Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/07 k. 27
  • “Ziboniseni Ningababongayo”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ziboniseni Ningababongayo”
  • I-Phaphama!—2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Ziboniseni Ninokubonga”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • ‘Bonga Ngakho Konke’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Yibani Ngababongayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • “Ziboniseni Ningababongayo”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 10/07 k. 27

“Ziboniseni Ningababongayo”

◼ Ngokuphindaphindiwe, iBhayibheli likhuthaza abakhulekeli bakaNkulunkulu ukuba babonge. IHubo 92:1, lithi: “Kuhle ukumbonga uJehova.” Nomphostoli uPawulu wayala: “Ziboniseni ningababongayo.”—Kolose 3:15.

Kunesizathu esihle sokubonga. UProfesa Robert Emmons, wase-University of California eDavis, uthi: “Imiphumela yocwaningo endabeni yokubonga isiqala ukubonisa ukuthi imizwa yokubonga inethonya elihle ekusizeni abantu ukuba babhekane nezinkinga zansuku zonke, ikakhulukazi ukucindezeleka, nokuba bazethembe.”

Umagazini i-Time uveza okunye: “Abantu abazichaze njengabantu ababongayo . . . bavame ukuba nobungqabavu nesimo esihle sokuba nethemba, abacindezeleki kakhulu njengabantu ngokuvamile.”

Kodwa, ngokudabukisayo iBhayibheli labikezela ukuthi “ezinsukwini zokugcina,” abantu abaningi babeyozibonakalisa ‘bengabazithandayo nabangabongiyo.’ (2 Thimothewu 3:1-5) AmaKristu eqiniso angakugwema kanjani ukuthonywa yilo moya? UMlobi weBhayibheli uthi: “Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, Lowo okufundisayo ukuze uzuze, Lowo okubangela ukuba unyathele endleleni okufanele uhambe ngayo.” (Isaya 48:17) Ngokulalela imithetho kaNkulunkulu, sivikeleka osizini olwehlela labo abaphishekela iminako yobugovu. Ngaphezu kwalokho, siyaqiniseka ukuthi uJehova uyayibona imizamo yethu futhi uyosivuza ngokufanele. (Hebheru 6:10) Izinzuzo ezinjalo zisishukumisela ukuba ‘simbonge uJehova.’—IHubo 107:8.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela