Intsha Iyabuza
Ingabe Ngidinga Abangane Abangcono?
“Uma ngicasukile, ngidinga umuntu engingakhuluma naye. Uma ngiphatheke kabi ngifuna othile ongangiduduza. Uma ngeneme ngifuna othile engizojabula naye. Kimina abangane bayikho konke.”—UBrittany.
KUYE kuthiwe izingane ezincane zidinga ezinye ezizodlala nazo, kuyilapho intsha idinga abangane. Uyini umehluko?
Umuntu odlala naye othile okuchithisa isizungu.
Umngane umuntu ophinde athande izinto ozithandayo.
Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lithi “umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi, futhi ungumfowabo womuntu ozalelwe isikhathi sosizi.” (IzAga 17:17) Lokhu kuchaza uhlobo olujulile lobungane kunalolo oluthola uma nizidlalela!
Iqiniso: Njengoba ukhula uyamdinga umngane
(1) Onezimfanelo ezinhle
(2) Ophila ngezindinganiso ezitusekayo zikaNkulunkulu
(3) Onethonya elihle kuwe
Umbuzo: Ungabona kanjani ukuthi umngane wakho unazo lezi zimfanelo? Ake sihlole imfanelo ngayinye.
Isici Sobungane #1—Izimfanelo Ezinhle
Okufanele ukwazi. Akuyena wonke umuntu othi ungumngane ongumngane wangempela. IBhayibheli lize lithi “kukhona abangane abathambekele ekuphihlizaneni babe yizicucu.” (IzAga 18:24) Lokhu kungase kuzwakale kuwukweqisa. Kodwa cabangela lokhu: Wake waba naye “umngane” owasizakala ngawe? Kuthiwani ngalowo owahleba ngawe noma wafafaza amanga? Ukubhekana nesimo esinjalo kungase kukwenze ungabe usathemba muntu.a Kufanele ukhumbule njalo ukuthi uma kuziwa ebunganeni, kungcono ukuba nabangane abambalwa kodwa abaqotho kunokuba nenqwaba yabangalungile!
Ongakwenza. Abangane bakhethe phakathi kwalabo abanezimfanelo ezikufanelekelayo ukulingiswa.
“Bonke abantu banombono omuhle ngomngane wami uFiona. Nami ngifuna kukhulunywe kahle kanjalo ngami. Ngifuna ukuba nedumela elihle njengaye. Lokho kungihlaba umxhwele.”—UYvette, oneminyaka engu-17.
Zama lesi sivivinyo.
1. Funda eyabaseGalathiya 5:22, 23.
2. Zibuze, ‘Ingabe abangane bami bayazibonakalisa izimfanelo ezakha “izithelo zomoya”?’
3. Ngezansi bhala uhlu lwamagama abangane bakho abaseduze. Eceleni kwegama ngalinye, bhala imfanelo emchaza kahle lowo muntu.
Igama Imfanelo
․․․․․ ․․․․․
․․․․․ ․․․․․
․․․․․ ․․․․․
Ukukunika umbono: Uma ukhumbula izici ezimbi kuphela, kungase kusho ukuthi yisikhathi sokuba ufune abangane abangcono!
Isici Sobungane #2—Izindinganiso Ezitusekayo
Okufanele ukwazi. Lapho unelukuluku lokuba nabangane, aba maningi namathuba okuba uthole abangafanele. IBhayibheli lithi: “Osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.” (IzAga 13:20) Igama elithi “iziphukuphuku” alisho abantu abanengqondo ethatha kancane. Kunalokho, lichaza labo abakwenqabayo ukucabanga okuhle esikhundleni salokho bakhethe ukulandela inkambo embi—yilolo hlobo-ke lwabangane ongaludingi!
Ongakwenza. Kunokuba uwole wonke umuntu othi ufuna ukuba ngumngane wakho, khetha. (IHubo 26:4) Cha, lokhu akusho ukuthi kufanele ube nobandlululo. Kule ndaba, ukuba okhethayo kusho ukuhlakanipha ngokwanele ukuze ‘ubone umehluko phakathi kolungileyo nomubi, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongamkhonzi.’—Malaki 3:18.
UNkulunkulu akakhethi, kodwa akamukeli noma ubani uma kuziwa endabeni yokuthi ngubani oyoba ‘yisimenywa etendeni lakhe.’ (IHubo 15:1-5) Nawe ungenza okufanayo. Phila ngezindinganiso zaphezulu, nabanye abalwela ukwenza kanjalo bangase bakuthole. Ekugcineni, bayoba uhlobo oluhle kakhulu lwabangane!
“Ave ngibonga ngokuthi abazali bami bangisiza ngathola abangane—abantu engilingana nabo nabaqhuba kahle kakhulu ngokomoya.”—UChristopher.
Zama lesi sivivinyo.
Phendula imibuzo elandelayo:
◼ Lapho nginabangane bami, ingabe ngivame ukuzizwa ngesaba ukuthi bangase bangicindezele ukuba ngenze okuthile engaziyo ukuthi akulungile?
❑ Yebo ❑ Cha
◼ Ingabe ngiyangabaza ukubethula kubazali bami, engesaba ukuthi bangase bangabamukeli?
❑ Yebo ❑ Cha
Ukukunika umbono: Uma uphendule ngoyebo emibuzweni engenhla, funa abangane abanezindinganiso eziphakeme. Kungani ungaqali ngalabo abadadlana kunawe nababeka isibonelo esihle ekuphileni kobuKristu?
Isici Sobungane #3—Ithonya Elihle
Okufanele ukwazi. IBhayibheli lithi: “Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.” (1 Korinte 15:33) ULauren osemusha uthi: “Engangifunda nabo babengithanda kuphela uma ngenza lokho ababengitshela ukuthi ngikwenze. Nganginesizungu, ngakho ukuze ngamukeleke nganquma ukwenza lokho ababengitshela khona.” ULauren wathola ukuthi uma usuphila ngezindinganiso zabanye, ungafana nezinkomo ze-chess noma zomlabalaba, bakuyise noma kuphi lapho bethanda khona. Ufanelwe okungcono kabi kunalokho!
Ongakwenza. Bunqamule ubungane nalabo abaphikelela ekutheni kufanele uphile njengabo. Uma wenza kanjalo, uyozizwa ungcono kakhulu futhi uyozicabela nendlela yokuthola abangane abangcono—uhlobo oluyokuthonya ngendlela eyakhayo.—Roma 12:2.
“Umngane wami omkhulu uClint uhluzekile engqondweni, ngenxa yalokho uye waba isikhuthazo esikhulu kimina.”—UJason oneminyaka engu-21.
Zama lesi sivivinyo.
Zibuze le mibuzo elandelayo:
◼ Ingabe ngiyayishintsha indlela engigqoka ngayo, engikhuluma ngayo noma engenza ngayo ukuze ngijabulise abangane bami?
❑ Yebo ❑ Cha
◼ Ingabe ngizithola sengiya ezindaweni ezinokuziphatha okungabazisayo ebengingeke ngiye kuzo ukube bengingahambi nabangane?
❑ Yebo ❑ Cha
Ukukunika umbono: Uma uphendule ngoyebo emibuzweni engenhla, cela usizo kubazali bakho noma komunye umuntu omdala ovuthiwe. Uma ungomunye woFakazi BakaJehova, ungaya ngisho kumdala ongumKristu umcele ukuba akusize ekukhetheni abangane abayoba nethonya elihle kuwe.
Izihloko ezengeziwe zochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype
[Umbhalo waphansi]
a Yiqiniso, wonke umuntu uyawenza amaphutha. (Roma 3:23) Ngakho uma umngane ekuzwisa ubuhlungu bese kamuva ezisola ngobuqotho, khumbula ukuthi “uthando lumboza izono eziningi.”—1 Petru 4:8.
ONGACABANGA NGAKHO
◼ Yiziphi izimfanelo ongazithanda kakhulu kumngane futhi ngani?
◼ Yiziphi izimfanelo okufanele usebenzele kuzo ukuze ube umngane ongcono?
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 19]
OKUSHIWO ONTANGA
Ngesikhathi abazali bami bengitshela ukuthi angihlukane neqembu elithile labangane, ngazitshela ukuthi kwakuyilo kanye engangifuna ukuzihlanganisa nalo. Nokho, iseluleko sabazali sasiqinisile, ngemva kokuba sengicabangisise kahle ngaso, ngaqaphela ukuthi babebaningi kabi abangane abangcono.”—UCole.
“Ukuhlanganyela enkonzweni yobuKristu kuyindlela engcono engenza ngibajwayele abantu basebandleni. Ensimini ngihlangana nezinhlobonhlobo zabantu, abancane nabadala. Futhi ngichitha isikhathi nabantu abathanda uJehova.”—UYvette.
“Ngathandazela ukuthola abangane, kodwa ngabe sengiqaphela ukuthi akukho engikwenzayo ukuze ngibathole. Khona-ke ngabe sengithatha isinyathelo sokuba ngikhulume nabanye emihlanganweni yobuKristu. Kungakabiphi ngase nginenqwaba yabangane abasha. Saphela nya isizungu.”—USam.
[Ibhokisi ekhasini 20]
ZAMA LA MACEBISO
Xoxa nabazali bakho ngokuphathelene nobungane. Babuze ukuthi babenohlobo olunjani lwabangane ngesikhathi bengangawe. Ingabe bayazisola ngabangane ababakhetha? Uma kunjalo, kungani? Babuze ukuthi ungazigwema kanjani ezinye zezinkinga ababhekana nazo.
Yethula abangane bakho kubazali bakho. Uma ungabaza ukwenza kanjalo, zibuze, ‘Kungani ngingabaza?’ Ingabe kukhona yini owaziyo ukuthi abazali bakho ngeke bakuthanda ngabangane bakho? Uma kunjalo, kungase kudingeke ubhekisise kakhudlwana lapho ukhetha abangane.
[Ibhokisi ekhasini 20]
IZINDLELA EZINTATHU ZOKULONDOLOZA ABANGANE ABAHLE
◼ Yiba yisilaleli esihle. Bonisa isithakazelo enhlalakahleni yabangane bakho.—Filipi 2:4.
◼ Thethelela. Ungalindeli ukuphelela. “Sonke siyakhubeka izikhathi eziningi.”—Jakobe 3:2
◼ Banike isikhathi sokuba bodwa. Akudingeki ubanakashele. Abangane boqobo bayokusiza lapho ubadinga.—UmShumayeli 4:9, 10.
[Isithombe ekhasini 18, 19]
Uma usuphila ngezindinganiso zabanye ukuze wamukeleke, ugcina usufana nezinkomo ze-“chess” noma zomlabalaba, abaziyisa noma kuphi lapho bethanda khona