“Jehova, Ngicela Ungivumele Ngikukhonze”
Njengoba ilandiswa ngu Danielle Hall
Lapho ngiseyintombazanyana, ngangithanda ukuvakashela uNanna, owayengumakhelwane wethu. Wayethatha isihlwathi njalo ntambama. Uma kwenzeka ngimvakashela ngaleso sikhathi, sasihlala ndawonye embhedeni njengoba engifundela izindaba zeBhayibheli. Wayevame ukungitshela lokhu: “Ungalokothi ukhohlwe ukuthi uJehova uyakuthanda. Futhi uma umthanda, uyokunakekela ngaso sonke isikhathi.” Amazwi akhe agxila ngokujulile engqondweni nasenhliziyweni yami.
UNANNA washona ngo-1977, ngineminyaka emine ubudala. Wayengomunye woFakazi BakaJehova, yena kanye nazo zonke ezinye izihlobo zikababa ezazihlala nathi eMoe, e-Australia. Abazali bami babengebona oFakazi, kodwa ubaba wayengabaxwayi. Kamuva umkhaya wakithi wathuthela eTintenbar, idolobhana eliseduze nasogwini lwaseNew South Wales. Lapho, mina nomfowethu uJamie, sasihamba nobaba siye emihlanganweni yoFakazi ngezinye izikhathi.
Lapho ngineminyaka engu-8, abazali bami bahlukana. Ubaba wabuyela eMoe, mina noJamie sahlala nomama. Wayengalithandi iBhayibheli futhi wayengafuni ukuba siye emihlanganweni yoFakazi. Lokhu kwakungidabukisa kakhulu. Amazwi kaNanna ayengishukumisa ngokujulile enhliziyweni yami. Ngangazi ukuthi ngiyamthanda uJehova! Futhi ngangifuna ukumkhonza. Ngakho ngathandaza kuJehova ngamtshela ukuthi nami ngingomunye woFakazi bakhe. UJamie wayezizwa ngendlela efanayo.
Uvivinyo Esikoleni
Ngokushesha ngemva kwalokho, uthisha esikoleni wacela ingane ngayinye ekilasini lethu ukuba isho ngokuzwakalayo inkolo yayo ukuze akwazi ukuyibhala phansi emabhukwini akhe. Lapho kufika ithuba likaJamie, washo ngezwi elicacile futhi elizwakalayo wathi, “NginguFakazi KaJehova.” Uthisha wamnqanda wayesemcela ukuba aphinde impendulo yakhe, okuyilokho akwenza. Uthisha wathi: “Angicabangi kanjalo, kodwa ngizobuye ngikubone kamuva.” Lapho kufika ithuba lami, nami ngasho ngokuzwakalayo ngathi, “NginguFakazi KaJehova.” Ebonakala ebusweni ukuthi ucasukile, uthisha wasithumela kuthisha-nhloko wesikole.
Ekhuluma ngokuqinile, uthisha-nhloko wathi: “Ngiphethe amaphepha enu enawagcwalisa lapho nibhalisa, futhi abazali benu abazange babhale ukuthi ningoFakazi BakaJehova.” Saphendula ngenhlonipho: “Kodwa sikuleyo nkolo.” Uthisha-nhloko nothisha ababange besakhuluma futhi ngaleyo ndaba.
Esikoleni ngangizama ukuhlanganyela nengangifunda nabo ekilasini ulwazi lwami lweBhayibheli olulinganiselwe. Ngokuphatha INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli esikoleni, ngezinye izikhathi ngangifundela enye intombazane eyayikholelwa kuNkulunkulu.a Kodwa ngenxa yokuthi ngangizama ukuphila ngokuvumelana nezindinganiso zobuKristu, ngangingathandwa neze, futhi ngezinye izikhathi, ngangizizwa nginesizungu.
Ngangithandaza kuJehova njalo nangokujulile kangangokuthi waba umngane wami oseduze. Usuku ngalunye ngemva kwesikole, ngangihlala embhedeni bese ngitshela uJehova ngezenzakalo zangalolo suku. Ngangivame ukukhala. Izinyembezi zigeleza ezihlathini, ngangimcela, “Jehova, ngicela ungivumele ngikukhonze kanye nabantu bakho.” Njalo ngemva kokuthandaza ngangizizwa ngingcono kakhulu.
Incwadi Eqinisayo
Lapho ngineminyaka eyishumi, uJamie wabuyela eMoe eyohlala nobaba. Manje ngase ngingedwa ngisho nakakhulu ngokomoya. Khona-ke, kwathi ngivakashele kwamakhelwane, ngathola omagazini abathile ababeshicilelwa oFakazi BakaJehova. Ngenjabulo, ngabamba ngekhanda ikheli lehhovisi legatsha lendawo ngabe sengiphuthuma ngiya ekhaya ukuze ngiyolibhala phansi. Ngabhalela igatsha incwadi esuka enhliziyweni ngichaza isimo sami futhi ngicela usizo olungokomoya. Impendulo yabo ethinta inhliziyo, engamakhasi amabili, eyayibhalelwe mina ngokuqondile, yangenza ngahlengezela izinyembezi. Lobu kwakuwubufakazi bangempela bokuthi ngiyigugu kuJehova!
Le ncwadi yangikhuthaza ukuba ngilingise ukholo lwentombazanyana encane yakwa-Israyeli eyaba incekukazi kaNahamani, induna yempi yaseSiriya ngezikhathi zeBhayibheli. Nakuba yayithunjiwe futhi ihlala kude nezwe lakubo, yahlala iseduze noNkulunkulu wayo, uJehova. Futhi ngokukhuluma ngesibindi ngokholo lwayo, yazibonakalisa ingufakazi wakhe weqiniso.—2 AmaKhosi 5:1-4.
Incwadi eyayivela ehhovisi legatsha yanezela: “Njengentombazane esencane, kufanele ukhonze uJehova ngokulalela abazali bakho nokuzikhandla esikoleni. Futhi kudingeka uhlale usondelene noJehova ngomthandazo nokutadisha.” Ekuphetheni, le ncwadi yathi: “Danielle, khumbula ukuthi kungakhathaliseki ukuthi sihlala kuphi, uJehova uhlale eseduze nathi. Siyazi ukuthi uyakukholelwa lokhu.” (Roma 8:35-39) Leyo ncwadi, nakuba manje isigugile futhi idabukile, isesekhasini lokuqala eBhayibhelini lami. Nakuba ngiyifunde kaningi kule minyaka edlule kodwa njalo ngikhala izinyembezi uma ngiyifunda.
Ngokushesha ngemva kwalokho, ngathola enye incwadi. Yathi ubaba wayehlele ukuba ngithole omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! ngeposi. Ngajabula ngafa! Manje ngase ngikuthola njalo ukudla okungokomoya. Lapho kufika umagazini ngamunye, ngangiwufunda ngiwuqede. Ngisenamakhophi okuqala ngqa engawathola alabo magazini abayigugu. Cishe ngalesi sikhathi, ngaqala ukuvakashelwa umdala ongumKristu webandla lendawo. Nakuba ayevakasha isikhashana nje kodwa lokho kwakukhuthaza kakhulu.
Ushintsho Luletha Intuthuko
Nakuba isimo sami esingokomoya sase sithuthukile, ngangisalangazelela ukukhulekela uJehova ngenkululeko. Ngakho lapho ngifinyelela eminyakeni engu-13 ubudala, ngacela umama ukuthi ngingahamba yini ngiyohlala nobaba. Ngangimthanda kakhulu umama, futhi naye wayengithanda, kodwa ngangizimisele ukukhonza uNkulunkulu. Lapho evuma, ngabuyela eMoe, futhi ngaqala ukutadisha iBhayibheli nebandla lendawo. Ngemvume kababa, mina noJamie sasiya nakuyo yonke imihlangano. OFakazi bendawo benza konke okusemandleni ukuba basisize. Mina noJamie sathuthuka ngokushesha ngokomoya futhi kamuva sabhapathizwa sishiyana ngezinyanga. Yebo, umthandazo wami wasebuntwaneni waphendulwa. Ngase ngikhonza uJehova kanye nabantu bakhe!
Phakathi naleso sikhathi, ngaba nobuhlobo obukhethekile nomalume no-anti, uPhilip noLorraine Taylor, nabo ababeseBandleni LaseMoe. Babengiphatha njengendodakazi yabo. Lapho bethuthela esiqhingini saseBougainville, ePapua New Guinea, beyokhonza lapho kwakunendingeko enkulu khona yabashumayeli boMbuso, ngavumela phezulu lapho bengicela ukuba ngihambe nabo. Ngangineminyaka engu-15 kuphela, kodwa umama nobaba bavuma ukuba ngihambe.
EBougainville ngaqhubeka ngifunda isikole ngisekhaya. Kodwa ngaphandle kokufunda, ngangichitha isikhathi sami esiningi ekushumayeleni. Yeka indlela okwakujabulisa ngayo ukusebenza nezithunywa zevangeli namaphayona! Abantu bendawo babengabantu abathobeke kakhulu kwengake ngahlangana nabo, futhi abaningi babekujabulela ukutadisha iBhayibheli.
Kamuva ngalowo nyaka kwaqubuka izingxabano zezombangazwe, futhi kwaba yingozi kakhulu ukuba ngiqhubeke ngihlala lapho. Kwakubuhlungu ukushiya leso siqhingi nabantu baso abahle. Njengoba indiza yethu encane isuka, ngabona umalum’ uPhilip emi emzileni wendiza evalelisa. Ngikhala izinyembezi, nganxusa uJehova buthule ukuba angivumele ngelinye ilanga ngikhonze njengesithunywa sevangeli kwelinye izwe.
Imithandazo Eyengeziwe Iyaphendulwa
E-Australia, ngemva kokuqeda esikoleni esiphakeme, inkampani ethile yezomthetho yaqala ukungiqeqeshela umsebenzi wasehhovisi. Ubaba wayeseshadile futhi, enomkhaya omkhulu ayewunakekela. UJamie wayehlala nomama. Kwaphela isikhathi esithile ngigqigqa phakathi kukamama nobaba. Ukuphila kwakubonakala kuyinkimbinkimbi. Kwakudingeka ngenze ukuphila kwami kube lula futhi ngigxile emigomweni engokomoya. Ngakho ngo-1994, ngangenela inkonzo yesikhathi esigcwele njengephayona eMoe.
Ngaphinde ngajabula. Abangane bami kwakuyintsha ethanda izinto ezingokomoya ebandleni, futhi baba uzime kimi. Empeleni, ngo-1996, ngashada nomunye wabo—uWill—indoda emnene, enomusa futhi ethobekile, eyaba isibusiso sangempela esivela kuJehova.
Ngemva kokushada sazinza, futhi kwabonakala sengathi injabulo yethu iphelele. Ngolunye usuku, uWill wafika ekhaya ngemva kokusebenza nombonisi ojikelezayo owayevakashele amabandla endaweni yakithi. Engicela ukuba ngihlale phansi, wabuza, “Ungathanda ukuthutha uyosiza elinye ibandla?” Ngavuma ngokushesha enhliziyweni yami. Kodwa ngidlala, ngabuza: “Kuphi? EVanuatu? EFiji?” Lapho uWill ephendula ethi “EMorwell,” ngaphahluka, “Hawu, la emnyango!” Sobabili sahleka kodwa savuma ngokushesha ukuthi singakujabulela ukuthuthela ebandleni elingumakhelwane siyokhonza njengamaphayona.
Iminyaka emithathu eyalandela siseMorwell yayijabulisa futhi inezithelo. Kwabe sekulandela okunye esasingakulindele. Sathola isicelo esivela ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova e-Australia sokuba siyokhonza njengamaphayona akhethekile. Sanikwa siphi isabelo? EMpumalanga Timor, izwe elincane elingasemaphethelweni asempumalanga eziqhingi zase-Indonesia.b Amehlo ami agcwala izinyembezi. Ngambonga uJehova ngokuphendula yonke imithandazo yami. Wayengangamukelanga nje njengenceku yakhe kuphela kodwa manje sasiyokhonza kwelinye izwe nomyeni wami.
Ukukhonza Phesheya Kwezilwandle
Safika enhloko-dolobha, iDili, ngo-July 2003. IBandla LaseDili—okuyilo kuphela kuleli zwe—lalinamaphayona akhethekile angu-13 avela e-Australia kanye nedlanzana loFakazi bendawo. Abafowethu nodadewethu baseTimor babempofu kakhulu; abaningi babelahlekelwe impahla yabo namalungu omkhaya empini yombango yeminyaka engu-24 eyaphela ngo-1999. Abaningi babekhuthazelele nokuphikiswa okukhulu kokholo lwabo olusha emkhayeni. Nokho, naphezu kosizi lwabo nobumpofu, babecebile ngokomoya futhi bejabule.—IsAmbulo 2:8, 9.
Sathola ukuthi abantu abaningi baseTimor babemesaba uNkulunkulu futhi belihlonipha iBhayibheli. Empeleni, ngokushesha sase sinezifundo zeBhayibheli ezingaphezu kwesasikwazi ukuziqhuba! Ngokuhamba kwesikhathi, abanye babafundi bethu bokuqala bakhonza kanye nathi njengabafowethu nodadewethu ababhapathiziwe. Ukubona intuthuko yabo engokomoya kwasijabulisa kakhulu.
Khona-ke, ngo-2006, iDili yangena ezinxushunxushwini. Ukushuba kwesimo phakathi kwamaqembu ezinhlanga ezihlukahlukene kwaphenduka impi enkulu. Imizi eminingi yaphangwa noma yashiswa, futhi oFakazi bendawo babalekela emizini yamaphayona akhethekile. Umuzi wethu negceke kwashintsha kwaba ikamu lababaleki lesikhashana, futhi ngesinye isikhathi kwakunabantu abangaba ikhulu abahlala nathi! Indawo enkulu yokupaka izimoto yaba ikhishi, indawo yokudlela neHholo LoMbuso lesikhashana.
Nakuba kwakuqhuma izibhamu namabhomu eduze, umuzi wethu wamaphayona wawuyisiphephelo esinokuthula. Sabona ukuthi isandla sikaJehova esiyisivikelo sasiphezu kwethu. Sasiqala usuku ngalunye ngengxoxo yetekisi leBhayibheli njengeqembu. Imihlangano yayiqhutshwa ngendlela evamile. Sasiqhuba nezifundo zeBhayibheli nabantu abathakazelayo.
Njengoba kwakudlula amasonto, kwaba sobala ukuthi kwakuyoba ingozi kubazalwane abazalelwe empumalanga yezwe ukuba bahlale eDili. Ngakho oFakazi abaholayo banquma ukuvula elinye iqembu eBaucau, idolobha lesibili elikhulu, elingaba amahora amathathu ngasempumalanga yeDili. Yingakho-ke mina noWill sathola isabelo esisha.
Safika eBaucau ngo-July 2006, cishe iminyaka emithathu kusukela ngosuku esafika ngalo eMpumalanga Timor. Iqembu lethu lalinamaphayona amane akhethekile kanye noFakazi baseTimor abayisithupha. Abazalwane nodade bendawo babeshiye konke okungokwabo eDili, kodwa babesaqhubeka bejabule kakhulu. Sasiwuthanda ngempela umoya wabo wobuqotho nokuzidela!
Mina noWill sisakhonza eBaucau. Siyasithanda isabelo sethu futhi sisibheka njengesinye isibusiso esivela kuJehova. Uma ngibheka emuva, ngiyabona ukuthi uNanna wayeqinisile. UJehova uye wanginakekela ngokuqinisekile kule minyaka edlule. Ngimbonga njalo ngokunginika ilungelo lokumkhonza kanye nabantu bakhe. Ngilangazelela nokubona uNanna ovukweni. Ngaleso sikhathi ngiyombonga ngokunginika isihluthulelo esangivulela umnyango oholela enjabulweni yeqiniso nokuphila okuvuzayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
b Leli zwe elibizwa ngokuthi iMpumalanga Timor, laziwa nangokuthi iTimor-Leste.
[Isithombe ekhasini 26]
NginoNanna
[Isithombe ekhasini 28, 29]
Nginomyeni wami, uWill