Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/09 kk. 4-6
  • Indlela Yokwelapha Ukucindezeleka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokwelapha Ukucindezeleka
  • I-Phaphama!—2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Eminye Imibono Engasiza
  • Izinkinga Ezivamile
  • Ukucindezeleka: Konke Kusekhanda Lomuntu?
    I-Phaphama!—1987
  • Ukucindezeleka Kwentsha—Kubangelwa Yini? Yini Engasiza?
    I-Phaphama!—2017
  • Ukuphila Nokuphazamiseka Kwemizwelo
    I-Phaphama!—2004
  • Ngakunqoba Ukucindezeleka Kwangemva Kokubeletha
    I-Phaphama!—2002
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 7/09 kk. 4-6

Indlela Yokwelapha Ukucindezeleka

“MINA nomyeni wami safuna usizo lwezokwelapha, sashintsha indlela esasiphila ngayo futhi sasebenza kanzima sashintsha nesimiso sokwenza izinto saba lula,” kusho uRuth, osehlushwe ukucindezeleka iminyaka. “Kubonakala sengathi sesiyitholile imithi engisizayo futhi sengingcono. Kodwa phakathi nesikhathi lapho kwakubonakala kungekho lutho olusebenzayo, uthando olungapheli lomyeni wami nabangane lwangisiza ukuba ngingalilahli ithemba.”

Njengoba okuhlangenwe nakho kukaRuth kubonisa, iziguli ezinesifo sokucindezeleka zidinga konke ukusekelwa ezingakuthola kuhlanganise nosizo lokwelashwa ezingalunikezwa. Kungase kube ingozi ukukuziba ngenxa yokuthi kwezinye izimo uma kungelashwa kungasongela ukuphila. Eminyakeni engaba izinkulungwane ezimbili edlule, uJesu Kristu wavuma ukuthi labo abanolwazi lwezokwelapha bangaba usizo oludingekayo lapho ethi ‘abagulayo bayamdinga udokotela.’ (Marku 2:17) Kuyiqiniso ukuthi odokotela bangenza olukhulu ukuze badambise ukuhlupheka kweziguli eziningi ezicindezelekile.a

Eminye Imibono Engasiza

Kunezindlela eziningi zokwelapha ukucindezeleka, kuye ngezimpawu nokuthi isifo sesisibi kangakanani. (Bheka ibhokisi elithi “Hlobo Luni Lokucindezeleka?”) Abantu abaningi bangase basizwe odokotela bomkhaya kodwa abanye bangase badinge usizo lochwepheshe bezokwelapha. Udokotela angase akunikeze imithi edambisa ukucindezeleka noma atuse olunye uhlobo losizo. Abanye abantu baye bathola imiphumela emihle ngokusebenzisa amakhambi, ukushintsha ukudla abakudlayo nesimiso sokuvivinya umzimba ngokulinganisela.

Izinkinga Ezivamile

1. Abangane abanezinhloso ezinhle abanolwazi oluncane lwezokwelapha noma abangenalo nhlobo bangase bazame ukukutshela ukuthi ikuphi ukwelashwa ongakwamukela noma ongakwenqaba. Bangase babe nanombono oqinile ngokuthi ungawasebenzisa yini amakhambi, imithi kadokotela noma ungasebenzisi lutho.

Cabangela lokhu: Qiniseka ukuthi noma yisiphi iseluleko osamukelayo sivela emthonjeni onokwethenjelwa. Ekugcineni, uwena okufanele wenze ukukhetha okusekelwe olwazini.

2. Ukudumazeka kungase kubangele ukuba iziguli ziyeke ukwelashwa ezikukhethile ngoba kubonakala sengathi azibi ngcono noma ngenxa yemiphumela yokwelashwa engemihle.

Cabangela lokhu: “Amacebo ayashafa lapho kungekho khona inkulumo eyisifuba, kodwa ngobuningi babeluleki kuba khona okufezwayo.” (IzAga 15:22) Uhlobo oluthile lokwelashwa lungase luphumelele kakhudlwana uma kunokukhulumisana okuhle phakathi kukadokotela nesiguli. Chazela udokotela ngobuqotho lokho okukukhathazayo noma izimpawu ozizwayo futhi umbuze ukuthi kuyadingeka yini ukuthi ushintshe imithi oyisebenzisayo noma uqhubeke uyisebenzisa ngaphambi kokuba ubone imiphumela.

3. Ukuzethemba ngokweqile kungenza iziguli zivele ziyeke ukudla imithi ngemva kwamasonto ambalwa ngoba zizizwa sezingcono. Zingase zikhohlwe ukuthi kwakukubi kangakanani ngaphambi kokwelashwa.

Cabangela lokhu: Ukushesha uyeke ukwelashwa ngaphandle kokukhuluma nodokotela kungaba nemiphumela emibi ngisho nesongela ukuphila.

Nakuba iBhayibheli lingeyona incwadi yezokwelapha, uMlobi walo, uJehova uNkulunkulu, unguMdali. Isihloko esilandelayo sizokhuluma ngenduduzo nesiqondiso esivela eZwini likaNkulunkulu elisinikeza labo abacindezelekile nabanakekeli babo.

a I-Phaphama! ayikhuthazi indlela ethile yokwelashwa. Ngamunye kufanele ahlaziye umbono wakhe ngokucophelela ngaphambi kokuba azenzele isinqumo.

HLOBO LUNI LOKUCINDEZELEKA?

Ukusebenza kwanoma iyiphi indlela yokwelapha kuncike ohlotsheni lwesifo sokucindezeleka oluphethe isiguli.

  • Ukucindezeleka okukhulu kunezimpawu ezimbi kakhulu kangangokuba zingabelesela cishe izinyanga eziyisithupha noma ngaphezulu futhi uma zingelashwa zingathikameza ukuphila kwalowo ogulayo.

  • Imizwelo eguquguqukayo (bipolar disorder) yaziwa nangokuthi ukucindezeleka okushintshashintshayo kwemizwa (manic depression). Abaphethwe yilesi sifo bangase babhekane nokushintsha kwemizwelo ngokushesha ngendlela eyisimanga bajabule kakhulu futhi badumale kakhulu.—Bheka isihloko esithi “Ukuphila Nokuphazamiseka Kwemizwelo,” esikumagazini ka-January 8, 2004.

  • Ukucindezeleka okungamahlalakhona (dysthymia), nakuba kungekubi njengokucindezeleka okukhulu, kodwa kunezimpawu ezenza kube nzima ngomuntu ophethwe yikho ukuba enze izinto ngendlela evamile. Abanye bangase babe neziqubu zokucindezeleka kakhulu.

  • Ukucindezeleka kwangemva kokubeletha kuyisimo sokucindezeleka ngokomzwelo esiphatha omama abaningi ngemva kokubeletha.—Bheka isihloko esithi “Understanding Postpartum Depression,” esikumagazini ka-June 8, 2003 ngesiNgisi.

  • Ukucindezeleka okubangelwa ukushintsha kwenkathi yonyaka ngokuvamile kubangelwa ukungabi khona kwelanga ngenkathi yasekwindla nasebusika. Kuvame ukuphela phakathi nentwasahlobo nehlobo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela