Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/09 kk. 14-17
  • Izibonelo Zemikhaya Ephumelele—Ingxenye Yokuqala

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izibonelo Zemikhaya Ephumelele—Ingxenye Yokuqala
  • I-Phaphama!—2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ifa Elingavamile LamaKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Lapho Izingane Zisosizini
    I-Phaphama!—2017
  • Esakufunda Ku-Andrew
    I-Phaphama!—1995
  • Kuthiwani Uma Umzali Wami Egula?
    Intsha Iyabuza
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 10/09 kk. 14-17

Izibonelo Zemikhaya Ephumelele—Ingxenye Yokuqala

Njengoba lo magazini okhethekile we-Phaphama! ubonisile, nemikhaya ephumelelayo iyaba nezinkinga. Akumangazi neze, ngoba siphila kulokho iBhayibheli elikuchaza ngokuthi “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” (2 Thimothewu 3:1) Izinkinga zanoma iluphi uhlobo ziyophakama nakanjani kuyo yonke imikhaya.

Kodwa, khumbula ukuthi impumelelo ayixhomekile kulokho abantu abakubheka njengezimo ezinhle kakhulu. Ngokuphambene nalokho, uJesu wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) Imikhaya eyanelisa isidingo sayo esingokomoya ngokulandela izimiso zeBhayibheli isiyitholile imfihlo yempumelelo—naphezu kwezimo zayo ezingezinhle. Cabangela izibonelo ezilandelayo.

Ukunakekela ingane ekhubazekile. IBhayibheli likugcizelela kakhulu ukubaluleka kokunakekela amalungu omkhaya kuhlanganise nalawo anezidingo ezikhethekile. Lithi: “Uma umuntu engabondli abakubo, ikakhulukazi labo abangamalungu endlu yakhe, uluphikile ukholo futhi mubi kakhulu kunomuntu ongenalo ukholo.”—1 Thimothewu 5:8.

Ekhasini 15, uVictor, ubaba ohlala eNingizimu Africa, ulandisa indlela yena nomkakhe abaye banakekela ngayo ingane ekhubazekile iminyaka engaphezu kwengu-40.

Ukukhula uyingane yokutholwa. Izimiso zeBhayibheli zingamsiza umuntu ukuba abe nombono olinganiseleyo endleleni azibheka ngayo—ngisho noma alahlwa abazali bakhe. Ngempela, iBhayibheli lithi uJehova uNkulunkulu ‘ungumsizi’ walabo abayizintandane.—IHubo 10:14.

Ekhasini 16, uKenyatta, owesifazane osemusha wase-United States, uchaza indlela afunde ngayo ukubhekana nemiphumela engokomzwelo yokuthi akakaze ababone abazali bakhe.

Ukubhekana nokushonelwa umzali. Ukushonelwa umama noma ubaba kungashiya izibazi ezingokomzwelo okungelula ukuba ziphole. IBhayibheli lingasiza. UMlobi walo uJehova, ‘unguNkulunkulu wenduduzo yonke.’—2 Korinte 1:3.

Ekhasini 17, u-Angela, owesifazane osemusha wase-Australia, uchaza indlela ubuhlobo bakhe noJehova obumsize ngayo ukuba abhekane nobuhlungu bokushonelwa.

Yonke imikhaya inezinselele ezithile okufanele ibhekane nazo. Njengoba izindaba ezisemakhasini alandelayo zizobonisa, labo abasebenzisa izimiso zeBhayibheli bayitholile imfihlo ebalulekile ebasiza ukuba babhekane ngokuphumelelayo nezinselele ababhekana nazo.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 15]

Ukunakekela Ingane Ekhubazekile

Njengoba ilandiswa nguVictor Maynes, eNingizimu Afrika

“Selokhu azalwa, u-Andrew uthembele kithi ukuba simgqokise, simgeze futhi ngezinye izikhathi ngisho nokumsiza ukuba adle. Manje useneminyaka engu-44.”

SASOLA ukuthi kunokuthile okungahambi kahle ku-Andrew lapho sibona engakwazi ukuhamba ngemva kokuqeda unyaka. Cishe phakathi naleso sikhathi, waquleka. Samphuthumisa esibhedlela, lapho sathola khona ukuthi unesithuthwane. Kodwa akuphelelanga lapho. Ngokuqhubeka exilongwa kwavela ukuthi wayekhubazekile engqondweni.

Ngemva kokuzama izindlela ezihlukahlukene zokwelapha, sakwazi ukulawula isithuthwane esasimphethe. Kwaphela isikhathi esithile edla izinhlobo ezine zemithi kathathu ngosuku. Ukukhubazeka kwakhe engqondweni akunakwelashwa ngemithi. Ngisho namanje, nakuba eseneminyaka engu-44, ucabanga njengengane eneminyaka emihlanu noma eyisithupha.

Odokotela basikisela ukuba simyise ekhaya labakhubazekile, kodwa sakhetha ukungakwenzi lokho. Sasizokwazi ukunakekela izidingo zika-Andrew, ngakho sanquma ukuba simnakekele ekhaya, naphezu kwezinselele ezingenakugwemeka.

Ngakho, ukumnakekela kwaba yindaba yomkhaya. Ezinye izingane zethu—amantombazane amabili nomfana oyedwa abahlala nathi—zaba usizo olukhulu, futhi ngiyazibonga! NjengoFakazi BakaJehova, sithole ukusekelwa okuhle emalungwini ebandla lethu. Ngezinye izikhathi, asilethela ukudla noma eze azonakekela u-Andrew lapho sisensimini noma sinakekela ezinye izinto.

Sisalokhu siwagcine ezinhliziyweni zethu njalo amazwi aku-Isaya 33:24, anesithembiso sikaNkulunkulu sokuthi ngelinye ilanga “akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’” Sikholelwa ngokugcwele ukuthi uNkulunkulu uyoyifeza injongo yakhe yokuletha izwe elisha futhi aqede konke ukugula. (2 Petru 3:13) Ngakho sibheke phambili osukwini u-Andrew ayophila ngalo. Okwamanje, sinokholo emazwini kaJesu athi uma sibeka izithakazelo zoMbuso kaNkulunkulu kuqala ekuphileni kwethu, izinto esizidingayo siyozithola. (Mathewu 6:33) Lokhu kuye kwaba iqiniso ngaso sonke isikhathi. Asikaze siswele lutho.

Kuyavunywa, akubona bonke abakwazi ukunakekela ilungu lomkhaya eligulela ekhaya. Kulabo abenza kanjalo, okokuqala ngingasikisela ukuthi bathandaze njalo ngokujulile. (1 Petru 5:6, 7) Okwesibili, yinakeleleni ngothando olukhulu ingane yenu, futhi ningalinge nilithathe kancane ikhono layo lokufunda ukuthanda uJehova uNkulunkulu. (Efesu 6:4) Okwesithathu, hilelani wonke umkhaya, futhi niwuvumele ukuba usize. Okwesine, khumbulani ukuthi umuzi wenu uwukuphela kwendawo ingane yenu eyothola kuyo uthando olukhulu. Kuyiqiniso ukuthi izimo zingase zingafani. Thina, asikaze sizisole ngokunakekela u-Andrew ekhaya. Kimi, uyingane ethandeka kakhulu—indoda ethandeka kakhulu—engiyaziyo.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 16]

Ukukhula Uyingane Yokutholwa

Njengoba ilandiswa nguKenyatta Young, e-United States

“Uma oyedwa kubazali bakho engusinga-mzali kuwe, ukhona ongumzali wakho ngempela kubo. Kodwa ngenxa yokuthi ngiyingane yokutholwa, akunjalo kimi. Angazi ngisho nokuthi ngifana nobani.”

ANGIMAZI nhlobo ubaba, angikaze ngimbone nomama ongizalayo. Wayesebenzisa kabi utshwala nezidakamizwa ngenkathi engikhulelwe. Ngafakwa ohlelweni lokusiswa lapho ngizalwa futhi ngasiswa emizini ehlukahlukene ngaphambi kokuba ngibe nabazali bokutholwa lapho ngineminyaka engaphansi kwemibili.

Usingababa uthi lapho owayesebenza ngodaba lwami embonisa isithombe sami, wavele wangithanda ngaso leso sikhathi. Ngavele ngamthanda usingamama. Ngamtshela ukuthi ungumama wami nokuthi ngifuna ukuya naye ekhaya.

Kodwa, ngiyakhumbula ngiseyingane, ngesaba ukuthi ngizokwenza okuthile okungalungile bese ngibuyiselwa emuva ezintandaneni. Nganginomuzwa wokuthi akufanele ngitefe noma ngigule njengezinye izingane. Ngangizama nokugwema ukuphathwa umkhuhlane! Abazali bami babengiqinisekisa njalo ukuthi bayangithanda nokuthi ngeke bangilahle.

Ngisho noma sengikhulile, ngezinye izikhathi ngilwa nomuzwa wokuthi angithandwa njengezingane ezikhuliswe abazali bazo begazi. Lapho nje lowo muzwa sewudamba, kuvele kube nothile othi, “Kufanele ubonge kakhulu ngokuthi unabazali abahle abazimisela ngokusuka enhliziyweni ukukuthatha njengomntanabo!” Ngikwazisa kakhulu lokho, kodwa amazwi anjalo angenza ngizizwe sengathi kukhona okungalungile kimi nokuthi ngandlela-thile kudinga umzamo omkhulu ukuba othile angithande.

Kunzima kimi ukubhekana neqiniso lokuthi mhlawumbe angisoze ngamazi ubaba ongizalayo. Ngezinye izikhathi kungiphatha kabi ukuthi umama ongizalayo akazange akushintshe ukuphila kwakhe ukuze ngikwazi ukuhlala naye, njengokungathi ngangingakufanelekeli lokho. Ngezinye izikhathi ngiyamzwela. Ngike ngicabange ukuthi uma ngingase ngihlangane naye ngelinye ilanga, ngingathanda ukumtshela ukuthi ngiye ngaphumelela ekuphileni nokuthi angazizwa kabi ngokuthi wangilahla.

Abazali bami abangithola bangoFakazi BakaJehova futhi isipho esizedlula zonke engisithole kubo ulwazi lweBhayibheli. Ayangiduduza njalo amazwi eHubo 27:10: “Noma kungenzeka ubaba nomama bangishiye, yebo uJehova yena ubeyongamukela.” Lokho kuyiqiniso ngempela endabeni yami. Futhi zikhona nezinto ezinhle ngokuba yingane yokutholwa. Ngokwesibonelo, ngiyathanda ukwazi ngabantu—imvelaphi yabo nokuphila kwabo—mhlawumbe ngenxa yokuthi angibazi abazali bami bangempela. Ngiyabathanda abantu futhi lokho kubalulekile enkonzweni yobuKristu. Ukuba omunye woFakazi BakaJehova nokukhuluma ngeBhayibheli, kungenza ngihlonipheke futhi ngibe nenjongo ekuphileni. Lapho ngicindezelekile, ngiyaphuma ngiyosiza abanye. Ngokufundisa abantu iBhayibheli, ngithole ukuthi ngiyakwazi ukwakha ubuhlobo nabo. Wonke umuntu unokuthile angakulandisa.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 17]

Ukubhekana Nokushonelwa Umzali

Njengoba ilandiswa ngu-Angela Rutgers, e-Australia

“Lapho kushona ubaba, ngazizwa ngingasalondekile neze. Wayengasekho umuntu owayazi yonke into ngami futhi ekwazi nokulungisa noma yini ekuphileni kwami.”

UBABA washona eminyakeni eyishumi edlule, lapho ngisanda kweva emashumini emabili. Ezinyangeni eziyisithupha ngaphambi kwalokho, wahlinzwa futhi lapho esalulama esibhedlela, udokotela wasitshela ukuthi akukho okunye okwakungenziwa. Umama wazama kakhulu ukuthola imininingwane eyengeziwe, umfowethu waquleka, mina ngagajwa yimizwelo ehlukahlukene engangingakwazi ukugqashula kuyo. Ngemva kwezinyanga eziyisithupha, ubaba washona.

Ngabhekana nenkathi yokuba nemizwelo engqubuzanayo. Ngangifuna abangane bami baqonde ukuthi ngangibhekene nani, kodwa ngangingafuni ukudatshukelwa. Ngakho ngazama ukuyifihla indlela engizizwa ngayo. Ngakolunye uhlangothi, ngaba nomuzwa wokuthi ukujabula uma nginabo kwakuyosho ukuthi ukuphila kwami sekubuyele esimweni esivamile, kodwa kube kungenjalo. Ngike ngicabange nje ukuthi kazi babezizwa kanjani ngalokho!

Ingabe ngihlushwa umuzwa wecala ngokufa kukababa? Yebo, kunjalo! Ngifisa sengathi ngabe ngangimtshela njalo ukuthi “ngiyamthanda!” Ngifisa sengathi ngabe ngangimanga kaningi noma ngichithe isikhathi esengeziwe naye. Kungakhathaliseki ukuthi ngizitshela kangakanani ukuthi, ‘Ubengeke afune ukuba ngicabange kanjalo,’ kodwa kusangikhathaza.

Njengomunye woFakazi BakaJehova ngithola induduzo enkulu ethembeni lovuko elisekelwe eBhayibhelini. (Johane 5:28, 29) Ngiye ngizitshele ukuthi ubaba usaye phesheya kwezilwandle futhi uzobuya ekhaya ngelinye ilanga, ukuthi nje usuku alwaziwa. Okumangazayo ukuthi, lapho abantu bethi kimi, “Uyihlo uyobuya ngovuko,” lokho akuzange kungikhuthaze ekuqaleni. Nganginomuzwa wokuthi, ‘Ngifuna ubaba nje kuphela!’ Kodwa umfanekiso wohambo oluya phesheya kwezilwandle wangisiza. Wawufanekisela uvuko, kodwa ngesikhathi esifanayo wangenza ngakwazi ukubhekana nokushonelwa okungalindelekile.

AmaKristu esikanye nawo asisekela kakhulu. Ngikhumbula omunye umKristu ngokukhethekile owangitshela ukuthi wayengakhululeki ukukhuluma nami ngokufa kukababa, kodwa wathi ngaso sonke isikhathi wayecabanga ngami nomkhaya wakithi. Ngabambelela kulawo mazwi. Angisiza ngezinsuku lapho kungekho muntu ongikhuthazayo, ngoba angenza ngabona ukuthi ngisho noma engekho osho okuthile kodwa bakhona ababecabanga ngami nomkhaya wakithi. Lokho kwakusho lukhulu kimi!

Ngemva kwezinyanga ezine kushone ubaba, umama waqala ukwenza okwengeziwe enkonzweni, futhi ngangibona ukuthi wayethola injabulo enkulu kuyo. Ngakho nami ngamlandela. Kuyamangaza ukuthi ukusiza abanye kukusiza kangakanani ukuba ubhekane nezimo. Kuqinise ukholo lwami eZwini likaJehova nasezithembisweni zakhe, futhi namanje kuyangisiza ukuba ngingagxili osizini lwami kuphela.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela