Intsha EngamaKatolika Ikhuthazwa Ukuba Ishumayele
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! E-AUSTRALIA
NGO-JULY nyakenye amaRoma Katolika emhlabeni wonke ahlangana eSydney, e-Australia, ukuzogubha i-World Youth Day ka-2008, okuyisenzakalo senkolo esigqugquzelwa iSonto LamaKatolika.
Izivakashi ezaziphethe amafulege, noma izihambeli, zasemazweni angu-170 zagcwala izitaladi zibhiyoza, zicula futhi zeneme kulo lonke leli dolobha. Izinkulungwane zezivakashi zazigcwele eChwebeni laseSydney zizobona uPapa Benedict XVI, owafika ngesikebhe esasiphelezelwa ezinye ezingu-12 ezimibalabala. Abantu abangaba yizigidi ezingu-500 emhlabeni wonke babukela lesi senzakalo ku-TV.
IMisa lokugcina, elaqhutshelwa enkundleni yemijaho yamahhashi kuleli dolobha, lalinabantu abangaphezu kuka-400 000, kuhlanganise nezikhulu zesonto ezingu-4 000 nabacosheli bezindaba abangu-2 000. Kwakuwumbuthano omkhulu kunayo yonke eyake yaba khona e-Australia, ngoba waqopha umlando ngenani labantu abangaphezu kwababa khona eMidlalweni Yama-Olympic YaseSydney ngo-2000.
Iyini i-World Youth Day? Kungani igujwa? Iziphi izinto ezihilelekile ezenziwayo? Futhi yembulani ngokholo lwentsha yaseSydney?
‘Ukuwohloka Kokholo’
I-World Youth Day iyisenzakalo saminyaka yonke esikhuthaza ukholo entsheni engamaKatolika. Amalungu esonto avame ukugubha lolu suku ezifundeni zawo. Nokho, njalo ngemva kweminyaka emibili noma emithathu, kuqokwa idolobha elikhulu okuzogujwa kulo lesi senzakalo bese kumenywa intsha engamaKatolika evela emhlabeni wonke. Kunamadolobha ayishumi emazwekazini amahlanu aye asingatha lo mbuthano, okuye kwaba khona abayizigidi kuwo.
Kodwa, njengoba izikhulu zesonto zivuma, i-World Youth Day ihloselwe nokunqanda ukwehla kwethonya leSonto LamaKatolika. UKhadinal’ uGeorge Pell, ongumfundisi omkhulu wamaKatolika e-Australia, wathi: “Sibhekene nokuncipha okukhulu kwamakholwa kanye nokuwohloka kokholo ngezinga elithile. I-World Youth Day iwumzamo wokwenza okuthile ngalokhu.”
Izibalo zeVatican zibonisa ukuthi inani labefundisi liyancipha emhlabeni wonke. Abangamashumi ezinkulungwane baye bashiya ubufundisi emashumini eminyaka amuva nje, bashada. Inani lalabo abafundela ubufundisi e-Australia liye lancipha ngamaphesenti angaphezu kwangu-70 kule minyaka engu-30 edlule. Ngokuvamile umfundisi ophethe isifunda esikhulu kunazo zonke e-Australia angaba neminyaka engaphezu kwengu-60, okuyiminyaka engaba ngu-20 ngaphezu kwesilinganiso sobudala esasikhona ngo-1977.
Inani lababakhona esontweni nalo liye lancipha emazweni amaningi. Cishe abangamaphesenti angu-25 kubo bonke abantu base-Australia bathi bangamaKatolika, kodwa bangamaphesenti angu-14 kuphela abaya njalo esontweni. Kucatshangwa ukuthi amaphesenti angaphansi kweshumi kuphela entsha engamaKatolika eya esontweni. Ngakolunye uhlangothi, amaKatolika amaningi awazilaleli izimfundiso zesonto ezindabeni zokuziphatha kobulili, ukuvimbela inzalo nesehlukaniso. Abanye bashaqiswa amahlazo esonto, njengalawo ahilela abefundisi abanukubeza izingane.
I-Sydney Morning Herald ithi i-World Youth Day “iwumzamo wokuzilahla amathambo wokunqanda ukuwohloka kwenkolo. Abaholi besonto e-Australia naseRome bafuna ukuvuselela ukholo lwentsha.” Abaholi besonto bazama kanjani ukufinyelela intsha?
Imibukiso Nemicimbi
I-World Youth Day ka-2008 yayihlanganisa nombukiso wesonto, izingxoxo zamaqembu, uhambo lwenkolo nemibuthano emikhulu yokugubha iMisa. Nakuba lezi zinto ziye zazithinta ngokujulile izihambeli eziningi, ezinye zaphawula umoya ohlukile owawukhona kulezi zenzakalo. Ekhuluma nge-World Youth Day, umKatolika osemusha okuthiwa u-Alexandra wase-United States wathi: “Umcimbi nje omkhulu.”
Lo mbuthano waseSydney wezinsuku eziyisithupha wawunezenzakalo zokuzijabulisa ezingu-450, kuhlanganise amakhonsathi, izithombe zebhayisikobho, imidlalo yaseshashalazini, imibukiso nemidlalo yasemgwaqweni. Umculo wawusukela kuyi-opera kuya ezingomeni zenkolo yobuGregory nomculo onesigqi esinamandla ne-rap. Amakhonsathi e-rock aheha izinkulungwane zentsha.
Amanye amaKatolika akhathazeka ngalezi zenzakalo. Lesi senzakalo “sesiwumcimbi nje wokuzijabulisa—imicimbi yesonto lonke namakhonsathi kanye nezenzakalo zezinto ezihlukahlukene zomhlaba wonke ezingenabo nhlobo ubungcwele,” kusho umfundisi uPeter Scott lapho ekhuluma ne-ABC News yase-Australia. Empeleni, ngonyaka ka-2000, uPapa Benedict XVI, ngaleso sikhathi owayenguKhadinali Ratzinger, wabhala: “[Umculo] we-‘rock’ uwukubonakaliswa kwemizwelo enamandla, futhi emakhonsathini e-rock ubangela ugqozi lwemimoya, uhlobo lokukhulekela empeleni olungqubuzana nokukhulekela kobuKristu.”—The Spirit of the Liturgy.
Kungase kuphakame umbuzo, “Ingabe i-World Youth Day iyoba isenzakalo esishintsha ukuphila?” Owayengumfundisi uPaul Collins waphawula: “Mhlawumbe kwabayidlanzana nje. Kodwa abaningi bayophendukela ezindleleni zabo zokuphila zangaphambili. Ushintsho olukhulu alwenzeki ngezenzakalo eziyisimangaliso, kodwa ngokuzindla, ngokuhlela ngokucophelela nangokuzimisela ukusingatha izinkinga ezijulile.”
“Nizoba Ofakazi Bami”
Abaholi benkolo bawazi kahle lawo maqiniso. Ngenxa yalokho, i-World Youth Day ka-2008 yayinesihloko esithi: “Nizokwamukela amandla lapho uMoya Ongcwele ufika phezu kwenu, futhi nizoba ofakazi bami.”a
Ababhishobhi bakhuthaza izihambeli ukuba “zivuselele intshiseko yabaphostoli yokushumayela iVangeli ngokugcwele ezweni lanamuhla.” UPapa Benedict XVI wakhuthaza izihambeli ukuba zibe “isizukulwane esisha sabaphostoli” futhi wabuye wazikhuthaza ukuba zisakaze “iZindaba Ezinhle kubangane bazo, imikhaya yazo nakubo bonke abantu ezihlangana nabo.”
Lezi zicelo zafinyelela izinhliziyo zezinye izihambeli eziqotho. URamido wase-United States oneminyaka engu-20 ubudala, watshela enye intatheli: “Ngikubheka njengento ebalulekile ukushumayela.” Kodwa uBeatrice wase-Italy oneminyaka engu-18 ubudala, wathi: “Intsha yanamuhla ayikhulumi ngoNkulunkulu. Ukuba ufakazi kulezi zinsuku kuyinto enzima kakhulu.” Izihambeli eziningi zananela amazwi amantombazane amabili aseTexas, e-U.S.A., “Okuwukuphela kwabantu abashumayelayo lapho sivela khona oFakazi BakaJehova!”
Intsha Eshumayelayo
Yiqiniso, oFakazi BakaJehova, abasha nabadala, baziwa ngokushumayela ngentshiseko. Bakwenza ngasiphi isizathu? USotir, onguFakazi waseSydney oneminyaka engu-22, uthi: “Ngenxa yokuthi bathanda uNkulunkulu, bathanda abantu futhi bathanda neBhayibheli.”
Nge-World Youth Day ka-2008, abasha abangaba ngu-400 abangoFakazi eSydney, nakuba babengekho kulesi senzakalo, bahlanganyela emkhankasweni okhethekile wokutshela izihambeli ezingamaKatolika ngamaqiniso eBhayibheli. UTravas oneminyaka engu-25, wathi: “Ngakujabulela ukuhlangana nale ntsha engamaKatolika ethanda izinto ezingokomoya. Eningi yayinemibuzo yeBhayibheli emihle, futhi ngakujabulela ukuyinikeza izimpendulo ezanelisayo.”
UTarsha oneminyaka engu-23, wathi: “Ngangisebenzisa indlela nje evamile yokuxoxa. Ngangifuna ukubamukela eSydney futhi ngizwe ukuthi yini abayikholelwayo.” UFrazer oneminyaka engu-20 wathi: “Uma kufaneleka, ngangizipha isipho lezi zivakashi—incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?b Wonke umuntu engahlangana naye wasijabulela.”
Kusobala ukuthi izivakashi eziningi zakujabulela ukuxoxa nale ntsha engoFakazi. USuzanne waseFiji, wabuza uBelinda, uFakazi oneminyaka engu-19 ubudala, ukuthi kungani uNkulunkulu evumele ukuhlupheka. UBelinda wasikisela ukuba baxoxe ngempendulo esencwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Lapho beqeda, uSuzanne wathi: “Abantu bavame ukungitshela ukuthi uNkulunkulu usebenza ngezindlela eziyimfihlakalo. Kulokhu, ngiyitholile ngempela impendulo!” Lapho uBelinda emnika le ncwadi, uSuzanne wababaza: “Bengizama ukuyibamba ngekhanda yonke into oyishilo. Bengingacabangi ukuthi uzonginika le ncwadi!”
Esinye isivakashi sasePhilippines sacela uMarina, uFakazi oneminyaka engu-27, ukuba asithwebule isithombe phambi kwesakhiwo esithile esidumile eSydney. Kwalandela ingxoxo enobungane, futhi uMarina wanika lona wesifazane incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Lona wesifazane wathi: “Empeleni bengithandaza izolo kusihlwa ngicela ukuqonda iBhayibheli kangcono. Kungenzeka le ncwadi iyimpendulo yomthandazo wami!”
ULevi, uFakazi oneminyaka engu-27, waqala ingxoxo nezivakashi ezimbili zasePanama, umama nendodakazi yakhe. Ngokushesha ingxoxo yabo yagxila ezintweni ezingokomoya, kwabe sekulandela ingxoxo emnandi ephathelene nezimfundiso zeBhayibheli. Bobabili bayamukela incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Kamuva, uLevi wabuza, “Yini eniyijabulele kakhulu kulolu hambo?” Ithatha incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, indodakazi yaphendula, “Ukuhlangana nawe.”
Yebo, intsha eningi engamaKatolika yayimagange ifuna ukwazi ngeBhayibheli. Kuthiwani ngawe? Ungathanda yini ukuqonda iBhayibheli kangcono? Kungani ungaceli isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala koFakazi BakaJehova? Nawe bayokujabulela ukukusiza!
[Imibhalo yaphansi]
a Lesi sihloko siyingxenye yengcaphuno yezEnzo 1:8 ngokwe-Jerusalem Bible.
b Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 27]
“Sibhekene nokuncipha okukhulu kwamakholwa kanye nokuwohloka kokholo ngezinga elithile.”—UKhadinali wamaRoma Katolika uGeorge Pell
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 25]
UMBUKISO WEMISEBENZI YESONTO
I-World Youth Day ka-2008 yayinombukiso wemisebenzi yenkolo omkhulu kunayo yonke eyake yaba khona e-Australia. Izigaba nezinhlangano zamaKatolika ezingaphezu kwekhulu zanxusa izihambeli ezingaphezu kuka-50 000 ukuba zicabangele imisebenzi yeSonto LamaKatolika enjengokuba abefundisi, izindelakazi noma izisebenzi zenkolo.
[Isithombe ekhasini 24, 25]
Imigwaqo yayigcwele izihambeli ezazigqoke izingubo ezimibalabala
[Izithombe ekhasini 26]
OFakazi BakaJehova baxoxa nezihambeli ezazivakashe edolobheni laseSydney
[Amazwi ahambisana nesithombe ekhasini 24]
Getty Images