Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/07 k. 22
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isifo Sikashukela—Umqedazwe Womhlaba Wonke
  • Ujantshi Ophakeme Kakhulu Emhlabeni
  • “Abafundi Mbumbulu”
  • ‘Wawungaziwa’
  • Isifo sikashukela​—⁠Ungawanciphisa Yini Amathuba Okuba Naso?
    I-Phaphama!—2014
  • Isifo Sikashukela—“Umbulali Ohlasela Buthule”
    I-Phaphama!—2003
  • Indlela IBhayibheli Elingabasiza Ngayo Abanesifo Sikashukela
    I-Phaphama!—2003
  • Inselele Yokuselapha
    I-Phaphama!—2003
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 3/07 k. 22

Ukubuka Okwezwe

◼ Ucwaningo oluthile lubonisa ukuthi “abantu abakhuluma ngomakhalekhukhwini lapho beshayela, ngisho noma bengawuphethe ngesandla, baphazamiseka njengabashayeli abadakiwe.”—I-REUTERS NEWS SERVICE, E-U.S.A.

◼ Phakathi nezinyanga zokuqala ezinhlanu zika-2006, kwaphangwa abantu abangu-30 200 emabhasini omphakathi eGuatemala City. Kwabulawa abashayeli abangu-14 noma abasizi babo kanye nabagibeli abayishumi.—I-PRENSA LIBRE, EGUATEMALA.

◼ Emazweni angu-124 ahlanganyela ocwaningweni lwe-WHO mayelana nokuqoqwa kwegazi nokuhlolwa kwalo, angu-56 “awalihloli lonke igazi elithekeliwe ukuthi linalo yini igciwane lesandulela-ngculaza, isifo sokusha kwesibindi kohlobo B no-C kanye nogcunsula.”—I-WORLD HEALTH ORGANIZATION, ESWITZERLAND.

◼ Inani labantu base-Australia abakipitayo ngaphambi kokushada lenyuka lisuka kumaphesenti amahlanu ngawo-1960 laya ngaphezudlwana kwamaphesenti angu-70 ngo-2003.—I-UNIVERSITY OF MELBOURNE, E-AUSTRALIA.

Isifo Sikashukela—Umqedazwe Womhlaba Wonke

I-New York Times ithi ukwaziswa okuvela kuyi-International Diabetes Federation kubonisa ukuthi kule minyaka engu-20 edlule, inani labantu okuye kwatholakala ukuthi banesifo sikashukela emhlabeni wonke liye lenyuka lisuka ezigidini ezingu-30 laya ezigidini ezingu-230. Phakathi kwamazwe ayishumi anenani eliphakeme kakhulu labanesifo sikashukela, angu-7 angamazwe asathuthuka. Umongameli wale nhlangano, uDkt. Martin Silink uthi: “Isifo sikashukela singenye yezinhlekelele ezinkulu kakhulu zezempilo ezake zaba khona emhlabeni.” Lo mbiko uthi: “Kwamanye amazwe ampofu kakhulu emhlabeni, lesi sifo singumbulali osheshayo.”

Ujantshi Ophakeme Kakhulu Emhlabeni

Ujantshi ophakeme kakhulu emhlabeni, owavulwa ngo-July 2006, uhlanganisa iBeijing nenhloko-dolobha yaseTibet, iLhasa, futhi uyibanga elingaba amakhilomitha angu-4 000. I-New York Times ithi: “Lo jantshi uyisimanga sobunjiniyela, unqamula endaweni eyiqhwa engazinzile futhi ufinyelela ibanga elingaphezu kwamafidi angu-16 000 [amamitha angu-4 800] ngaphezu kogu lolwandle.” Phakathi kwezinselele ezanqotshwa onjiniyela kwaba ukugcina isisekelo sikajantshi siqinile eqhweni unyaka wonke ukuze singanyakazi. Ngenxa yokuphakama kwendawo ofinyelela kuyo kudingeka ukuba izinqola zesitimela zimpontshelwe umoya ngaphakathi, futhi zinemishini yomoya-mpilo engasetshenziswa umgibeli ngamunye.

“Abafundi Mbumbulu”

Abafundi bonyaka wokuqala abangamaphesenti ayishumi kuya kwangu-20 ababhalisele izifundo zezokuloba eyunivesithi ethile eFrance “abezi nhlobo ezifundweni,” kubika iphephandaba i-Figaro. Abanye basebenzisa ilungelo lokuba umfundi ukuze bathole izinzuzo zomphakathi nezaphulelo ezindizeni, emahhotela, ezintweni zokuhamba zomphakathi nasemabhayisikobho. Ukuze bathole lezi zinzuzo laba “bafundi mbumbulu” babhalisela izifundo ezinabantu abambalwa kakhulu, njengesiBelarus, isiFinnish, noma isiSwahili. Abafundi mbumbulu baningi ngenxa yokuthi awahlolwa amagama abafundi ekilasini. Lo mbiko uchaza ukuthi “abafundi” babhalisa kuyi-Internet bese bethola amakhadi anikezwa abafundi ngemva nje kwezinsukwana.

‘Wawungaziwa’

I-Jerusalem Post ithi ososayensi bakwa-Israyeli bakholelwa ukuthi bathole izinhlobo ezingu-8 ezintsha zezilwane ezingenamgogodla emhumeni “owawugqibeke” amakhulukhulu eminyaka “izwe lingawazi.” Abavubukuli ababesebenza enkwalini bathola imbotshana eyabaholela emhumeni ongaba amakhilomitha amabili nesigamu ubude, owawunechibi ngaphakathi. Lezi zilwane ezisanda kutholakala, ezinye zazo ezifana nofezela, zihlanganisa ezimbili ezihlala olwandle, ezimbili ezinamagobolondo futhi ezihlala emachibini, kanye nezine eziwuhlobo oluhlala ezweni.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela