Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 2/08 k. 26-k. 28 isig. 8
  • Ngingakubekezelela Kanjani Ukugula?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingakubekezelela Kanjani Ukugula?
  • I-Phaphama!—2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Kufanele Ngigule Kangaka?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2008
  • Ngingazivikela Kanjani Kubanukubezi?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Yini Okufanele Ngiyazi Ngokuhlukunyezwa Ngokocansi?
    Izimpendulo Zemibuzo Eyishumi Ebuzwa Yintsha
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 2/08 k. 26-k. 28 isig. 8

Intsha Iyabuza

Ngingakubekezelela Kanjani Ukugula?

“UDUMO lwabasha lungamandla abo,” kusho izAga 20:29. (IBhayibheli LesiZulu Elivamile) Uma ugula noma ukhubazekile, ungase ube nomuzwa wokuthi lo mbhalo awusoze wasebenza kuwe. Kodwa ungasebenza! Iqiniso liwukuthi, intsha eningi ekhubazekile noma enezifo ezingelapheki iye yanqoba izithiyo ezinkulu kakhulu. I-Phaphama! yaxoxa nabasebasha abane abakuleso simo.

UHiroki waseJapane wazalwa ene-cerebral palsy. Uthi: “Imisipha yentamo yami ayikwazi ukumisa ikhanda lami liqonde, futhi izandla zami zenza okuphambene nalokho engikufunayo. Ngithembele kwabanye ngokuphelele ukuba bangisize.”

UNatalie nomfowabo uJames, baseNingizimu Afrika, bazalwa benesifo esingavamile sokuba izichwe (ukuba mfushane kakhulu). UNatalie unane-scoliosis, isifo sokukhubazeka komgogodla. Uthi: “Sengike ngahlinzwa umgogodla kane, futhi ngenxa yokuthi ugobile, amaphaphu ami abuthakathaka.”

Lapho eseneminyaka engu-17 ubudala uTimothy waseBrithani, kwatholakala ukuthi unesifo sokutubeka komzimba okungapheli. Uthi: “Esikhathini esingaphansi kwezinyanga ezimbili, ngashintsha ekubeni umqemane ngaba buthakathaka kangangokuba imilenze yami yayingenamandla okungithwala.”

Lapho eseneminyaka engu-19 ubudala uDanielle wase-Australia, kwatholakala ukuthi unesifo sikashukela. Uthi: “Njengoba isifo sikashukela singabonakali ngaphandle, abanye abantu abaqapheli ukuthi siyingozi kangakanani. Iqiniso liwukuthi, isifo sikashukela singangibulala.”

Uma ukhubazekile noma unesifo esithile, akungabazeki ukuthi kuzokududuza lokho okushiwo uHiroki, uNatalie, uTimothy, noDanielle. Uma ungumqemane, lokho abakushoyo kungakusiza ukuba ubaqonde kangcono labo abakhubazekile noma abagulayo.

I-Phaphama!: Yini eyinselele kakhulu ngesimo obhekene naso?

UNatalie: Kimina, ukubhekana nendlela abantu abasabela ngayo lapho bengibona. Angikhululeki neze. Ngiba nomuzwa wokuthi ngigqolozelwe ngaso sonke isikhathi.

UDanielle: Inselele enkulu ngokuba nesifo sikashukela ukuthi kufanele wazi ukuthi yini okufanele uyidle, uyidle kangakanani nokuthi yikuphi ukudla okufanele ukudle kancane. Ukungadli kahle kungakhuphula izinga likashukela, okungabangela ukuba ngiquleke.

UHiroki: Nginesihlalo sabakhubazekile esiklanyelwe umzimba wami ngokukhethekile, futhi ngichitha amahora angaba ngu-15 ngihleli ngendlela efanayo. Futhi angilali kahle. Umsindo omncane nje uyangivusa.

UTimothy: Ekuqaleni, into eyayiyinselele enkulu kimi kwakuwukugula kwami. Isimo sami sasingibangela amahloni.

I-Phaphama!: Yiziphi ezinye izinkinga obhekana nazo?

