Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 8/07 k. 16-k. 18 isig. 5
  • Okwasenza Savakashela EChristmas Island

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okwasenza Savakashela EChristmas Island
  • I-Phaphama!—2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ayiseyona Imfihlo Yezinyoni
  • Isizathu Sethu Esikhethekile Sokuvakasha
  • UKhisimusi Usho Ukuthini Kuwe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Ingabe Kumelwe Ugubhe UKhisimusi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Kwenzekeni KuKhisimusi Ongokwesiko?
    I-Phaphama!—1993
  • UKhisimusi—Kungani Uthandwa Kangaka EJapane?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 8/07 k. 16-k. 18 isig. 5

Okwasenza Savakashela EChristmas Island

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EFIJI

ISIQHINGI saseKiritimati (igama laso eliphinyiselwa ngokuthi Ki-ris-masʹ, noma Christmas) singesikhulu kunazo zonke kwezingu-33 ezisePacific Ocean ezakha izwe laseKiribati.a Lesi siqhingi singakhilomitha-skwele angaba ngu-388, futhi silingana nazo zonke ezinye iziqhingi ezingu-32 zaseKiribati zihlanganisiwe. Kunabantu ababalelwa ku-5 000 abahlala eChristmas Island, kuyilapho ingqikithi yabantu abahlala kuzo zonke iziqhingi zaseKiribati ingaba ngu-92 000.

Zonke iziqhingi zaseKiribati ngaphandle kwesisodwa ziyizixhobo zamakhorali. IChristmas Island ayigcini nje ngokuba yisixhobo esikhulu kunazo zonke kuleli zwe, kodwa uma ubheka ubukhulu bayo, iyisiqhingi samakhorali esikhulu kunazo zonke emhlabeni!

Ngaphezu kwalokho, iChristmas Island iyaphawuleka ngenxa yokuthi isondele kakhulu kuyi-international date line. Abantu balapho baphakathi kwabokuqala ukubona ukuqala kosuku olusha, unyaka omusha neminye imikhosi yaminyaka yonke, njengowokufa kukaJesu Kristu.b

Ngaphezu kwalokho, lesi sixhobo samakhorali esisemajukujukwini siyindawo ebaluleke kakhulu yokuzalela kwezinyoni zasolwandle eZindaweni Ezishisayo. Muva nje kwathiwa kunama-sooty tern angaba yizigidi ezingu-25 avame ukwakha izidleke khona.

Ayiseyona Imfihlo Yezinyoni

Lapho umhloli wamazwe uKaputen’ uJames Cook efika kulesi siqhingi ngaphambi kukaKhisimusi ka-1777, kwakungenamuntu owayehlala khona. Kodwa kwakunezinyoni eziningi. UCook wasiqamba ngokuthi iChristmas Island.c Kwase kuphele iminyaka lesi siqhingi siyimfihlo eyaziwa yizinyoni kuphela.

Ngesinye isikhathi sivakashile, umnakekeli wezilwane waseWildlife Conservation Unit wasibonisa indawo, futhi sakujabulela kakhulu. Njengoba umnakekeli wezilwane esiholela ngasogwini, sahlangabezana nama-tern amhlophe anekhono elihle lokuntweza futhi anelukuluku. Njengoba ayendiza edlala phambi kwethu, ayebheke konke esikwenzayo.

Ngalé kogu enhlabathini kwakunomhlambi wama-sooty tern. Amakhulu ezinkulungwane zalezi zinyoni eza eChristmas Island ezozalela khona. Lapho zifika, kuphela amasonto zindiza ubusuku nemini ziwumhlambi omkhulu futhi zibanga umsindo phezu kwezidleke zazo, zilinde ukuba kufike zonke izinyoni ngaphambi kokuba ekugcineni zizalele enhlabathini.

Amaphuphu ama-sooty tern aqala ukuzulazula phezu kolwandle lapho esenezinyanga cishe ezintathu. Awabuyeli ezweni kuze kuphele iminyaka emihlanu kuya kwengu-7, lapho esekulungele ukuzalela. Phakathi naleyo minyaka lapho engekho, achitha ingxenye enkulu yokuphila kwawo esemoyeni. Izimpaphe zawo azinawo amafutha anele okuwagcina entanta emanzini.

Sabona ama-noddy amnyama ezidlekeni, enamaphuphu awo namaqanda angakachanyuselwa. Nakuba lezi zinyoni zasolwandle zakhela amaphuphu azo izidleke, ama-tern amhlophe awenzi kanjalo. Azalela emagatsheni ezihlahla angenalutho. Ngenhlanhla, amaphuphu awo achanyuselwa enezinyawo nezinzipho eziqinile, ezikulungele kahle ukubambelela. Kwasihlaba umxhwele ukubona la maphuphu ama-tern anezimpaphe ezintofontofo ebambelele emagatsheni. Nabazali bawo bayizinyoni ezinhle ezimhlophe qwa ezinoqhwaku olumnyama oluhambisana kahle nomzimba.

Njengoba sibuka indawo, sabona inyoni i-Christmas shearwater ifukamele iqanda layo ilokhu ibuka esikwenzayo isekhosombeni eduze. IChristmas Island inomhlambi omkhulu wama-shearwater anezisila ezicijile owaziwayo emhlabeni wonke. Futhi ingenye yezindawo zokugcina ezaziwayo okuzalela kuzo ama-storm petrel asePolynesia nama-petrel asePhoenix. Phakathi kwezinye izinyoni eziningi ezizalela lapho, kubalwa i-tropic bird enesisila esibomvu, i-masked booby, i-booby ensundu, i-booby enezinyawo ezibomvu, i-noddy ensundu ne-frigate bird.

Ama-frigate bird ayentweza phezulu, elokhu ephenduphenduka ngendlela ekhexisayo, ephuca ezinye izinyoni izinhlanzi, futhi elwela izinsalela zokudla ezilahlwe abadobi. Azalwa enalo leli khono lokundiza, ngoba ngokuvamile awahlali emanzini. Njengama-sooty tern, izimpaphe zawo aziwavimbeli ngokwanele amanzi, futhi ngaphezu kwalokho, amaphiko awo angamamitha angu-1,8 uma evulekile akwenza kube nzima ukusuka andize.

Satshelwa ukuthi inyoni encane ensundu esiyibone ekuqaleni ititihoye lasePacific. Ingenye yezinyoni eziningi ezifudukayo ezisebenzisa isiqhingi saseChristmas njengendawo yokuthola ukudla nokuchitha ubusika ngemva kokundiza ibanga elide zisuka endaweni ezizalela kuyo eqhele ngezinkulungwane zamakhilomitha, enhla ne-Arctic Circle. Amakhono amahle okundiza alezi zinyoni ezindiza ibanga elide aziqondisa kulesi sikhungo sezinyoni, esingamakhilomitha angaba ngu-2 100 eningizimu yeHonolulu, eHawaii.

Isizathu Sethu Esikhethekile Sokuvakasha

Sasivamile ukuvakashela eChristmas, hhayi ngenjongo yokuyobona izinyoni, kodwa ukuze sibe nabanye oFakazi BakaJehova lapho futhi sihlanganyele nabo emihlanganweni nasemsebenzini wokushumayela. Ukuba semajukujukwini omhlaba kuyinselele yangempela kulaba bafowethu abathandekayo. Ngokwesibonelo, eminyakeni eminingi edlule lapho uFakazi othile eshona kungazelelwe, umkakhe onesibindi wanikeza inkulumo yomngcwabo ngokwakhe ngenxa yokuthi wayengekho omunye umuntu owayengayinikeza. Wayefuna abantu abaningi ababekhona bezwe ngethemba leBhayibheli ngabafileyo.—Johane 11:25; IzEnzo 24:15.

Ngaphandle kwezinguqulo ezintathu ezinhle zeBhayibheli, kunezinye izincwadi ezimbalwa zeBhayibheli zezilimi zabomdabu. Kodwa oFakazi BakaJehova banyathelisa umagazini INqabayokulinda yanyanga zonke enombala ophelele ngolimi lwesiGilbert kanye nezinye izincwadi zeBhayibheli. Lokho kuyabamangaza abaningi, ngoba bangaphansi kuka-100 000 abantu abakhuluma lolu limi emhlabeni wonke. Lezi zincwadi zeBhayibheli zisiza leli qembu elingalodwa loFakazi ukuba liqhube imihlangano yalo yokukhulekela yasikhathi sonke futhi lifeze umyalo kaJesu wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.—Mathewu 24:14; Hebheru 10:24, 25.

Izivakashi ziba nenkinga yezinto zokuhamba. Kodwa eChristmas Island umuntu angahamba ngomgwaqo esuka eLondon aye ePoland enqamula eTennessee ngamahora nje amathathu! Kwenzeka kanjani lokhu? Amagama athi Banana, London, Paris, Poland, Tennessee nelithi Tabwakea amagama athakazelisayo emizi, aveza indabuko yezinye zezivakashi zokuqala ezafika kulesi siqhingi.

Ngesinye isikhathi sivakashile, udokotela onomusa wasicela ukuba siye naye ePoland, okwasinika ithuba lokushumayela lapho okokuqala ngqa. Ngenxa yokuthi sasinamahora amabili kuphela okuwachitha ePoland, sasigijima singena indlu ngendlu ukuze singene kuyo yonke imizi. Bonke abantu esahlangana nabo basilalela ngokwasiza isigijimi sethu seBhayibheli, bathatha nezincwadi ezithile, ababengakholwa ukuthi zibhalwe ngolimi lwabo.

Siyabathanda ngempela laba bafowethu abathandekayo abalé kude eChristmas Island. Futhi siyazithanda ngempela nezinyoni zakhona ezimangalisayo. Esikhathini eside esidlule, kungenzeka uKaputen’ uCook waba nomuzwa wokuthi kulesi siqhingi kwakuhlala “izinyoni” kuphela, kodwa namuhla abantu abaningi abahlala kuso abavumelani naye. Njengalezi zinyoni, nabo bathi kusekhaya.

[Imibhalo yaphansi]

a Iziqhingi zaseKiribati zazibizwa ngokuthi iGilbert Islands. Manje iKiribati ayihlanganisi iziqhingi ezingu-16 kuphela zeGilbert Islands kodwa namaqoqo eziqhingi zasePhoenix naseLine kanye nezaseBanaba (Ocean Island).

b Belalela umyalo kaJesu, oFakazi BakaJehova bakhumbula ukufa kwakhe kanye ngonyaka ngosuku oluhambisana nalolo afa ngalo.—Luka 22:19.

c E-Indian Ocean sikhona esinye isiqhingi okuthiwa iChristmas.

[Amabalazwe ekhasini 16]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Christmas Island

Banana

Tabwakea

London

Paris

Poland

International date line

Christmas Island

[Isithombe ekhasini 16]

Ama- “frigate bird”

[Umthombo]

GaryKramer.net

[Isithombe ekhasini 17]

Ama-“tern” amhlophe

[Umthombo]

© Doug Perrine/​SeaPics.com

[Isithombe ekhasini 17]

Ama-“booby” ansundu

[Umthombo]

Valerie & Ron Taylor/​ardea.com

[Isithombe ekhasini 18]

Sishumayela noFakazi bendawo

[Umthombo Wesithombe ekhasini 18]

GaryKramer.net

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela