Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 5/07 k. 7-k. 10 isig. 2
  • Banaliphi Ithemba Abampofu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Banaliphi Ithemba Abampofu?
  • I-Phaphama!—2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isifiso SikaNkulunkulu Ngabampofu
  • Isixazululo Saphakade Sobumpofu
  • Ngokushesha, Akekho Oyoba Mpofu!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Lingisa Isibonelo SikaJesu Ukhathalele Abampofu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Izwe Elingenabo Ubumpofu Liseduze
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Ukuphela Kobumpofu Kuyasondela
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 5/07 k. 7-k. 10 isig. 2

Banaliphi Ithemba Abampofu?

AYIKHO into embi ngokusebenza kanzima ukuze uziphilise, uma nje labo abasebenza kanzima bethola iholo elifanele. Phawula amazwi omlobi othile weBhayibheli: “Sengiyazi ukuthi akukho lutho olungcono . . . kunokuba umuntu ajabule . . . nokuthi wonke umuntu adle futhi empeleni aphuze abone okuhle ngawo wonke umsebenzi wakhe onzima. Kuyisipho sikaNkulunkulu.”—UmShumayeli 3:12, 13.

Kodwa njengoba sesibonile, isimiso sezomnotho somhlaba sifuna ukuba kusetshenzwe kanzima kodwa ngokuvamile sinikeza izisebenzi iholo elinganele. Abantu abaningi bayaqhubeka bempofu, badonsa kanzima ukuze baphile usuku nosuku. Akuvamile ukuba bazizwe befuna ‘ukujabula’ futhi ‘babone okuhle’ ngenxa yokuphila abakuphilayo. Ingcebo yomhlaba iye yafinyelela amazinga amangalisayo, kodwa mhlawumbe ingxenye yesintu ayitholi lutho uma kuziwa endabeni yokuhlanganyela kulowo mnotho.

Isifiso SikaNkulunkulu Ngabampofu

UMdali wesintu, uJehova uNkulunkulu, akasijabuleli lesi simo. UJehova unobubele ngabampofu. EBhayibhelini sifunda ukuthi: “[UNkulunkulu] nakanjani ngeke akukhohlwe ukukhala kwabahluphekile.” (IHubo 9:12) UJehova unguNkulunkulu obakhathalelayo abampofu.

Likhuluma ngoJehova, iBhayibheli lithi: “Ovelelwe yishwa, intandane, uzinikela kuwe. Wena ubé ngumsizi wakhe.” (IHubo 10:14) Qaphela indlela leli vesi leBhayibheli elibhekisela ngayo kumuntu ngamunye ohluphekile.a Yebo, uNkulunkulu ubheka umuntu ngamunye futhi acabangele izidingo zakhe. Kuyena umuntu ngamunye uyigugu futhi uyakufanelekela ukunakwa. UJehova umema abantu abavela kuwo wonke amazinga omnotho ukuba bafunde kuye futhi bajabulele ubungane bakhe.

Enye into abantu abayifunda kuNkulunkulu ukubonisa ukukhathalela nokuzwelana nabanye. OFakazi BakaJehova bazibheka njengomkhaya omkhulu ongokomoya. Banokwazisa ngomunye nomunye—phakathi kwabo kuvame uthando lobuKristu lwangempela. INkosi uJesu Kristu yake yatshela abalandeli bayo: “Nonke nina ningabafowabo bomunye nomunye.” (Mathewu 23:8) Ngakho-ke, bonke abantu abangabakhulekeli beqiniso baba yingxenye yobuzalwane obungayi ngokuthi ucebe kangakanani. Bayanakekelana futhi bayakhuthazana ngezikhathi zobunzima.

IBhayibheli linezimiso ezinganciphisa imiphumela yobumpofu. ImiBhalo ibonisa ukuthi uNkulunkulu uyakulahla ukungcolisa umzimba—kungaba ngokubhema ugwayi—nokusebenzisa kabi utshwala. (IzAga 20:1; 2 Korinte 7:1) Umuntu ophila ngalezo zimiso wonga imali ebingase ilahlwe ngokusetshenziselwa imikhuba eyingozi. Ugwema ukugula okubangelwa ukubhema nokudakwa kanye nezindleko zokwelashwa ezimba eqolo ezibangelwa yikho. IBhayibheli liphinde lifundise abantu ukuba bagweme ukuthanda izinto ezibonakalayo nokuhaha. (Marku 4:19; Efesu 5:3) Ngokuhlonipha iZwi likaNkulunkulu kulezi zindaba, umuntu ugwema nokuchitha imali yakhe ekugembuleni.

IBhayibheli linikeza izimiso ezisebenzayo zokuphila kwansuku zonke, ngisho nasenkathini yokuhlupheka okukhulu. Qaphela nakhu okulandelayo.

Ezweni elinezinga eliphakeme labantu abangasebenzi, isisebenzi sasefektri sazibeka engozini yokulahlekelwa umsebenzi ngokucela isikhathi sokuya emihlanganweni yobuKristu. Umphathi waso wayengasixosha kalula. Kunalokho, wasimangaza sona kanye nezinye izisebenzi ngokusivuma isicelo saso. Ngaphezu kwalokho, umphathi wasitshela ukuthi wayefuna ukuba siqhubeke sisebenza kule fektri futhi wasitusa “njengesisebenzi esiyisibonelo.” Kungani?

Leso sisebenzi, esingomunye woFakazi BakaJehova, sasiphila ngezimiso zeBhayibheli. Sifisa “ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke,” sasingaqambi amanga noma sintshontshe futhi ngenxa yalokho sazakhela idumela lokwethembeka. (Hebheru 13:18) Sihlonipha isimiso esiphefumulelwe esitholakala kweyabaseKolose 3:22, 23, sasenza umsebenzi waso “ngomphefumulo wonke.” Lokhu kusho ukuthi sasilalela umqashi waso futhi siqiniseka ukuthi siyazikhandla usuku nosuku esasikhokhelwa lona.

Kuyiqiniso, siphila esimisweni sezomnotho esibuswa ubugovu futhi esifuna inzuzo ngaso sonke isikhathi. Abathile abazihlonipha ngokujulile izimiso zeBhayibheli bangase bakuthole kunzima ukuthola ukudla, okokwembatha nendawo yokukhosela abayidingayo. Kodwa abanjalo banonembeza ohlanzekile phambi koMdali wabo futhi babheka phambili ngethemba ezikhathini ezingcono ezizayo, ezizolethwa uJehova, “uNkulunkulu onika ithemba.”—Roma 15:13.

Isixazululo Saphakade Sobumpofu

IBhayibheli lembula imizwa eqinile uJehova anayo ngalabo ababangela ukucindezelwa okungafanele kwabampofu. IZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe lithi: “Maye kulabo abamisa iziqondiso ezilimazayo nakulabo abahlale beloba njalo, beloba inkathazo yodwa, ukuze basunduze abaphansi ecaleni lomthetho futhi bahlwithe ubulungisa kwabahluphekileyo . . . , ukuze abafelokazi babe yimpango yabo, futhi baphange ngisho nezintandane!” (Isaya 10:1, 2) Kungakhathaliseki ukuthi kuyinhloso ukungabanaki abampofu noma bakwenza ngenxa yokungazi, labo abalawula ezomnotho zomphakathi wesintu namuhla bayingxenye yesimiso esicindezelayo uNkulunkulu uMninimandla onke azosisusa.

Umprofethi u-Isaya ubuza abacindezeli abanjalo umbuzo obalulekile: “Niyokwenzani nina madoda ngosuku lokuhanjelwa nasencithakalweni, lapho ifika ivela kude?” (Isaya 10:3) UJehova uyobaqothula ngokubhubhisa isimiso esingenabulungisa abasibhebhezelayo.

Kodwa injongo kaNkulunkulu ihlanganisa okungaphezu nje kokuthatha isinyathelo ngabacindezeli. Uyonikeza abantu abanhliziyo ziqotho indlela yokuphila enobulungisa. Ngohulumeni ophakeme, uyonika bonke abantu ithuba lokuphila ukuphila okwanelisayo, okujabulisayo okungenabo ubumpofu. Ukuze uchume ngaleso sikhathi, ngeke kudingeke ube nefa lemali eningi, wazane nabathile abaphakeme noma ube nobuchule kwezohwebo. Singaqiniseka kanjani ukuthi ushintsho olunjalo luyokwenzeka?

UJesu Kristu, owabekwa uJehova ukuba abuse isintu, wabhekisela kulelo kusasa elihle ngokuthi ‘ukudalwa kabusha.’ (Mathewu 19:28) Leli gama lidlulisela umqondo wokuvuselelwa, ukuqala kabusha kokuphila kwesintu. Ngokusebenzisa inkulumo ethi ‘ukudalwa kabusha,’ uJesu wagcizelela ukuthi uJehova uyonikeza abantu abalungile ithuba lokuphila ukuphila ngendlela efunwa uMdali wethu onothando. Phakathi kwezinzuzo eziningi ayozilethela isintu ngaleso sikhathi kuyoba khona nokususwa ngokuphelele komthwalo wezomnotho osinda abaningi kangaka namuhla.

Lapho sikhuluma ngokubusa kukaJesu Kristu, isiprofetho seBhayibheli sithi: “Iyokhulula ompofu okhalela usizo, nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi. Iyohawukela ophansi nompofu, imiphefumulo yabampofu iyoyisindisa. Iyokhulula umphefumulo wabo ekucindezelweni nasebudloveni, igazi labo liyoba yigugu emehlweni ayo.”—IHubo 72:12-14.

Ungalithola nawe leli kusasa elihle. Kodwa ukuze ufinyelele izimfuneko zikaNkulunkulu zokuphila kulelo zwe elisha, kubalulekile ukuqale ufunde futhi wenze intando kaNkulunkulu weqiniso. Yenza izinqumo ezihlakaniphile ezisekelwe olwazini lweZwi likaNkulunkulu. Phila ngokulangazelela ikusasa elihle uNkulunkulu alibekele sonke isintu. Ngeke uphoxeke. IZwi likaNkulunkulu liyethembisa: “Ompofu ngeke alibaleke ngaso sonke isikhathi, nethemba labamnene ngeke lishabalale.”—IHubo 9:18.

[Umbhalo waphansi]

a Amanye amavesi amabili eBhayibheli abonisa ukukhathazeka kukaNkulunkulu ngabantu abahluphekayo iHubo 35:10 neHubo 113:7.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 10]

Ingabe Kufanele Ngithuthele Endaweni Enezimo Ezingcono?

IZwi likaNkulunkulu alibatsheli abantu ukuthi kufanele bahlale futhi basebenze kuphi. Kodwa izimiso zeBhayibheli zingamsiza umuntu ukuba abone ukuthi ukuthuthela kwelinye izwe ngenxa yezizathu ezingokomnotho kuyafaneleka yini. Qaphela imibuzo elandelayo nezimiso ezingokomBhalo ezihilelekile.

1. Ingabe ngihehwa amahemuhemu angasekelwe ndawo? IzAga 14:15 zithi: “Noma ubani ongenalwazi uba nokholo kuwo wonke amazwi, kodwa okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.” Ngemva kokuthuthela ezweni elicebile, indoda ethile eMpumalanga Yurophu yathi: “Ngezwa kuthiwa lapha imali imila njengamaqabunga ezihlahleni. Kodwa namanje ngisazifuna lezo zihlahla.”

2. Ingabe nginombono olinganiselayo ngezidingo zomkhaya wami? Ingabe ngiphambanisa izinto eziyisidingo nezifiso ezingenangqondo? Izinhloko zemikhaya zibophekile ukunakekela amakhosikazi nezingane zazo ngokwenyama. (1 Thimothewu 5:8) Kodwa obaba banomthwalo wemfanelo futhi kuNkulunkulu wokufundisa izingane zabo ngokokuziphatha nangokomoya. (Duteronomi 6:6, 7; Efesu 6:4) Ubaba angase akwazi ukunakekela umndeni kwakhe ngokwezinto ezibonakalayo uma ethuthela kwenye indawo. Kodwa ngeke akwazi ukuziqeqesha ngendlela edingekayo ngokokuziphatha nangokomoya izingane zakhe uma kuphela amasonto, izinyanga noma iminyaka engaziboni.

3. Ingabe ngiyabona yini ukuthi ukungabi seduze komkami isikhathi eside kusichaya ekuphingeni sobabili? IZwi likaNkulunkulu lixwayisa abashadile ukuba bacabangele izidingo zocansi zomunye nomunye.—1 Korinte 7:5.

4. Ingabe ngiyaqonda yini ukuthi ukungena kwelinye izwe ngokungemthetho kungaletha imiphumela emibi evela kuziphathimandla ezibusayo? AmaKristu eqiniso abophekile ukuba alalele imithetho yezwe.—Roma 13:1-7.

[Izithombe ekhasini 8]

Izimiso zeBhayibheli ziyasebenza kungakhathaliseki ukuthi sicebile noma simpofu

[Isithombe ekhasini 9]

Ungalithola nawe ikusasa elihle

[[Umthombo Wesithombe ekhasini 7]

Top: © Trygve Bolstad/Panos Pictures

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela