Isikhathi Sokuchuma Kobani?
SIPHILA ezweni elichumayo. Ingabe ukuthola kunzima ukukukholwa lokho? Empeleni, amanye amazwe awakwazi ukuyisebenzisa yonke imali anayo. Kulinganiselwa ukuthi ngo-2005 ingqikithi yezimpahla nezinkonzo okwakhiqizwa ngalowo nyaka ibalelwa emaRandini ayizigidi eziyizigidi ezingu-424. Uma wonke lo mkhiqizo uhlukaniselwa bonke abantu abasemhlabeni, umuntu ngamunye ophilayo manje angathola amaRandi angu-63 600. Futhi lezo zibalo ziyaqhubeka zanda.
Kodwa ukuchuma komhlaba kungenye yezinto ezimangaza kakhulu. Ngokwencwadi yamuva yeZizwe Ezihlangene, ingcebo yabantu abathathu abacebe kakhulu emhlabeni inkulu kunomkhiqizo wonyaka wonke wamazwe angu-48 ampofu kakhulu ehlangene. I-UN Development Programme nayo ithi abantu abayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-2,5 bazama ukuqhubeka bephila ngemali engaphansi kwama-dollar amabili nje ngosuku. Amakhulu ezigidi awakutholi ukudla okwanele futhi awakwazi ukuthola amanzi okuphuza ahlanzekile.
E-United States, izazi zokuhlalisana kwabantu zisafunda ngeqembu labantu ezilibiza ngokuthi “abasengcupheni yobumpofu.” Laba basengcupheni enkulu yokuba babe mpofu. Abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-50 kulelo zwe bazithola bekuleso simo naphezu kwengcebo eningi izwe labo elinayo.
Kungani emhlabeni wonke izindodla zemali zifakwa ezindaweni zomcebo nasemabhange kodwa ngesikhathi esifanayo inhlupheko enkulu ibe ikhungethe amakhulu ezigidi zabantu abampofu? Kungani abantu abaningi kangaka benethuba elincane nje lokuzuza engcebweni eyandayo yomhlaba?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]
Abantu abathathu abacebe kakhulu emhlabeni bacebe ngaphezu kwamazwe angu-48 ampofu kakhulu ehlangene
[Isithombe ekhasini 3]
Izingane ezisebenza kule mboni yezitini zihola cishe u-R3,50 ngosuku
[Imithombo ekhasini 3]
© Fernando Moleres/ Panos Pictures
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
© Giacomo Pirozzi/Panos Pictures