Umbono WeBhayibheli
Ingabe Abantu Ababi Bayoshiswa Esihogweni?
UGERTRUDE, umshumayeli eSontweni likaMoya, wayebambelele ngokuqinile enkolelweni yakhe yesihogo somlilo. Umqondo nje wokuthi kwakungenzeka kungabi nendawo enjalo wawumenza acabange ukuthi lokhu akunabulungisa. Wayecabanga ukuthi uma singekho isihogo esivuthayo, zonke izinhlobo zobubi ngeke zijeziswe. UGertrude wanamathela ngokuqinile kule nkolelo yakhe. Uthi, “Angicabangi ukuthi ngangingafuna ukukhulekela uNkulunkulu uma singekho isihogo somlilo sabantu ababi.”
Ingabe abantu ababi bayosha esihogweni njengoba izinkolo eziningi zifundisa? Uma kungenjalo, isiphi isijeziso abayosithola?
Ukuqala KukaNkulunkulu Ukujezisa Abantu
IBhayibheli lithi uNkulunkulu wadala umbhangqwana wokuqala ophelele. (Genesise 1:27; Duteronomi 32:4) Wawubeka ensimini eyipharadesi ewunika ithuba lokuba uphile phakade. Kodwa, uNkulunkulu wababekela umthetho owodwa laba bantu bokuqala, u-Adamu no-Eva. UNkulunkulu wabaxwayisa: ‘Kuyo yonke imithi yensimu ningadla nisuthe. Kodwa ngokuqondene nomuthi wolwazi lokuhle nokubi ningadli kuwo, ngoba ngosuku eniyodla ngalo kuwo niyokufa nokufa.’—Genesise 2:16, 17.
Ngokudabukisayo, abazali bethu bokuqala bahluleka kulolo vivinyo olulula lokwethembeka nokulalela. UMdali wayebophekile ukuba abagwebele ukufa. “Uzodla isinkwa ngesithukuthuku sobuso bakho uze ubuyele emhlabathini, ngoba wathathwa kuwo. Ngoba uluthuli, uyobuyela othulini.”—Genesise 3:19.
Ukuba u-Adamu no-Eva babesengozini yokusha esihogweni, wayengeke yini uNkulunkulu abaxwayise ngaleso sijeziso? Iqiniso liwukuthi akakhulumanga lutho ngokuhlupheka ngemva kokufa. Pho babengahlupheka kanjani? Babengenayo imiphefumulo engafi eyayizosinda lapho befa. IBhayibheli likwenza kucace bhá lokhu: “Umphefumulo owonayo—yiwo oyokufa.”—Hezekeli 18:4.a
NjengoMniki-kuphila, uMdali wethu wazi konke ngokuphila nangokufa. EZwini lakhe usitshela ukuthi “abafileyo . . . abazi lutho.” (UmShumayeli 9:5) Yingakho u-Adamu no-Eva babengeke bahlupheke esihogweni somlilo ngemva kokufa. Babuyela othulini futhi ababange besaba khona. ‘Babengazi lutho.’
Singahlupheka Yini Ngemva Kokufa?
IBhayibheli lithi encwadini yabaseRoma 5:12: “Ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke.” Ngakho-ke, ingabe kunengqondo ngempela ukukholelwa ukuthi abantu bayahlupheka esihogweni somlilo ngenxa yezono zabo, kuyilapho u-Adamu, owaletha ukufa esintwini sonke amane waba uthuli ngemva kokufa?—1 Korinte 15:22.
Sonke singaphansi komthetho ofanayo nalowo u-Adamu ayengaphansi kwawo. “Inkokhelo yesono ngukufa.” Ngaphezu kwalokho, lapho umuntu efa “ukhululiwe esonweni sakhe.” (Roma 6:7, 23) Uma abantu ababi nabahle befa futhi engekho ohluphekayo ngemva kokufa, buphi ubulungisa bukaNkulunkulu?
Ubulungisa BukaNkulunkulu
Injongo kaNkulunkulu ngesintu esilalelayo isenjengoba yayinjalo ngesikhathi edala umbhangqwana wokuqala futhi ewuyala ukuba ube nabantwana nokuba unakekele umhlaba. (Genesise 1:28) Kuyacaca ukuthi lokhu kuseyinjongo yakhe, njengoba asho kamuva: “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:29.
Phawula ukuthi abalungile bayohlala kulo mhlaba. Bayophila ukuphila okuphelele futhi bejabule. Injongo kaNkulunkulu yokuqala yokuba umhlaba ugcwale abantu abalungile “iyophumelela ngokuqinisekile.” Lokhu kuzokwenzeka lapho eletha izwe elisha esikhundleni salesi simiso sezinto esibi.—Isaya 55:11; Daniyeli 2:44; IsAmbulo 21:4.
Izigidigidi zabantu eziye zafa ngenxa yokungawunaki umthetho kaNkulunkulu ziyozuza ngokuvuswa bese zinikezwa iziqondiso zokuphila ezweni elisha likaNkulunkulu. (Isaya 11:9; Johane 5:28, 29) Ngakolunye uhlangothi, noma ubani owenqaba ukuhambisana nemithetho kaNkulunkulu uyojeziswa ‘ngokufa kwesibili.’ Kulokhu kufa ngeke baphinde bavuke.—IsAmbulo 21:8; Jeremiya 51:57.
Ngokusobala njengoNkulunkulu wothando, uJehova ngeke ahluphe abantu esihogweni. (1 Johane 4:8) Futhi ngeke abekezelele ububi kuze kube phakade. IHubo 145:20 liyasiqinisekisa ukuthi “uJehova uqapha bonke abamthandayo, kodwa bonke ababi uyobabhuqa.” Ingabe lokhu akulona uthando nobulungisa?
[Umbhalo waphansi]
a EBhayibhelini, “umphefumulo” usho umuntu ewonke—hhayi okuthile okuhlukene nomzimba. UGenesise 2:7 uthi: “UJehova uNkulunkulu wabe esebumba umuntu ngothuli lomhlabathi wafuthela emakhaleni akhe umoya wokuphila, umuntu waba ngumphefumulo ophilayo.” U-Adamu akanikezwanga umphefumulo ohlukene nomzimba. Kunalokho, yena ngokwakhe wayengumphefumulo ophilayo.
INGABE WAKE WAZIBUZA?
◼ Ingabe sinomphefumulo ongafi?—Hezekeli 18:4.
◼ Siyini isimo sabafileyo?—UmShumayeli 9:5.
◼ UNkulunkulu uyobajezisa kanjani ababi?—IHubo 145:20.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]
“Abafileyo . . . abazi lutho.”—UmShumayeli 9:5
[Umthombo Wesithombe ekhasini 10]
Photo: www.comstock.com