Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/07 k. 8-k. 9 isig. 3
  • Vumela UNkulunkulu Akuqondise “Ekuphileni Kwangempela”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Vumela UNkulunkulu Akuqondise “Ekuphileni Kwangempela”
  • I-Phaphama!—2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Uyozuza Esiqondisweni SikaNkulunkulu?
  • Indlela Eya EPharadesi
    I-Phaphama!—1997
  • “Abamnene Bayodla Ifa Lomhlaba”—Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba Izogcwaliseka Maduze
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Ikusasa Elilondekile—Indlela Ongalithola Ngayo
    Ikusasa Elilondekile—1975 (fu)
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 7/07 k. 8-k. 9 isig. 3

Vumela UNkulunkulu Akuqondise “Ekuphileni Kwangempela”

INTO ebalulekile nganoma yisiphi isiqondiso ukuthi kufanele sibe nokwethenjelwa. Labo abamaziyo uJehova, uMlobi weBhayibheli, bayaqiniseka ukuthi uthembeke kunabo bonke abantu. ‘Akanakuwaqamba amanga.’ (Thithu 1:2; 2 Thimothewu 3:16) UJoshuwa owesaba uNkulunkulu, owaholela ama-Israyeli eZweni Lesithembiso, wakufakazela ukwethenjelwa kukaJehova. Lapho ekhuluma nabantu, wathi: “Nazi kahle ngazo zonke izinhliziyo zenu nangayo yonke imiphefumulo yenu ukuthi akukho nelilodwa izwi kuwo wonke amazwi amahle uJehova uNkulunkulu wenu awakhulumile kini eliye laphutha. Agcwaliseke wonke kini. Akuphuthanga nezwi elilodwa kuwo.”—Joshuwa 23:14.

Kusukela ngesikhathi sikaJoshuwa, nezinye iziprofetho eziningi zeBhayibheli ziye zagcwaliseka. Lo mlando ongenaphutha usenza sibe nesisekelo esiqinile sokukholelwa eziprofethweni ezisazogcwaliseka. Iningi lalezi ziprofetho liphathelene nenjongo kaNkulunkulu ngomhlaba nesintu esilalelayo.

Ingabe Uyozuza Esiqondisweni SikaNkulunkulu?

UJehova, isibonelo esiphelele sothando, ufuna ukuba sijabule manje naphakade. (Johane 17:3; 1 Johane 4:8) Yebo, uNkulunkulu ufisa ukuba sijabulele “ukuphila kwangempela”—ukuphila okuphakade. (1 Thimothewu 6:12, 19) Ngenxa yalesi sizathu, oFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi eziyisithupha, belalela umyalo kaNkulunkulu, bahlanganyela ngenjabulo ekutsheleni omakhelwane “izindaba ezinhle zombuso.” (Mathewu 24:14) Njengamanje, benza lo msebenzi emazweni angu-235—cishe ezizweni zonke zomhlaba!

UMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni wasezulwini osezandleni zikaJesu Kristu. (Daniyeli 7:13, 14; IsAmbulo 11:15) Ngaphansi kokubusa kwakhe, bonke ababi—labo abenqaba ukuzithoba ezindinganisweni ezilungile zikaJehova—bayobhujiswa. (IHubo 37:10; 92:7) Ngemva kwalokho, umhlaba wonke “uyogcwala ulwazi ngoJehova njengoba nje amanzi esibekela ulwandle.”—Isaya 11:9.

Ake ucabange ngokuthula nobunye obuyoba khona lapho bonke abantu abasemhlabeni bekhulekela uNkulunkulu “ngomoya nangeqiniso” futhi bezithoba ngokuzithandela esiqondisweni sakhe sothando nasezindinganisweni zakhe eziphelele. (Johane 4:24) Ekugcineni, abantu bayojabulela “ukuphila kwangempela” okwathenjiswa nguNkulunkulu!

Nokho, njengoba kwabikezelwa, bambalwa kakhulu abayokwamukela isiqondiso sikaNkulunkulu futhi bathole ukuphila. (Mathewu 7:13, 14) Uyafuna ukuba ngomunye wabo? Uma kunjalo, oFakazi BakaJehova bakumema ngobuqotho ukuba uhlole imiBhalo futhi uvumele iseluleko sikaNkulunkulu sikuqondise. Ngokwenza kanjalo, ‘uyonambitha’ ukuthi uJehova muhle kangakanani ngempela. (IHubo 34:8) Njengoba nje ngokuqinisekile izinyoni ziqondiswa umzwelo ongokwemvelo lapho zilibangise khona, uJehova uyobaholela ekuphileni ePharadesi abaqotho bakhe.—Luka 23:43.

[Isithombe ekhasini 8, 9]

“Bayajabula abanomoya omnene, ngoba bayokudla ifa lomhlaba.”—MATHEWU 5:5

“Abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHUBO 37:11

“Itende likaNkulunkulu likanye nabantu . . . Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona.”—ISAMBULO 21:3, 4

“Ngabaqotho abayohlala emhlabeni, futhi ngabangasoleki abayosala kuwo. Kepha ababi bayonqunywa emhlabeni; abakhohlisayo bona, bayosishulwa kuwo.”—IZAGA 2:21, 22

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela