Ingabe Ukuba Nethemba Lokuhle Kungayithuthukisa Impilo Yakho?
“Inhliziyo ejabulayo ingumuthi omuhle,” kwabhala inkosi ehlakaniphile yakwa-Israyeli eminyakeni engaba ngu-3 000 edlule. (IzAga 17:22) Namuhla odokotela bayakuqaphela ukuhlakanipha kwalawo mazwi aphefumulelwe. Kodwa iningi lethu alikwazi ukuba ‘nenhliziyo ejabulayo’ ngokuzenzekelayo.
Bayingcosana kithi abakwazi ukugwema izingcindezi zokuphila kwansuku zonke, ezingaholela ekucindezelekeni nasekuphelelweni ithemba lokuhle. Nakuba kunjalo, ukuhlola kwamuva kubonisa ukuthi naphezu kobunzima, kuhle ukuhlakulela ukuba nombono omuhle ngezinto.
Ukuba nethemba lokuhle kuchazwa ‘njengokuba nombono noma isimo sokuba nethemba; ukuthambekela kokulindela umphumela omuhle.’ Uma umuntu onethemba lokuhle ebhekene nesithiyo, uzizwa kanjani? Akasibheki njengento yaphakade. Lokhu akusho ukuthi ubalekela amaqiniso. Kunalokho, uyasamukela leso simo, abese esihlolisisa. Ube esethatha isinyathelo sokushintsha noma sokuthuthukisa, kuye ngezimo.
Kanti ngakolunye uhlangothi, umuntu ongenathemba lokuhle uhlale ezigxeka ngokwehlelwa yizinto ezimbi. Ucabanga ukuthi amashwa abhekana nawo ayohlala phakade nokuthi abangelwe ubuwula bakhe, ukuhluleka, noma ukungabukeki kwakhe. Ngenxa yalokho, uzibheka njengesehluleki.
Ingabe ukuba nethemba lokuhle kuyayithinta impilo nenhlalakahle yakho? Yebo. Ekuhloleni okwathatha iminyaka engu-30 ezigulini ezingu-800 okwenziwa yiMayo Clinic, eRochester, eMinnesota, e-U.S.A., ososayensi bathola ukuthi abantu abanethemba lokuhle baphila kangcono futhi baphila isikhathi eside ngokuphawulekayo kunabanye. Abacwaningi baphawula nokuthi abantu abanethemba lokuhle bazisingatha kangcono izingcindezi nokuthi ayemancane amathuba okucindezeleka.
Kodwa akulula neze ukuba nethemba lokuhle kuleli zwe lapho izinkinga zibonakala zinqwabelana. Yingakho nje abaningi bekuthola kunzima ukucabanga ngezinto ezinhle. Yini engenziwa ukuze kuxazululwe le nkinga? Ebhokisini elihambisana nalesi sihloko, uzothola ukusikisela okuthile okungakusiza.
Nakuba ukuba nesimo sengqondo esihle kungenakuxazulula zonke izinkinga, kungakusiza ukuba uphile kangcono futhi waneliseke ngokwengeziwe ekuphileni. IBhayibheli lithi: “Kodabukileyo zonke izinsuku zimbi, konenhliziyo ejabulayo kuhlale kunomkhosi.”—IzAga 15:15, The Jerusalem Bible.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 26]
Okunye Ukusikisela Kokuba Nethemba Lokuhlea
◼ Uma uzithola ucabanga ukuthi ngeke ukujabulele okuthile noma ukuthi ngeke uphumelele emse- benzini othile, ulahle lowo mcabango. Gxila kokuhle.
◼ Zama ukuwujabulela umsebenzi wakho. Kungakhathaliseki ukuthi wenza msebenzi muni, bheka okwanelisayo ngawo.
◼ Funa abangane abanombono omuhle ngokuphila.
◼ Bhekana nezimo okwaziyo ukuzilawula; zama ukwamukela izimo ongenakukwazi ukuzilawula.
◼ Nsuku zonke, bhala izinto ezinhle ezintathu ozijabulele.
[Umbhalo waphansi]
a Lolu hlu olungenhla ngokwengxenye lusekelwe encwadini eshicilelwa yiMayo Clinic.