Intsha Iyabuza
Ingabe Kufanele Ngiyidlale Imidlalo Yama-computer?
IMIDLALO yama-computer ayikona nje ukuzijabulisa okwenziwe ngobuchwepheshe. Kuyiqiniso ukuthi ivivinya ikhono lakho futhi iqeda isizungu. Kodwa yenza okungaphezu kwalokho. Imidlalo yama-computer ingenza ingqondo ikhaliphe, futhi ucwaningo lubonisa ukuthi ukudlala le midlalo kwenza amehlo abe bukhali. Eminye ingase ithuthukise ngisho nekhono lezibalo nelokufunda. Ngaphezu kwalokho, imidlalo yamuva nje yama-computer kungenzeka ibe undabuzekwayo esikoleni. Uma uke wayidlala le midlalo, unokuthile ongabelana ngakho nontanga yakho.
Kodwa-ke, kuxhomeke kubazali bakho ukuthi uvunyelwe yini ukuyidlala le midlalo. (Kolose 3:20) Uma bekuvumela ukuba uyidlale, kufanele ukwazi ukuthola umdlalo ojabulisayo kodwa futhi okhuthaza ukuziphatha okufanele. Kodwa kungani kudingeka uqaphelisise?
Okubi Ngale Midlalo!
UBrian oneminyaka engu-16 uthi, “Imidlalo yama-computer imnandi kakhulu.” Kodwa njengoba kungenzeka usuyazi manje, akuyona yonke imidlalo engeyona ingozi. UBrian uyavuma, “Lapho udlala le midlalo wenza izinto obungelokothe uzenze ekuphileni okuvamile—obungeke uzenze ngaphandle kokungena enkingeni.” Le midlalo ikhuthaza ukuziphatha okunjani?
Imidlalo eminingi ikukhuthaza ngokuqondile ukuziphatha okubi, inhlamba nobudlova—konke okulahlwa yiBhayibheli. (IHubo 11:5; Galathiya 5:19-21; Kolose 3:8) Eminye imidlalo idumisa imikhuba yokusebenzelana nemimoya. U-Adrian, oneminyaka engu-18, uchaza ukuthi omunye umdlalo othandwayo ubonisa “izimpi zamaqembu, ukusetshenziswa kwezidakamizwa, ubulili ngendlela eyingcaca, ulimi olunenhlamba, ubudlova obeqisayo nokuchitheka kwegazi.” Futhi umdlalo ngamunye omusha wenza ongaphambili ubonakale ungelutho uma uqhathanisa. UJames, oneminyaka engu-19, uthi eminye yale midlalo ethandwa kakhulu, umuntu angayidlala bukhoma kuyi-Internet. Lokhu kwenza imidlalo yama-computer idlulele ngalé kokuvamile. UJames uthi, “Nge-computer yakho endlini, ungadlala nabantu abangalé komhlaba.”
Imidlalo enabalingiswa isithandwa kakhulu. Kule midlalo, abadlali bazakhela abalingiswa kuyi-Internet—kungaba umuntu, isilwane noma inhlanganisela yakho kokubili—abahlala ezweni elakhiwe nge-computer elinezinkulungwane zabanye abadlali. Leli zwe linezitolo, izimoto, imizi, izikhungo zokudansa nezezifebe—empeleni, lifana ncamashi nezwe elingokoqobo. Abadlala le midlalo bayakwazi ukuthumelelana imiyalezo ngaleso sikhathi njengoba abalingiswa babo, okuthiwa ama-avatar, besebenzelana.
Kwenzekani kulawo mazwe akhiwe ngama-computer? Intatheli ethile ithi: “Abantu abavamile benza izinto abebengeke bazenze ekuphileni kwangempela.” Uyanezela: “Ubulili buyinsakavukela, kanjalo nobufebe.” Ngokuchofoza nje izinkinobho ezimbalwa, abadlali bangenza abalingiswa babo benze izenzo zobulili kuyilapho bona bexoxa ngobulili ngokuthumelelana imiyalezo. Ngaphezu kwalokho, lawo mazwe “agcwele izenzo zobugebengu, amaqembu ezigilamkhuba, abanakekeli bezifebe, abaphangi, abakhwabanisi nababulali,” kusho umagazini i-New Scientist. Omunye umagazini ubika ukuthi “abagxeki baye baveza ukukhathazeka ngezenzo ebezingangqubuzana nomthetho ukuba bezenziwa ngokoqobo, njengezikhungo zezifebe okudlwengulwa kuzo abantu, noma abantu abenza izenzo zobulili ngabalingiswa abafana nezingane.”
Okwenza Kubaluleke Lokho Okukhethayo
Labo abadlala leyo midlalo yama-computer enobudlova noma eveza izenzo zobulili bangase bathi: “Akunangozi. Akwenzeki ngokoqobo. Kuwumdlalo nje.” Kodwa ungakhohliswa yileyo ndlela yokucabanga eyiphutha!
IBhayibheli lithi: “Ngisho nangemikhuba yakhe umfana uzenza aqashelwe ukuthi umsebenzi wakhe uhlanzekile futhi uqotho yini.” (IzAga 20:11) Uma ukwenza umkhuba ukudlala imidlalo yama-computer enobudlova nokuziphatha okubi, ubungachazwa yini njengomuntu onengqondo ehlanzekile neqotho? Ucwaningo lubonisa ngokuphindaphindiwe ukuthi ukubukela ukuzijabulisa okunobudlova kwenza abakubukayo babe nobudlova. Muva nje i-New Scientist ithé: “Ukuhlanganyela kwabantu emidlalweni yama-video kusho ukuthi inethonya elinamandla kune-TV.”
Ukukhetha ukudlala imidlalo enobudlova noma ukuziphatha okubi kunjengokukhetha ukudlala ngodoti okhipha imisebe eyingozi—imiphumela elimazayo ingase ingabonakali ngokushesha, kodwa ayinakugwenywa. Kanjani? Ukuchayeka kakhulu ezintweni ezikhipha imisebe eyingozi kungalimaza ulwelwesi lwesisu futhi kwenze amagciwane asemathunjini angene egazini, kubangele ukugula. Ngokufanayo, ukuchayeka ezenzweni zobulili obenziwa ingcaca nasebudloveni obunonya kungalimaza ‘umuzwa wakho wokuziphatha’ futhi kwenze imicabango nezenzo zakho zibuswe yizifiso zenyama.—Efesu 4:19; Galathiya 6:7, 8.
Imuphi Umdlalo Okufanele Ngiwukhethe?
Uma abazali bakho bekuvumela ukuba uyidlale imidlalo ethile yama-computer, ungazi kanjani ukuthi imiphi okufanele uyikhethe kanye nesikhathi okufanele usichithe kuyo? Zibuze le mibuzo elandelayo:
◼ Ingabe engikukhethayo kuyomcasula uJehova? Uhlobo lomdlalo olukhethayo lungathonya indlela uNkulunkulu azizwa ngayo ngawe. IHubo 11:5 lithi: “UJehova ngokwakhe uhlola olungile kanye nomubi, futhi ngokuqinisekile umphefumulo wakhe uyamzonda umuntu othanda ubudlova.” Ngokuphathelene nalabo abahlanganyela emikhubeni yokusebenzisa imimoya, iZwi likaNkulunkulu lithi: “Wonke umuntu owenza lezi zinto uyinto enengekayo kuJehova.” (Duteronomi 18:10-12) Uma sifuna ukuba abangane bakaNkulunkulu, kudingeka silandele iseluleko esikumaHubo 97:10: “Nina enithanda uJehova, zondani okubi.”
◼ Lo mdlalo uzoyithinta kanjani indlela yami yokucabanga? Zibuze, ‘Ingabe ukudlala lo mdlalo kuzokwenza kube lula noma kube nzima ukuba “ngibalekele ubufebe”?’ (1 Korinte 6:18) Imidlalo ekuchaya ezithombeni noma ezingxoxweni ezivusa inkanuko yobulili ngeke ikusize ukuba ugcine ingqondo yakho ezintweni ezilungile, ezihlanzekile nezinhle. (Filipi 4:8) U-Amy, oneminyaka engu-22, uthi: “Imidlalo eminingi iyakuthuntubeza ezintweni ezinjengobudlova, inhlamba nokuziphatha okubi, futhi ingakwenza uyekelele nakwezinye izici zokuphila. Kufanele uqaphele kakhulu ukuthi yini okhetha ukuyidlala.”
◼ Ngizochitha isikhathi esingakanani ngidlala lo mdlalo? UDeborah, oneminyaka engu-18, uthi: “Ngicabanga ukuthi akuyona yonke imidlalo yama-computer emibi. Kodwa ingadla isikhathi esiningi, futhi icishe ikuluthe.” Ngisho nemidlalo yama-computer engemibi ingadla isikhathi esiningi. Ngakho gcina umbhalo wesikhathi osichitha udlala bese usiqhathanisa nesikhathi osichitha kweminye imisebenzi ebalulekile. Ukwenza kanjalo kuyokusiza uhlele ukuthi yini eza kuqala.—Efesu 5:15, 16.
IBhayibheli alisho ukuthi kufanele uchithe konke ukuphila kwakho ufunda noma usebenza. Lisikhumbuza sonke ukuthi ‘kunesikhathi sokuhleka nesikhathi sokutshakadula.’ (UmShumayeli 3:4) Phawula ukuthi igama elithi ‘ukutshakadula’ alisho nje ukudlala kodwa nokunyakazisa umzimba. Ngakho kungani ungasebenzisi esinye sesikhathi sakho ekudlaleni imidlalo enyakazisa umzimba kunokuba nje uhlale phambi kwe-computer?
Khetha Ngokuhlakanipha
Akungabazeki ukuthi kungajabulisa ukudlala imidlalo yama-computer, ikakhulukazi uma usunekhono lokuyidlala. Yileso sizathu-ke esikwenza kufaneleke ukukhetha imidlalo yakho ngokuhlakanipha. Zibuze, ‘Iziphi izifundo engiphuma phambili kuzo esikoleni?’ Akuzona yini lezo ozijabulelayo? Empeleni, lapho ujabulela isifundo esithile, uya ngokuya usiqonda kangcono. Manje zibuze: ‘Imuphi umdlalo wama-computer engiwujabulela kakhulu? Yisiphi isifundo sokuziphatha engisithola kulo mdlalo?’
Ukuze ukhethe kahle, kungani ungabhali phansi amagama ambalwa ahlaziya umdlalo ngamunye ofuna ukuwudlala, uchaze umgomo walowo mdlalo nezindlela ezisetshenziswayo ekuwufinyeleleni? Qhathanisa ukuhlaziya kwakho nezimiso zeBhayibheli esikhulume ngazo kulesi sihloko, bese unquma ukuthi lowo mdlalo uyafaneleka yini.
Esikhundleni sokudlala umdlalo ngoba nje ontanga yakho bewudlala, zimisele ukwenza isinqumo esisekelwe olwazini. Okubaluleke nakakhulu, sebenzisa lesi seluleko seBhayibheli: “Qhubekani niqinisekisa ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini.”—Efesu 5:10.
Izihloko ezengeziwe zochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza . . .” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype
OKUDINGA UKUCATSHANGELWA
◼ Ubungathini uma umngane ekucela ukuba nidlale umdlalo wama-computer onobudlova noma ukuziphatha okubi?
◼ Ungaqiniseka kanjani ukuthi ukudlala imidlalo yama-computer akuyiphazamisi imisebenzi ebaluleke kakhudlwana?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]
Ukukhetha ukudlala imidlalo enobudlova noma ukuziphatha okubi kunjengokukhetha ukudlala ngodoti okhipha imisebe eyingozi—imiphumela elimazayo ingase ingabonakali ngokushesha, kodwa ayinakugwenywa
[Ibhokisi ekhasini 18]
Uvame kangakanani ukudlala imidlalo yama-computer?
□ Akuvamile
□ Kanye ngesonto
□ Nsuku zonke
Uchitha isikhathi esingakanani lapho udlala?
□ Imizuzu embalwa
□ Ihora noma ngaphansi
□ Amahora angaphezu kwamabili
Hlobo luni lwemidlalo oluthanda kakhulu?
□ Imijaho yezimoto?
□ Ezemidlalo
□ Umdubuli
□ Eminye
Lapha, bhala igama lomdlalo wama-computer owaziyo ukuthi bekungeke kufaneleke ukuwudlala.
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 20, 21]
OKUFANELE KUPHAWULWE ABAZALI
Njengoba kungenzeka uye waphawula ngemva kokufunda lesi sihloko, imidlalo yama-computer isishintshe kakhulu kusukela wena usemusha. Njengomzali, ungamsiza kanjani umntanakho ukuba abone izingozi ezingase zivele futhi azigweme?
Ngeke kukusize ukugxeka yonke imidlalo yama-computer noma ukugomela ngokuthi iwukuchitha isikhathi. Khumbula, akuyona yonke imidlalo emibi. Kodwa ingalutha futhi ichithe isikhathi. Ngakho zinike isikhathi sokuhlaziya isikhathi umntanakho asichitha edlala le midlalo. Cabangela nohlobo lwemidlalo umntanakho abonakala ekhangwa yilo. Ungase umbuze nemibuzo enjengokuthi:
◼ Imuphi umdlalo ofunda nabo ekilasini abawuthanda kakhulu?
◼ Kwenzekani kulowo mdlalo?
◼ Ucabanga ukuthi kwenziwa yini uthandwe kangaka lo mdlalo?
Ungase uthole ukuthi umntanakho wazi okuningi ngemidlalo yama-computer kunalokho obukucabanga! Mhlawumbe useke wayidlala ngisho nemidlalo onomuzwa wokuthi iyasolisa. Uma kunjalo, ungahluthuki. Leli ithuba lokuba usize umntanakho ahlakulele amandla okucabanga.—Hebheru 5:14.
Buza imibuzo ezosiza umntanakho abone ukuthi kungani ekhangwa yimidlalo esolisayo. Ngokwesibonelo, ungase ubuze umbuzo onjengokuthi:
◼ Ingabe uzizwa ukhishwa inyumbazana ngenxa yokuthi awuvunyelwe ukudlala umdlalo othile?
Njengoba kuchaziwe ekhasini lokuqala lesihloko esandulele, intsha ingase idlale umdlalo othile ukuze ithole okuthile engaxoxa ngakho nontanga bayo. Uma kunjalo ngomntanakho, cishe ubungeke usingathe lesi simo ngendlela efanayo nalapho uthola ukuthi umntanakho ukhangwa yimidlalo enobudlova noma ubulili.—Kolose 4:6.
Kodwa kuthiwani uma umntanakho ekhangwa yizici zomdlalo ezingezinhle? Enye intsha ingase isheshe ithi ayinathonya kuyo imidlalo yama-computer enokuchitheka kwegazi. Ithi: ‘Ukuthi nje ngikwenza kuyi-computer akusho ukuthi ngizokwenza ngokoqobo.’ Uma umntanakho ezizwa ngaleyo ndlela, msize aqaphele okushiwo yiHubo 11:5, elicashunwe ekhasini 20. Njengoba amazwi alowo mbhalo ekwenza kucace, akukona nje ukuba nobudlova uNkulunkulu angakufuni kodwa nokuthanda ubudlova. Isimiso esifanayo siyasebenza nasekuziphatheni okubi kobulili noma kokunye ukuziphatha okungafanele okulahlwa yiZwi likaNkulunkulu.—IHubo 97:10.
Abanye ochwepheshe batusa okulandelayo:
◼ Ungavumi ukuba imidlalo yama-computer idlalwe ngasese, njengasekamelweni.
◼ Shaya imithetho (ngokwesibonelo, akufanele kudlalwe imidlalo ingakaqedwa imisebenzi yesikole noma kungakadliwa noma ungakenziwa umsebenzi othile obalulekile).
◼ Gcizelela ukubaluleka kokwenza ezinye izinto ezidinga amandla omzimba.
◼ Bukela izingane zakho lapho zidlala le midlalo yama-computer—noma udlale nazo ngezikhathi ezithile, okungcono kakhulu.
Kodwa-ke, ukuze uqondise izingane zakho endabeni yokuzijabulisa, kudingeka ube nenkululeko yokukhuluma. Ngakho zibuze, ‘Zinjani izinhlelo ze-TV namabhayisikobho engizibukelayo?’ Ungazikhohlisi—uma unezindinganiso ezimbaxa-mbili, izingane zakho zizokwazi ngalokho!