Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 5/07 kk. 21-22
  • Angisesona Isigqila Sotshwala

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Angisesona Isigqila Sotshwala
  • I-Phaphama!—2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Vumela Ukuqondiswa Umbono KaNkulunkulu Ngotshwala
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Londoloza Umbono Olinganiselayo Ngotshwala
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • AmaKristu Kufanele Akubheke Kanjani Ukuphuza Utshwala?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Ukukhuluma Nezingane Ngotshwala
    Usizo Lomndeni
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 5/07 kk. 21-22

Angisesona Isigqila Sotshwala

Ukuphuza utshwala ngokulinganisela kungenza isidlo sehl’ esiphundu noma kunezele injabulo emcimbini. Kodwa kwabanye abantu, ukuphuza utshwala kuholela ezinkingeni ezinkulu. Cabanga ngendaba elandelayo yendoda eyakwazi ukugqashula emaketangeni okusebenzisa kabi utshwala.

KUBUHLUNGU kimi, ngisho namanje, ukulandisa ngesimo esishubile esasihlala sikhona ekhaya. Ubaba nomama babeqale baphuze. Ukusuka lapho ubaba wayeshaya umama. Nami ngangivame ukuthola amachaphazela ezibhakela zakhe ezindiza emoyeni. Lapho benquma ukuhlukana, ngangineminyaka emine kuphela ubudala. Ngisakhumbula ngiyiswa kwagogo ukuba ngiyohlala khona.

Ngangizizwa ngingathandwa nhlobo. Lapho sengineminyaka engu-7, nganginyonyoba ngiye egumbini elingaphansi lendlu ngiyophuza iwayini elivutshelwe ekhaya, okwakubonakala lidambisa usizi lwami. Lapho sengineminyaka engu-12, kwaqubuka impikiswano eshubile phakathi kukamama nogogo ngenxa yami. Umama wathukuthela kangangokuba wangijikijela ngemfoloko yokusebenza engadini. Ngaphuma ngiphulukundlela ngingenamyocu! Kwakungaqali ngaleso sikhathi ukuba ukuphila kwami kube sengozini. Nokho, izibazi ezisemzimbeni wami zazingajulile njengezibazi ezingokomzwelo ezisekujuleni kwenhliziyo.

Lapho sengineminyaka engu-14, ngangiphuza njalo. Ekugcineni, lapho ngineminyaka engu-17 ngeqa ekhaya. Ukuphuza kwakungenza ngibe nomuzwa wokuthi ngingazimela, futhi ngaqala ukuba nolaka, ngibanga inkathazo ezinkantini zendawo. Okuwukuphela kwento eyayingijabulisa ekuphileni kwakuwukuphuza. Ngosuku nje olulodwa, ngangiphuza cishe amalitha amahlanu ewayini, amabhodlela ambalwa kabhiya kanye nogologo.

Lapho ngishada, ukuphuza kwami kwabangela umkami izinkinga ezinkulu. Ngaba nenzondo nolaka olwengeziwe, ngakho ngangimshaya yena nezingane, ngiphinda sona leso simo esibi engangikhule ngaphansi kwaso. Cishe yonke imali yami yomholo yayiphelela otshwaleni. Sasingenayo ifenisha, ngakho mina nomkami sasilala phansi. Ngangingazi ukuthi ngiphilelani ngempela, futhi ngangingenzi mzamo wokuthuthukisa isimo sethu.

Ngolunye usuku ngaxoxa nomunye woFakazi BakaJehova. Ngambuza ukuthi kungani kugcwele ukuhlupheka okungaka, futhi lo Fakazi wangibonisa isithembiso sikaNkulunkulu eBhayibhelini sezwe elingenazo izinkinga. Lokho kwangenza ngaqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi. Njengoba ngangisebenzisa izimfundiso zeBhayibheli futhi nginciphisa ophuzweni, ukuphila komkhaya wethu kwathuthuka kakhulu. Nokho, ngaqaphela ukuthi uma ngifuna ukukhonza uJehova uNkulunkulu ngendlela eyamukelekayo, kwakudingeka nginqobe inkinga yami yotshwala. Ngemva komshikashika wezinyanga ezintathu, ngakwazi ukugqashula otshwaleni. Ngemva kwezinyanga eziyisithupha nganikezela ukuphila kwami kuNkulunkulu futhi ngabonakalisa lokhu ngokubhapathizwa.

