Intsha Iyabuza...
Ngingayinqanda Kanjani Inhlebo?
“Ngelinye ilanga ngaya emcimbini, ngakusasa kwase kugcwele amahemuhemu okuthi ngilale nomfana othile lapho. Kwakungamanga aluhlaza cwe lawo!”—ULinda.a
“Ngezinye izikhathi ngizwa amahemuhemu okuthi ngithandana nothile—empeleni, umuntu engingamazi nokumazi! Iningi lezinhlebi alizikhathazi ngokuhlola amaqiniso.”—UMike.
INHLEBO ingagcwalisa ukuphila kwakho ngezigemegeme ezidlula ezesithombe sebhayisikobho. Buza u-Amber oneminyaka engu-19 ubudala. Uthi: “Ngihlale ngiyisisulu. Kwake kwathiwa ngikhulelwe, ngikhiphe izisu, nokuthi ngangithenga, ngithengisa futhi ngidla izidakamizwa. Kungani abantu babesho izinto ezinjena ngami? Angazi ngempela!”
Ukuhleba Ngamathuluzi Obuchwepheshe
Lapho abazali bakho besebasha, amahemuhemu ayesakazwa ngomlomo. Kodwa namuhla, sekusetshenziswa amathuluzi obuchwepheshe. Uma intombazane noma umfana ohlose okubi ene-E-mail noma umshini wokuthumela imiyalezo ngokushesha, angonakalisa idumela lakho ngaphandle kokuvula ngisho nomlomo. Okudingekayo nje ukuchofoza izinkinobho ezimbalwa ukuze athumele inhlebo elimazayo kubantu abaningi abayilinde ngabomvu.
Abanye bathi i-Internet isiyithatha ngokushesha indawo yocingo njengethuluzi elithandwayo lokuhleba. Kwezinye izimo yonke ingosi iye yaklanyelwa nje ukululaza othile. Sezivame kakhulu izingosi ze-Internet zomuntu siqu—ama-blog—ezigcwele inhlebo umuntu abengeke ayisho ngomlomo. Empeleni, kokunye ukuhlola intsha engamaphesenti angu-58 yathi yake yaba izisulu zezinto ezizwisa ubuhlungu ezabhalwa ngayo kuyi-Internet.
Kodwa kungani ukukhuluma ngabanye abantu kuhlale kukubi? Ingabe ikhona into okuthiwa . . .
Inhlebo Enhle?
Ingabe okulandelayo kuyiqiniso noma amanga?
Inhlebo ihlale iyimbi. ◻ Iqiniso ◻ Amanga
Iyiphi impendulo enembile? Empeleni, kuxhomeke ekutheni uyichaza kanjani “inhlebo.” Uma leli gama limane nje lisho inkulumo engasho lutho, zingaba khona izikhathi lapho lifaneleka khona. Phela, iBhayibheli lisitshela ukuthi kufanele ‘sibe nesithakazelo ekuphileni kwabanye.’ (Filipi 2:4, New Century Version) Lokhu akusho ukuthi kufanele sibe ogaxekile ezindabeni ezingasithinti. (1 Petru 4:15) Kodwa ngokuvamile ingxoxo nje evamile isinikeza ulwazi oluwusizo, njengokuthi ubani oshadayo, ubani othole ingane, nokuthi ubani odinga uhlobo oluthile losizo. Kumelwe sivume—ngeke sithi siyabakhathalela abanye uma singakhulumi nhlobo ngabo.
Nakuba kunjalo, inkulumo engasho lutho ingaphenduka kalula nje ibe inhlebo elimazayo. Ngokwesibonelo, amazwi aqotho athi, “UMandla noThembi bangafanelana” angase ashintshwe kuthiwe “UMandla noThembi bayathandana”—nakuba bona bengazi lutho ngalokhu kuthandana kwabo. Ungase uthi, ‘lokhu akuyona inkinga enkulu’—ngaphandle uma ubunguMandla noma uThembi!
UJulie, oneminyaka engu-18 ubudala, wayeyisisulu senhlebo enjalo, futhi lokhu kwamlimaza. Uthi: “Kwangithukuthelisa, futhi kwangenza ngaqala ukungabaza ukuthi kumelwe yini ngibathembe abanye.” UJane, oneminyaka engu-19, wayesesimweni esifanayo. Uthi: “Ngagcina sengimgwema lo mfana okuthiwa ngithandana naye,” futhi wanezela, “Kwakungemnandi ngoba sasingabangane futhi nganginomuzwa wokuthi kufanele sikwazi ukuxoxa ngaphandle kokuba lokho kubangele amahemuhemu.”
Kusobala ukuthi inhlebo elimazayo inemiphumela emibi kakhulu. Noma kunjalo, abaningi abalinyazwe yilo mkhuba bangavuma ukuthi nabo bake benza okufanayo. Iqiniso liwukuthi lapho kukhulunywa kabi ngothile, ungase ulingeke kakhulu ukuba uhlanganyele. Ngani? UPhillip oneminyaka engu-18 ubudala uyasikisela: “Kuyindlela yokubalekela izinkinga zakho. Abantu bancamela ukugxila ezinkingeni zabanye kunokugxila kwezabo.” Khona-ke, ungenzenjani uma ingxoxo nje evamile iphenduka inhlebo elimazayo?
Lawula Izingxoxo Ngokucophelela!
Cabanga ngekhono elidingekayo ukuze ushayele emgwaqweni omkhulu omatasa. Kungazelelwe, kungase kuvele isimo esikwenza kudingeke ukuba ushintshele kolunye uhlangothi, unciphise ijubane noma ume ngokuphelele. Uma uphapheme futhi ukukhathalela ukuphepha, uyakubona okungaphambili bese uthatha isinyathelo esifanele.
Kunjalo nangengxoxo. Ngokuvamile uyakwazi ukuyizwa ingxoxo uma isiphenduka inhlebo elimazayo. Lapho lokho kwenzeka, ungashintshela yini kolunye uhlangothi ngomqondo ongokomfanekiso? Uma ungakwenzi lokho, nasi isixwayiso—inhlebo ingalimaza. UMike uyalandisa: “Ngakhuluma kabi ngenye intombazane—ngathi ihlanyiswa abafana—futhi kwafika ezindlebeni zayo. Angisoze ngalikhohlwa izwi layo lapho ixoxa nami, indlela eyezwa ubuhlungu ngayo ngenxa yamazwi ami angenangqondo. Sazilungisa izindaba, kodwa ngangingajabule ngoba ngangazi ukuthi ngilimaze othile ngaleyo ndlela!”
Kuyiqiniso ukuthi kungase kudinge isibindi ukunqanda ingxoxo esiphenduka inhlebo. Noma kunjalo, kunjengoba uCarolyn oneminyaka engu-17 ekubeka: “Kufanele uqaphele okushoyo. Uma ungakuzwanga emthonjeni onokwethenjelwa, kungenzeka ukuthi usakaza amanga.”
Ukuze ugweme inhlebo elimazayo, landela iseluleko sale mibhalo yeBhayibheli:
“Lapho kukhona amazwi amaningi asiphuthi iseqo, kodwa obamba izindebe zakhe wenza ngokuqonda.” (IzAga 10:19) Uma ukhulumela futhi, cishe ungasho okuthile ozozisola ngakho kamuva. Ekugcineni, kungcono ukwaziwa njengesilaleli kunokuba umuntu okhulumela futhi!
“Inhliziyo yolungileyo iyazindla ukuze iphendule, kodwa umlomo wababi uphuphuma izinto ezimbi.” (IzAga 15:28) Cabanga ngaphambi kokuba ukhulume!
“Yilowo nalowo kini makakhulume iqiniso nomakhelwane wakhe.” (Efesu 4:25) Ngaphambi kokuba uxoxe okuthile, qiniseka ukuthi kuyiqiniso.
“Leyo ndlela enifuna abantu benze ngayo kini, yenzani kanjalo nani kubo.” (Luka 6:31) Ngaphambi kokuxoxa ngisho nento eyiqiniso ngomuntu othile, zibuze, ‘Bengiyozizwa kanjani ukube bengiyilowo muntu bese othile embula la maqiniso ngami?’
“Masiphishekele izinto ezibangela ukuthula nezinto ezakhayo komunye nomunye.” (Roma 14:19) Ngisho nokwaziswa okuyiqiniso kungalimaza uma kungakhi.
“Nikwenze umgomo wenu ukuphila ngokuthula futhi ninake izindaba zenu siqu futhi nisebenze ngezandla zenu.” (1 Thesalonika 4:11) Ungabi ugaxekile ezindabeni zabanye. Kunezindlela ezingcono zokusebenzisa isikhathi sakho.
Lapho Uyisisulu
Kungenye into ukulawula ulimi nokugwema ukuhleba ngabanye. Kodwa uma kunguwe oyisisulu senhlebo, ungase uyithathe ngokungathí sina kakhulu indaba. UJoanne oneminyaka engu-16, owaba isisulu senhlebo elimazayo, uthi: “Ngaba nomuzwa wokuthi ngeke ngiphinde ngibe nabangane. Ngezinye izikhathi ngangikhala ngize ngizumeke. Nganginomuzwa wokuthi lonke idumela lami lonakele!”
Yini ongayenza uma uba isisulu samahemuhemu?
◼ Bheka izisusa zalokho okushiwo. Zama ukuqonda ukuthi yini eshukumisela abantu ukuba bahlebe. Abanye bakwenzela ukuba bathandwe, ukuze babonakale bengosiyazi. UKaren oneminyaka engu-14, uthi: “Bafuna abantu bacabange ukuthi banolwazi ngoba nje bekhuluma ngabanye abantu.” Ukuzinyeza kungenza enye intsha inyundele abanye ukuze nje izizwe ingcono. URenee, oneminyaka engu-17, uveza elinye iphuzu. Uthi: “Abantu banesithukuthezi. Bafuna ukuvusa isasasa futhi benze ukuphila kuthakazelise ngokuqala amahemuhemu.”
◼ Lawula imizwelo yakho. Umuntu olinyazwa yinhlebo kodwa ahluleke ukulawula indlela azizwa ephoxeke futhi ethukuthele ngayo angase enze izinto ayozisola ngazo kamuva. IzAga 14:17 zithi: “Oshesha ukuthukuthela uyokwenza ubuwula.” Nakuba kulula ukukhuluma kunokwenza, lesi isikhathi sokuzithiba ngaphezu kokuvamile. Uma wenza kanjalo, uyogwema ukubanjwa ugibe olufanayo olubambe umuntu ohlebe ngawe.
◼ Qonda inhloso yangempela. Zibuze le mibuzo elandelayo: ‘Ingabe ngiyaqiniseka ukuthi engikuzwile kwashiwo ngempela ngami? Ingabe amahemuhemu noma ukungezwa kahle? Ingabe ngizwela kakhulu?’ Yiqiniso, azikho izaba zenhlebo elimazayo. Kodwa ukuthatha ngamawala kungase kukwenze umuntu omubi ngaphezu kwenhlebo ngokwayo. Kungani-ke ungamukeli umbono owasiza uRenee. Uthi: “Ngivame ukuzwa ubuhlungu lapho othile ekhuluma kabi ngami, kodwa ngizama ukuba nombono ofanele. Ngesonto elizayo cishe bayobe bekhuluma ngothile noma ngokuthile okuhlukile.”b
Indlela Engcono Kakhulu Yokuzivikela
IBhayibheli liyavuma ukuthi “sonke siyakhubeka izikhathi eziningi,” bese linezela: “Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda epheleleyo, ekwazi ukulawula nomzimba wayo wonke ngokungathi ngetomu.” (Jakobe 3:2) Ngakho-ke, kungaba ukungahlakaniphi ukunaka kakhulu yonke into eshiwo ngathi. UmShumayeli 7:22 uthi: “Inhliziyo yakho yazi kahle ukuthi ezikhathini eziningi nawe, yebo nawe, uye wabaqalekisa abanye.”
Uma uyisisulu senhlebo elimazayo, indlela engcono kakhulu yokuzivikela ukuziphatha kwakho okuhle. UJesu wathi: “Ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yimisebenzi yako.” (Mathewu 11:19) Ngakho zama ukuhlala unobungane ngempela futhi unothando. Ungase umangale ukuthi lokho kungayinqanda ngokushesha kanjani inhlebo—noma-ke kukusize ubekezelele imiphumela yayo.
Izihloko ezengeziwe zochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza . . . ” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype
[Imibhalo yaphansi]
a Amagama akulesi sihloko ashintshiwe.
b Kwezinye izimo kungase kube ukuhlakanipha ukuthola indlela ekahle yokuxoxa nenhlebi. Kodwa ezimweni eziningi akudingekile, ngoba “uthando lumboza izono eziningi.”—1 Petru 4:8.
OKUDINGA UKUCATSHANGELWA
◼ Ungakugwema kanjani ukusakaza inhlebo ngabanye?
◼ Uyosabela kanjani lapho othile ekuhleba?