Kuthiwani Ngezifungo Zokuzithiba Ebulilini?
EMINYAKENI yamuva, izifungo zokuzigcina umsulwa noma zokuzithiba ebulilini, ezinjengokuthi “Ngeke ngihlanganyele ebulilini ngize ngishade,” sezivamile entsheni. Lezi zifungo zibonisa imigomo etusekayo futhi zivumelana nemiyalo yeBhayibheli. (1 Korinte 6:18; Efesu 5:5) Nokho, ukugcinwa kwazo kuyangabazeka. Kokunye ukuhlola okwenziwa, intsha engamaphesenti angu-60 eyevile eminyakeni eyishumi nambili yaziphula izifungo zayo kungakapheli nonyaka.
Ngaphezu kwalokho, kunokukhathazeka ngokuthi enye intsha iyichaza kanjani ngempela inkulumo ethi “ukuzithiba ebulilini” nethi “ukuzigcina umsulwa.” UCharlene C. Giannetti noMargaret Sagarese babhala encwadini yabo ethi Boy Crazy!: “Ochwepheshe baye bahlanganisa ukwanda kokuhlanganyela ubulili ngomlomo, ngisho nangendunu, nezingane ezifuna ukuhlala zimsulwa. Zithi noma yisiphi isenzo esingekona ukulala nomuntu asibona ubulili.”
Ubonakala ugcwele kuyo yonke indawo lo mbono. Ngemva kokuxoxa nentsha eyevile eminyakeni eyishumi nambili engaphezu kwenkulungwane, omunye umlobi wathi: “Kubonakala sengathi entsheni eyikhulu mhlawumbe munye noma babili ababebheka ukuhlanganyela ubulili ngomlomo njengesenzo esingokoqobo sobulili.” Wanezela: “Kufanele uqaphele ukuthi mhlawumbe yileyo ndlela ingane yakho eyevile eminyakeni eyishumi nambili—mhlawumbe naleyo engakevi kuleyo minyaka—ecabanga ngayo.”
Labo abanamathela ezindinganisweni zeBhayibheli bayaqaphela ukuthi ukuhlanganyela ubulili ngomlomo nendunu empeleni kuyizenzo ezingokoqobo zobulili. Umyalo weBhayibheli othi “nidede ebufebeni” uhlanganisa zonke izinhlobo zobulili obungemthetho.—1 Thesalonika 4:3.