Yini Eyenziwayo Ngenkinga Yamanzi?
Inkinga yamanzi isembulungeni yonke. Isongela impilo yezigidi zabantu emhlabeni. Kuye kwathathwa ziphi izinyathelo ukuze kulungiswe inkinga yokuntuleka kwamanzi nokusetshenziswa kwawo?
ENINGIZIMU AFRIKA: “Abantu Abampofu EThekwini Bathola Amanzi Osekuyisikhathi Eside Bengawatholi,” kumemezela isihloko esikhulu sikamagazini i-Science. Lesi sihloko sibika ukuthi abantu abampofu abahlala lapho sekungamashumi eminyaka bengenawo amanzi anele ngenxa yenkambiso yobandlululo yohulumeni bangaphambili eseyaphela. Lesi sihloko sithi ngo-1994, “izingxenye ezintathu kwezine zemikhaya eyisigidi yaseThekwini zazingenawo amanzi ahlanzekile noma indlela yokukhuculula indle.”
Ukuze kuxazululwe le nkinga, ngo-1996 unjiniyela othile wasungula uhlelo olwaluzolethela umkhaya ngamunye amalitha amanzi angaba ngu-200 nsuku zonke. Waba yini umphumela? I-Science iyabika: “Ngaphandle nje kwabantu abangu-120 000, zonke izakhamuzi zaseThekwini eziyizigidi ezingu-3,5 seziyawathola amanzi ahlanzekile.” Manje, okungenani umuntu usehamba ibanga elifushane ukuyokukha amanzi—okuyintuthuko enkulu kunasesikhathini esidlule lapho abaningi kwakudingeka bathwale amanzi ibanga elingangekhilomitha.
Umagazini i-Science uchaza ukuthi ukuze kuxazululwe inkinga yokukhucululwa kwendle, “izindlu zangasese ezindala eziwumgodi” zithathelwa indawo “izindlu zangasese ezinemigodi emibili, ezihlukanisa umchamo nendle ukuze isheshe yome futhi ishabalale.” Ekuqaleni kuka-2008 kwase kufakwe lezi zindlu zangasese ezingaba ngu-60 000, nakuba ngalesi sikhathi kwabikezelwa ukuthi kwakuyophela eminye iminyaka emibili ngaphambi kokuba yonke imizi ibe nendlu yangasese efanelekile.
EBrazil: Edolobheni laseSalvador, amakhulu ezingane ayehlushwa isifo sohudo ngenxa yokuntuleka kwesimiso sokuthuthwa kwendle nezindlu zangasese.a Ukuze kulungiswe isimo, umkhandlu-dolobha wafaka amapayipi okuthutha indle angaba amakhilomitha angu-2 000 emizini engaphezu kuka-300 000. Waba yini umphumela? Isifo sohudo sancipha ngamaphesenti angu-22 edolobheni kabanzi nangamaphesenti angu-43 ezindaweni lapho sasande kakhulu khona ngaphambili.
ENdiya: Ezingxenyeni ezithile zomhlaba, kuba namanzi amaningi ahlanzekile ngezinkathi ezithile zonyaka; kodwa awagcinwa njalo ukuze asetshenziswe ngendlela enenzuzo. Kodwa ngo-1985 iqembu labesifazane baseNdiya esigodini saseDholera, esifundazweni saseGujarat esisenyakatho-ntshonalanga, lavela nesu elihlakaniphile lokulondoloza amanzi. Lahlela iqembu elalizokwakha ichibi elimumatha amanzi emvula okwathi lapho liqedwa, lalilingana nenkundla kanobhutshuzwayo. Babe sebefaka ipulasitiki eqinile ngaphakathi ukuze amanzi angamunceki. Umsebenzi wabo waba impumelelo. Empeleni, ngemva kwezinyanga kudlule inkathi yezimvula ezinkulu, babesenawo amanzi—naphezu kweqiniso lokuthi “babevumele nomakhelwane ukuba bazokukha amanzi okuphuza.”
EChile: Leli zwe laseNingizimu Melika elingaba amakhilomitha angu-4 265 ubude, lihaqwe uLwandle iPacific ngasentshonalanga kanye neziNtaba zase-Andes ngasempumalanga. UHulumeni ulawula konke ukusetshenziswa kwamanzi futhi ugunyaza ukwakhiwa kwamadamu nemisele. Uyini umphumela? Manje amaphesenti angu-99 abantu abahlala emadolobheni namaphesenti angu-94 alabo abahlala emaphandleni athola amanzi anele.
Ikhambi Langempela
Kubonakala sengathi izwe ngalinye linendlela yalo yokubhekana nenkinga yamanzi. Kwamanye amazwe ahlale evunguza umoya, imishini ephehlwa umoya idonsa amanzi futhi isize ekuphehleni ugesi. Emazweni acebile, ukukhishwa kukasawoti emanzini asolwandle nakho kubhekwa njengekhambi elingaba usizo. Ezindaweni eziningi kunamadamu amakhulu agcina amanzi avela emifuleni namanzi emvula—indlela eye yabonakala iphumelela ngandlela-thile, nakuba imithombo esezindaweni ezomile ingase ilahlekelwe amanzi angamaphesenti ayishumi ngenxa yomhwamuko.
OFakazi BakaJehova, abashicileli balo magazini, bakholelwa ukuthi ikhambi langempela lenkinga yamanzi lisezandleni zikaNkulunkulu, hhayi ezomuntu. IBhayibheli lithi: “Umhlaba nalokho okuwugcwalisile kungokukaJehova [uNkulunkulu], izwe elikhiqizayo nalabo abahlala kulo. Ngoba yena ngokwakhe uwumisé waqina phezu kwezilwandle, naphezu kwemifula uwugcina umi uqinile.”—IHubo 24:1, 2.
Yiqiniso, uNkulunkulu wanika abantu umthwalo wokunakekela le mbulunga. (Genesise 1:28) Kodwa ukusaphaza komuntu imithombo yengcebo yomhlaba—kanye nemiphumela eyinhlekelele eye yaba khona—kunikeza ubufakazi obengeziwe bokuthi “akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.”—Jeremiya 10:23.
Yini uJehova azoyenza ukuze abuyisele isimo semvelo somhlaba wethu esimweni esiphelele? IBhayibheli liyasiqinisekisa ngokuthi injongo yakhe ‘iwukwenza konke kube kusha.’ (IsAmbulo 21:5) Cabanga nje ngezwe elingenabo ubumpofu, isomiso nokuntuleka kwamanzi. Cabanga ngezwe elingenazo izikhukhula, namuhla ezibulala izinkulungwane zabantu unyaka ngamunye. Ngaphansi kokubusa koMbuso wakhe, uNkulunkulu uyogcwalisa izithembiso eziningi azenzile! UJehova uqobo uthi: “Liyoba njalo nezwi lami eliphuma emlonyeni wami. Ngeke libuyele kimi lingabanga namiphumela, kodwa ngokuqinisekile liyokwenza lokho engikujabulelayo, futhi liyophumelela ngokuqinisekile kulokho engilithumele kona.”—Isaya 55:11.
Ungathanda yini ukufunda okwengeziwe ngenjongo kaNkulunkulu yokulungisa umhlaba, echazwe eZwini lakhe, iBhayibheli? Isihloko esilandelayo sizochaza ukuthi ungakwenza kanjani lokho.
[Umbhalo waphansi]
a Unyaka ngamunye emhlabeni wonke, kufa izingane eziyizigidi ezingaba ngu-1,6 ngenxa yesifo sohudo. Lelo nani lingaphezu kwelabantu ababulawa yingculaza, isifo sofuba nomalaleveva kuhlangene.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
“Lapho kungekho manzi khona, akukho kuphila. . . . Siphila ngenxa yamanzi.”—UMichael Parfit, umlobeli we-National Geographic
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
Kudingeka amanzi angamathani ayinkulungwane ukuze kukhiqizwe ithani elilodwa lokusanhlamvu
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
“Amaphesenti angu-70 amanzi esinawo emhlabeni asetshenziselwa ukunisela.”—I-Plan B 2.0, kaLester R. Brown
[Amagrafu/Izithombe ekhasini 7]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Angakanani amanzi ahlanzekile atholakalayo?
Amanzi ewonke
97,5% Amanzi anosawoti
2,5% Amanzi ahlanzekile
Amanzi ahlanzekile
99% Asezinguzungeni zeqhwa noma ngaphansi komhlaba
1% Atholwa abantu ababalelwa ezigidini eziyizi-nkulungwane ezingu-7 kanye nezigidi zezinye izinto eziphilayo
[Isithombe ekhasini 7]
Ukufakwa kwamapayipi amanzi ahlanzekile eThekwini, eNingizimu Afrika
[Umthombo]
Courtesy eThekwini Water and Sanitation Programme
[Isithombe ekhasini 7]
Abesifazane bakha ichibi elimumatha amanzi emvula eRajasthan, eNdiya, ngo-2007
[Umthombo]
© Robert Wallis/Panos Pictures
[Isithombe ekhasini 7]
Abantu bendawo besebenza ngesimiso esisha sokuthutha amanzi omphakathi eduze naseCopán, eHonduras
[Umthombo]
© Sean Sprague/SpraguePhoto.com