Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/07 k. 24-k. 26 isig. 3
  • Izimbali Ezikhangayo Zase-Afrika

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimbali Ezikhangayo Zase-Afrika
  • I-Phaphama!—2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusuka Ensimini Kuya Evazini Yakho
  • Izimbali Zibonisa Ukuthi Othile Uyakukhathalela
    I-Phaphama!—1997
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2007
  • “Masithumele Ikhadi”
    I-Phaphama!—1993
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 10/07 k. 24-k. 26 isig. 3

Izimbali Ezikhangayo Zase-Afrika

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EKENYA

“Izimbali ezinhle kunazo zonke engake ngazibona!” “Isipho esihle kakhulu ongasinika umngane.” “Indlela yokuthi, ‘Othile uyakukhathalela.’”

MHLAWUMBE uzizwa ngendlela ezazizwa ngayo lezo zakhamuzi zaseNairobi, eKenya, ezicashunwe ngenhla. Kuzo zonke izimila eziqhakazayo, kuhlanganise lezo ezikhula endle nalezo ezitshalwa umuntu, kungenzeka asikho esidume emhlabeni kabanzi njenge-rose. Sekungamakhulu eminyaka ikhanga abantu. Izimbongi ziye zabhala ngayo, kanti izazi zobuciko zivame ukuyidweba. UShakespeare wayidumisa ngamazwi adumile omdlalo othi Romeo and Juliet: “Libaluleke ngani igama? Lokho esikubiza ngokuthi i-rose bekuyoba nephunga elimnandi kungakhathaliseki ukuthi sikubiza nganoma iliphi igama.” Ngama-rose, kuye kwakhiwa ubungane obusha futhi baqiniswa, kwavuselelwa ubuhlobo obulimele, futhi kwakhuthazwa nabantu abaningi abagulayo.

Ngaphezu kwakho konke lokho, ama-rose anenzuzo enkulu ngokwezimali. Emazweni amaningi anesimo sezulu esivumayo ezimbalini, ama-rose iwona angenisa imali eningi evela ngaphandle. Ngokwesibonelo, eKenya, phakathi kwezigidi zezimbali ezithunyelwe kwamanye amazwe onyakeni wamuva nje, ezingamaphesenti angaphezu kuka-70 kwakungama-rose, okwenza leli zwe libe phakathi kwamazwe ahamba phambili ekhiqizeni lezi zimbali emhlabeni.

Esikhathini esidlule, ngaphambi kokuba abantu bazi ngobuhle balezi zimbali, ama-rose ayezimilela endle. Namuhla, ngezinqubo eziqondiswa ngokucophelela ngokulumbanisa, kuye kwalunjaniswa izinhlobo ezingaphezu kwekhulu zama-rose asendle ukuze kukhiqizwe izinkulungwane zezinhlobo zama-rose aziwayo namuhla. Ngenxa yalokho, le mbali seyaziwa emhlabeni kabanzi futhi itholakala cishe kuwo wonke amazwe omhlaba. Ethandwa kakhulu netshalwa kabanzi i-hybrid tea rose.

Ukusuka Ensimini Kuya Evazini Yakho

Abantu abaningi bathenga ama-rose kumdayisi wezimbali noma emakethe. Lezi zimbali zitshalwa emapulazini amakhulu ngenjongo yokuzidayisa futhi zidinga ukunakekelwa kakhulu kunalezo umuntu azitshalela zona ekhaya. Ukuvakashela elinye lala mapulazi aseduze naseNairobi kwasembulela umsebenzi omkhulu wokunakekela owenziwa lapho kulungiswa lezi zimbali ukuze zidayiswe.

Kule ndawo, njengakwezinye lapha eKenya, amapulazi ezimbali ezidayiswayo abonakala ngokushesha ngezindlu zokukhulisela izimbali ezenziwe ngepulasitiki. (Bheka isithombe esisekhasini 26.) Lezi zakhiwo zinezinjongo ezihlukahlukene. Ama-rose angamahlumela amasha antekenteke futhi kufanele avikelwe esimweni sezulu esibi. Angalimala ngenxa yemvula enamandla, umoya, noma ilanga. Ukuze kulondolozwe izinga lokushisa lingaguquguquki, kubalulekile ukuba umoya opholile ungene kalula futhi kukhishwe umoya oshisayo.

Kulezi zindlu zezimbali kunemigqa yezithombo zezimbali ezisezigabeni zokukhula okuhlukahlukene. Kuleli pulazi kutshalwa izinhlobo eziningana zama-rose, kusukela kuyi-hybrid tea rose eyintandokazi, esikwa ibe amasentimitha angu-70 ubude, kuya kuyi-sweetheart rose engamasentimitha angu-35 ubude, ewuhlobo oluthile lwe-hybrid tea rose. Le ndawo engangehektare ubukhulu ingase ibe nezitshalo ezingu-70 000.

Lezi zitshalo zizithola kanjani izakhi? Akusetshenziswa inhlabathi evamile. Izimbali zitshalwa enhlabathini engamadwala entaba-mlilo andlalelwe ngepulasitiki. Kukhethwa le ndlela, ngoba la madwala awanazo izifo eziningi ezitholakala enhlabathini. Kusetshenziswa isimiso sokunisela ngenkasa. Kule nqubo kuxhunywa amapayipi amancane angena enhlabathini, akhipha amanzi nezinye izakhi ngezinga elilinganiselwe ngokucophelela. Njengoba le nhlabathi yentaba-mlilo imfoma, ivumela amanzi ukuba ehlele epulasitikini. Abe esekhishwa aphinde asetshenziswe.

Naphezu kokucophelela okukhethekile, ama-rose asengangenwa yizifo eziningi, ngokuyinhloko ezibangelwa isikhunta. Lezi zifo zihlanganisa i-botrytis ne-powdery mildew, ezihlasela amaqabunga neziqu zezitshalo. Uma zinganqandwa, lezi zifo zingayiwohloza kakhulu imbali. Ukufutha ngezibulala-zinambuzane kuyasiza ekulawuleni inkinga.

Ngokuhamba kwesikhathi, kuqala ukuvela imibala emihle egqamile, okuwuphawu olucacile lokuthi ama-rose asuke esekungele ukuvunwa. Izimbali zinqanyulwa ngokucophelela ziseyimiqumbe. Kuleli qophelo amacembe asuke esavalekile. Ukuzikha ngalesi sikhathi kwenza izimbali zihlale isikhathi eside futhi zilondoloze umbala wazo. Kodwa isikhathi sokuzikha singase sihlukahluke kuye ngohlobo lwembali. Kubalulekile ukukha izimbali ekuseni noma ntambama, lapho kuswakeme kakhulu futhi zingasheshi ukubuna. Izimbali ezikhiwe zibe seziyiswa egumbini elipholile ziyogcinwa khona. Lokhu kwenza ukuba ama-rose ahlale emahle isikhathi esijana.

Lezi zimbali zizodlula kwenye inqubo ebalulekile—yokuhlukaniswa ngokwezigaba. Lapha zihlukaniswa ngokombala nobukhulu bazo. Zipakishwa ngokwalokho okufunwa yikhasimende. Ekugcineni, izimbali sezikulungele ukuyodayiswa. Zisuka kuleli pulazi ziyiswe esikhungweni esikhulu sezindiza eNairobi, ukusuka lapho zithunyelwa eYurophu, eqhele ngezinkulungwane zamakhilomitha. Ngenxa yokuthi zintekenteke, lezi zimbali kufanele zifike emakethe, kungaba sezweni noma emazweni angaphandle, engakapheli amahora angu-24 zikhiwe.

Ngokuzayo lapho uphiwa isixha sezimbali noma uzithenga emakethe noma kumdayisi wazo, yima ucabange ngohambo olude okungenzeka ziluthathile. Mhlawumbe kuyothuthukisa ukwazisa kwakho ngoMdali, uJehova uNkulunkulu.—IHubo 115:15.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 26]

Ingabe Ayoke Abe Khona Ama-rose Aluhlaza Okwesibhakabhaka?

Sekuyisikhathi eside kukhiqizwa ama-rose, futhi kubonakala sengathi ukukhiqizwa kwawo akukapheli. Kunezinqubo eziningi ezintsha zokulumbanisa nokutshala ezisungulwayo kule mboni. Zimbalwa izimbali ezingakhipha imibala ekhishwa ama-rose. Imuphi umbala owuthanda kakhulu? Omhlophe, ophuzi, obomvana, obomvu tebhu, onsundu ngokubomvu noma obubende? Eminingi yale mibala yaba khona ngenxa yezindlela ezihlukahlukene zokuwalumbanisa.

Ngokwesibonelo, bewazi yini ukuthi nakuba abantu bekhuluma ngama-rose “abomvu,” izimbali ezibomvu ngempela zazingekho emkhayeni wama-rose? Lo mkhaya wezimbali awunaso isakhi sombala obomvu. Umbala obomvu tebhu wavela ngenxa yokushintshwa kwesakhi cishe ngo-1930, okwaphumela emibaleni ebomvu tebhu esiyibona kuma-rose namuhla. Kuzo zonke izinhlobo zama-rose, kunombala ongakatholakali—oluhlaza okwesibhakabhaka. Isakhi sokukhiqiza lo mbala, i-delphinidin, asitholakali ngokwemvelo emkhayeni wama-rose. Nokho, ngemva kweminyaka inkampani ethile yase-Australia nenye yaseJapane zicwaninga ndawonye, kwakhiqizwa ama-rose aluhlaza okwesibhakabhaka ngo-2004 ngokushintshwa kwezakhi. Kodwa kusadingeka kwenziwe umzamo owengeziwe wokukhiqiza umbala oluhlaza kakhulu.

[Isithombe]

Indlu yezimbali eyenziwe ngepulasitiki

[Isithombe ekhasini 26]

Aselungele ukuvunwa

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela