Ukubuka Okwezwe
◼ Kule minyaka engu-20 edlule, inani lezinhlekelele zemvelo emhlabeni wonke liye laphindeka kane. Kuthinteka abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-250 minyaka yonke.—I-UNIVERSAL, EMEXICO.
◼ “Umoya onamandla obulokhu uvunguza ePacific iminyaka eminingi uye wanqwabelanisa imfucumfucu eningi entanta olwandle.” Indawo ehlanganiswa yile mfucumfucu isingaba ngange-Australia ngobukhulu.—I-DÉPÊCHE DE TAHITI, ETAHITI.
◼ Ukuze kukhiqizwe amalitha angu-50 e-biofuel yemoto evamile kudingeka amakhilogremu angu-200 ommbila—“anele ukondla umuntu oyedwa unyaka wonke!”—I-GAZETA WYBORCZA, EPOLAND.
Ukusakazwa KwamaBhayibheli EChina
Umphathi woMkhandlu Wezwe Wezindaba Zezenkolo uYe Xiaowen uthi: “IChina isingelinye lamazwe asakaza inani elikhulu lamaBhayibheli emhlabeni.” Inkampani enyathelisayo yaseChina eseNanjing, inhloko-dolobha yeSifunda saseJiangsu, yaqopha umlando ngokusakaza amaBhayibheli aphelele ayizigidi ezingu-50 kuleli zwe. Ngokwe-People’s Daily Online, “kuye kwanyatheliswa amakhophi eBhayibheli angaba yizigidi ezintathu emshinini wokunyathelisa wale nkampani minyaka yonke eminyakeni yamuva.” Kubikwa ukuthi inani lalabo abazibiza ngamaKristu eChina liyanda.
Ukwebiwa Kwemifanekiso Yenkolo
I-Russky Newsweek iyabika: “Kule minyaka emihlanu, kuye kwaphangwa amasonto angaphezu kwenkulungwane eRussia.” UMnyango Wezangaphakathi eRussia uye wabikelwa ukuthi kwebiwe imifanekiso yenkolo engaba ngu-40 000. Manje, ngokwesivumelwano soMnyango Wezangaphakathi neSonto Lobu-Orthodox LaseRussia, yonke imifanekiso yesonto izobekwa uphawu olukhethekile, olubonakala uma ukhanyiswa ngokukhanya oku-ultraviolet. Lokhu kuzosiza abaphenyi ukuba bathole abanikazi bangempela bemifanekiso etholakele. I-Russky Newsweek ithi iSigungu Sabefundisi baseMoscow siyasamukela lesi sinyathelo, “ngoba uphawu ‘lwasemhlabeni’ ngeke luwaphazamise amandla omfanekiso ayisimangaliso.”
Izimpi Ziqeda Imithombo Yengcebo Yase-Afrika
I-International Herald Tribune ithi: “Phakathi kuka-1990 no-2005, amazwe angu-23 ase-Afrika ayehileleke ezimpini, futhi izindleko zazo zazingaba ama-dollar angaba yizinkulungwane eziyizigidi ezingu-300 [amaRandi ayizigidi eziyizigidi ezingu-2,3]. UMongameli waseLiberia u-Ellen Johnson-Sirleaf uthi: “Izindleko ezikhokhwa i-Afrika zingalingana nezindleko zokuxazulula inkinga yesandulela-ngculaza nengculaza e-Afrika, noma zokutholakala kwemfundo, amanzi, ukuvinjelwa nokwelashwa kwesifo sofuba nomalaleveva. Bekungakhiwa izinkulungwane zezibhedlela, izikole nemigwaqo.” Leli phephandaba liphetha ngokuthi ukube impi ibingekho, i-Afrika “ibingaba yizwekazi elichumayo esikhundleni sokuba izwekazi elimpofu kunawo wonke emhlabeni.”
Ukuthatha Isihlwathi Kungakuzuzisa
Ucwaningo olwenziwa kwabesilisa nabesifazane baseGreece abangaphezu kuka-23 000 lwaphetha ngokuthi ukuthatha isihlwathi emini okungenani kathathu ngesonto kunganciphisa ingozi yokubulawa isifo senhliziyo ngamaphesenti angu-37. UDimitrios Trichopoulos, ongumcwaningi nesazi sezifo eHarvard School of Public Health, e-U.S.A., uyachaza: “Kunobufakazi obuningi bokuthi ukucindezeleka okukhulu nokungamahlalakhona kubangela isifo senhliziyo.” Uthi: “Ukuthatha isihlwathi ntambama kungase kunciphise ukucindezeleka namathuba okubulawa yisifo senhliziyo.”