Irisidi Elisekela Umlando WeBhayibheli
◼ Ngawo-1870 kwatholakala isibhebhe sobumba esingamasentimitha angu-5,5 eduze neBaghdad yanamuhla, e-Iraq. Ngo-2007, uMichael Jursa, uprofesa wase-University of Vienna, e-Austria, wathola lesi sibhebhe lapho ecwaninga eBritish Museum. UJursa wabona igama likaNebo-sarisekhimi (Nabu-sharrussu-ukin, ngesiBhabhiloni), isikhulu saseBhabhiloni nokukhulunywa ngaso eBhayibhelini kuJeremiya 39:3.a
UNebo-sarisekhimi wayengomunye wabakhuzi bempi beNkosi uNebukhadinezari, lapho kubhujiswa iJerusalema ngo-607 B.C.E., futhi ngokwalesi sibhebhe, ubizwa ngokuthi “induna yabathenwa.” Ngaphezu kwalokho, isiqu esithi induna yabathenwa sasinikwa umuntu oyedwa ngesikhathi, okunikeza ubufakazi obunamandla bokuthi uSarisekhimi okukhulunywa ngaye uyindoda efanayo nokukhulunywa ngayo eBhayibhelini.
Lesi sibhebhe sibika ngegolide uNebo-sarisekhimi aliletha ethempelini likaMarduk, noma uMerodaki, unkulunkulu oyinhloko waseBhabhiloni, ogama lakhe nalo liyavela eBhayibhelini. (Jeremiya 50:2) Irisidi libhalwe unyaka weshumi, inyanga ye-11 nosuku lwe-18 lokubusa kukaNebukhadinezari. Nokho, ukulethwa kwaleli golide kwakungahlobene nokuphangwa kweJerusalema, okwenzeka eminyakeni eminingi kamuva. (2 AmaKhosi 25:8-10, 13-15) Noma kunjalo, uProfesa Jursa uthi: “Ukuthola okuthile okunjengalesi sibhebhe, lapho sibona khona umuntu okukhulunywa ngaye eBhayibhelini ekhokha imali eyayivame ukukhishwa ethempelini eBhabhiloni futhi kucashunwa nosuku olunembile, kuyinto ephawulekayo.” Iphephandaba laseBrithani i-Telegraph lithi lesi sibhebhe, esichazwa njengenye yezinto ezitholakele eziphawuleka kakhulu emivubukulweni yanamuhla yeBhayibheli, “sisekela umbono wokuthi izincwadi ezingokomlando zeTestamente Elidala zisekelwe eqinisweni.”
Nokho, ukunemba kweBhayibheli akuxhomekile emivubukulweni. Kungatholakala ubufakazi obunamandla eBhayibhelini ngokwalo, ikakhulukazi eziprofethweni zalo. (2 Petru 1:21) Ngokwesibonelo, eminyakeni engaphezu kweyikhulu ngaphambili, uJehova uNkulunkulu, ekhuluma ngomprofethi u-Isaya, wabikezela ukuthi wonke amagugu aseJerusalema ‘ayeyothwalwa ayiswe eBhabhiloni.’ (Isaya 39:6, 7) Ngokufanayo, ngomprofethi uJeremiya, uNkulunkulu wabikezela: “Ngiyonikela zonke izinto ezibekelelwe zalo muzi [iJerusalema] . . . esandleni sezitha zawo. Ngokuqinisekile ziyoyiphanga . . . ziyiyise eBhabhiloni.”—Jeremiya 20:4, 5.
UNebo-sarisekhimi wayengomunye walezo zitha futhi ngenxa yalokho wayengufakazi wokuzibonela wokugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli. Empeleni, kungakhathaliseki ukuthi wayazi noma cha, wayehlanganyela ekugcwalisekeni kwaso.
[Umbhalo waphansi]
a KuJeremiya 39:3, INguqulo Yezwe Elisha ifundeka kanje: “USamgari-nebo, uSarisekhimi, uRabhisarisi,” ilandela izimpawu zolimi lweHebheru embhalweni wamaMasorethe. Kodwa umbhalo wesiHebheru osebenzisa ongwaqa ungahunyushwa ngokuthi: “USamgari, uNebo-sarisekhimi onguRabhisarisi [noma, iSikhulu Sesigodlo Esiyinhloko],” okuvumelana nalesi sibhebhe se-cuneiform.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 11]
Copyright The Trustees of the British Museum