UDanielle: Isifo sikashukela singenza ngikhathale kakhulu. Kufanele ngilale isikhathi eside kunesilalwa ontanga yami. Futhi, lesi sifo aselapheki.

UNatalie: Ngokusobala, kungikhathaza kakhulu ukuba mfushane. Ukwenza izinto ezivamile—njengokufinyelela ezintweni ezisemashalofini aphezulu esitolo—kuyinselele. Lapho ngiyothenga esitolo ngedwa, kuba nzima kakhulu.

UTimothy: Kuye kwadingeka ukuba ngibekezelele ubuhlungu obungapheli, obuhambisana nokucindezeleka ngezikhathi ezithile. Ngaphambi kokuba ngigule, ngangiyingqabavu. Ngangisebenza futhi nginezincwadi zokushayela. Ngangidlala imidlalo enjengebhola ne-squash. Manje sengihlala ngisesihlalweni.

UHiroki: Angikwazi ukukhuluma kahle. Lokhu kuyangidumaza futhi kwenza nginqikaze ukuqala izingxoxo. Ngezinye izikhathi, ukunyakaza kwezandla ngokuzenzekelayo kungenza ngishaye othile ngingahlosile. Lapho kwenzeka lokhu, angikwazi ngisho nokuthi “ngiyaxolisa,” ngenxa yokuthi angikwazi ukukhuluma kahle.

I-Phaphama!: Yini ekusizile ukuba ubhekane nesimo okuso?

UDanielle: Ngizama ukugxila ezintweni ezinhle ngokuphila kwami. Nginomkhaya omuhle, nginabangane abanothando ebandleni, futhi ngaphezu kwakho konke, uJehova uNkulunkulu uyangisekela. Ngiphinde ngizame ukuzigcina nginolwazi ngemininingwane ephathelene nokulawula isifo sikashukela. Ngiyayinakekela impilo yami futhi ngenza konke okusemandleni ukuba ngizinakekele.

UNatalie: Umthandazo uwumthombo wamandla. Ngizama ukubhekana nenkinga eyodwa ngesikhathi. Ukuzigcina ngimatasa kungisiza ukuba ngingagxili emicabangweni engemihle. Futhi nginabazali abahle kakhulu, engikwazi ukuthulula kubo isifuba.

UTimothy: Ngenza okuthile okungokomoya nsuku zonke, ngisho noma kuyinto yesikhashana nje. Ngokwesibonelo, ngiqala usuku ngalunye ngokuhlola itekisi losuku. Isifundo seBhayibheli somuntu siqu nomthandazo kubaluleke kakhulu kimi, ikakhulukazi lapho ngicindezelekile.

UHiroki: Ngiyazama ukuba ngingazikhathazi ngezinto engingenakwenza lutho ngazo. Kuwukuchitha isikhathi lokho. Ngakolunye uhlangothi, ngenza konke engingakwenza ukuzakha ngokomoya, futhi angisisebenzisi isimo sami njengebhaxa lokuba ngingalifundi iBhayibheli. Lapho ngingakwazi ukulala, lokho ngikubheka njengethuba lokuthandaza.—Bheka eyabaseRoma 12:12.

I-Phaphama!: Bakukhuthaze kanjani abanye?

UHiroki: Abadala bangincoma njalo ngezinto ezincane engizenzayo. Abazalwane nodade ebandleni nabo bayangithatha bahambe nami lapho beya ezimpindelweni nasezifundweni zabo.—Bheka eyabaseRoma 12:10.

UDanielle: Mhlawumbe into engithinta kakhulu yilapho abazalwane nodade ebandleni bengincoma ngokusuka enhliziyweni. Lokho kungenza ngizizwe ngithandwa, futhi kuyangikhuthaza ukuba ngiqhubeke.

UTimothy: Kunodade osekhulile ohlale enza umzamo wokuba axoxe nami emihlanganweni. Abadala nomkabo nabo bangikhuthazile futhi banginika nezeluleko eziwusizo. Omunye umdala, oneminyaka engu-84 ubudala, uye wangisiza ukuba ngizibekele imigomo efinyelelekayo. Inceku ekhonzayo ethile yangicela ukuba ngisebenze nayo enkonzweni, futhi yahlela ukuba sobabili sisebenze indawo eyithafa okulula ukuhamba kuyo ngesihlalo sabakhubazekile.—Bheka iHubo 55:22.

UNatalie: Lapho nje ngingena eHholo LoMbuso, abafowethu nodade abangokomoya bangibingelela ngothando bemomotheka. Asebekhulile bahlale benokuthile okukhuthazayo abangakusho, nakuba benezinkinga zabo.—Bheka eyesi-2 Korinte 4:16, 17.

I-Phaphama!: Yini ekusiza ukuba ulondoloze isimo sengqondo esihle?

UHiroki: Njengomunye woFakazi BakaJehova, ngihlanganyela nenhlangano enabantu abanethemba eliqhakazile. Ukuqaphela ukuthi ngiyingxenye yale nhlangano kungisiza ukuba ngibe nesimo sengqondo esihle.—Bheka eyesi-2 IziKronike 15:7.

UDanielle: Ngicabanga ngelungelo enginalo lokuqonda izinjongo zikaNkulunkulu. Kunabantu abanempilo enhle, kodwa abanelisekile ngokuphila kwabo njengami.—Bheka izAga 15:15.

UNatalie: Ngikuthola kubalulekile ukuzungezwa abantu abanesimo sengqondo esihle. Kuyakhuthaza nokufunda okuhlangenwe nakho kwabanye abakhonza uJehova nakuba bebhekene nokuvivinywa. Futhi lapho ngiya eHholo LoMbuso, ngiyazi njalo ukuthi ngizokhuthazwa futhi ngikhunjuzwe ngelungelo enginalo lokuba omunye woFakazi BakaJehova.—Bheka eyamaHebheru 10:24, 25.

UTimothy: Ngokweyoku-1 Korinte 10:13, uJehova ngeke avume ukuba sibhekane nokungaphezu kwalokho esingakuthwala. Ngiye ngaphetha ngokuthi uma uMdali wami eqiniseka ukuthi ngingabhekana nalolu vivinyo, ngingubani mina ukuba ngimphikise?

Izihloko ezengeziwe zochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza . . . ” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ypa

OKUDINGA UKUCATSHANGELWA

  • UHiroki noTimothy bobabili basebenzisa izihlalo zabakhubazekile. Uma usesimweni esifanayo, amazwi abo angakusiza kanjani ukuba ulondoloze isimo sengqondo esihle?

  • UDanielle uphawula ukuthi “njengoba isifo sikashukela singabonakali ngaphandle, abanye abantu abaqapheli ukuthi siyingozi kangakanani.” Ingabe unesifo “esingabonakali”? Uma kunjalo, yini ongayifunda kulokho okwashiwo uDanielle?

  • UNatalie uthi enye yezinselele ezinkulu abhekene nazo ukubhekana nendlela abantu abasabela ngayo lapho bembona. Ubungamenza kanjani umuntu onjengoNatalie ukuba akhululeke? Uma unesifo noma ukukhubazeka okukwenza uzizwe njengoNatalie, ungasilingisa kanjani isimo sakhe sengqondo esihle?

  • Ngezansi, bhala amagama abantu obaziyo abakhubazekile noma abanesifo esingelapheki.

  • Yini ongayenza ukuze usekele ngamunye wabo?

Induduzo Evela EBhayibhelini

  • UJesu uyabazwela ngempela abagulayo.—Marku 1:41.

  • ‘Ngokwelapha yonke inhlobo yesifo nayo yonke inhlobo yobuthakathaka,’ uJesu wabonisa ukuthi abantu bayokwelashwa ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu.—Mathewu 4:23.

  • Ezweni elisha likaNkulunkulu, “akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula,’” nobuhlungu buyobe bungasekho.—Isaya 33:24; IsAmbulo 21:1-4.

  • Ngisho nokufa ‘kuyokwenziwa ize.’—1 Korinte 15:25, 26.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela