Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 6/09 kk. 6-9
  • Okwabangela Ukuba Singasikhiphi Isisu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okwabangela Ukuba Singasikhiphi Isisu
  • I-Phaphama!—2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ungaphamazeli—Yenza Izinhlelo Ezifanele
  • Bhekana Neqiniso Lokuthi Kunomuntu Ophilayo
  • Lokho Okungabangelwa Ukwesaba Abantu
  • Ubungane NoNkulunkulu Bunamandla
  • Abazisoli
  • Ukukhipha Isisu​—Akulona Ikhambi Elingenazinkinga
    I-Phaphama!—2009
  • Ukukhipha Isisu—Ingabe Kuyikhambi?
    I-Phaphama!—1995
  • Ukukhishwa Kwesisu—Yini Ekulahlekelayo?
    I-Phaphama!—1987
  • Ukukhishwa Kwesisu—Ulwazi Luletha Umthwalo Wemfanelo
    I-Phaphama!—1987
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 6/09 kk. 6-9

Okwabangela Ukuba Singasikhiphi Isisu

UVICTORIA, okukhulunywe ngaye esihlokweni sokuqala, watshela isoka lakhe uBill ukuthi wayengeke asikhiphe isisu. UVictoria wathi: “Nganginomuzwa wokuthi kunomuntu ophilayo ngaphakathi kimi. Ngenxa yokuthi ngangiqaphela ukuthi uma ngiqhubeka ngihlala noBill, wayengeke angisekele phakathi nesikhathi sokukhulelwa, ngamshiya.”

Nokho, kamuva uBill washintsha umqondo futhi wacela ukuba bashade noVictoria. Kodwa ukunakekela indodana yabo eyayisanda kuzalwa kwakubonakala kungaphezu kwamandla abo. UVictoria wachaza: “Sasingenamoto, singenamali, sinezingubo zokugqoka ezimbalwa futhi singenalutho ngempela. UBill wayehola imali encane, futhi sasihlala endlini ephansi, kodwa sabekezela.”

Nabanye baye babhekana nezimo ezinzima ngenxa yokukhulelwa okungahlosiwe. Kodwa nabo baye benqaba ukukhipha isisu. Yini eyabasiza ukuba baqine futhi babhekane nobunzima bokukhulisa umntwana ababengamhlelele noma bengamfuni? Isihluthulelo kwakuwukulandela ukuhlakanipha okuyigugu okuseBhayibhelini.

Ungaphamazeli—Yenza Izinhlelo Ezifanele

Ngokuhlakanipha, iBhayibheli lithi: “Ngokuqinisekile amacebo okhuthele ayamzuzisa, kodwa noma ngubani onamawala ngokuqinisekile uphokophele ekusweleni.”—IzAga 21:5.

KuConnie, onamadodana amathathu, kuhlanganise neyodwa ekhubazekile, umcabango wokuba nomunye umntwana wawubonakala ukhungathekisa. Wathi: “Sasingamdingi omunye umntwana ozodinga ukondliwa. Ngakho sacabangela ukukhipha isisu.” Kodwa ngaphambi kokuba enze isinqumo ngokuphamazela, wathulula isifuba kuKay ayesebenza naye. UKay wamsiza ukuba abone ukuthi wayethwele umuntu ongakazalwa, iqiniso elamenza washintsha umqondo.

Nokho, uConnie wayedinga usizo olungokoqobo ukuze enze izinhlelo. Njengoba uConnie ayenomamekazi endaweni, uKay wasikisela ukuba athintane naye. Lapho umamekazi ethintwa, wakujabulela ukusiza. Ngaphezu kwalokho, umyeni kaConnie wathola omunye umsebenzi, base bethuthela endlini engabizi kakhulu. Ngokwenza kanjalo bakwazi ukunakekela usana olusha.

UKay wasiza uConnie ukuba athole nezinhlangano ezithile ezisiza labo abakhulelwe bengahlosile. Emazweni amaningi, zikhona izinhlangano ezinjalo ezisiza omama abasanda kubeletha abadinga usizo. I-Internet noma amabhuku ezingcingo endawo, avame ukutholakala emitatsheni eminingi yomphakathi, kungasetshenziswa ekutholeni lezi zinhlangano. Ukufuna usizo kungase kudinge umzamo omkhulu, kodwa “amacebo okhuthele” aletha impumelelo.

Bhekana Neqiniso Lokuthi Kunomuntu Ophilayo

IBhayibheli lithi: “Ngokuqondene nanoma ubani ohlakaniphile, amehlo akhe asekhanda lakhe; kodwa oyisiphukuphuku uqhubeka ehamba ebumnyameni bodwa.”—UmShumayeli 2:14.

Owesifazane ohlakaniphe ngempela akalizibi iqiniso futhi ‘ahambe ebumnyameni.’ Usebenzisa ‘amehlo asekhanda lakhe,’ empeleni amsiza ukuba ahlakaniphe. Lokhu kumsiza ukuba ahlaziye imiphumela yezenzo zakhe ngokunembile. Khona-ke, ngokuphambene nomuntu ovala amehlo ukuze angaliboni iqiniso lalokho okwenzeka esibelethweni sakhe, owesifazane ohlakaniphile ushukunyiswa uzwela olumenza avikele umbungu wakhe ophilayo.

UStephanie, intombazane eyayikhulelwe futhi icabangela ukukhipha isisu, waboniswa umfanekiso wengane enezinyanga ezimbili eyayikhula esibelethweni sakhe. Wathi: “Ngakhala izinyembezi. Ngazibuza: Ngingafuna kanjani ukubulala okuthile okuphilayo?”

Omunye wesifazane owayekhulelwe kodwa engashadile, okuthiwa uDenise, naye wabhekana neqiniso lokuthi okungaphakathi kuye kwakungumuntu ophilayo. Lapho isoka lakhe limnika imali lithi “makalungise inkinga,” uDenise waphendula: “Ngikhiphe isisu? Angisoze ngakwenza lokho!” Ngakho wenqaba ukubulala umntanakhe.

Lokho Okungabangelwa Ukwesaba Abantu

Uma becindezelwa abanye ukuba bakhiphe isisu, labo abangase bacabange ukwenza kanjalo ekuqaleni bayobe behlakaniphile uma bezindla ngalesi saga seBhayibheli: “Ukwesaba abantu kungakufaka enkingeni, kodwa uma uthemba iNKOSI, uyophepha.”—IzAga 29:25, New Century Version.

UMonica oneminyaka engu-17 ubudala wakhuleliswa isoka lakhe ngaphambi nje kokuba aqale ekolishi lezifundo zezebhizinisi. Unina, owayengumfelokazi futhi enezingane ezinhlanu, wakhungatheka. Wayefuna ukuba indodakazi yakhe ifundele umsebenzi ukuze ibalekele ubumpofu. Ngenxa yokukhungatheka, unina kaMonica wathi makakhiphe isisu. UMonica wachaza: “Lapho udokotela engibuza ukuthi ngiyafuna yini ukukhipha isisu, ngaphendula ngokuthi ‘Cha!’”

Edumele ngokubona ikusasa likaMonica eliqhakazile lishabalala futhi ecabanga ngobunzima bokukhulisa omunye umntwana, unina wamxosha ekhaya. UMonica wahamba wayohlala nomamekazi. Ngemva kwamasonto ambalwa, unina washintsha umqondo wavuma ukuba abuye azobelethela ekhaya. Wamsiza ekunakekeleni uLeon owayesanda kuzalwa, futhi wagcina esemthanda kakhulu lo mfanyana.

Owesifazane oshadile okuthiwa uRobin wacindezelwa umuntu ohlukile. Uthi: “Ngesikhathi ngikhulelwe, udokotela wangelaphela inkinga yezinso ngaphambi kokuba ahlole ukuthi ngikhulelwe yini. Ngatshelwa ukuthi kunamathuba amakhulu okuba usana luzalwe lungaphilile kahle ekhanda.” Udokotela wabe esemkhuthaza ukuba akhiphe isisu. Uyalandisa: “Ngamchazela ngombono weBhayibheli mayelana nokuphila. Ngamtshela ukuthi ngangingeke ngisikhiphe isisu.”

Nakuba udokotela ayekhathazeke kufanele, ukuphila kukaRobin kwakungekho engozini.a “Lapho indodakazi yami izalwa futhi ihlolwa,” kunezela uRobin, “kwatholakala ukuthi yayinokuphazamiseka kwengqondo okuncane ngenxa ye-cerebral palsy. Iphile kahle. Manje njengoba isineminyaka engu-15, izinga layo lokufunda lilokhu lithuthuka. Iyigugu kimi, futhi ngimbonga kaningi uJehova ngosuku ngenxa yayo.”

Ubungane NoNkulunkulu Bunamandla

IBhayibheli lithi: “Ubungane noJehova bungobalabo abamesabayo.”—IHubo 25:14, American Standard Version.

Abaningi abenqabayo ukukhipha isisu bathonywa ukuthi bacabangela indlela uMdali azizwa ngayo ngale ndaba. Ukujabulela ubungane noNkulunkulu nokwenza lokho okumthokozisayo, kuyinto eza kuqala kubo. Lo mbono yiwo owaba nethonya elikhulu kuVictoria, okukhulunywe ngaye ekuqaleni. Wathi: “Ngangikholelwa ngokuqinile ukuthi ukuphila sikuphiwe uNkulunkulu, futhi ngangingenalo ilungelo lokubulala ukuphila asinike kona.”

Lapho uVictoria eqala ukufunda iBhayibheli ngokuzimisela, ubungane bakhe noNkulunkulu bakhula. Wathi: “Ukwenza isinqumo sokumgcina umntanami kwangenza ngazizwa ngisondelene noNkulunkulu futhi kwangenza ngafuna ukumthokozisa kuzo zonke izici zokuphila kwami. Lapho ngithandazela isiqondiso sakhe, konke okunye kwaqala ukuhamba kahle.”

Ubungane noNkulunkulu, onguMthombo wokuphila, bujulisa inhlonipho esinayo ngokuphila okusesibelethweni. (IHubo 36:9) Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu anganika owesifazane nomkhaya wakhe “amandla angaphezu kwavamile” ukuze abasize babhekane nokukhulelwa okungahleliwe. (2 Korinte 4:7) Uma bebheka emuva, labo ababonisa inhlonipho ngombono kaNkulunkulu ngokuphila bazizwa kanjani ngesinqumo sabo?

Abazisoli

Laba bazali abahlushwa imizwa yecala noma umuzwa ongapheli wokudumala nosizi. Ngokuhamba kwesikhathi, ngempela babheka “isithelo sesisu” njengomvuzo, hhayi isiqalekiso! (IHubo 127:3) UConnie, okukhulunywe ngaye ngaphambili, wakuvuma lokhu ngemva nje kwamahora amabili ebelethile! Ejabule, wabiza uKay ayesebenza naye wamtshela indlela ayejabule ngayo ngokuthi uzozikhulisela indodakazi yakhe. Echichima injabulo, uConnie wanezela: “Kuyiqiniso ngempela ukuthi uNkulunkulu uyababusisa labo abenza okumthokozisayo.”

Kungani ukwenza ngokuvumelana nombono kaNkulunkulu ngokuphila kuzuzisa kangaka? Kungenxa yokuthi njengoMthombo wokuphila, uNkulunkulu usinikeza imithetho nezindinganiso zakhe eBhayibhelini ‘ukuze kube kuhle kithi,’ noma ‘ngenxa yenhlalakahle yethu.’—Duteronomi 10:13; New Revised Standard Version.

Ngokusho kukaVictoria noBill, okukhulunywe ngabo esethulweni salesi sihloko nesokuqala, isinqumo sokuba bangasikhiphi isisu sashintsha ukuphila kwabo. Bachaza ngale ndlela: “Sasiphila ngezidakamizwa futhi cishe ngabe sesafa ukube saqhubeka sizisebenzisa. Kodwa ukuhlonipha ukuphila komntwana wethu owayengakazalwa kwasenza sazibuza ngenjongo yokuphila kwethu. Ngosizo loFakazi BakaJehova, sashintsha.”

Indodana yabo uLance manje ineminyaka engaba ngu-34 ubudala futhi isineminyaka engaphezu kwengu-12 ishadile. Iyachaza: “Kusukela ngisemncane, abazali bami bangifundisa ukuba ngenze izinqumo ezisekelwe eBhayibhelini. Lokhu kuye kwazuzisa mina, umkami nomntanami kangangokuba sinomuzwa wokuthi sijabule ngempela.” Uyise, ekuqaleni owayefuna ukuba uVictoria akhiphe isisu, wathi, “Sivele sithuthumele uma sicabanga ukuthi sacishe sangayithola indodana yethu eyigugu.”

Ake uphinde ucabange ngoMonica, owenqaba ukukhipha isisu nakuba ayecindezelwa unina. Uyabika: “Ngemva kwamasonto amabili indodana yami izelwe, ngavakashelwa oFakazi BakaJehova futhi ngafunda indlela yokuvumelanisa ukuphila kwami ngokuphelele nemithetho kaNkulunkulu. Ngokushesha ngaqala ukufundisa indodana yami uLeon ngokubaluleka kokulalela uNkulunkulu, futhi ngokuhamba kwesikhathi yamthanda ngempela uNkulunkulu. Manje uLeon uyisikhonzi esijikelezayo soFakazi BakaJehova.”

Ecabanga ngalokho okwenziwa unina, uLeon wathi: “Ukwazi ukuthi wayengithanda kakhulu kangangokuba wangivumela ukuba ngiphile nakuba ayengaphansi kokucindezelwa kwangenza ngafuna ukusebenzisa ukuphila kwami ngendlela engcono kakhulu ukuze ngibonise ukwazisa kwami kuNkulunkulu ngalesi sipho esimangalisayo.”

Abaningi abagcine bewuqonda umbono kaNkulunkulu ngokuphila abazisoli ngesinqumo sabo sokugcina umntwana manje abambheka njengegugu. Bangasho ngezinhliziyo ezichichima ukwazisa ukuthi, “Asizange sisikhiphe isisu!”

[Umbhalo waphansi]

a Uma ngesikhathi sokubeletha kumelwe kukhethwe phakathi kokuphila kukamama nokomntwana, kukubantu abahileleke ngokuqondile ukuba benze isinqumo. Nokho, intuthuko ezinqubweni zokwelapha emazweni amaningi seyenze lokhu kwaba yinto engavamile kakhulu.

[Isithombe ekhasini 7]

Ukubona umfanekiso wengane enezinyanga ezimbili eyayikhula esibelethweni sakhe kwasiza uStephanie ukuba enze isinqumo

(Umugqa ozungezile unezelwe)

[Isithombe ekhasini 8]

UVictoria noLance

[Isithombe ekhasini 8, 9]

UVictoria noBill namuhla noLance nomkhaya wakhe

[Isithombe ekhasini 9]

UMonica nendodana yakhe uLeon babonga kakhulu ngokuthi wamelana nokucindezelwa kokuba akhiphe isisu eminyakeni engu-36 edlule

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela