Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/08 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2008
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2008
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2008
  • Ngathola Uthando Lwangempela Nokuthula
    I-Phaphama!—2012
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 3/08 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ukusiza Intsha Ukuba Ibhekane Nenselele (March 2007) Njengosemusha oneminyaka engu-18 ubudala, ngakwazi ukubona indlela angithinta ngayo amaphuzu amaningi aphathelene nomakhalekhukhwini nokusebenzisa i-Internet. Ngangizihlanganisa nabantu engingabazi ezingosini zengevu. Ngokushesha ngawela ogibeni labo bangane ababi ababengibekele lona. Ngokushesha ingokomoya lami laqala ukuba buthaka. Ngaze ngavuma ngisho nokuhlangana ngokoqobo nedlanzana lalaba bantu. Ngeshwa, lokhu kwaholela ekuziphatheni okubi. Ngithandazela ukuba lesi sihloko sisize abanye bagweme ubuhlungu nosizi engiphila nalo. Ukungalali ebusuku nezinkumbulo ezibeleselayo kwenza usuku ngalunye lube nzima, kodwa ngimelana noSathane ngokuqinile.

B. R., United States

Kungani Ngiquleka? (April 2007) Kwakukhuthaza ukwazi ukuthi akumina ngedwa onenkinga yokuquleka. Lesi sihloko sangenza ngaba nomuzwa wokuthi uJehova ukhuluma nami ngokuqondile, engitshela ukuthi, “Ngiyakubona okukwehlelayo, ngakho ngiyakukhuthaza.”

I. R., Madagascar

Okuthile Okuhlala Njalo Kunobuciko (April 2007) Ngiswele amazwi okuchaza indlela engibonga ngayo ngalesi sihloko. Ngaphatha izindawo ezimbili zokuthwebula izithombe iminyaka eyisithupha. Bengiwuthanda umsebenzi wami nethuba owawunginika lona lokuveza ubuciko bami. Kodwa ngaqaphela ukuthi njengoba impumelelo nedumela lami emsebenzini likhula, inkonzo yami kuJehova yayibonakala incipha. Ngangigxile kakhulu ebucikweni bami kangangokuba ngangingenasikhathi sokwenza noma yini enye. Ngangazi ukuthi kufanele ngishintshe okuthile. Ngakho ngawushiya umsebenzi futhi ngahileleka kakhudlwana ekukhulekeleni kwami. Umuzwa wokwaneliseka nenjabulo engangiwuthola ngokudweba imifanekiso emihle awulutho uma uqhathaniswa nenjabulo engiyithola enkonzweni yobuKristu.

A. P., United States

Intsha Iyabuza . . . Ingabe Siyafanelana Nalo Muntu? (May 2007) Muva nje ngizithole ngiba nemizwa yothando ekhulayo ngothile ebengicabanga ukuthi singafanelana naye. Kodwa ngemva kokufunda lesi sihloko, ngathola ukuthi izimfanelo ebengizithanda kuye kwakungezona izimfanelo ezibaluleke ngempela. Lesi sihloko sangisiza ukuba ngiqaphele ukuthi izimfanelo ezingokomoya nendlela umuntu ocabangela ukushada naye abaphatha ngayo abanye yikona okubalulekile. Ngiyambonga uJehova ngezihloko ezinjengalesi, ezisivikelayo futhi zisiqondise thina basha.

E. P., United States

Ake Ngikwethule Kubantu BaseMpumalanga Timor (May 2007) Ngasifunda ngesithakazelo esikhulu lesi sihloko. Ngaqala ukuzwa ngaleli zwe lapho kubikwa ngezibhelu zakhona ezindabeni. Kusukela ngaleso sikhathi bengizibuza ukuthi abantu baseMpumalanga Timor baphila kanjani nokuthi umsebenzi woFakazi BakaJehova wokushumayela wawuthinteka kanjani. Ngamangazwa umoya walaba bantu, abangadikibaliswa yizimo ezimbi kodwa abaqhubeka nokuphila ngokuzimisela. Ngizowukhumbula umoya ongenakunqotshwa wabantu baseMpumalanga Timor nokumomotheka ngothando kukaJacob nomkhaya wakhe.

Y. M., Japan

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela