Ingabe Laklanywa?
Iso Elibona Nxazonke
◼ “Izingqimba zongwengwezi oluhlelwe kahle.” Ulichaza kanjalo iso elibona nxazonke lezinambuzane eziningi uProfesa Luke Lee wase-University of California, e-U.S.A.
Cabanga Ngalokhu: Iso lezinambuzane ezithile elibona nxazonke, njengelenyosi nelikajekamanzi, lakhiwa amehlo amancane amaningi, ngalinye lawo elibheke endaweni ehlukile. Izithombe ezibonwa yiso ngalinye ziyahlangana zakhe isithombe esikhulu esimangalisayo esibonisa ngisho nomnyakazo omncane.
Ososayensi bazama ukuthola izindlela abangalingisa ngazo iso lezinambuzane elibona nxazonke ukuze bakhe izinto zokuqopha iminyakazo eshesha kakhulu namakhamera amancane athwebula nxazonke. Lezi zinto zenza imisebenzi ehlukahlukene. Omunye umsebenzi uphathelene nezokwelapha—ngokwesibonelo, ukubona ngaphakathi esiswini. Le khamera yezempilo ichazwa ngokuthi “ithuluzi elincane” elingase ligwinywe yisiguli. Lapho isisesiswini, ingathola imininingwane ngeso layo elibona nxazonke bese ithumela le mininingwane ngaphandle.
Kakade iqembu lonjiniyela bezinto zemvelo selenze iso elibona nxazonke elinamehlo angaphezu kuka-8 500 alingana esikhaleni esingangokhanjana. Nokho, lobu buchwepheshe, abulutho uma buqhathaniswa neso lezinambuzane elibona nxazonke. Ngokwesibonelo, ujekamanzi unamehlo amancane angaba ngu-30 000 esweni ngalinye!
Zibuze: ‘Ingabe leli so lezinambuzane eliyisimangaliso elikwazi ukwenza imisebenzi ehlukahlukene laba khona ngengozi? Noma ingabe laklanywa?’
[Isithombe ekhasini 26]
Umfanekiso okhulisiwe wengxenye yeso lenyosi elibona nxazonke
[Imithombo Yesithombe ekhasini 26]
Background: © Stephen Dalton/Photo Researchers, Inc.; close-up: © Raul Gonzalez Perez/Photo Researchers, Inc.