Imijikelezo Esekela Ukuphila
UMA kungaphela umoya ohlanzekile namanzi edolobheni, kuvaleke namapayipi okukhuculula indle, ngokushesha bekuyolandela izifo nokufa kwabantu. Kodwa, iplanethi yethu inesimiso esivalekile—akukho moya ohlanzekile namanzi avela emkhathini, nokungcola akuphumeli ngaphandle! Ngakho isimiso semvelo emhlabeni sihlala kanjani sinempilo futhi sikulungele ukuba kuphilwe kuso? Impendulo iwukuthi: kungenxa yemijikelezo yemvelo, njengomjikelezo wamanzi, wekhabhoni, womoya-mpilo nowe-nitrogen, echazwe lapha futhi eboniswe ngendlela elula.
Umjikelezo wamanzi uhlanganisa izigaba ezintathu. 1. Ukushisa kwelanga kwenza amanzi ahwamukele emkhathini. 2. Lapho la manzi ahlanzekile enqwabelana kwakheka amafu. 3. Amafu wona akha imvula, isichotho, ungqoqwane noma iqhwa elikhithikayo liphelelise lo mjikelezo. Khona-ke, angakanani amanzi ahamba kulo mjikelezo minyaka yonke? Ngokwesilinganiso, anele ukumboza wonke umhlaba aze aphakame ngamasentimitha ayikhulu.
2
← ◯
↓ 3 ↑
↓ 1 ↑
↓ ↑
→ →
→
Imijikelezo yekhabhoni nomoya-mpilo ihlanganisa izinqubo ezimbili eziyinhloko—i-photosynthesis nokuphefumula kwezimila.a I-photosynthesis isebenzisa ukukhanya kwelanga, isikhutha namanzi ukuze ikhiqize ukudla okumahhadla nomoya-mpilo. Ukuphefumula, okwenzeka ezilwaneni nakubantu, kuhlangana nokudla okumahhadla nomoya-mpilo ukuze kwakhe amandla, isikhutha namanzi. Ngakho, ukuphela komjikelezo othile kuwukuqala komunye, futhi konke lokhu kwenzeka ngendlela ehlanzekile, ephumelelayo futhi buthule.
Umoya-mpilo
←
← ←
↓ ↑
↓ ↑
↓ ↑
→ →
→
Isikhutha
Umjikelezo we-nitrogen ubalulekile ekwakhekeni kwama-amino acid, amaprotheni namanye amangqamuzana angokwemvelo. A. Lo mjikelezo uqala lapho umbani nama-bacterium kuguqula i-nitrogen esemkhathini ibe izakhi ezingase zimuncwe yizimila. B. Izimila zona ziguqula lezi zakhi zibe amangqamuzana angokwemvelo. Kanjalo izilwane ezidla izimila nazo zithola i-nitrogen. C. Lapho izimila nezilwane zifa, kuba nolunye uhlobo lwama-bacterium oluhlukanisa izakhi ze-nitrogen bese luyibuyisela enhlabathini nasemkhathini.
← ← ← ← ← ← ← ← ← ←
↓ ↑
↓ Amaphesenti angu-78 ↑
↓ omkhathi womhlaba ↑
↓ ayi-nitrogen ↑
↓ ↑
↓ ↓ Ama-athomu ↑
↓ A ↓ angokwemvelo ↑
↓ Ama-bacterium ↓ B ↑ ↓ C ↑
→ Izakhi ze-nitrogen Ama-bacterium →
→ → →
Isimiso Esiphelele Sokusebenzisa Izinto Kabusha!
Cabanga ngalokhu: Abantu, nakuba benobuchwepheshe, babangela inqwaba yemfucumfucu enobuthi engasebenziseki minyaka yonke. Kodwa, umhlaba unesimiso sokuphinde uyisebenzise yonke imfucumfucu, ngenxa yobunjiniyela bamakhemikhali obuwubunyoninco. Umlobi wezenkolo nezesayensi uM. A. Corey uthi ukuvumelana okunjalo kwemvelo “bekungenakulokotha kuvele ngezinqubo ezenzeke ngengozi kuphela.”
Lidumisa lowo ofanelwe udumo, iBhayibheli lithi: “O Jehova, yeka ukuthi miningi kangakanani imisebenzi yakho! Yonke uyenzé ngokuhlakanipha.” (IHubo 104:24) Lokho kuhlakanipha kuye kwabonakaliswa ngokukhethekile esintwini.
[Umbhalo waphansi]
a Imijikelezo yamakhemikhali ahlukahlukene ingase ihlangane noma ibhangqane. Ngokwesibonelo, isikhutha, ukudla okumahhadla namanzi kunomoya-mpilo. Ngakho utholakala kuyo yomibili imijikelezo, owekhabhoni nowamanzi.