Ngokugqashula ebugqilini botshwala, ngakwazi ukukhokha zonke izikweleti zami. Ngokuhamba kwesikhathi ngathenga umuzi nemoto, esiyisebenzisela ukuya emihlanganweni yobuKristu nokuhlanganyela enkonzweni yendlu ngendlu. Ekugcineni, sengiyazihlonipha.

Ngezinye izikhathi ngiye ngiphiwe utshwala embuthanweni wokuzijabulisa. Abaningi abawazi umshikashika engibhekene nawo nokuthi ukubuqhabula kanye nje kungangibuyisela ezindleleni zami zakudala. Ngisenaso isifiso sokuphuza utshwala. Kudingeka ngithandaze ngobuqotho futhi ngizimisele ukuze ngibe namandla okwenqaba. Uma ngomile, ngiphuza kakhulu noma yini enye engenamvubelo. Sekuyiminyaka eyishumi manje ngingabuthinti nhlobo utshwala.

UJehova angenza lokho abantu abangenakukwenza. Uye wangisiza ukuba ngijabulele inkululeko engangingacabangi ukuthi ngingayithola! Ngisenazo izibazi ezingokomzwelo zasebuntwaneni, futhi ngiyaqhubeka ngilwa nokucabanga okungafanele. Okuhle ukuthi ngibusiswe ngobuhlobo obuhle noNkulunkulu, ibandla labangane bangempela, kanye nomkhaya omuhle engihlanganyela nawo okholweni. Umkami nabantwana bangisekela ngenhliziyo yonke emshikashikeni engibhekene nawo wotshwala. Umkami uthi: “Ngaphambili, ukuphila kwami kwakulusizi. Namuhla, ngiyambonga ngempela uJehova ngokuthi ngijabulela ukuphila komkhaya okujabulisayo nomyeni wami nezingane ezimbili.”—Inikelwe.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 21]

Lapho sengineminyaka engu-14, ngangiphuza njalo

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 22]

UJehova angenza lokho abantu abangenakukwenza

[Ibhokisi ekhasini 22]

IBHAYIBHELI NOTSHWALA

◼ IBhayibheli alikulahli ukuphuza. Lichaza ‘iwayini elenza inhliziyo yomuntu ofayo ijabule’ njengeliyisipho uNkulunkulu asinike isintu. (IHubo 104:14, 15) IBhayibheli libuye likhulume ngomvini njengophawu lokuchuma nokulondeka. (Mika 4:4) Empeleni, isimangaliso sokuqala esenziwa uJesu Kristu kwakuwukuguqula amanzi abe iwayini edilini lomshado. (Johane 2:7-9) Futhi lapho umphostoli uPawulu ezwa ‘ngokugula kukaThimothewu kaningi,’ watusa ukuba aphuze “iwayini elincane.”—1 Thimothewu 5:23.

◼ Kodwa-ke iBhayibheli liyakulahla ukuphuza utshwala ngokungalinganiseli:

“Izidakwa . . . azisoze zalidla ifa lombuso kaNkulunkulu.”—1 Korinte 6:9-11, “The Jerusalem Bible.”

“Ningadakwa yiwayini, okukhona kulo ukuzitika ngamanyala.”—Efesu 5:18.

“Ngubani onosizi? Ngubani onokungakhululeki? Ngubani onemibango? Ngubani okhathazekile? Ngubani onamanxeba ngaphandle kwesizathu? Ngubani onokuqundeka kwamehlo? Yilabo abahlala isikhathi eside newayini, labo abangena ukuzofuna iwayini elixutshiwe. Ungalibheki iwayini lapho liveza umbala obomvu, lapho lizoyiza endebeni, lapho lehla ngokushelela. Ekupheleni kwalo liluma njengenyoka, likhipha ubuthi njengenyoka enesihlungu. Amehlo akho ayobona izinto eziyinqaba, nenhliziyo yakho iyokhuluma izinto ezonakele.”—IzAga 23:29-33.

Njengoba kuboniswe esihlokweni esihambisana naleli bhokisi, abanye abanenkinga ngotshwala ngokuhlakanipha baye bakhetha ukubugwema ngokuphelele.—Mathewu 5:29.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela