Uketshezi Lokuphila
AMANZI ayisimanga. Alula kodwa ayinkimbinkimbi. Ingqamuzana ngalinye linama-athomu amathathu kuphela—amabili e-hydrogen nelilodwa lomoya-mpilo. Kodwa sonke siyazi ukuthi amanzi abalulekile ekuphileni, akha cishe amaphesenti angu-80 esisindo sazo zonke izinto eziphilayo. Cabangela izici ezinhlanu kuphela zalolu ketshezi olumangalisayo.
1. Amanzi angabamba ukushisa okukhulu ngaphandle kokwenyuka kwezinga lokushisa, kanjalo kusize ekugcineni isimo sezulu sithokomele.
2. Amanzi ayakhukhumala lapho eba yiqhwa, okwenza iqhwa lintante futhi libe ungqimba olubamba ukushisa. Ukube amanzi, njengezinye izinto, ayazika lapho eba yiqhwa, amachibi, imifula nolwandle bekuyoba yiqhwa kuze kuyofika ekujuleni, yonke into ivaleleke eqhweni!
3. Ukukhanya kungadlulela ngalé kwamanzi, okwenza izilwanyana ezithembele kukho zikwazi ukuphila ngisho nasekujuleni kwamanzi.
4. Ama-athomu amanzi ayalumbana, akhe “ungwengwezi” olunwebekayo. Lokhu kulumbana kwenza izinambuzane zikwazi ukuhamba emachibini, kwenza amanzi abe amaconsi futhi kuwenza akwazi ukukhuphuka ngezimpande, akwazi ukuphilisa izimila eziphakeme.
5. Amanzi awuketshezi olusebenziseka kakhulu kunalo lonke olwaziwayo. Angaxubana nomoya-mpilo, isikhutha, usawoti, amaminerali nezinye izakhi eziningi ezibalulekile.
Abalulekile “Ekupholiseni” Umhlaba
Ulwandle luthatha amaphesenti angaba ngu-70 omhlaba, okulwenza lube nendima enkulu ekulawuleni isimo sezulu. Empeleni, ulwandle nomkhathi womhlaba kusebenza njengento eyodwa, kuwumjikelezo ohambisa ukushisa, amanzi, amagesi, umoya kanye namaza olwandle. Kusebenza ndawonye nasekuthutheni ukushisa kwelanga eZindaweni Ezishisayo kukuyise enyakatho naseningizimu, kanjalo kwenze isimo sezulu somhlaba wonke sithokomale kahle. Empeleni, ukuze izilwanyana eziningi ezincane ziqhubeke ziphila, amazinga okushisa kufanele ahlale esezingeni elivumela ukuba amanzi ahlale ewuketshezi. Incwadi ethi Rare Earth—Why Complex Life Is Uncommon in the Universe ithi: “Kubonakala sengathi uMhlaba wakunemba kahle konke lokhu.”
Nokho, umhlaba awuyona imbangela yalezi zinto. Kodwa ingabe zenzeka ngengozi, noma zadalwa uMdali ohlakaniphile nonothando? IBhayibheli lithi zadalwa uMdali. (IzEnzo 14:15-17) Esihlokweni esilandelayo, sizobona obunye ubufakazi obusekela umbono weBhayibheli—imijikelezo emangalisayo egcina iplanethi yethu ihlanzekile futhi inempilo.
[Ibhokisi ekhasini 7]
IBHAYIBHELI LINEMBILE NGOKWESAYENSI
Umhlaba ulenga emkhathini. “Welulela inyakatho endaweni engenalutho, alengise umhlaba phezu kweze.”—Jobe 26:7, amazwi ashiwo cishe ngo-1613 B.C.E.
Umhlaba uyindilinga. “Ukhona Lowo ohlala ngaphezu kwesiyingi somhlaba.”—Isaya 40:22, eyabhalwa cishe ngo-732 B.C.E.
Amanzi ayajikeleza. “Zonke izifufula zasebusika ziphuma ziye olwandle . . . Endaweni lapho izifufula zasebusika ziya khona, zibuyela khona futhi ukuze ziphinde ziphume khona.”—UmShumayeli 1:7, eyabhalwa ngaphambi kuka-1000 B.C.E.
Indawo yonke ilawulwa imithetho ethile. “[Mina Jehova] ngamisa . . . izimiso [noma, imithetho] zezulu nomhlaba.”—Jeremiya 33:25, eyabhalwa ngaphambi kuka-580 B.C.E.
[Imithombo Yesithombe ekhasini 7]
Magnetosphere: NASA/Steele Hill; aurora: Collection of Dr. Herbert Kroehl, NGDC; reef: Stockbyte/Getty Images