adamu no-Eva ikhaya elihle eliyingadi elinazo zonke izithelo ezehl’ esiphundu. Kwakunomuthi owodwa kuphela okwakungafanele bawuthinte—“umuthi wolwazi lokuhle nokubi.” Ngokungadli kulo muthi, u-Adamu no-Eva babeyobonisa ukuthi bamethemba ngokuphelele uYise, beqaphela ukuthi wayenelungelo lokunquma ukuthi yini ezilungele nengazilungele izingane zakhe.—Genesise 2:16, 17.

Nokho, ngokudabukisayo, enye yamadodana kaNkulunkulu omoya, ishukunyiswa isifiso sokufuna ukukhulekelwa, yatshela u-Eva ukuthi uma edla isithelo esenqatshelwe, wayengeke afe. (Genesise 2:17; 3:1-5) Ngakho le ngelosi embi, uSathane, yaphikisa uNkulunkulu ngamabomu, empeleni imbiza ngomqambimanga! USathane wamangalela uNkulunkulu nangokugodlela u-Adamu no-Eva ulwazi olubalulekile. USathane wathi abantu kufanele bakwazi ukuzinqumela ukuthi yini elungile nengalungile. Kalula nje, uSathane wamangalela uNkulunkulu ngokuthi akayena uMbusi noBaba ofanele futhi waveza ukuthi yena wayengenza kangcono.

Ngalawo manga anobuqili nanenzondo, le ngelosi yazenza yona yaba uSathane uDeveli. La magama asho ukuthi “uMphikisi” nokuthi “uMnyundeli.” Yini u-Adamu no-Eva abayenza? Baba ngasohlangothini lukaSathane, bafulathela uNkulunkulu.—Genesise 3:6.

UJehova wayengawabhubhisa ngokuphazima kweso lawo mambuka. Kodwa, njengoba sesishilo emfanekisweni wethu, izimpikiswano ezinjalo azinakuxazululwa ngokuziphindiselela ngobudlova. Khumbula futhi ukuthi lapho uSathane ebekela uNkulunkulu inselele, kwakunezigidi zezingelosi ezazilalele. Empeleni, inani elikhulu, kodwa elingashiwongo, kamuva lajoyina uSathane ekuvukeleni kwakhe, lazenza amademoni.—Marku 1:34; 2 Petru 2:4; Jude 6.

Kungani UNkulunkulu Engakangeneli?

Ngokunxenxa u-Adamu no-Eva ukuba bafune ukuzibusa ngaphandle koMdali wabo, uSathane empeleni wasungula umkhaya owawungazimele ngempela, kodwa owawungaphansi kwegunya lakhe. Uthonywe “uyise” uDeveli, wazi noma ungazi, lo mkhaya wawuyozikhethela imigomo nezindinganiso zawo zokuziphatha. (Johane 8:44) Kodwa ingabe leyo ndlela yokuphila yayiyowulethela inkululeko yangempela nenjabulo ehlala njalo? UJehova wayazi kahle kamhlophe ukuthi kwakungeke kube njalo. Noma kunjalo, wavumela lezi zihlubuki ukuba ziphishekele inkambo yazo yokuzibusa, ngoba kungale ndlela kuphela izimpikiswano ezaphakama e-Edene ezaziyoxazululwa ngayo ngokuphelele.

Sekuyiminyaka engaphezu kuka-6 000 manje isintu sizakhele isimiso sezinto sezwe, sizama zonke izinhlobo zokubusa nezimiso zokuziphatha. Ingabe iyakujabulisa imiphumela? Ingabe umkhaya wesintu ujabule ngempela, unokuthula futhi unobunye? Ngokusobala, impendulo ingucha! Kunalokho, isintu siye sahlushwa yizimpi, indlala, izinhlekelele zemvelo, ukugula nokufa, okuye kwabangela ‘ubuze,’ ‘izinhlungu’ ‘nokububula,’ njengoba nje kusho iBhayibheli.—Roma 8:19-22; UmShumayeli 8:9.

Kodwa abanye bangase babuze, ‘Kungani uNkulunkulu engazivimbelanga izinhlekelele?’ Empeleni, lokho bekuyoba ukungabi nabulungisa, futhi bekuyophazamisa impikiswano ngokwenza kubonakale sengathi ukuhlubuka kuNkulunkulu akunayo imiphumela. Ngakho-ke, uJehova akazange avimbele bonke ubugebengu nezinhlekelele eziba khona ngenxa yokungamlaleli.a UJehova ubengeke neze abe nengxenye ekusekeleni amanga okuthi isimiso sikaSathane singaphumelela nokuthi sisitholile isihluthulelo senjabulo! Noma kunjalo, uJehova ubengakuzibile okwenzekayo. Empeleni, ubematasa kakhulu, njengoba sizobona manje.

“UBaba Ulokhu Esebenza”

Lawo mazwi kaJesu abonisa ukuthi uNkulunkulu ubengasongile izandla ebukele izenzakalo zezwe. (Johane 5:17) Kunalokho, kusukela ngesikhathi sokuhlubuka e-Edene, ubelokhu ematasa kakhulu. Ngokwesibonelo, waphefumulela abalobi beBhayibheli ukuba babhale isithembiso sakhe sokuthi esikhathini esizayo kwakuyoba “nenzalo” eyochoboza uSathane nabo bonke abamesekayo. (Genesise 3:15) Ngaphezu kwalokho, ngaleyo Nzalo, uNkulunkulu wayezomisa uhulumeni, uMbuso wasezulwini, owawuzobusisa abantu abalalelayo futhi uqede zonke izimbangela zokuhlupheka, ngisho nokufa imbala.—Genesise 22:18; IHubo 46:9; 72:16; Isaya 25:8; 33:24; Daniyeli 7:13, 14.

Ukuze agcwalise lezo zithembiso ezimangalisayo, uJehova wathumela emhlabeni Lowo owayezoba uMbusi oyinhloko kulowo Mbuso. Lowo kwakunguJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu. (Galathiya 3:16) Ngokuvumelana nenjongo kaNkulunkulu ngaye, uJesu wagxilisa imfundiso yakhe eMbusweni kaNkulunkulu. (Luka 4:43) Empeleni, uKristu wanikeza isibonelo esingokoqobo salokho ayokufeza njengeNkosi yalowo Mbuso. Wasuthisa izinkulungwane ezilambile, waphulukisa abagulayo, wavusa abafileyo waze wabonisa namandla akhe phezu kwemvelo ngokuthulisa isiphepho esinamandla. (Mathewu 14:14-21; Marku 4:37-39; Johane 11:43, 44) Likhuluma ngoJesu, iBhayibheli lithi: “Kungakhathaliseki ukuthi ziningi kangakanani izithembiso zikaNkulunkulu, ziye zaba nguYebo [ngaye].”—2 Korinte 1:20.

Labo abalalela uJesu futhi baphume “kuleli zwe”—isimiso sezinto esihlukanisiwe noNkulunkulu, esibuswa uSathane—bayamukelwa emkhayeni kaJehova. (Johane 15:19) Lo mkhaya womhlaba wonke wamaKristu eqiniso ubuswa uthando, uphishekela ukuthula, futhi uphawuleka ngokuzimisela kwawo ukuqeda yonke iminonjana yobandlululo nobuhlanga phakathi kwawo.—Malaki 3:17, 18; Johane 13:34, 35.

Esikhundleni sokusekela leli zwe lamanje, amaKristu eqiniso asekela futhi amemezele uMbuso kaNkulunkulu, elalela umyalo kaJesu olotshwe kuMathewu 24:14. Ake ucabange: Obani abashumayela “izindaba ezinhle zombuso” emhlabeni wonke? Obani abaye benqaba njengomkhaya ongokomoya womhlaba wonke, ukuhlanganyela empini nasezingxabanweni zobuzwe nobuhlanga ezihlukanisayo? Futhi obani abavumela ukuba iZwi likaNkulunkulu liqondise ukuziphatha kwabo, kungakhathaliseki ukuthi izindinganiso zalo eziphakeme ziyathandwa noma cha? (1 Johane 5:3) Abaningi baye babona lezi zimfanelo koFakazi BakaJehova. Sicela uzihlolele mathupha ubufakazi balokho.

Khetha Ukubusa KukaNkulunkulu!

Isintu, esihlukanisiwe noNkulunkulu futhi esidukiswe nguSathane, siye sakha isimiso sezwe esibangela usizi nokuphelelwa ithemba okwengeziwe. Ngisho nomhlaba ngokwawo uyonakaliswa! Ngakolunye uhlangothi, uJehova uye wamisa uhulumeni wasezulwini oye wathuthukisa ukuphila kwezigidi futhi wanikeza ngamunye ithemba eliqinisekile. (1 Thimothewu 4:10) Uyokhethani?

Manje yisikhathi sokunquma, ngoba uNkulunkulu ngeke avumele uSathane nezwe lakhe elibi baqhubeke kuze kube phakade. Injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni yokwenza lo mhlaba ube ipharadesi ayikashintshi. Ukuze afeze lokho, uMbuso wakhe kanye nabasekeli bawo bazoqhubeka bedlondlobala, kuyilapho izwe elibuswa uSathane lizoqhubeka libhekana ‘nemihelo yokucindezeleka’ kuze kube yilapho uNkulunkulu eliqeda khona. (Mathewu 24:3, 7, 8) Ngakho, uma uye wabuza uNkulunkulu ngobuqotho ukuthi “Kungani?,” mlalele ngokunaka isigijimi seBhayibheli senduduzo nethemba. Ngisho kwamanje, izinyembezi zakho zosizi zingaba izinyembezi zenjabulo.—Mathewu 5:4; IsAmbulo 21:3, 4.

[Imibhalo yaphansi]

a Nakuba uNkulunkulu eye wangenela ezindabeni zabantu ngezikhathi ezithile, ubengakwenzi lokho ngoba esekela lesi simiso samanje. Kunalokho, ubekwenza ukuze kugcwaliseke injongo yakhe.—Luka 17:26-30; Roma 9:17-24.

[Izithombe ekhasini 7]

Ingabe iyakwanelisa imiphumela yokubusa komuntu?

[Imithombo]

Baby: © J. B. Russell/Panos Pictures; crying woman: © Paul Lowe/Panos Pictures

[Isithombe ekhasini 8, 9]

UJesu uyobuyisela iPharadesi—aze avuse ngisho nabafileyo babuye baphile

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela