Umbono WeBhayibheli
Ingabe UbuKristu Buhlulekile?
KUBO bonke abantu abakhona emhlabeni, cishe ingxenye eyodwa kwezintathu ithi ingamaKristu. Kodwa izwe libonakala lihlukene phakathi endabeni yezombangazwe futhi linobudlova kunanini ngaphambili. Ingabe lokhu kusho ukuthi ubuKristu obafundiswa uJesu buyahluleka ngandlela-thile? Noma, ingabe iphutha lisendleleni abantu abaningi abasebenzisa ngayo izimfundiso zikaKristu?
Lesi sihloko sizohlaziya lokho uKristu akufundisa ngempela nesibonelo asibekela abalandeli bakhe. Sizobuye sicabangele nombono ovamile phakathi kwalabo abathi bangamaKristu, lowo empeleni ongqubuzana nencazelo yangempela yobuKristu.
Uhlobo LobuKristu Oluhlanekezelwe
Emakhulwini eminyaka ngemva kokufa kukaKristu, uhlobo lobuKristu oluhlanekezelwe lwaba inkolo ethandwa kakhulu eMbusweni WaseRoma. Njengoba ayesemukeleka, amalungu aleli qembu elithi lingamaKristu azithola selingené shi ezindabeni zezombangazwe nezenhlalo zomphakathi wamaRoma. Abaholi benkolo, njengo-Augustine, bananela lolu shintsho ngokufundisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu obukade ulindelwe wawusufikile. Laba baholi bafundisa ukuthi leli thonya labo elisha lezombangazwe nenkolo liyindlela kaNkulunkulu yokwenza ukuba intando yaKhe yenzeke emhlabeni. Ngakho kwaqokonyiswa ukubaluleka kwemizamo yabantu ekuqondiseni izindaba zezwe.
Ngenxa yalokho, abaningi sebekholelwa ukuthi umKristu kumelwe abe nendima ayifezayo ezindabeni zezombangazwe zomphakathi. Ukuze benze lokho, abaningi bakholelwa ukuthi ngezinye izikhathi umKristu kumelwe enze intando yomphakathi aphila kuwo ize kuqala kunezinye izinto eziphathelene nezinkolelo zakhe. Ngokwesibonelo, abantu abaningi bakhuluma ngomlomo nje ngezimfundiso zikaKristu zothando nokuthula, kuyilapho ngesikhathi esifanayo besekela izimpi ezinonya. Ngesizathu esifanayo, amasonto amaningi aye akhuthaza abalandeli bawo ukuba bathandazele uMbuso kaNkulunkulu kodwa ngesikhathi esifanayo asekele ababusi abacindezelayo.
Lolu hlobo lobuKristu-mbumbulu aluyona inkolo eyamiswa uJesu. Kunalokho, luwuhlobo olumiswe abantu futhi luqhutshwa yiningi lalabo abathi bangamaKristu namuhla. Lolu hlobo lobuKristu luye lwahluleka ngempela, njengoba kuboniswa umkhuba owandile wokuzishaya indiva izimiso zeBhayibheli kulo lonke eLobukholwa namuhla.
UJesu Wafundisani Ngempela?
Kungase kubamangaze abanye ukuthi uJesu empeleni wathi abalandeli bakhe ‘akufanele babe ingxenye yezwe, njengoba nje naye ayengeyona ingxenye yezwe.’ (Johane 17:15, 16) Kungani uKristu ayengakhuthaza abafundi bakhe ukuba bangabi ingxenye yezwe? Umfundi kaJesu othandekayo, umphostoli uJohane, wanikeza impendulo. Wabhala: “Lonke izwe lisemandleni omubi.”—1 Johane 5:19.
Ngakho izimfundiso zikaKristu aziqondisi abantu ezinhlanganweni zabantu, kodwa zibaqondisa eMbusweni kaNkulunkulu wasezulwini, okuyiwona oyoletha ubulungisa nokulunga kulo mhlaba. (Mathewu 6:10) UJesu ngokwakhe akazange abonise ngisho nokuthambekela okuncane kokufuna ukugxambukela ezindabeni zomphakathi wosuku lwakhe. Wasenqaba ngokuphelele isikhundla sezombangazwe. (Johane 6:15) Walahla nobudlova njengendlela yokuxazulula izingxabano. (Mathewu 26:50-53; Johane 18:36) UJesu akazange ashiye umthetho-sisekelo noma imithetho yamalungelo ezakhamuzi. Akazange athathe hlangothi ezimpikiswaneni zezombangazwe zosuku lwakhe. Ngokwesibonelo, akazange alwele amalungelo ezigqila, noma azihilele emzabalazweni wamaJuda wokumelana neRoma.
Nokho, lokhu akusho ukuthi uJesu wayengabakhathaleli abantu nezinkinga zabo. Wafundisa kabanzi ngendlela abantu okwakufanele baphathe ngayo abanye. Wakhuthaza ukuthembeka endabeni yokukhokha izintela wagcizelela nesidingo sokuzithoba kulabo abasezikhundleni ezifanele zegunya. (Mathewu 22:17-21) Wafundisa ngezindlela ezingokoqobo zokubonisa isithakazelo enhlalakahleni yabaswele. Wafundisa nangendlela yokubonisa inhlonipho ngedumela labanye, yokubonisa umusa nesihe nokuthethelela. (Mathewu, izahluko 5-7) Kuyiqiniso elaziwa kabanzi ukuthi izimfundiso zikaKristu zigxile kakhulu ekuboniseni uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane.—Marku 12:30, 31.
UbuKristu Beqiniso Namuhla
Khona-ke, umlandeli kaKristu weqiniso kumelwe aziphathe kanjani? Kumelwe aziphathe ngendlela uJesu aziphatha ngayo. Nakuba eyilalela ngokwethembeka imithetho yezwe ahlala kulo, uyohlala engathathi hlangothi ngokuphelele ezindabeni zezombangazwe. (Johane 12:47, 48) Ngeke alahle izindinganiso zobuKristu, ngisho noma engaphansi kokucindezeleka okukhulu. (1 Petru 2:21-23) Ngesikhathi esifanayo, ngeke amane abe isibukeli esingenandaba. NjengoJesu, umKristu weqiniso kumelwe abonise ngezenzo ezingokoqobo ukuthi unesithakazelo enhlalakahleni yabantu abamzungezile. (Marku 6:34) Uyozikhandla nasekusizeni abanye ukuba baphile ukuphila okujabulisayo ngokubasiza baqonde izimfundiso zikaKristu futhi baphile ngokuvumelana nazo.—Johane 13:17.
Ngokuvumelana nalokhu, oFakazi BakaJehova namuhla baphishekela ukulingisa uKristu ebuhlotsheni babo nezwe elibazungezile. Nakuba beyizakhamuzi ezigcina umthetho ezinokuthula, abayona ingxenye yezwe. NjengoJesu, bayenqaba ukuhileleka ezenzweni zobudlova nasezimpikiswaneni zezombangazwe ezivame kangaka namuhla. Ithemba labo ligxile eMbusweni kaNkulunkulu njengoyikhambi lezinkinga izwe elibhekene nazo. UbuKristu beqiniso buholela ekuphileni okujabulisayo nobunokuthula phakathi kwamalungu abo. (Johane 13:34, 35) Ngokuqinisekile, abuhluleki.
WAKE WAZIBUZA?
◼ Ingabe amaKristu kufanele azihilele ezindabeni zezombangazwe?—Johane 6:15.
◼ Ingabe uKristu watusa ubudlova njengendlela yokuxazulula izingxabano?—Mathewu 26:50-53.
◼ Iluphi uphawu oluhlukanisa amaKristu eqiniso?—Johane 13:34 35.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 18]
EL COMERCIO, Quito, Ecuador